Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lv isahl. 5 kk. 50-61
  • Indlela Yokuzigcina Sihlukile Ezweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuzigcina Sihlukile Ezweni
  • “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUHLALA SIQOTHO FUTHI SINGATHATHI HLANGOTHI
  • UKWENQABA “UMOYA WEZWE”
  • UKUBA NESIZOTHA ENDLELENI ESIGQOKA FUTHI SIZILUNGISE NGAYO
  • UKUGCINA ISO LETHU “LILIHLE”
  • UKUTHATHA ‘ZONKE IZEMBATHO ZEMPI’
  • KULUNGELE UKUVIKELA UKHOLO LWAKHO
  • AmaKristu Angathathi Hlangothi Ezinsukwini Zokugcina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Abayosinda Kumelwe ‘Bangabi Yingxenye Yezwe’
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Okwenza Izingubo Esizigqokayo Nendlela Esibukeka Ngayo Kubaluleke
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
lv isahl. 5 kk. 50-61
Abangane abangamaKristu bathatha isithombe ndawonye

ISAHLUKO 5

Indlela Yokuzigcina Sihlukile Ezweni

“Aniyona ingxenye yezwe.”—JOHANE 15:19.

1. Yini uJesu ayigcizelela ngobusuku bakhe bokugcina esemhlabeni njengomuntu?

NGOBUSUKU bakhe bokugcina esemhlabeni njengomuntu, uJesu wezwakalisa ukuyikhathalela okujulile inhlalakahle yesikhathi esizayo yabalandeli bakhe. Waze wathandaza nokuthandaza ngalokhu, ethi kuYise: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:15, 16) Kulesi sicelo esisuka enhliziyweni, uJesu waveza uthando olujulile ngabalandeli bakhe nokubaluleka kwamazwi ayewatshele abanye babo ngaphambili ngalobo busuku: “Aniyona ingxenye yezwe.” (Johane 15:19) Ngokusobala, kwakubaluleke kakhulu kuJesu ukuba abalandeli bakhe bazigcine behlukile ezweni!

2. Yiliphi leli “zwe” uJesu ayekhuluma ngalo?

2 ‘Izwe’ uJesu akhuluma ngalo libhekisela kuso sonke isintu esihlukanisiwe noNkulunkulu, esibuswa uSathane futhi esigqilazwe umoya wakhe wobugovu nowokuqhosha. (Johane 14:30; Efesu 2:2; 1 Johane 5:19) Ngempela, “ukuba umngane [walelo] zwe [kuwukuzenza] isitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Nokho, bonke abafuna ukuhlala othandweni lukaNkulunkulu bangaba kanjani sezweni kodwa bahluke kulo? Sizofunda ngezindlela ezinhlanu: ngokuhlala siqotho eMbusweni kaNkulunkulu ophethwe uKristu futhi singathathi hlangothi kwezombusazwe, ngokwenqaba umoya wezwe, ngokugqoka nokuzilungisa ngesizotha, ngokugcina iso lethu lilula nangokugqoka izembatho zethu zempi ezingokomoya.

UKUHLALA SIQOTHO FUTHI SINGATHATHI HLANGOTHI

3. (a) UJesu wazibheka kanjani ezombusazwe zosuku lwakhe? (b) Kungani kungathiwa abalandeli bakaJesu abagcotshiwe bakhonza njengamanxusa? (Hlanganisa nombhalo waphansi.)

3 Kunokuba uJesu azigaxe kwezombusazwe zosuku lwakhe, wagxila ekushumayeleni ngoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini wesikhathi esizayo ayezoba iNkosi yawo. (Daniyeli 7:13, 14; Luka 4:43; 17:20, 21) Ngakho, lapho ephambi koMbusi waseRoma uPontiyu Pilatu, uJesu wayengathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) Abalandeli bakhe abathembekile balingisa isibonelo sakhe ngokuba qotho kuKristu naseMbusweni wakhe nangokumemezela lowo Mbuso emhlabeni. (Mathewu 24:14) “Ngakho-ke thina singamanxusa abambele uKristu,” kubhala umphostoli uPawulu. “Njengababambele uKristu siyancenga: ‘Buyisanani noNkulunkulu.’”a—2 Korinte 5:20.

4. Wonke amaKristu eqiniso akubonise kanjani ukuba qotho eMbusweni kaNkulunkulu? (Bheka ibhokisi ekhasini 52.)

4 Ngenxa yokuthi amanxusa amelela omunye umbuso noma izwe, awagxambukeli ezindabeni zangaphakathi zamazwe akhonza kuwo; awathathi hlangothi. Kodwa ayawukhulumela uhulumeni wezwe alimelele. Kunjalo nangabalandeli bakaKristu abagcotshiwe, ‘abayizakhamuzi zasemazulwini.’ (Filipi 3:20) Empeleni, ngenxa yokushumayela kwabo ngoMbuso ngentshiseko, baye basiza izigidi ‘zezinye izimvu’ zikaKristu ukuba ‘zibuyisane noNkulunkulu.’ (Johane 10:16; Mathewu 25:31-40) Lezi ezinye izimvu zikhonza njengezithunywa zikaKristu ezisekela abafowabo bakaKristu abagcotshiwe. Njengomhlambi owodwa onobunye omemezela uMbuso KaMesiya, womabili la maqembu awathathi hlangothi nakancane ezindabeni zombusazwe.—Isaya 2:2-4.

5. Ibandla lobuKristu lihluke kanjani ku-Israyeli wasendulo, futhi lo mehluko ubonakala kanjani?

5 Ukuba qotho kuKristu akukuphela kwesizathu esenza amaKristu eqiniso angathathi hlangothi. Ngokungefani no-Israyeli wasendulo wona owawunezwe olinikezwe uNkulunkulu, thina siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke. (Mathewu 28:19; 1 Petru 2:9) Ngakho, ukube besingazibandakanya namaqembu ezombusazwe asendaweni yakithi, inkululeko yethu yokukhuluma ngesigijimi soMbuso nobunye bethu bobuKristu bekungaba sengozini enkulu. (1 Korinte 1:10) Ngaphezu kwalokho, lapho impi ibambene, bekungabe silwa namanye amakholwa lawo esiyalwa ukuba siwathande. (Johane 13:34, 35; 1 Johane 3:10-12) Wayenesizathu esihle-ke uJesu sokutshela abafundi bakhe ukuba bahlukane nenkemba. Waze wathi mabathande nezitha zabo.—Mathewu 5:44; 26:52; bheka ibhokisi elithi “Ingabe Angithathi Hlangothi?” ekhasini 55.

6. Ukuzinikezela kwakho kuNkulunkulu kubuthinta kanjani ubuhlobo bakho noKhesari?

6 NjengamaKristu eqiniso, sinikezele ukuphila kwethu kuNkulunkulu hhayi komunye umuntu, enhlanganweni yabantu noma esizweni esithile. Eyoku-1 Korinte 6:19, 20 ithi: “Anibona abenu, ngoba nathengwa ngentengo.” Ngakho, nakuba abalandeli bakaJesu benikeza “uKhesari” okwakhe okuwudumo, izintela, futhi bezithoba kuye ngokulinganiselwe, banikeza ‘uNkulunkulu okukaNkulunkulu.’ (Marku 12:17; Roma 13:1-7) Lokhu kuhlanganisa nokukhulekela kwabo, uthando lwabo lomphefumulo wonke nokulalela kwabo okuqotho. Uma kudingeka, bakulungele ukudela ukuphila kwabo ngenxa kaNkulunkulu.—Luka 4:8; 10:27; IzEnzo 5:29; Roma 14:8.

AMAKRISTU OKUQALA AYENGATHATHI HLANGOTHI

Umlando unikeza ubufakazi obanele bokuthi amaKristu okuqala ayengathathi hlangothi kwezombusazwe futhi engayi ezimpini. Incwadi ethi The Beginnings of Christianity ithi: “Abasunguli bobuKristu babekuphaphamele ukuba bangabi nokuthambekela kokuzifaka kwezombusazwe.” Ngokufanayo, incwadi ethi On the Road to Civilization ithi: “UbuKristu bokuqala babungaqondakali futhi bungathandeki kulabo ababebusa izindawo zamaqaba. . . . AmaKristu enqaba ukuhlanganyela emisebenzini ethile yezakhamuzi ezingamaRoma. Ayengabi nezikhundla kwezombusazwe.”

Ngokuqondene namaKristu okuqala nenkonzo yezempi, isazi sezenkolo esingumJalimane uPeter Meinhold sathi: “Ukuba umKristu nesosha kwakubhekwa njengezinto ezingahlangani.” Endabeni eyalotshwa umlobi wezenkolo uJonathan Dymond enesihloko esithi “Ukuhlola Ukuthi Impi Iyavumelana Yini Nezimiso ZobuKristu,” uDymond waloba ukuthi ngemva kwesikhathi esithile kufe uJesu, abalandeli baKhe “benqaba ukuhlanganyela [empini]; kungakhathaliseki ukuthi kwakuzokwenzekani kubo, ukuthi bayahlanjalazwa, bayaboshwa noma bayabulawa.” Wanezela: “Awanakuphikwa la maqiniso.” Kwaze kwaba yilapho “ubuKristu sebonakalisiwe lapho amaKristu aba khona amasosha,” kusho omunye umbhali.

UKWENQABA “UMOYA WEZWE”

7, 8. Uyini “umoya wezwe,” futhi lowo moya ‘usebenza’ kanjani kumuntu?

7 Enye indlela amaKristu azigcina ngayo ehlukile ezweni ukwenqaba umoya walo omubi. “Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu,” kubhala uPawulu. (1 Korinte 2:12) Wathi kwabase-Efesu: “Enake nahamba kuzo ngokwesimiso . . . saleli zwe, ngokombusi wegunya lomoya, umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.”—Efesu 2:2, 3.

8 “Umoya” wezwe ungamandla angabonakali aqhubezelayo abangela ukuba uNkulunkulu angalalelwa futhi akhuthaza “isifiso senyama nesifiso samehlo.” (1 Johane 2:16; 1 Thimothewu 6:9, 10) “Igunya” lalo moya lidalwa ukuthi lo moya ukhanga inyama enesono, awubonakali, awudeli, kanti ufinyelela yonke indawo njengoba kwenza umoya ovamile. Ngaphezu kwalokho, ‘usebenza’ kumuntu ngokumfunza kancane kancane izimfanelo zokungamhloniphi uNkulunkulu, njengobugovu, ukuzithwala, isifiso sokufuna ukuvelela nomoya wokuzibusa nowokuvukela.b Kalula nje, umoya wezwe wenza ukuba kukhule izici zikaDeveli kancane kancane enhliziyweni yomuntu.—Johane 8:44; IzEnzo 13:10; 1 Johane 3:8, 10.

9. Umoya wezwe ungangena ngaziphi izindlela ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu?

9 Umoya wezwe ungangena yini engqondweni nasenhliziyweni yakho? Yebo, kodwa kuphela uma uwuvumela ngokuyeka ukuqapha. (IzAga 4:23) Ithonya lawo lijwayele ukuqala kunganakekile, mhlawumbe ngabangane abangase babonakale bekahle kodwa empeleni bebe bengamthandi uJehova. (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Lo moya omubi ungawuhogela nangezincwadi ezisolisayo, izingosi ze-Internet zezithombe zobulili ezingcolile noma zezihlubuki, ezikaqed ’isizungu ezingcolile nemidlalo yokuncintisana—empeleni, ungawuhogela nganoma ubani noma nganoma yini edlulisela ukucabanga kukaSathane noma kwesimiso sakhe

10. Singawenqaba kanjani umoya wezwe?

10 Singawenqaba kanjani umoya wezwe oyingozi futhi sizigcine othandweni lukaNkulunkulu? Ngokuwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaJehova angokomoya nangokuthandazela umoya ongcwele zikhathi zonke. UJehova mkhulu kakhulu kunoDeveli noma kunezwe elonakele elibuswa uSathane. (1 Johane 4:4) Yeka indlela okubaluleke ngayo-ke ukuba sihlale siseduze kukaJehova ngomthandazo!

INGABE ANGITHATHI HLANGOTHI?

Umfundi ukhuluma nothisha ngezinkolelo zakhe

Isimiso: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.”—Johane 18:36.

Eminye yemibuzo okumelwe uzibuze yona

  • Ngingasichaza kanjani isizathu esenza ukuba ukushayela ifulege indesheni kube uhlobo oluthile lokukhonza izithombe?c—Eksodusi 20:4, 5; 1 Johane 5:21.

  • Ngingayibonisa kanjani inhlonipho ejulile kubantu abanezinkolelo ezihlukile kwezami lapho ngibachazela izizathu zokungahlanganyeli emikhosini ethile yobuzwe?—1 Petru 3:15.

  • Ziyini izizathu zami zokungawasekeli amaqembu ezombusazwe noma zokungahlanganyeli kunoma iyiphi inkonzo yezempi?—Johane 13:34; 1 Johane 3:10-12.

UKUBA NESIZOTHA ENDLELENI ESIGQOKA FUTHI SIZILUNGISE NGAYO

11. Umoya wezwe uzithonye kanjani izindinganiso zokugqoka?

11 Uphawu lwangaphandle lomoya obusa umuntu yindlela agqoka ngayo, azilungisa ngayo kanye nezinto eziphathelene nenhlanzeko. Emazweni amaningi, izindinganiso zokugqoka sezehle kangangokuba omunye umphathi wohlelo lwethelevishini wasikisela ukuthi uma amantombazane avamile esegqoka njengezifebe, maduze nje izifebe zizobe sezihamba-ze. Ngisho nokungamantombazanyana angakayihlanganisi iminyaka engu-12 nako sekungenile kulesi sitayela—“aveza imizimba futhi awanasizotha,” kusho umbiko wephephandaba elithile. Esinye isitayela esokugqoka budlabha okubonisa umoya wokuvukela, okubonisa ukuthi umuntu akazihloniphi nemenza angabi nasithunzi.

12, 13. Yiziphi izimiso okufanele ziqondise indlela esigqoka futhi sizilungise ngayo?

12 Njengezinceku zikaJehova, sifuna ukubukeka kahle, futhi kube kufanele, okusho ukuthi sigqoka ngendlela ehlanzekile, ecocekile, enhle nefanelana nesimo. Ngazo zonke izikhathi ukubukeka kwethu kufanele kubonakalise ‘isizotha nokuhluzeka kwengqondo,’ okuthi uma sekuhlangene ‘nemisebenzi emihle,’ kufanele wonk’ umuntu ‘othi uhlonipha uNkulunkulu’—owesilisa noma owesifazane. Yiqiniso, inhloso yethu eyinhloko ‘ukuzigcina othandweni lukaNkulunkulu,’ akukona ukubukisa. (1 Thimothewu 2:9, 10; Jude 21) Sifuna ukuba into kanokusho esihloba ngayo kube “umuntu osithekile wenhliziyo . . . , ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.”—1 Petru 3:3, 4.

13 Khumbula nokuthi izitayela zethu zokugqoka nezokuzilungisa zingathonya indlela abanye ababheka ngayo ukukhulekela kweqiniso. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isizotha,” uma lisetshenziswa ngomqondo wezimiso zokuhle, linomqondo wenhlonipho ejulile, ukwesaba nokuhlonipha imizwa noma imibono yabanye. Ngakho-ke umgomo wethu kufanele ube ukubheka onembeza babanye njengababalulekile kunamalungelo esingase sicabange ukuthi sinawo. Ngaphezu kwakho konke, sifuna ukuyisa udumo kuJehova nakubantu bakhe futhi sizituse njengezikhonzi zikaNkulunkulu, zonke izinto ‘sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’—1 Korinte 4:9; 10:31; 2 Korinte 6:3, 4; 7:1.

Abesifazane ababili abagqoke ngesizotha bayashumayela

Ingabe ukubukeka kwami kuyamdumisa uJehova?

14. Ngokuqondene nokubukeka kwethu nezinto eziphathelene nenhlanzeko, yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

14 Ukugqoka kwethu, ukuzilungisa nokuhlanzeka kubaluleke ngisho nakakhulu lapho sisenkonzweni yasensimini noma sisemihlanganweni yobuKristu. Zibuze: ‘Ingabe ukubukeka kwami nezinto eziphathelene nenhlanzeko kungidonsela amehlo abantu ngokungadingekile? Ingabe kubabangela amahloni abanye? Ingabe ngibheka amalungelo ami kulezi zici njengabalulekile kunokufanelekela amalungelo enkonzo ebandleni?’—IHubo 68:6; Filipi 4:5; 1 Petru 5:6.

15. Kungani iZwi likaNkulunkulu lingenalo uhide lwemithetho yokugqoka, yokuzilungisa neyenhlanzeko?

15 IBhayibheli aliwabekeli amaKristu uhide lwemithetho yokugqoka, yokuzilungisa neyenhlanzeko. UJehova akafisi ukusephuca inkululeko yethu yokuzikhethela noma amakhono ethu okucabanga. Kunalokho, ufuna sibe abantu abavuthiwe abasebenzisa izimiso zeBhayibheli, nabathi “ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Hebheru 5:14) Ngaphezu kwakho konke, ufuna sibuswe uthando—uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane. (Marku 12:30, 31) Phakathi kwaleyo mingcele, indlela yokugqoka nokuzilungisa ingahlukahluka kakhulu. Ubufakazi balokhu bungabonakala ezixukwini zabantu bakaJehova abajabulayo abagqoka izingubo ezinhlobonhlobo nomaphi lapho bebuthene khona emhlabeni.

UKUGCINA ISO LETHU “LILIHLE”

16. Umoya wezwe uphambene kanjani nemfundiso kaJesu, futhi yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

16 Umoya wezwe uyakhohlisa futhi wenza izigidi zabantu zibheke emalini nasezintweni ezibonakalayo ukuze zithole injabulo. Kodwa uJesu wathi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Nakuba ayengasho ukuthi masizithibe ngokweqile noma sizincishe injabulo ngokweqile, uJesu wayefundisa ukuthi ukuphila nenjabulo yangempela kutholwa abantu “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya nalabo abahlala beneso ‘elihle,’ iso eliqotho nelibukhali ngokomoya. (Mathewu 5:3; 6:22, 23) Zibuze: ‘Ingabe ngiyakukholelwa ngempela lokho uJesu akufundisa, noma ingabe ngithonywa ‘uyise wamanga’? (Johane 8:44) Embulani amazwi ami, imigomo yami, izinto eziza kuqala kimi nendlela engiphila ngayo?’—Luka 6:45; 21:34-36; 2 Johane 6.

17. Yisho ezinye zezinzuzo ezitholwa yilabo abahlala beneso elihle.

17 UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Cabanga ngezinye zezinzuzo ezitholwa yilabo abahlala beneso elihle. Bathola ukuqabuleka kwangempela enkonzweni yoMbuso. (Mathewu 11:29, 30) Bagwema ukukhathazeka okungadingekile futhi ngenxa yalokho ababuzwa ubuhlungu obungokwengqondo nobungokomzwelo. (1 Thimothewu 6:9, 10) Njengoba banelisekile ngokuba nezidingo zokuphila, banesikhathi esengeziwe nemikhaya yabo nabangane abangamaKristu. Bangase balale nakangcono ngenxa yalokho. (UmShumayeli 5:12) Bathola injabulo eyengeziwe yokupha, bapha nganoma yiziphi izindlela abangakwazi ukupha ngazo. (IzEnzo 20:35) ‘Bachichima nethemba’ futhi banokuthula kwangaphakathi nokwaneliseka. (Roma 15:13; Mathewu 6:31, 32) Ngempela, lezi zibusiso azinakulinganiswa nalutho!

UKUTHATHA ‘ZONKE IZEMBATHO ZEMPI’

18. IBhayibheli lisichaza kanjani isitha sethu, izindlela zaso, nohlobo lwempi esikuyo?

18 Labo abazigcina othandweni lukaNkulunkulu bayavikeleka nangokomoya kuSathane, ongafuni nje ukuphuca amaKristu injabulo kuphela kodwa futhi nokuphila okuphakade. (1 Petru 5:8) UPawulu wathi: “Asibambene negazi nenyama kodwa sibambene nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efesu 6:12) Igama elithi “bambene” lisikisela ukuthi asilwi sikude—njengokungathi sisemseleni ophephile osekusithekeni—kodwa silwa mahlanze. Ngaphezu kwalokho, amagama athi “ohulumeni,” “amagunya,” nelithi “ababusi bezwe” abonisa ukuthi ukuhlasela okuvela endaweni yomoya kuhlelwe kahle kakhulu futhi kunenjongo.

19. Chaza izembatho zempi ezingokomoya zomKristu.

19 Nokho, naphezu kobuthaka nokulinganiselwa kobuntu, singanqoba. Kanjani? Ngokuthatha “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.” (Efesu 6:13) Ichaza lezo zembatho zempi, eyabase-Efesu 6:14-18 ifundeka kanje: “Ngakho-ke, yimani niqinile izinkalo zenu ziboshwe ngeqiniso, futhi nigqoke isivikelo sesifuba sokulunga, nezinyawo zenu zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula. Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi. Futhi, yamukelani isigqoko sokuzivikela sensindiso [noma ithemba], nenkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu, kuyilapho niqhubeka nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke.”

20. Isimo sethu sihluke kanjani kwesesosha langempela?

20 Njengoba ziyilungiselelo likaNkulunkulu, lezi zembatho zempi ezingokomoya ngeke zisenzele phansi, inqobo nje uma sihlala sizigqokile. Ngokungefani namasosha angempela, angase aphumule isikhathi eside kungekho zimpi, amaKristu wona asemshuduliswaneni ongapheli wokufa nokuphila, sekuyoze kulamule uNkulunkulu lapho esebhubhise izwe likaSathane futhi wayifaka kwalasha yonke imimoya emibi. (IsAmbulo 12:17; 20:1-3) Ngakho, ungadikibali uma ushikilisana nobuthakathaka noma izifiso ezimbi, ngoba sonke kudingeka ‘sizitube’ ukuze sihlale sithembekile kuJehova. (1 Korinte 9:27) Eqinisweni, yilapho sisuke singabambene nalutho lapho kufanele sikhathazeke khona!

21. Iyiphi indlela okuyiyona yodwa esinganqoba ngayo empini yethu engokomoya?

21 Ngaphezu kwalokho, ngeke siyinqobe ngamandla ethu le mpi. Ngenxa yalokho, uPawulu usikhumbuza isidingo sokuthandaza kuJehova ‘ngomoya ngezikhathi zonke.’ Ngesikhathi esifanayo, kufanele silalele uJehova ngokutadisha iZwi lakhe nangokuhlangana namanye “amasosha” ngawo wonke amathuba, ngoba asisodwa kule mpi! (Filemoni 2; Hebheru 10:24, 25) Labo abathembekile kuzo zonke lezi zici ngeke nje bagcine ngokunqoba kodwa futhi bayokwazi nokuluvikela ngamandla ukholo lwabo lapho luphonselwa inselele.

KULUNGELE UKUVIKELA UKHOLO LWAKHO

22, 23. (a) Kungani kumelwe sikulungele zikhathi zonke ukuvikela ukholo lwethu, futhi yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona? (b) Sizoxoxa ngani esahlukweni esilandelayo?

22 “Ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, . . . izwe liyanizonda,” kusho uJesu. (Johane 15:19) Ngakho-ke, amaKristu kumelwe akulungele zikhathi zonke ukuvikela ukholo lwawo futhi aluvikele ngenhlonipho nangobumnene. (1 Petru 3:15) Zibuze: ‘Ngiyaqonda na ukuthi kungani oFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi bethatha ukuma okuhlukile kokuvamile? Lapho ngibhekene nenselele yokuthatha ukuma okunjalo, ingabe ngisuke ngigculiseke ngempela ukuthi lokho okushiwo iBhayibheli nesigaba senceku ethembekile kulungile? (Mathewu 24:45; Johane 17:17) Uma futhi kuziwa ekwenzeni okulungile emehlweni kaJehova, ingabe akukhona nje ukuthi ngikulungele ukwehluka kodwa futhi ingabe ngiyaziqhenya ngakho?—IHubo 34:2; Mathewu 10:32, 33.

23 Ngokuvamile-ke, isifiso sethu sokuzigcina sihlukile ezweni sivivinywa ngezindlela ezicashile. Ngokwesibonelo, njengoba kushiwo ngaphambili, uDeveli uzama ukuyengela izinceku zikaJehova ezweni ngokuzijabulisa kwezwe. Singazikhetha kanjani ezokuzijabulisa ezizosishiya siqabulekile futhi sinonembeza ohlanzekile? Sizoxoxa ngalokho esihlokweni esilandelayo.

a Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., uKristu uye wakhonza njengeNkosi phezu kwebandla labalandeli bakhe abagcotshiwe emhlabeni. (Kolose 1:13) Ngo-1914, uKristu wathola igunya njengenkosi phezu ‘kombuso wezwe.’ Ngakho, amaKristu agcotshiwe nawo manje akhonza njengamanxusa oMbuso KaMesiya.—IsAmbulo 11:15.

b Bheka incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 373-77, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

c Bheka iSithasiselo, amakhasi 212-15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela