Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
SEPTHEMBA 3-9
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 1-2
“UJesu Wenza Isimangaliso Sakhe Sokuqala”
(Johane 2:1-3) Ngosuku lwesithathu kwaba khona idili lomshado eKhana laseGalile, nonina kaJesu wayekhona. 2 UJesu nabafundi bakhe nabo babemenyiwe kulelo dili lomshado. 3 Lapho iwayini liphela unina kaJesu wathi kuye: “Abanalo iwayini.”
UKristu—Ungamandla KaNkulunkulu
3 UJesu wenza isimangaliso sakhe sokuqala emshadweni owawusemzaneni waseKhana. Asazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba iwayini linganeli zonke izimenywa ezazikhona. Lokhu kwakungabaphathisa amahloni kakhulu abashadikazi, ngoba babenesibopho sokulungiselela izimenywa zabo ukudla. Esinye sezimenywa kwakungunina kaJesu, uMariya. Ingabe wacela uJesu ukuba asize ngoba ekholelwa ukuthi unamandla okusiza? Kumelwe ukuba uMariya wayezindla ngazo zonke iziprofetho eziphathelene nendodana yakhe futhi wayazi ukuthi yayiyobizwa ngokuthi “iNdodana YoPhezukonke.” (Luka 1:30-32; 2:52) Kusobala ukuthi bobabili uMariya noJesu bafuna ukubasiza laba bashadikazi. Ngakho, ngokuyisimangaliso uJesu waphendula amanzi angamalitha angaba ngu-380 aba “iwayini elimnandi.” (Funda uJohane 2:3, 6-11.) Ingabe uJesu wayephoqelekile ukwenza lesi simangaliso? Cha. Wasenza ngoba ekhathalela abantu futhi elingisa uYise ophanayo.
(Johane 2:4-11) Kodwa uJesu wathi kuye: “Ngihlangene ngani nawe, sifazane? Ihora lami alikafiki.” 5 Unina wathi kulabo ababekhonza: “Noma yini anitshela yona, yenzeni.” 6 Kwakukhona izimbiza zamanzi zetshe eziyisithupha zihlezi lapho njengoba imithetho yamaJuda yokuhlanza yayifuna kanjalo, ngayinye ikwazi ukumumatha izilinganiso ezimbili noma ezintathu zoketshezi. 7 UJesu wathi kubo: “Gcwalisani lezi zimbiza ngamanzi.” Bazigcwalisa zathi cikí. 8 Wayesethi kubo: “Wakheni manje niwayise kumqondisi wedili.” Ngakho bawayisa. 9 Lapho umqondisi wedili enambitha la manzi ayesephendulwe iwayini kodwa engazi ukuthi livelaphi, nakuba labo ababekhonza ababekhe amanzi babazi, umqondisi wedili wabiza umkhwenyana 10 wathi kuye: “Bonke abanye abantu bakhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapho abantu sebedakiwe, bakhiphe elezinga eliphansi. Wena ugciné iwayini elimnandi kwaze kwaba manje.” 11 Lokhu uJesu wakwenza eKhana laseGalile njengesiqalo sezibonakaliso zakhe, futhi wenza inkazimulo yakhe yabonakala; abafundi bakhe baba nokholo kuye.
jy-E 41 ¶6
UJesu Wenza Isimangaliso Sakhe Sokuqala
Lesi isimangaliso sokuqala uJesu asenzayo. Lapho abafundi bakhe ababesanda kumlandela bebona lesi simangaliso, ukholo lwabo luyaqina. Ngemva kwalokho, uJesu, unina nabafowabo bayahamba baya ogwini olusenyakatho-ntshonalanga yoLwandle LwaseGalile, edolobheni laseKapernawume.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Johane 1:1) Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayewunkulunkulu.
amaphuzu okucwaninga uJoh 1:1 kuyi-nwtsty-E
uLizwi: Noma “uLogos.” NgesiGreki, u-ho loʹgos. Lapha, leli gama lisetshenziswe njengesiqu futhi lisetshenzisiwe kuJoh 1:14 nakusAm 19:13. UJohane waveza ukuthi lesi siqu esikaJesu. Sasisebenza kuJesu esaseyisidalwa somoya ngaphambi kokuba eze la emhlabeni, phakathi nenkonzo yakhe engumuntu ongenasono nangemva kokuba enyukele ezulwini. UJesu wayewuLizwi noma uMkhulumeli kaNkulunkulu owayedlulisela imiyalo nakho konke uNkulunkulu ayefuna ukukusho kwamanye amadodana aKhe omoya nakubantu. Ngakho, kunengqondo ukucabanga ukuthi ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, uJehova wayesebenzisa yena ukuze akhulume nabantu. WayewuLizwi ongumkhulumeli waKhe oyingelosi.—Gen 16:7-11; 22:11; 31:11; Eks 3:2-5; AbaHl 2:1-4; 6:11, 12; 13:3.
wayeno-: Ngokwezwi nezwi “ngaku-.” Kuleli vesi, igama lesiGreki elithi pros elihunyushwe ngokuthi “wayeno-” lisho ukuba seduze kakhulu nothile noma ukuba umngane wothile. Liphinde libonise ukuthi kunabantu abahlukile, kulokhu, uLizwi noNkulunkulu owasidala.
uLizwi wayewunkulunkulu: Noma “uLizwi wayesankulunkulu.” La mazwi kaJohane achaza isimo noma achaza ukuthi wayenjani “uLizwi” okunguJesu Kristu (ngesiGreki, u-ho loʹgos; bheka iphuzu lokucwaninga elithi uLizwi kuleli vesi). Isikhundla esiphezulu uLizwi anaso ngokuba iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo, adala ngayo zonke ezinye izinto, siyisona sizathu esenza achazwe ngokuthi “ungunkulunkulu; usabunkulunkulu; isidalwa esinamandla.” Abahumushi abaningi bathanda ukuhumusha la mazwi ngokuthi “uLizwi wayewuNkulunkulu,” ngaleyo ndlela bemlinganisa noNkulunkulu uMninimandla Onke. Nokho, sinezizathu ezizwakalayo zokuthi uJohane wayengasho ukuthi “uLizwi” unguNkulunkulu uMninimandla Onke. Esokuqala, umushwana ongemva kwamazwi athi “uLizwi wayewunkulunkulu” nongaphambi kwawo, yomibili ibonisa ngokucacile ukuthi “uLizwi wayenoNkulunkulu.” Futhi, igama lesiGreki elithi the·osʹ (nkulunkulu) livela izikhathi ezintathu evesini 1 no-2. EsiGrekini, lapho leli gama elithi the·osʹ livela okokuqala nokwesithathu, kuqale kube nesiqalo esingumunci (ongu-“the” ngesiNgisi); lapho livela okwesibili, asisekho lesi siqalo. Abacwaningi abaningi bathi kubalulekile ukungabi khona kwalesi siqalo ngaphambi kuka-the·osʹ wesibili. Kula mavesi, lapho kunesiqalo, u-the·osʹ ubhekisela kuNkulunkulu uMninimandla Onke. Kodwa, uma singekho, u-the·osʹ uchaza isimo noma ukuthi “uLizwi” wayenjani. Ngakho izinguqulo eziningi zamaBhayibheli esiNgisi, isiFulentshi nesiJalimane zihumusha la mazwi ngendlela efana neye-Nguqulo Yezwe Elisha, okubonisa ukuthi “uLizwi” “wayesankulunkulu.” Izinguqulo zakudala zeVangeli likaJohane zesiSahidic nesiBohairic ezivela olimini lwesiCoptic, okungenzeka ezangekhulu lesithathu nelesine C.E., nazo ziyakufakazela lokhu. KuJoh 1:1, zihumushe u-the·osʹ wokuqala ngendlela ehlukile kunowesibili. Lezi zindlela zokuhumusha zigcizelela isimo ‘sikaLizwi,’ ukuthi sasifana nesikaNkulunkulu, kodwa azimlinganisi noYise, uNkulunkulu umninimandla onke. Ngokuvumelana naleli vesi, incwadi yabaseKol 2:9 ichaza uKristu njengonakho “konke ukugcwala kobuNkulunkulu ngesimo somzimba.” Ngokuka-2Pet 1:4, ngisho nezindlalifa ezikanye noKristu zaziyoba “abahlanganyeli bemvelo yaphezulu.” Ngaphezu kwalokho, enguqulweni ye-Septuagint igama lesiGreki elithi the·osʹ liyafana negama lesiHebheru elithi ʼel nelithi ʼelo·himʹ, womabili asho “uNkulunkulu”, futhi kucatshangwa ukuthi anomqondo ofanayo ochaza “Onamandla; Onezikhwepha.” La magama esiHebheru ayasetshenziswa lapho kukhulunywa ngoNkulunkulu umninimandla onke, ngabanye onkulunkulu nangabantu. (Bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 10:34.) Ukubiza uLizwi ngokuthi “unkulunkulu” noma “onamandla” kuhambisana kahle nesiprofetho esiku-Isaya 9:6, esibikezela ukuthi uMesiya wayeyobizwa ngokuthi “uNkulunkulu Onamandla” (hhayi “uNkulunkulu uMninimandla Onke”) futhi wayeyoba “uYise Ongunaphakade” kubo bonke labo abayoba nelungelo lokuphila ngesikhathi esebusa. Intshiseko kaYise, ‘uJehova wamabutho,’ iyona eyokwenza lokhu.—Isaya 9:7.
iphuzu lokucwaning uJoh 10:34
eMthethweni wenu: Lapha umthetho usho yonke imiBhalo YesiHebheru, hhayi nje uMthetho KaMose. Amazwi ashiwo ngemva kwalokho acashunwe encwadini yeHu 82:6. Igama elithi ‘uMthetho’ lisetshenziswe ngendlela efanayo nasencwadini kaJoh 12:34; 15:25.
Ningonkulunkulu: Noma “ninjengonkulunkulu.” Lapha uJesu ucaphuna iHu 82:6, lapho igama lesiHebheru elithi ʼelo·himʹ (onkulunkulu) lisho amadoda angabahluleli bakwa-Israyeli. ‘Ayengonkulunkulu’ emsebenzini wawo wokuba abameleli nabakhulumeli bakaNkulunkulu. Ngendlela efanayo, uMose watshelwa ukuthi wayezoba “njengoNkulunkulu” ku-Aroni nakuFaro.—Eks 4:16; 7:1.
(Johane 1:29) Ngosuku olulandelayo wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!
iphuzu lokucwaninga uJoh 1:29 kuyi-nwtsty-E
iWundlu likaNkulunkulu: Ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe futhi walingwa uDeveli, uJohane uMbhapathizi wamethula ngokuthi “iWundlu likaNkulunkulu.” La mazwi atholakala kuleli vesi nakuJoh 1:36 kuphela. (Bheka ingxenye 4 yencwajana ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu.) Kuyafaneleka ukufanisa uJesu newundlu. EBhayibhelini, umuntu wayenikela ngemvu ukuze acele intethelelo yesono asenzile ukuze akwazi ukusondela kuNkulunkulu. Lokhu kwakufanekisela umhlatshelo owawuzokwenziwa uJesu lapho enikela ngokuphila kwakhe okungenasono ukuze kusindiswe isintu. Umqondo wamazwi athi “iWundlu likaNkulunkulu” uyavela emavesini amaningana emiBhalo engcwele. Ngenxa yokuthi uJohane uMbhapathizi wayeyijwayele imiBhalo YesiHebheru, kungenzeka ukuthi amazwi akhe wayewathathela kokunye kwalokhu okulandelayo: imvu yeduna u-Abrahama anikela ngayo esikhundleni sendodana yakhe u-Isaka (Gen 22:13), imvu yePhasika eyabulawa eGibhithe ukuze kusindiswe ama-Israyeli ebugqilini (Eks 12:1-13), noma imvu yeduna okwakunikelwa ngayo njalo ekuseni nakusihlwa e-altare likaNkulunkulu eJerusalema. (Eks 29:38-42). Kungenzeka nanokuthi uJohane wayecabanga ngesiprofetho sika-Isaya, esinalowo uJehova ambiza ngokuthi ‘inceku yakhe,’ okuthiwa ‘ulethwa ngokungathi yimvu ekuhlatshweni.’ (Isaya 52:13; 53:5, 7, 11) Lapho umphostoli uPawulu ebhala incwadi yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte, wathi uJesu uyimvu ‘yePhasika lethu.’ (1Ko 5:7) Umphostoli uPetru wathi ‘igazi likaKristu eliyigugu, elewundlu elingenasici nelingenabala.’ (1Pet 1:19) Kanti, encwadini yesAmbulo kukhulunywa ngoJesu okhazinyulisiwe ngokuthi ‘uyiwundlu ngendlela engokomfanekiso’ izikhathi ezingaphezu kwezingu-25.—Ezinye zezibonelo zalokhu yilezi: IsAm 5:8; 6:1; 7:9; 12:11; 13:8; 14:1; 15:3; 17:14; 19:7; 21:9; 22:1.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Johane 1:1-18) Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayewunkulunkulu. 2 Ekuqaleni lona wayenoNkulunkulu. 3 Zonke izinto zaba khona ngaye, futhi ayikho neyodwa into eyaba khona ngaphandle kwakhe. Ukuphila, 4 kwaba khona ngaye futhi ukuphila kwakuwukukhanya kwabantu. 5 Ukukhanya kuyakhanya ebumnyameni, kodwa ubumnyama abukuhlulanga. 6 Kwavela umuntu owayethunywe njengommeleli kaNkulunkulu: igama lakhe kwakunguJohane. 7 Lo muntu weza ngenjongo yokufakaza, ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze abantu bazo zonke izinhlobo bakholwe ngaye. 8 Wayengekhona lokho kukhanya, kodwa inhloso yayiwukuba afakaze ngakho. 9 Ukukhanya kweqiniso okunika zonke izinhlobo zabantu ukukhanya kwase kuzofika ezweni. 10 Wayekhona ezweni, futhi izwe laba khona ngaye, kodwa izwe alizange limazi. 11 Wafika kubo, kodwa abantu bakubo abazange bamamukele. 12 Nokho, bonke abamamukela, wabanika igunya lokuba ngabantwana bakaNkulunkulu, ngoba babenokholo egameni lakhe; 13 futhi abazalwanga ngegazi noma ngentando engokwenyama noma ngentando yomuntu kodwa bazalwa nguNkulunkulu. 14 Ngakho uLizwi waba yinyama wahlala phakathi kwethu, sayibona inkazimulo yakhe, inkazimulo enjengeyendodana ezelwe yodwa kuyise; wayegcwele umusa ongafanelwe neqiniso. 15 (UJohane wafakaza ngaye, yebo, empeleni wakhamuluka—lo nguye owasho lokhu—ethi: “Lowo oza emva kwami ungandulele, ngoba waba khona ngaphambi kwami.”) 16 Ngoba sonke samukela kokuvela ekugcwaleni kwakhe, yebo, ngisho nomusa ongafanelwe phezu komusa ongafanelwe. 17 Ngoba uMthetho wanikezwa ngoMose, umusa ongafanelwe neqiniso kwaba khona ngoJesu Kristu. 18 Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini; unkulunkulu ozelwe yedwa osesifubeni sikaBaba nguye oye wamchaza.
SEPTHEMBA 10-16
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 3-4
“UJesu Ushumayeza Owesifazane OngumSamariya”
(Johane 4:6, 7) Eqinisweni, wawulapho umthombo kaJakobe. Manje uJesu, ekhathele ngenxa yalolu hambo, wayehlezi emthonjeni njengoba nje ayenjalo. Kwakucishe kube yihora lesithupha. 7 Kweza owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”
iphuzu lokucwaninga uJoh 4:6 kuyi-nwtsty-E
ekhathele: Lena ukuphela kwendawo emiBhalweni lapho kushiwo khona ukuthi uJesu ‘wayekhathele’. Kwakungabo-12 emini, futhi ngalelo langa ekuseni uJesu wayesuke esiGodini saseJordani eJudiya waya eSikhari eSamariya, okwakuwuhambo lwamamitha angu-900 noma ngaphezulu emgwaqweni onyukelayo.—Joh 4:3-5; bheka ingxenye 4 yencwajana ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu.
(Johane 4:21-24) UJesu wathi kuye: “Ngikholwe, sifazane, Ihora liyeza lapho ningayikumkhulekela uBaba kule ntaba noma eJerusalema. 22 Nina nikhulekela eningakwaziyo; thina sikhulekela esikwaziyo, ngoba insindiso ivela kumaJuda. 23 Noma kunjalo, ihora liyeza futhi sekuyilo namanje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele. 24 UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.”
(Johane 4:39-41) Abaningi kulawo maSamariya aphuma kulowo muzi bakholwa nguye ngenxa yezwi lowesifazane owafakaza wathi: “Ungitshelé zonke izinto engizenzile.” 40 Ngakho-ke lapho amaSamariya efika kuye, amcela ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. 41 Ngenxa yalokho abanye abaningi bakholwa ngenxa yalokho akusho,
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Johane 3:29) Onomlobokazi ungumkhwenyana. Nokho, umngane womkhwenyana, lapho ema futhi emuzwa, ujabula kakhulu ngenxa yezwi lomkhwenyana. Ngakho-ke le njabulo yami yenziwe yagcwala.
iphuzu lokucwaninga uJoh 3:29 kuyi-nwtsty-E
umngane womkhwenyana: Ngezikhathi zeBhayibheli, umuntu owayejwayelene kakhulu nomkhwenyana wayeba ummeleli wakhe ongokomthetho futhi enendima enkulu ezinhlelweni zomshado. Wayebhekwa njengomuntu owenze ukuba umakoti nomkhwenyana bazane. Ngosuku lomshado, umakoti nalabo abeze emshadweni babefika emzini kamkhwenyana noma kubo kamkhwenyana, lapho okwakuzoba khona idili lomshado. Phakathi nedili, umngane womkhwenyana wayejabula lapho ezwa umkhwenyana exoxa nomakoti wakhe ngoba wayesuke ebona ukuthi uwufeze kahle umsebenzi wakhe. UJohane uMbhapathizi wazifanisa ‘nomngane womkhwenyana.’ Kulokhu uJesu wayengumkhwenyana kanti abafundi bakhe sebebonke babewumlobokazi ongokomfanekiso. Njengoba uJohane uMbhapathizi ayelungiselela uMesiya indlela, waletha amalungu okuqala ‘omlobokazi’ kuJesu Kristu. (Joh 1:29, 35; 2Ko 11:2; Efe 5:22-27; IsAm 21:2, 9) Isuke isifezekile injongo ‘yomngane womkhwenyana’ lapho esebahlanganise ngokuphumelelayo abashadayo; ngemva kwalokho akabe esaba nendima ebalulekile. Ngokufanayo, lapho uJohane ekhuluma ngaye noJesu wathi: “Yena kumelwe aqhubeke anda, kodwa mina kumelwe ngiqhubeke ngincipha.”—Joh 3:30.
(Johane 4:10) UJesu waphendula wathi kuye: “Ukube ubusazi isipho sesihle sikaNkulunkulu nokuthi ngubani lo othi kuwe, ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucelé kuye, futhi ngabe ukunike amanzi aphilayo.”
iphuzu lokucwaninga uJoh 4:10 kuyi-nwtsty-E
amanzi aphilayo: Le nkulumo yesiGreki isho amanzi angokoqobo agelezayo, amanzi esiphethu noma amanzi asanda kukhiwa emthonjeni oneziphethu. La manzi awafani namanzi amadala asethangini. KuLev 14:5, inkulumo yesiHebheru ethi “amanzi agelezayo” ngokwezwi nezwi isho “amanzi aphilayo.” KuJer 2:13 no-17:13, kuthiwa uJehova ‘ungumthombo wamanzi aphilayo,’ okusho amanzi angokomfanekiso anikeza ukuphila. Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane ongumSamariya, wayekhuluma ‘ngamanzi aphilayo’ angokomfanekiso kodwa kubonakala sengathi lona wesifazane wayecabanga ukuthi usho amanzi angempela.—Joh 4:11; bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 4:14.
iphuzu lokucwaninga uJoh 4:14
la manzi engizomnika wona: Igama elithi “amanzi” nelithi “umthombo” asetshenziswe lapha ngendlela engokomfanekiso. Ekuqaleni kwengxoxo lapho uJesu exoxa nowesifazane ongumSamariya, uJesu wakhuluma ‘ngamanzi aphilayo.’ (Bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 4:10.) Ube esechaza ukuthi amanzi awanikezayo aba umthombo wamanzi anikeza ukuphila okuphakade kulabo abawamukelayo. IZwi likaNkulunkulu lifanisa amanzi nelungiselelo likaNkulunkulu lokwenza abantu baphinde baphile ukuphila okungenazo izinkinga. Into ebalulekile ngala manzi angokomfanekiso umhlatshelo kaJesu wesihlengo. Kule ndaba, uJesu ugxila ezinzuzweni ezingokomoya ezitholwa yilabo abamlalelayo futhi babe abafundi bakhe. Njengoba ‘bengenisa ulwazi’ ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu futhi ngokholo besebenzisa lokho abakufundayo baba sethubeni lokuthola ukuphila okuphakade. (Joh 17:3) UJesu wathi umuntu owamukela la manzi angokomfanekiso, azoba kulowo muntu umthombo ophilisayo. Lowo muntu uphinde azizwe ebophekile ukutshela abanye ngala “manzi okuphila.”—IsAm 21:6; 22:1, 17; bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 7:38.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Johane 4:1-15) Lapho iNkosi iqaphela ukuthi abaFarisi babezwile ukuthi uJesu wayenza abafundi abaningi kunoJohane futhi ebabhapathiza — 2 nakuba empeleni, uJesu ngokwakhe engazange abhapathize kodwa kungabafundi bakhe ababebhapathiza— 3 yasuka eJudiya yaphinde yaya eGalile. 4 Kodwa kwakudingeka idabule eSamariya. 5 Ngakho yafika emzini waseSamariya obizwa ngokuthi iSikhari eduze kwensimu uJakobe ayinika uJosefa indodana yakhe. 6 Eqinisweni, wawulapho umthombo kaJakobe. Manje uJesu, ekhathele ngenxa yalolu hambo, wayehlezi emthonjeni njengoba nje ayenjalo. Kwakucishe kube yihora lesithupha. 7 Kweza owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” 8 (Ngoba abafundi bakhe babehambile beye emzini beyothenga ukudla.) 9 Ngakho-ke lona wesifazane ongumSamariya wathi kuye: “Kwenzeka kanjani ukuba wena, naphezu kokuba ungumJuda, ucele ukuba ngikuphuzise, ngibe ngingowesifazane ongumSamariya?” (Ngoba amaJuda awadlelani namaSamariya.) 10 UJesu waphendula wathi kuye: “Ukube ubusazi isipho sesihle sikaNkulunkulu nokuthi ngubani lo othi kuwe, ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucelé kuye, futhi ngabe ukunike amanzi aphilayo.” 11 Yena wathi kuye: “Mnumzane, awunalo ngisho nebhakede lokukha amanzi, futhi umthombo ujulile. Pho la manzi aphilayo onawo avela kumuphi umthombo? 12 Wena awumkhulu kunokhokho wethu uJakobe, owasinika lo mthombo futhi yena ngokwakhe namadodana akhe nezinkomo zakhe abaphuza kuwo, akunjalo?” 13 UJesu waphendula wathi kuye: “Wonke umuntu ophuza la manzi uyophinde ome. 14 Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma, kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.” 15 Owesifazane wathi kuye: “Mnumzane, nginike la manzi, ukuze ngingomi futhi ngingalokhu ngiza kule ndawo ngizokukha amanzi.”
SEPTHEMBA 17-23
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 5-6
“Landela UJesu Ngezinhloso Ezinhle”
(Johane 6:9-11) “Nangu umfanyana onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane. Kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka?” 10 UJesu wathi: “Celani amadoda ukuba ahlale njengalapho edla.” Kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo. Ngakho-ke amadoda ahlala, cishe izinkulungwane ezinhlanu ngesibalo. 11 Ngakho uJesu wathatha izinkwa, futhi ngemva kokubonga, wabela labo ababehlezi, ngokufanayo wababela izinhlanzi ezincane kangangalokho ababekufuna.
iphuzu lokucwaninga uJoh 6:10 kuyi-nwtsty-E
amadoda ahlala, cishe izinkulungwane ezinhlanu ngesibalo: UMathewu kuphela onezela amazwi athi “ngaphandle kwabesifazane nabantwana” lapho ebika lesi simangaliso. (Math 14:21) Kungenzeka ukuthi sebebonke abantu abondliwa ngokuyisimangaliso babengaphezu kuka-15 000.
(Johane 6:14) Ngakho lapho abantu bebona izibonakaliso ayezenza, bathi: “Ngokuqinisekile lo ungumprofethi owayezofika ezweni.”
(Johane 6:24) Ngakho-ke lapho isixuku sibona ukuthi uJesu akekho lapho nabafundi bakhe abekho, sagibela izikebhe zaso ezincane safika eKapernawume siyofuna uJesu.
iphuzu lokucwaninga uJoh 6:14 kuyi-nwtsty-E
ungumprofethi: AmaJuda amaningi angekhulu lokuqala C.E. ayelindele ukuba umprofethi onjengoMose, okukhulunywa ngaye kuDut 18:15, 18, kube uMesiya. Kule ndaba, kubonakala sengathi amazwi athi owayezofika ezweni asho lokho kufika kukaMesiya okwakulindelwe. NguJohane kuphela owabhala ngesenzakalo esikuleli vesi.
(Johane 6:25-27) Ngakho lapho simthola ngaphesheya kolwandle sathi kuye: “Rabi, ufike nini lapha?” 26 UJesu wasiphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, aningifuni ngoba nibone izibonakaliso kodwa ngoba nidle izinkwa nasutha. 27 Ningasebenzeli ukudla okushabalalayo, kodwa ukudla okuhlalayo kube ukuphila okuphakade, iNdodana yomuntu ezoninika kona; ngoba uBaba, yebo, uNkulunkulu, ubeke phezu kwayo uphawu lwakhe lokuyamukela.”
(Johane 6:54) Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami unokuphila okuphakade, ngiyomvusa ngosuku lokugcina;
(Johane 6:60) Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe, lapho bezwa lokhu, bathi: “Le nkulumo iyashaqisa; ubani ongayilalela na?”
(Johane 6:66-69) Ngenxa yalokhu abaningi kubafundi bakhe bahamba baya ezintweni ababezishiye emuva futhi ababange besahamba naye. 67 Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nifuna ukuhamba yini nani?” 68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade; 69 siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
amaphuzu okucwaninga uJoh 6:27, 54 kuyi-nwtsty-E
ukudla okushabalalayo . . . ukudla okuhlalayo kube ukuphila okuphakade: UJesu wayazi ukuthi abanye abantu babelandela yena nabafundi bakhe ngoba nje befuna ukuzuza okuthile kubo. Nakuba ukudla okungokoqobo kwenza abantu bondleke usuku nosuku, “ukudla” okuvela eZwini likaNkulunkulu kuzokwenza abantu bakwazi ukuphila phakade. UJesu wanxusa isixuku ukuba sisebenzele “ukudla okuhlalayo kube ukuphila okuphakade,” ngokuba senze umzamo wokufunda ngoNkulunkulu bese sikukholelwa lokho esikufundayo.—Math 4:4; 5:3; Joh 6:28-39.
odla inyama yami, aphuze igazi lami: Umongo waleli vesi ubonisa ukuthi labo abadlayo nabaphuzayo benza kanjalo ngendlela engokomfanekiso ngokuba nokholo kuJesu Kristu. (Joh 6:35, 40) UJesu washo la mazwi ngo-32 C.E., okubonisa ukuthi wayengakhulumi ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa, ayesazosiqalisa ngonyaka olandelayo. Washo la mazwi ngaphambi nje ‘kwePhasika, umkhosi wamaJuda’ (Joh 6:4). Ngakho kungenzeka ukuthi ababelalele bacabanga ngalowo mkhosi owawuza nokuthi igazi lemvu lalibaluleke kangakanani ekusindiseni ukuphila ngobusuku ama-Israyeli aphuma ngabo eGibhithe (Eks 12:24-27). UJesu wayegcizelela ukuthi igazi lakhe nalo lalizoba nendima ebalulekile ekwenzeni abafundi bakhe bakwazi ukuthola ukuphila okuphakade.
Siyohamba Ngegama LikaJehova UNkulunkulu Wethu
13 Noma kunjalo, izixuku zazimisela ukulandela uJesu futhi zamthola, “phesheya kolwandle” ngokusho kukaJohane. Kungani zamlandela nakuba ayeyigwemile imizamo yazo yokumenza inkosi? Abaningi kuzo babonisa ukuthi babenombono ongokwenyama, bakhuluma bangagwegwesa ngamalungiselelo angokwenyama uJehova ayewenzile ehlane osukwini lukaMose. Babesikisela ukuthi uJesu kwakufanele aqhubeke nokubondla ngokwenyama. UJesu, ebona izisusa zabo ezimbi, waqala ukubafundisa amaqiniso angokomoya ayengabasiza ukuba balungise ukucabanga kwabo. (Johane 6:17, 24, 25, 30, 31, 35-40) Besabela kulokhu, abanye bakhononda ngaye, ikakhulukazi lapho enza lo mfanekiso: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze igazi layo, aninakho ukuphila kini ngaphakathi. Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami unokuphila okuphakade, ngiyomvusa ngosuku lokugcina.”—Johane 6:53, 54.
14 Imifanekiso kaJesu ngokuvamile yayishukumisela abantu ukuba babonise ukuthi babekufuna ngempela yini ukuhamba noNkulunkulu. Kwenzeka okufanayo nakulo mfanekiso. Wabacasula kakhulu abaningi. Siyafunda: “Abaningi kubafundi bakhe, lapho bezwa lokhu, bathi: ‘Le nkulumo iyashaqisa; ubani ongayilalela na?’” UJesu waqhubeka ebachazela ukuthi kwakufanele babheke incazelo engokomoya yamazwi akhe. Wathi: “Ngumoya onikeza ukuphila; inyama ayinalo nhlobo usizo. Amazwi engiwakhulume kini angumoya futhi awukuphila.” Noma kunjalo, abaningi abathandanga ukulalela, futhi ukulandisa kuyasibikela: “Ngenxa yalokhu abaningi kubafundi bakhe bahamba baya ezintweni ababezishiye emuva futhi ababange besahamba naye.”—Johane 6:60, 63, 66.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Johane 6:44) Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa; futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina.
iphuzu lokucwaninga uJoh 6:44 kuyi-nwtsty-E
emdonsa: Nakuba isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “donsa” sisho ukudonsa ngenetha lezinhlanzi (Joh 21:6, 11), lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu udonsa abantu bengathandi. Lesi senzo singabuye sisho “ukuheha” futhi kungenzeka ukuthi la mazwi kaJesu ayefakazela uJer 31:3, lapho uJehova athi kubantu bakhe basendulo: “Ngikudonse ngomusa wothando.” (I-Septuagint isebenzisa sona lesi senzo sesiGreki lapha.) UJoh 12:32 ubonisa ukuthi uJesu ubadonsela ngaleyo ndlela kuye abantu bazo zonke izinhlobo. ImiBhalo ibonisa ukuthi uJehova unike abantu inkululeko yokuzikhethela. Wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela ukuthi uyafuna yini ukumkhonza noma cha. (Dut 30:19, 20) UNkulunkulu ubadonsa ngesineke labo abafisa ngempela ukumkhonza. (IHu 11:5; IzA 21:2; IzE 13:48) Lokhu ukwenza ngeBhayibheli nangomoya wakhe ongcwele. Isiprofetho esiku-Isaya 54:13, esicashunwe kuJoh 6:45, sisebenza kulabo abadonswe uBaba.—Qhathanisa noJoh 6:65.
(Johane 6:64) Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa.” Ngoba kusukela ekuqaleni uJesu wayazi ukuthi obani ababengakholwa nokuthi ubani owayezomkhaphela.
amaphuzu okucwaninga uJoh 6:64 kuyi-nwtsty-E
uJesu wayazi . . . nokuthi ubani owayezomkhaphela: UJesu wayekhuluma ngoJuda Iskariyothi. UJesu wathandaza kuYise ubusuku bonke ngaphambi kokuba akhethe abaphostoli bakhe abangu-12. (Luka 6:12-16) Ngakho, ekuqaleni uJuda wayethembekile kuNkulunkulu. Nokho, uJesu wayazi ukuthi iziprofetho ezisemBhalweni WesiHebheru zibonisa ukuthi wayezokhashelwa umuntu ayesondelene naye. (IHu 41:9; 109:8; Joh 13:18, 19) Ngenxa yokuthi uJesu uyakwazi ukufunda imicabango nezinhliziyo zabantu, wakwazi ukubona lapho inhliziyo kaJuda iqala ukuba yimbi. (Math 9:4) UNkulunkulu wasebenzisa ikhono lakhe lokwazi izinto ezingakenzeki ukuze abone ukuthi kwakunomngane kaJesu owayezomkhaphela. Kodwa, ubuntu bukaJehova nendlela asebenzelana ngayo nabantu kusenza singakucabangi nakukucabanga ukuthi uJehova wakhetha uJuda ukuba kube nguye owayezokona njengokungathi wamnqumela kusengaphambili.
kusukela ekuqaleni: La mazwi awakhulumi ngesikhathi lapho uJuda ezalwa noma lapho ekhethwa ukuba abe umphostoli ngemva kokuba uJesu ethandaze ubusuku bonke. (Luka 6:12-16) Kunalokho, akhuluma ngesikhathi lapho uJuda eqala ukungathembeki, okuyinto uJesu ayiphawula ngokushesha. (Joh 2:24, 25; IsAm 1:1; 2:23; bheka amaphuzu okucwaninga uJoh 6:70; 13:11.) Lokhu kubonisa nokuthi izenzo zikaJuda zazicatshangwe kahle futhi zihleliwe, kwakungeyona into eyavele yenzeka nje. Incazelo yegama elithi “ekuqaleni” (ngesiGreki, ar·kheʹ) emiBhalweni YamaKristu YesiGreki iya ngokuthi kukhulunywa ngani. Ngokwesibonelo, igama elithi “ekuqaleni” ku-2Pet 3:4, lisho ekuqaleni kwendalo. Kodwa ezimweni eziningi, lisho ekuqaleni nje. Ngokwesibonelo, uPetru wathi umoya ongcwele wehlela kwabeZizwe “njengoba nje wehlela naphezu kwethu ekuqaleni.” (IzE 11:15) UPetru wayengakhulumi ngesikhathi lapho ezalwa noma lapho eba umphostoli. Kunalokho, wayekhuluma ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., lapho umoya ongcwele ‘uqala’ ukuthululelwa injongo ethile. (IzE 2:1-4) Ezinye izibonelo zendlela leli gama elithi “ekuqaleni” elihambisana ngayo nokuthi kukhulunywa ngani zitholakala kuLuka 1:2; kuJoh 15:27; naku-1Joh 2:7.
iphuzu lokucwaninga uJoh 6:70
ungumnyundeli: Noma “udeveli.” Igama lesiGreki elithi di·aʹbo·los, elivame ukusetshenziswa lapho kukhulunywa ngoDeveli, lisho “umnyundeli.” Kwezinye izindawo ezimbalwa lapho kungakhulunywa khona ngoDeveli, leli gama lihunyushwe ngokuthi “abanyundeli” (2Thim 3:3) noma ‘onyundelayo’ (1Thim 3:11; Thit 2:3.) Olimini lwesiGreki, lapho kukhulunywa ngoDeveli leli gama lihlale landulelwa yi-definite article. (Bheka iphuzu lokucwaninga uMath 4:1 ne-Glossary, kwesithi “Definite Article.”) Lapha, leli gama lisetshenziselwe ukuchaza uJuda Iskariyothe owayeseqala ukuba nobuntu obubi. Kungenzeka ukuthi lapha uJesu wayeqaphela ukuthi uJuda wayesethatha inkambo engalungile eyayizokwenza ukuba kamuva uSathane amsebenzisele ukubulala uJesu.—Joh 13:2, 11.
iphuzu lokucwaninga uJoh 13:11
wayemazi: Njengoba uJesu ayekwazi ukubona lokho abantu abaseduze kwakhe abakucabangayo, kuyacaca ukuthi ngesikhathi ekhetha uJuda ukuba abe umphostoli, uJuda wayengeyena umkhapheli. (Math 9:4; Mar 2:8; Joh 2:24, 25) Nokho, lapho uJuda kamuva eqala ukuba nobuntu obubi, uJesu wakubona lokho futhi wakwazi ukuveza lowo owayezomkhaphela. Nakuba uJesu ayazi ukuthi uJuda wayezomkhaphela, wazigeza izinyawo zaleli mbuka.—Bheka amaphuzu okucwaninga uJoh 6:64; 6:70.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Johane 6:41-59) Ngakho-ke amaJuda akhononda ngaye ngoba ethé: “Mina ngiyisinkwa esehle ezulwini”; 42 athi: “Lo akuyena yini uJesu indodana kaJosefa, esibaziyo oyise nonina? Usho kanjani manje ukuthi, ‘Ngehlé ezulwini’?” 43 UJesu waphendula wathi kuwo: “Yekani ukukhononda phakathi kwenu. 44 Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa; futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina. 45 Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Bonke bayofundiswa uJehova.’ Wonke umuntu oye wezwa kuBaba futhi wafunda uyeza kimi. 46 Akukhona ukuthi ukhona umuntu oye wabona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu; lona umbonile uBaba. 47 Ngiqinisile impela ngithi kini, Okholwayo unokuphila okuphakade. 48 “Mina ngiyisinkwa sokuphila. 49 Okhokho benu balidla imana ehlane kodwa nokho bafa. 50 Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze sidliwe yinoma ubani, angafi. 51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade; futhi, ngempela isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” 52 Ngakho-ke amaJuda aqala ukuphikisana, ethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe ukuba siyidle na?” 53 Ngakho uJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze igazi layo, aninakho ukuphila kini ngaphakathi. 54 Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami unokuphila okuphakade, ngiyomvusa ngosuku lokugcina; 55 ngoba inyama yami iwukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. 56 Odla inyama yami aphuze igazi lami, uhlala emunye nami, nami ngimunye naye. 57 Njengoba nje uBaba ophilayo angithuma futhi ngiphila ngenxa kaBaba, nalowo ongidlayo, yebo lowo uyophila ngenxa yami. 58 Yilesi isinkwa esehle ezulwini. Akunjengesikhathi lapho okhokho benu babedla kodwa nokho bafa. Odla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade.” 59 Lezi zinto wazisho njengoba ayefundisa emhlanganweni weningi eKapernawume.
SEPTHEMBA 24-30
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 7-8
“UJesu Wadumisa Uyise”
(Johane 7:15-18) Ngakho-ke amaJuda amangala, ethi: “Kwenzeka kanjani ukuba lo muntu abe nolwazi lwemibhalo, ebe engafundile?” 16 UJesu wabaphendula wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile. 17 Uma umuntu efisa ukwenza intando yaKhe, uyokwazi ngale mfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu yini noma ngikhuluma okuvela kimi siqu. 18 Lowo okhuluma okwakhe ufuna inkazimulo yakhe siqu; kodwa lowo ofuna inkazimulo yalowo omthumileyo, lona uqinisile, futhi akukho ukungalungi kuye.
“Kulotshiwe”
5 UJesu wayefuna abantu bazi ukuthi isigijimi sakhe sasivelaphi. Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Ngesinye isikhathi, wathi: “Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.” (Johane 8:28) Wabuye wathi futhi: “Izinto engizisho kini madoda angizikhulumi ngokusuka kimi; kodwa uBaba ohlale emunye nami wenza imisebenzi yakhe.” (Johane 14:10) Enye indlela uJesu afakazela ngayo ubuqiniso bala mazwi kwakungukulicaphuna kaningi iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe.
6 Ukuhlolisisa amazwi kaJesu alotshiwe kuveza ukuthi wacaphuna ngokuqondile ezincwadini zemiBhalo YesiHebheru ezingaphezu kwesigamu noma wabhekisela kuzo. Ungase ungasiboni isimanga kulokhu. Mhlawumbe ungase uzibuze ukuthi kule minyaka emithathu nengxenye efundisa futhi eshumayela obala, wehlulwa yini ukucaphuna kuzo zonke izincwadi eziphefumulelwe ezazitholakala. Eqinisweni, kungenzeka ukuthi wacaphuna kuzo zonke. Khumbula, yingxenye encane kuphela yamazwi nezenzo zikaJesu elotshiwe. (Johane 21:25) Empeleni, mhlawumbe amazwi kaJesu alotshiwe ungawafunda wonke ngokuzwakalayo ngamahora ambalwa nje kuphela. Manje, cabanga ukhuluma ngoNkulunkulu noMbuso wakhe amahora ambalwa, ubuye ukwazi ukucaphuna ezincwadini zemiBhalo YesiHebheru ezingaphezu kwesigamu! Ngaphezu kwalokho, ezikhathini eziningi uJesu wayesuke engayiphethe imiqulu elotshiwe. Lapho ethula iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni edumile, wacaphuna ngokuqondile emiBhalweni YesiHebheru futhi wabhekisela kaningana kuyo—yonke eyisho ngekhanda!
(Johane 7:28, 29) Ngakho-ke uJesu wamemeza njengoba ayefundisa ethempelini wathi: “Niyangazi mina futhi niyazi ukuthi ngivelaphi. Futhi, angizizelanga ngokwami, kodwa lowo ongithumile ungokoqobo, kodwa animazi nina. 29 Mina ngiyamazi, ngoba ngingummeleli ovela kuye, Yena ungithumile.”
(Johane 8:29) Futhi lowo ongithumileyo unami; akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.”
Yamukela Umoya KaNkulunkulu, Hhayi Owezwe
19 Lalela uJehova ngokuphelele. UJesu wayenza izinto ezijabulisa uYise ngaso sonke isikhathi. Kunesikhathi okungenani esisodwa lapho ukuthambekela kukaJesu kwake kwahluka khona kulokho uYise ayekufuna. Nakuba kunjalo, ngokuqiniseka wathi kuYise: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” (Luka 22:42) Zibuze, ‘Ingabe ngiyamlalela uNkulunkulu ngisho nalapho kungelula?’ Ukulalela uNkulunkulu kubalulekile ukuze siphile. NjengoMenzi wethu, uMthombo noMsekeli wokuphila kwethu, simkweleta ukumlalela ngokuphelele. (IHu. 95:6, 7) Akukho okungathatha isikhundla sokulalela. Ngeke uNkulunkulu asamukele uma singamlaleli.
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
(Johane 7:8-10) Khuphukani nina niye emkhosini; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi njengamanje, ngoba isikhathi sami esifanele asikafiki ngokugcwele.” 9 Ngemva kokubatshela lezi zinto, wahlala eGalile. 10 Kodwa lapho abafowabo sebekhuphukele emkhosini, naye wakhuphuka, hhayi obala kodwa njengokungathi ekusithekeni.
Kungani Kufanele Ukhulume Iqiniso?
Isiphi isibonelo esabekwa uJesu Kristu kule ndaba? Ngesinye isikhathi uJesu waxoxa nabanye abantu abangakholwa ababenesithakazelo ezinhlelweni zohambo lwakhe. Bathi kuye: “Dlula lapha ungene eJudiya.” UJesu wabaphendula wathini? “Khuphukani nina niye emkhosini [eJerusalema]; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi njengamanje, ngoba isikhathi sami esifanele asikafiki ngokugcwele.” Kungakapheli isikhathi esingakanani, uJesu waya emkhosini eJerusalema. Kungani abaphendula ngale ndlela? Sasingekho isidingo sokuba bazi ngokuthé ngqo ukuthi ukuphi. Ngakho, nakuba uJesu engakhulumanga amanga, wabanikeza impendulo engaphelele ukuze anciphise amathuba okuba yena noma abalandeli bakhe balinyazwe. Kwakungewona amanga lawa ngoba umphostoli uPetru wabhala: “[UKristu] akenzanga sono, nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe.”—Johane 7:1-13; 1 Petru 2:22.
(Johane 8:58) UJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona, ngase ngikhona.”
iphuzu lokucwaninga uJoh 8:58 kuyi-nwtsty-E
ngase ngikhona: AmaJuda aphikisayo ayefuna ukushaya uJesu ngamatshe ngenxa yokuthi wathi ‘wabona u-Abrahama,’ nakuba ngokusho kwawo, uJesu ‘wayengakabi nanamashumi amahlanu eminyaka ubudala.’ (Joh 8:57) UJesu wawaphendula ngokuwatshela ukuthi ngaphambi kokuba eze la emhlabeni wayeyisidalwa somoya esinamandla ezulwini ngisho nangaphambi kokuba u-Abrahama azalwe. Abanye bathi leli vesi libonisa ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Bathi inkulumo yesiGreki esetshenziswe lapha ethi e·goʹ ei·miʹ (ehunyushwe ngokuthi “nginguye” kwamanye amaBhayibheli), ifana nendlela okuhunyushwe ngayo u-Eks 3:14 kuyi-Septuagint futhi bathi womabili lamavesi kufanele ahunyushwe ngendlela efanayo. (Bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 4:26.) Noma kunjalo, kule ndaba isenzo esichazwa yileli gama lesiGreki elithi ei·miʹ sibonisa okuthile okwaqala “ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona” futhi okusaqhubeka. Ngakho-ke, lesi senzo sihunyushwe kahle ngokuthi “ngase ngikhona” kunokuthi “nginguye” futhi izinguqulo eziningi zasendulo nezamanje zisebenzisa inkulumo ecishe ifane nethi “ngase ngikhona.” Empeleni, kusetshenziswe isenzo esifanayo sesiGreki esithi ei·miʹ kuJoh 14:9 ukuze kuhunyushwe amazwi kaJesu athi: “Ngibé nani isikhathi eside kangaka, kodwa awukangazi Filiphu na?” Izinguqulo eziningi zisebenzisa inkulumo ecishe ifane. Lokhu kubonisa ukuthi uma kuye kwacatshangelwa ukuthi kukhulunywa ngani awukho umthetho wolimi ophulwayo ngokuhumusha inkulumo ethi ei·miʹ ngokuthi “ngase ngikhona.” (Ezinye izibonelo zendlela okuhunyushwe ngayo lesi senzo sesiGreki kusetshenziswa inkathi yamanje eqhubekayo zitholakala kuLuka 2:48; 13:7; 15:29; Joh 1:9; 5:6; 15:27; IzE 15:21; 2Ko 12:19; 1Joh 3:8.) Futhi, lokho uJesu akusho kuJoh 8:54, 55 kuyabonisa ukuthi wayengazami ukuzenza uYise.
iphuzu lokucwaninga uJoh 4:26
nginguye: NgesiGreki, e·goʹ ei·mi. Abanye bathi la mazwi afana nendlela i-Septuagint ehumushe ngayo u-Eks 3:4 bese bethi lokhu kufakazela ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Nokho, u-Eks 3:14 usebenzisa inkulumo ehlukile (e·goʹ ei·mi ho on, “Ngiyisidalwa Esiphilayo; Ngingophilayo”) kunaleyo esetshenziswe kuJoh 4:26. Ngaphezu kwalokho, kuyi-Septuagint kusetshenziswe igama elithi e·goʹ ei·mi lapho la mazwi eshiwo u-Abrahama, u-Eleyazare, uJakobe, uDavide nabanye. (Gen 23:4; 24:34; 30:2; 1IziKr. 21:17) EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, leli gama elithi e·goʹ ei·mi alisetshenziswa lapho kukhuluma uJesu kuphela. KuJoh 9:9 lisetshenziswe indoda eyelashwa uJesu lapho iphendula abanye. Leli gama limane lisho ukuthi: “Yimi.” Le nkulumo yabuye yasetshenziswa ingelosi uGabriyeli, uPetru, uPawulu kanye nabanye. (Luka 1:19; IzE 10:21; 22:3) Kusobala ukuthi la mazwi awafani nalokho okuku-Eks 3:14. Ukuqhathanisa indaba efanayo emaVangelini amathathu okuqala kubonisa ukuthi amazwi athi e·goʹ ei·mi akuMar 13:6 nakuLuka 21:8 (athi “Nginguye”) ayindlela efushanisiwe yenkulumo ephelele esencwadini kaMath 24:5, ethi “NginguKristu.”
Mina engikhuluma nawe nginguye: Lena kungenzeka indawo yokuqala lapho uJesu eziveza ukuthi unguMesiya, noma uKristu. Lokhu wakwenza kowesifazane ongeyena nomJuda, kodwa ongumSamariya. (Joh 4:9, 25) AmaJuda amaningi ayengawathandi amaSamariya, engafuni nokuwabingelela futhi amadoda amaningi angamaJuda ayebabhekela phansi abesifazane. Njengoba nje enza kowesifazane ongumSamariya, uJesu wabenza bahlonipheka nabanye abesifazane ngokubanika ilungelo lokuba ngabokuqala ukumbona lapho esevusiwe.—Math 28:9, 10.
Ukufundwa KweBhayibheli
(Johane 8:31-47) Ngakho uJesu wathi kumaJuda ayemkholelwe: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, 32 niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” 33 Amphendula athi: “Thina siyinzalo ka-Abrahama futhi asikaze sibe izigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi, ‘Niyokhululeka’?” 34 UJesu wawaphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Wonke umuntu ongumenzi wesono uyisigqila sesono. 35 Ngaphezu kwalokho, isigqila asihlali endlini kuze kube phakade; indodana ihlala kuze kube phakade. 36 Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela. 37 Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngoba izwi lami aliyitholi indawo phakathi kwenu. 38 Noma yiziphi izinto engizibone kuBaba ngiyazikhuluma; ngakho-ke, nani nenza izinto enizizwe kuyihlo.” 39 Ephendula athi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abrahama.” UJesu wathi kuwo: “Uma ningabantwana baka-Abrahama, yenzani imisebenzi ka-Abrahama. 40 Kodwa manje nifuna ukungibulala, mina muntu onitshele iqiniso engilizwe kuNkulunkulu. U-Abrahama akazange akwenze lokhu. 41 Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Athi kuye: “Thina asizalwanga ngobufebe; sinoBaba munye, uNkulunkulu.” 42 UJesu wathi kuwo: “Ukube uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyongithanda, ngoba ngilapha ngoba ngavela kuNkulunkulu. Angizizelanga neze ngokwami, kodwa ngathunywa nguYe. 43 Kungani ningakwazi lokho engikukhulumayo? Ngoba anikwazi ukulalela izwi lami. 44 Nina nivela kuyihlo uDeveli, futhi nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni, akazange ame aqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga. 45 Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokuthi mina ngikhuluma iqiniso, aningikholwa. 46 Ubani kini ongilahla ngokuthi ngenzé isono? Uma ngikhuluma iqiniso, kungani ningangikholwa? 47 Ovela kuNkulunkulu uyawalalela amazwi kaNkulunkulu. Kungakho nina ningalaleli, ngoba aniveli kuNkulunkulu.”
(Johane 4:14) Noma ubani ophuza la manzi engizomnika wona akasoze oma, kodwa amanzi engizomnika wona, ngaphakathi kuye ayoba umthombo wamanzi ophuphumayo ukuze udlulisele ukuphila okuphakade.
iphuzu lokucwaninga uJoh 4:14 kuyi-nwtsty-E
la manzi engizomnika wona: Igama elithi “amanzi” nelithi “umthombo” asetshenziswe ngokomfanekiso lapha. Ekuqaleni kwengxoxo eyayiphakathi kukaJesu nowesifazane ongumSamariya, uJesu wakhuluma “ngamanzi aphilayo.” (Bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 4:10.) Waqhubeka wachaza ukuthi lawo manzi aphana ngawo aba umthombo wamanzi onganikeza ukuphila okuphakade kulabo abawamukelayo. IZwi likaNkulunkulu lisebenzisa amanzi njengafanekisela amalungiselelo akhe okwenza abantu baphinde baphile ukuphila okungenazo izinkinga. Ingxenye ebalulekile yala manzi angokomfanekiso umhlatshelo wesihlengo kaJesu. Kule ndaba, uJesu ugxila ezinzuzweni ezitholwa yilabo abamlalelayo bese beba abafundi bakhe. Lapho ‘befunda’ ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu futhi bebonisa ukholo ngokwenza lokho abakufundayo, baba nethemba lokuthola ukuphila okuphakade. (Joh 17:3) UJesu wathi umuntu owamukela la manzi angokomfanekiso, ayoba njengomthombo ophuphuma amanzi aphilisayo kuye. Lowo muntu uzizwa ebophekile nokuba awaphe abanye la ‘manzi okuphila.’—IsA 21:6; 22:1, 17; bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 7:38.
(Johane 4:26) UJesu wathi kuye: “Mina engikhuluma nawe nginguye.”
amaphuzu okucwaninga uJoh 4:26 kuyi-nwtsty-E
nginguye: Ngokwezi nezwi, “Nginguye.” NgesiGreki lithi e·goʹ ei·mi. Abanye bathi leli gama lifana naleli elisemBhalweni ka-Eks 3:14 kuyi-Septuagint bese besenzisa lokhu ukuze bafakazele ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Nokho, u-Eks 3:14 usebenzisa igama elihlukile (e·goʹ ei·mi ho on, “Ngiyisidalwa Esiphilayo; Ngiyilowo Okhona”) kunalelo elisetshenziswe kuJoh 4:26. Ngaphezu kwalokho, igama elithi e·goʹ ei·mi lisetshenziswe kuyi-Septuagint lapho kuhunyushwa amazwi ashiwo u-Abrahama, Eleyazare, uJakobe, uDavide nabanye. (Gen 23:4; 24:34; 30:2; 1IziKr 21:17) EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, igama elithi e·goʹ ei·mi alisetshenziswa kulokhu okwashiwo uJesu kuphela. La mazwi esiGreki asetshenzisiwe kuJoh 9:9 lapho kubhalwa impendulo yendoda eyalashwa uJesu. Amane nje athi: “Nginguye.” Amazwi afanayo asetshenziswa nayingelosi uGabriyeli, uPetru, uPawulu nabanye. (Luka 1:19; IzE 10:21; 22:3) Ngokusobala, la mazwi awakhulumi ngalokhu okuku-Eks 3:14. Ukuqhathanisa indaba efanayo emaVangelini amathathu okuqala kubonisa ukuthi amazwi athi e·goʹ ei·mi akuMar 13:6 nakuLuka 21:8 (“Nginguye”) awukufushaniswa kwenkulumo ephelele etholalaka kuMath 24:5, ehunyushwe ngokuthi “NginguKristu.”
Mina engikhuluma nawe nginguye: Kubonakala sengathi lena indawo yokuqala lapho uJesu esho obala ukuthi unguMesiya noma uKristu. Watshela owesifazane ongeyena ngisho nomJuda kodwa ongumSamariya. (Joh 4:9, 25) AmaJuda amaningi ayewabheka njengabantu abangabalulekile futhi engafuni ukuwabingelela amaSamariya, kanti amadoda amaningi angamaJuda ayebabhekela phansi abantu besifazane. Kamuva, njengoba enza kowesifazane ongumSamariya, uJesu waphinde wenza abanye besifazane bahlonipheka, ngokubanika ilungelo lokuba ngabokuqala ukubona ukuthi usevusiwe.—Math 28:9, 10
(Johane 10:34) UJesu wawaphendula wathi: “Akulotshiwe yini eMthethweni wenu ukuthi, ‘Ngathi: “Ningonkulunkulu”’?
amaphuzu okucwaninga uJoh 10:34 kuyi-nwtsty-E
eMthethweni wenu: Lokhu kubhekisela kuyo yonke imiBhalo YesiHebheru hhayi nje eMthethweni kaMose. Incaphuno elandelayo la mazwi ithathwe encwadini yeHu 82:6. Igama elithi “uMthetho” lisetshenziswe ngomqondo ofanayo kuJoh 12:34; 15:25.
Ningonkulunkulu: Noma “ninjengonkulunkulu.” Lapha uJesu ucaphuna incwadi yeHu 82:6, lapho igama lesiHebheru elithi ʼelo·himʹ (ningonkulunkulu) lisho amadoda, abahluleli bakwa-Israyeli. ‘Babengonkulunkulu’ ezikhundleni zabo zokuba abameleli nabakhulumeli bakaNkulunkulu. Ngendlela efanayo, uMose watshelwa ukuthi wayezoba “njengoNkulunkulu” ku-Aroni nakuFaro.—Eks 4:16; 7:1.
(Johane 7:38) Lowo okholwa yimi, njengoba nje umBhalo ushilo, ‘Kuyogeleza imifudlana yamanzi aphilayo iphuma ezibilinini zakhe.’”
amaphuzu okucwaninga uJoh 7:38 kuyi-nwtsty-E
Njengoba nje umBhalo ushilo: Lapha akabonakali sengathi uJesu ucaphuna ivesi elithile kodwa umane efakazela imiBhalo efana no-Isa 44:3; 58:11; noZak 14:8. Eminyakeni engaphezu kwemibili edlule, lapho uJesu ekhuluma nowesifazane ongumSamariya ngamanzi aphilayo, wagxila ezinzuzweni zokuthola la manzi. (Joh 4:10, 14) Kodwa kuleli vesi, uJesu ubonisa ukuthi la “manzi aphilayo” ayeyophuma kubalandeli bakhe abanokholo kuye lapho bewapha nabanye. (Joh 7:37-39) ImiBhalo YamaKristu YesiGreki inobufakazi obuningi obubonisa ukuthi ngemva kokuba abalandeli bakaJesu bethole umoya ongcwele kusukela nge Phentekoste lika-33 C.E., bazizwa bebophekile ukuba baphe bonke abathanda ukulalela la manzi anikeza ukuphila.—IzE 5:28; Kol 1:23.
Kuyogeleza imifudlana yamanzi aphilayo: Lapha kungenzeka ukuthi uJesu wayekhuluma ngalokho okwakujwayele ukwenziwa phakathi noMkhosi Wamadokodo. Babejwayele ukukha amanzi echibini LaseSilowama bese ethelwa kanye newayini e-altare ngesikhathi sokwenziwa komnikelo wasekuseni. (Bheka iphuzu lokucwaninga uJoh 7:2; i-Glossary ye-NWT yesiNgisi, ngaphansi kwesithi “Festival of Booths,” nengxenye 19 ye-Nsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu.) Nakuba kungakhulunywa ngale ngxenye yomkhosi emiBhalweni YesiHebheru njengoba yanezelwa kamuva, izazi eziningi zithi lokhu kwakwenziwa izinsuku eziyisikhombisa zomkhosi hhayi ngosuku lwesishiyagalombili. Ngosuku lokuqala lwalo mkhosi okuyisabatha, amanzi ayethelwa umpristi ayekhiwe ngayizolo echibini LaseSilowama alethwa ethempelini. Ngezinsuku ezilandelayo, umpristi wayehamba eyokukha amanzi echibini LaseSilowama ngesitsha segolide. Wayekala isikhathi ukuze angene ethempelini lapho nje abapristi sebezobeka izingxenye zomnikelo phezu kwe-altare. Lapho lo mpristi engena eGcekeni LabaPristi ngeSango Lamanzi, abapristi babememezela ukungena kwakhe ngokushaya amacilongo amathathu. Wayebe esethela lawo manzi esitsheni ageleze aye esisekelweni se-altare ngesikhathi nje lapho kuthelwa iwayini esitsheni esihlukile. Ngemva kwalokho kwakuculwa amaHubo eHallel (IHu 113-118) kushaywa nezinsimbi zomculo zasethempelini kuyilapho zonke izikhonzi ziphakamisela amagatsha esundu ngase-altare. Kungenzeka ukuthi lo mkhosi wawukhumbuza lezo zikhonzi ezazijabule amazwi omprofethi u-Isaya athi: “Nakanjani niyokha amanzi ngokwethaba eziphethwini zensindiso.”—Isaya 12:3