INgoma 5
UKristu, Isibonelo Sethu
Uhlelo Oluprintiwe
(Roma 5:8)
1. Yek’ uthando l’kaJah,
As’bonisa lona,
Ngokuthumela iNdodana yakhe.
Yaba njengesinkwa,
Sokondla abantu,
Bazuze ukuphila phakade.
2. UKristu was’fundisa
ukuthandaza,
Ukungcwelisa igama l’kaYise,
Uk’fika koMbuso,
Intando yenziwe,
Asiphe isinkwa mihla yonke.
3. UJesu wafundis’
Iqiniso ngoJah,
Eduduza zonke izimvu zakhe.
Mas’hlwanyel’ imbewu
Khona siyovuna
Injabulo nokwaneliseka.
(Bheka noMath. 6:9-11; Joh. 3:16; 6:31-51; Efe. 5:2.)