Lapho Sekubusa Ubumbano Emhlabeni Wonke
WAKE wababona abadansi ababili abangochwepheshe benza ezibukwayo? Wonke umnyakazo wabo uwubuciko, ubonisa ukubambisana okuphelele nobunye. Bekuyojabulisa kakhulu ukube ukuphila bekunjalo namuhla—kunobunye futhi kungenazo izingxabano. Kunalokho, abantu ‘abafuni sivumelwano,’ njengoba nje iBhayibheli labikezela ngesikhathi sethu.—2 Thimothewu 3:1-5.
Nokho, kulesi simo esinzima, izigidi zabantu abanhliziyo ziqotho zifunda ukuphila ngokuthula kwangempela nobumbano. Kanjani? Ngokwamukela isimemo esihle esilotshwe eBhayibhelini ku-Isaya 48:17, 18. Sithi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”
Uma samukela lesi simemo esihle, uJehova uba uMzuzisi wethu ngomqondo othile. Usibonisa indlela “yokuhamba” ngokuthula kwangempela nangobumbano. Kuwubuwula ukwamukela okuphambene nalokho—izinkolelo nemibono yabantu abangaphelele. Umlando wesintu ulifakazela ngokuphindaphindiwe iqiniso elikuJeremiya 10:23: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” Ngamanye amazwi, asinalo ikhono lokuzibusa thina nelokumisa imithetho enengqondo futhi engasebenza emhlabeni wonke. UNkulunkulu kuphela onalelo lungelo.—Isaya 33:22.
Ukuthula Kwangempela Nobumbano
UNkulunkulu uzoletha ubumbano emhlabeni wethu maduzane. Usithembisa isikhathi lapho “umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) Yebo, ekugcineni kuyobusa ukuthula okuhlala unomphela.
Empeleni, okuphilayo emhlabeni kuyojabulela uhlobo olusha lobumbano, ngoba uNkulunkulu uyofundisa abantu bakhe abaqotho indlela yokulinakekela kahle ikhaya labo eliwumhlaba. Ngomqondo ongokomfanekiso, ‘uyokwenza nesivumelwano’ nazo zonke izilwane zasendle, azenze zizithobe ngokuthula kubantu.—Hoseya 2:18; Genesise 1:26-28; Isaya 11:6-8.
Leli themba alikona nje ukuzikhohlisa. Empeleni, eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni iyodwa, uJesu wakhuluma ngalo kabili. Okokuqala, wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” Kanti lapho ebonisa abalandeli bakhe indlela yokuthandaza, wathi: “Baba wethu . . . , intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 5:5; 6:9, 10) Ekupheleni kokuphila kwakhe, uJesu wakufingqa ngegama elilodwa elihle ukuthi lokho kwakuyosho ukuthini kubantu—“ipharadesi.” (Luka 23:43) Yebo, igazi likaJesu elachithwa lenza ithemba lokuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni libe yinto eqinisekile!—Johane 3:16.
[Isithombe ekhasini 11, 12]
EPharadesi likaNkulunkulu elizayo, okuphilayo emhlabeni kuyojabulela uhlobo olusha lobumbano