-
Vumela ‘Umthetho Womusa Wothando’ Uqaphe Ulimi LwakhoINqabayokulinda—2010 | Agasti 15
-
-
18, 19. Kungani kungafanele ukuba umthetho womusa wothando usuke olimini lwethu lapho sisebenzelana namanye amaKristu?
18 Uthando oluqotho kufanele lube sobala kukho konke ukusebenzelana kwethu nabanye abakhulekeli bakaJehova. Ngisho nasezimweni ezinzima, umthetho womusa wothando kufanele ungasuki olimini lwethu. UJehova akazange ajabule lapho umusa wothando wabantwana bakwa-Israyeli uba “njengamazolo amukayo ekuseni.” (Hos. 6:4, 6) Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyajabula lapho esibona siwubonisa njalo umusa wothando. Cabanga ngendlela abusisa ngayo labo abawuphishekelayo.
-
-
Kungani Kufanele Ugcine Isikhathi?INqabayokulinda—2010 | Agasti 15
-
-
Kungani Kufanele Ugcine Isikhathi?
AKULULA njalo ukugcina isikhathi. Ezinye zezithiyo okungase kudingeke sizinqobe ziwukuhamba amabanga amade, isiminyaminya sezimoto emigwaqweni nokuba matasa kakhulu. Noma kunjalo, ukugcina isikhathi kubalulekile. Ngokwesibonelo, emsebenzini umuntu ogcina isikhathi ubhekwa njengomuntu onokwethenjelwa futhi okhuthele. Kanti umuntu ofika sekwephuzile angaphazamisa umsebenzi wabanye nezinga lomkhiqizo nezinkonzo ezinikezwayo. Ukungagcini isikhathi kungabangela umfundi ukuba aphuthelwe izifundo ezithile bese kuphazamisa intuthuko yakhe esikoleni. Ukungagcini isikhathi sikadokotela wezokwelapha noma wamazinyo kungaba nomthelela endleleni umuntu elashwa ngayo.
Nokho, kwezinye izindawo ukugcina isikhathi akubhekwa njengokubaluleke kangako. Ezindaweni ezinjalo singagcina sesinalowo mkhuba. Uma kunjalo, kubalulekile ukuba sihlakulele isifiso sokugcina isikhathi. Ukuqonda ukubaluleka kokugcina isikhathi kuyosisiza ngempela ukuba sisigcine. Iziphi ezinye zezizathu zokuba sigcine isikhathi? Singabhekana kanjani nenselele yokugcina isikhathi? Iziphi izinzuzo esingazithola ngokugcina isikhathi?
UJehova UnguNkulunkulu Ogcina Isikhathi
Isizathu esibaluleke kakhulu sokugcina isikhathi siwukuthi sifuna ukulingisa uNkulunkulu esimkhulekelayo. (Efe. 5:1) UJehova uyisibonelo esizedlula zonke sokugcina isikhathi. Akalokothi ephuze. Unamathela ngokucophelela
-