Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Sebenzela Ukuhlobisa Ipharadesi Elingokomoya
    INqabayokulinda—2015 | Julayi 15
    • 14, 15. Iziphi izinguquko ezenziwa ngemva kuka-1970, futhi inhlangano iye yazuza kanjani?

      14 Abaningi asebekhulile emabandleni esikuwo baye bazibona izinguquko eziye zenza ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu yaba yinhle ngokwengeziwe. Bakhumbula isikhathi lapho emabandleni kwakunenceku yebandla, hhayi indikimba yabadala, lapho emazweni ahlukahlukene kwakunenceku yegatsha, hhayi iKomiti Yegatsha, noma lapho iziqondiso zazikhishwa umongameli we-Watch Tower Society, hhayi iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Nakuba bonke laba bazalwane babenabasizi abathembekile, ngokuyinhloko umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo emabandleni, emahhovisi amagatsha nasendlunkulu yomhlaba wonke wawusemahlombe omuntu oyedwa. Ngemva kuka-1970, kwenziwa izinguquko ukuze umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo usingathwe amaqembu abadala, hhayi umuntu oyedwa.

      15 Kungani lezi zinguquko ziye zayizuzisa inhlangano? Kungenxa yokuthi zazisekelwe ekuqondweni okucace kakhudlwana kwemiBhalo. Kunokuba kube ngumuntu oyedwa owenza zonke izinqumo, inhlangano iyazuza ezimfanelweni ezinhle zabo bonke abadala, noma ‘izipho ezingabantu,’ ezivela kuJehova.—Efesu 4:8; IzAga 24:6.

      Insizwa ithatha ipheshana enqodlaneni yezincwadi, ivakashela ingosi ethi jw.org bese iba nesifundo seBhayibheli

      UJehova unikeza abantu emhlabeni wonke isiqondiso abasidingayo ekuphileni (Bheka izigaba 16, 17)

      16, 17. Iziphi izinguquko zamuva eziye zakuhlaba umxhwele, futhi kungani?

      16 Cabanga ngezinye zezinguquko zamuva ezenziwe ezincwadini zethu. Siyakujabulela ukuhambisa izincwadi eziwusizo nezikhangayo enkonzweni yethu. Cabanga nangendlela esisebenzisa ngayo ubuchwepheshe bamuva ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ngokwesibonelo, ingosi ethi jw.org ifinyelela abantu abaningi ngokwengeziwe ukuze bathole usizo abaludinga ngempela. Zonke lezi zinguquko zenza sibone ukukhathalela okujulile nothando uJehova analo ngabantu.

      Siyabonga ngokuqeqeshwa esikuthola ezikoleni zethu zeBhayibheli eziningi

      17 Siyayazisa nenguquko eyenziwe emihlanganweni yethu ukuze sibe nesikhathi sokukhulekela komkhaya noma sesifundo somuntu siqu. Siyalwazisa noshintsho olwenziwe emihlanganweni yethu yesifunda neyesigodi. Ibonakala ithuthukiswa unyaka ngamunye! Siyabonga nangokuqeqeshwa esikuthola ezikoleni zethu zeBhayibheli eziningi. Kusobala kuzo zonke lezi zinguquko ukuthi uJehova uqondisa inhlangano yakhe nokuthi uyaqhubeka enza ipharadesi elingokomoya libe lihle nangokwengeziwe!

  • Ukukhumbula Uthando Lwami Lokuqala Kuye Kwangisiza Ngakhuthazela
    INqabayokulinda—2015 | Julayi 15
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela