Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fg isif. 2 imibuzo 1-5
  • Ungubani UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungubani UNkulunkulu?
  • Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungubani UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
fg isif. 2 imibuzo 1-5

ISIFUNDO 2

Ungubani UNkulunkulu?

1. Kungani kufanele sikhulekele uNkulunkulu?

UNkulunkulu weqiniso unguMdali wezinto zonke. Akanasiqalo futhi ngeke abe nesiphetho. (IHubo 90:2) Izindaba ezinhle esizithola eBhayibhelini zivela kuye. (1 Thimothewu 1:11) UNkulunkulu nguye osinike ukuphila, ngakho kufanele sikhulekele yena yedwa.—Funda isAmbulo 4:11.

2. Unjani uNkulunkulu?

Akekho umuntu oke wabona uNkulunkulu ngoba unguMoya, okusho ukuthi unohlobo lokuphila oluphakeme kunolwezidalwa zenyama eziphila emhlabeni. (Johane 1:18; 4:24) Noma kunjalo, singabazi ubuntu bukaNkulunkulu ngokubuka izinto azidalile. Ngokwesibonelo, izinhlobonhlobo zezithelo nezimbali zisitshela ukuthi unothando futhi uhlakaniphile. Ubukhulu bezulu nomhlaba busitshela ukuthi unamandla.—Funda eyabaseRoma 1:20.

Singazi okuningi ngobuntu bukaNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli. Ngokwesibonelo, lisitshela ukuthi yini uNkulunkulu ayithandayo nangayithandi, indlela aphatha ngayo abantu nendlela enza ngayo ezimweni ezihlukahlukene.—Funda iHubo 103:7-10.

3. Ingabe uNkulunkulu unegama?

Igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, ngezilimi ezihlukahlukene

UJesu wathi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Nakuba uNkulunkulu eneziqu eziningi, unegama elilodwa kuphela. Leli gama libizwa ngezindlela ezihlukile kuye ngolimi. NgesiZulu libizwa ngokuthi “Jehova.”—Funda iHubo 83:18.

Igama likaNkulunkulu likhishiwe emaBhayibhelini amaningi, kwafakwa iziqu ezithi Nkosi noma Nkulunkulu. Kodwa ngenkathi iBhayibheli libhalwa, igama likaNkulunkulu lalivela izikhathi ezingaba ngu-7 000. UJesu wenza igama likaNkulunkulu laziwa lapho efundisa abantu ngoNkulunkulu.—Funda uJohane 17:26.

Bukela ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?

4. Ingabe uJehova uyasikhathalela?

Ubaba nomama basekela ingane yabo egulayo

Njengalo baba onothando, uNkulunkulu wenza izinto ecabangela ikusasa lethu

Ingabe ukwanda kokuhlupheka kusho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ongasikhathaleli? Abanye abantu bathi usenza sihlupheke ukuze asivivinye, kodwa akulona iqiniso lelo.—Funda uJakobe 1:13.

UNkulunkulu uye wahlonipha umuntu wamnika ilungelo lokuzikhethela. Asijabuli yini ngenkululeko esinayo yokuzikhethela ukukhonza uNkulunkulu? (Joshuwa 24:15) Kodwa abaningi bakhetha ukwenza izinto ezimbi kwabanye, okwenza ukuba ukuhlupheka kwande. Kumzwisa ubuhlungu uJehova ukubona ukungalungi okunjalo.—Funda uGenesise 6:5, 6.

UJehova unguNkulunkulu osikhathalelayo. Ufuna sikujabulele ukuphila. Maduzane, uzoqeda konke ukuhlupheka nabantu abakubangelayo. Okwamanje, unesizathu esihle sokuvumela ukuhlupheka kuqhubeke isikhashana. ESifundweni 8, sizofunda ngaleso sizathu.—Funda eyesi-2 Petru 2:9; 3:7, 13.

5. Singasondela kanjani kuNkulunkulu?

Owesifazane uthandaza kuNkulunkulu

UJehova usimema ukuba sisondele kuye ngokukhuluma naye ngomthandazo. Uyathanda ukwazi ngathi. (IHubo 65:2; 145:18) Uzimisele ukusithethelela. Uyayibona imizamo yethu yokumjabulisa ngisho noma sishiyeka ngezinye izikhathi. Ngakho nakuba sinesono, singasondelana noNkulunkulu.—Funda iHubo 103:12-14; Jakobe 4:8.

Njengoba uJehova esinikeze ukuphila, kufanele simthande ngaphezu kwanoma ubani. (Marku 12:30) Lapho ubonisa uthando ngoNkulunkulu ngokufunda okuningi ngaye nangokwenza akufunayo, uyosondela nakakhulu kuye.—Funda eyoku-1 Thimothewu 2:4; 1 Johane 5:3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela