Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 11/1 kk. 16-17
  • Indlela Izidalwa Zomoya Ezisithinta Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Izidalwa Zomoya Ezisithinta Ngayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ziyini Noma Zingobani Izingelosi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izingelosi—Indlela Ezisithinta Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izingelosi—Ingabe Ziyakuthinta Ukuphila Kwakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 11/1 kk. 16-17

Lokho Esikufunda KuJesu

Indlela Izidalwa Zomoya Ezisithinta Ngayo

“Ngaphambi kokuba izwe libe khona,” uJesu wayehlala endaweni yomoya noYise. (Johane 17:5) Ngakho-ke, uyena ongakwazi ukuphendula imibuzo elandelayo.

Ingabe izingelosi zinendaba nathi?

▪ UJesu usifundisa ukuthi izingelosi zibathanda kakhulu abantu. Wathi: “Kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”—Luka 15:10.

UJesu wembula ukuthi izingelosi zinomthwalo wemfanelo wokusiza izinceku zikaNkulunkulu ukuba zihlale zinobuhlobo obuhle naYe. Ngakho, lapho exwayisa abafundi bakhe ngokukhuba abanye, wathi: “Qaphelani ukuba nina madoda ningadeleli noyedwa walaba abancane; ngoba ngiyanitshela ngithi izingelosi zabo ezulwini zibubona ngaso sonke isikhathi ubuso bukaBaba osezulwini.” (Mathewu 18:10) UJesu wayengasho neze ukuthi umlandeli wakhe ngamunye unengelosi yakhe. Kodwa wabonisa ukuthi izingelosi ezisebenza eduze noNkulunkulu zinesithakazelo esikhulu emalungwini ebandla lobuKristu.

UDeveli angasilimaza kanjani?

▪ UJesu waxwayisa abalandeli bakhe ngokuthi uSathane uzama ukuvimba abantu ukuba bangalazi iqiniso ngoNkulunkulu. Wathi: “Lapho noma ubani ezwa izwi lombuso kodwa angawutholi umqondo walo, omubi uyafika ahlwithe lokho obekuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 13:19.

UJesu wadalula enye indlela uSathane adukisa ngayo abantu lapho elandisa ngomfanekiso womuntu owatshala ukolweni ensimini yakhe. Umuntu wayefanekisela uJesu, futhi ukolweni wawufanekisela amaKristu eqiniso ayobusa noJesu ezulwini. Nokho, uJesu wathi isitha safika “sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni.” Ukhula lumelela amaKristu amanga. “Isitha esaluhlwanyela uDeveli.” (Mathewu 13:25, 39) Njengoba nje ukhula lungase lufane namahlumela kakolweni, labo abathi bangamaKristu bangase babonakale njengabakhulekeli beqiniso. Izinkolo ezifundisa izimfundiso zamanga zidukisa abantu ukuba bangamhloniphi uNkulunkulu. USathane usebenzisa inkolo yamanga ukuze abantu bangabi nobungane noJehova.

Singazivikela kanjani ekulinyazweni uSathane?

▪ UJesu wabiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) Lapho ethandaza kuNkulunkulu wasembulela indlela yokuvikeleka kuSathane. Wathandaza kuYise wasezulwini, ecelela abafundi bakhe: “Ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:15-17) Ukuba nolwazi lweZwi likaNkulunkulu kungasivikela ekuthonyweni abantu baleli zwe elibuswa uSathane.

Izingelosi zisithinta kanjani namuhla?

▪ UJesu wathi: “Esiphelweni sesimiso sezinto: izingelosi ziyophuma zihlukanise ababi kwabalungileyo.” (Mathewu 13:49) Manje siphila “esiphelweni sesimiso sezinto,” futhi izigidi ziyasabela ezindabeni ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:3, 14.

Kodwa akubona bonke abaqala ukufunda iBhayibheli abamukelwa uNkulunkulu. Izingelosi ziqondisa umsebenzi wezinceku zikaJehova futhi abantu abamthanda ngempela uNkulunkulu bayahlukaniswa kulabo abangafuni ukwenza lokho abakufundayo. Lapho echaza labo abamukelwa uNkulunkulu, uJesu wathi: ‘Ngemva kokuzwa izwi ngenhliziyo enhle, bayaligcina futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.’—Luka 8:15.

Ukuze uthole ukwaziswa okwe-ngeziwe, bheka isahluko 10 sale ncwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 16]

Izingelosi zinendima ekuqoqeni abantu abanhliziyo ziqotho ukuba bangene ebandleni lobuKristu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela