Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 3/1 k. 22
  • “Uyolangazelela”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uyolangazelela”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • “Themba UJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indoda Eyisibonelo Eyamukela Ukulungiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 3/1 k. 22

Sondela KuNkulunkulu

“Uyolangazelela”

KUBUHLUNGU ukubona umuntu omthandayo egulela ukufa. Lapho efa, kungokwemvelo ukudabuka. Nokho, kuyaduduza ukwazi ukuthi uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, uyakuqonda ukudabuka kwethu. Ngaphezu kwalokho, ulangazelela ukusebenzisa amandla akhe amakhulu ukuze avuse abafileyo. Kukhona ithemba esilithola emazwini kaJobe encwadini kaJobe 14:13-15.

Cabanga ngokwenzeka. UJobe, indoda eyayinokholo oluqinile, wabhekana novivinyo olunzima—oluhlanganisa ukulahlekelwa yizinto zakhe ezibonakalayo, ukufa kwazo zonke izingane zakhe azithandayo nokuphathwa isifo esibuhlungu. Esezinhlungwini ezinkulu, wabiza uNkulunkulu: “O ukube ubungangithukusa eShiyoli [ithuna elivamile]!” (Ivesi 13) UJobe wabheka iShiyoli njengendawo ayezophumula kuyo. Njengegugu elifihlwe uNkulunkulu, wayengeke esabhekana nobunzima nezinhlungu.a

Ingabe uJobe uyohlala eShiyoli kuze kube phakade? UJobe wayengakholelwa kulokho. Waqhubeka nomthandazo wakhe: “Ukube ubungangilinganisela isikhathi futhi ungikhumbule!” UJobe wayenethemba lokuthi uyohlala isikhashana eShiyoli nokuthi uJehova wayengeke amkhohlwe. Wafanisa isikhathi ayeyosichitha eShiyoli ‘nomsebenzi oyimpoqo’—isikhathi sokulinda esiphoqelekile. Kuze kube nini? Wathi: “Kuze kufike impumuzo yami.” (Ivesi 14) Leyo mpumuzo iyosho ukuphuma eShiyoli—ngamanye amazwi, ukuvuka kwabafileyo!

Kungani uJobe ayenethemba lokuthi uyothola impumuzo? Ngoba wayazi ukuthi uMdali wethu onothando uzizwa kanjani ngabakhulekeli bakhe abafileyo. UJobe wathi: “Uyobiza futhi mina ngiyokuphendula. Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.” (Ivesi 15) UJobe wayazi ukuthi wadalwa uNkulunkulu. UMniki-kuphila owabumba uJobe esibelethweni nakanjani angamvusa kwabafileyo.—Jobe 10:8, 9; 31:15.

Amazwi kaJobe asifundisa ngothando lukaJehova: Njengoba kwakunjalo ngoJobe, unobuhlobo obukhethekile nalabo abazibeka ezandleni zakhe, abamvumela ukuba ababumbe futhi abenze abantu abafiselekayo emehlweni akhe. (Isaya 64:8) UJehova uyabazisa abakhulekeli bakhe abathembekile. ‘Uyabalangazelela’ labo abafe beqotho. Esinye isazi sithi leli gama lesiHebheru “ngokungangabazeki lingelinye lamagama anamandla abonisa isifiso esikhulu sokwenza okuthile.” Yebo, uJehova akagcini ngokubakhumbula abakhulekeli bakhe, kodwa ulangazelela nokubavusa ekufeni.

Okuhle nakakhulu ukuthi encwadini kaJobe—enye yezincwadi zokuqala zeBhayibheli ezabhalwa—uJehova wakubona kufaneleka ukwambula injongo yakhe yokuvusa abafileyo.b Ufuna ukukuhlanganisa nabantu obathandayo abafa. Leli themba lingenza ubuhlungu bokushonelwa bubekezeleleke. Kunganjani ufunde okwengeziwe ngalo Nkulunkulu onothando nokuthi ungamvumela kanjani ukuba akubumbe ube uhlobo lomuntu oyokwazi ukubona izithembiso zakhe zifezeka.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-March:

Esteri 1–Jobe 15

a Enye incwadi ithi amazwi kaJobe athi ‘ngithukuse’ angasho ukuthi ‘ngibeke endaweni ephephile njengento eyigugu.’ Omunye umthombo uthi la mazwi angasho ukuthi “ngifihle njengento eyigugu.”

b Ukuze ufunde okwengeziwe ngesithembiso seBhayibheli sokuvuselwa kwabafileyo emhlabeni omusha wokulunga, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela