Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 3/1 k. 3
  • Okwenza Sidinge Ukusindiswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza Sidinge Ukusindiswa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Phakade Akulona Nje Iphupho
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Sizonqotshwa Kanjani Isitha Esiwukufa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Ingabe Ukufa Kuwukuphela Ngempela?
    I-Phaphama!—2007
  • Ukuhlolisisa Ezinye Zezinkolelo-ze Ngokufa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 3/1 k. 3
Izimbali eziqhakazile ezizobuna ngokuhamba kwesikhathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UJESU USISINDISA—KUPHI?

Okwenza Sidinge Ukusindiswa

“Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza. Uyavela njengembali anqunywe, uyabaleka njengesithunzi futhi akahlali ekhona.”—Jobe 14:1, 2.

Kusukela endulo abantu bebelokhu becabanga ngendlela okungaba mnandi ngayo ukuphila phakade, bengagugi futhi beyimiqemane. Nokho, ngokudabukisayo iqiniso elibuhlungu liwukuthi: Siyafa. Amazwi kaJobe angenhla, awasho eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule, aseyiqiniso nanamuhla.

Isifiso sokuphila phakade sinamandla futhi wonke umuntu unaso. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu ufake ezinhliziyweni zethu isifiso sokuphila phakade kanye nelukuluku lokuqonda lokho okushiwo ukuphila okuphakade. (UmShumayeli 3:11) Ngakho, ucabanga ukuthi uNkulunkulu onothando ubengafaka kithi isifiso okungenakwenzeka ukuba sisifinyelele? Uma impendulo yakho ingu-cha, uqinisile. IZwi likaNkulunkulu lithi ukufa kuyisitha futhi lithembisa ukuthi “kuzokwenziwa ize.”—1 Korinte 15:26.

Akungabazeki ukuthi ukufa kuyisitha. Akekho umuntu ophile kahle ongakwamukela. Lapho sibona ingozi, siyazivikela, sicashe noma sibaleke. Lapho sigula, sifuna izindlela zokwelashwa ukuze silulame. Senza konke esingakwenza ukuze sigweme izinto ezingabangela ukuba sife.

Sikhona yini isizathu sokukholelwa ukuthi lesi sitha esidala sizokwenziwa ize? Yebo, sikhona. UJehova uNkulunkulu, uMdali, akazange adale abantu ukuba baphile iminyaka embalwa nje bese befa. Ukufa kwabantu kwakungeyona ingxenye yenjongo yakhe yasekuqaleni. Wayehlose ukuba abantu baphile phakade emhlabeni futhi lokho akuhlosile uyakufeza.—Isaya 55:11.

Ukufa kuyoqedwa kanjani? Kuwo wonke umlando, abantu baye bazama ukuthola indlela yokugwema ukufa, kodwa abazange baphumelele. Ngisho namanje basaqhubeka nemizamo yabo. Ososayensi benze imithi yokugoma neyokudambisa izifo ezithile. Baye bahlolisisa indlela izinto eziphilayo ezakhekhe ngayo. Ngokwesilinganiso, abantu ezindaweni eziningi namuhla baphila isikhathi eside kunaleso ababesiphila eminyakeni eyikhulu edlule. Noma kunjalo ukufa akukanqotshwa. Njengoba nje iBhayibheli lisho, “konke kubuyela othulini.”—UmShumayeli 3:20.

Izindaba ezinhle ziwukuthi akudingeki sithembele ekuhlakanipheni kwabantu ukuze kunqotshwe le nkinga osekukudala ikhona. UJehova uNkulunkulu uselenzile kakade ilungiselelo lokuba sisindiswe noma sihlengwe ekufeni futhi umuntu oyinhloko kulelo lungiselelo uJesu Kristu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela