Siza Abanye Bamukele Isigijimi SoMbuso
“U-Agripha wathi kuPawulu: ‘Ngesikhashana nje uzongithonya ukuba ngibe umKristu.’”—IZENZO 26:28.
1, 2. Kwenzeka kanjani ukuba umphostoli uPawulu ayovela phambi koMbusi uFestu neNkosi uHerode Agripha II?
EKHESARIYA ngo-58 C.E., uMbusi uPorkiyu Festu ongumRoma wavakashelwa iNkosi uHerode Agripha II nodadewabo uBernike. Bemenywe nguMbusi uFestu, bafika “ngokubukisa okukhulu bangena egumbini lezilaleli kanye nabakhuzi bamabutho kanye namadoda avelele emzini.” Lapho uFestu ekhipha umyalo, kwalethwa phambi kwabo umphostoli uPawulu ongumKristu. Kwenzeka kanjani ukuba lo mlandeli kaJesu Kristu ame phambi kwesihlalo sokwahlulela soMbusi uFestu?—IzEnzo 25:13-23.
2 Lokho uFestu akutshela izivakashi zakhe kuyawuphendula lowo mbuzo. Wathi: “Nkosi Agripha nani nonke madoda enikhona kanye nathi, nangu lo muntu lonke uquqaba lwamaJuda luhlangene oluye lwafaka isicelo ngaye kimi eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akasakufanele ukuqhubeka ephila. Kodwa ngaqonda ukuthi akenzanga lutho olumenza afanelwe ukufa. Ngakho lapho lo muntu ngokwakhe edlulisela icala kuMhlonishwa, nganquma ukumthumela. Kodwa ngokuphathelene naye anginalutho oluqinisekile engingalulobela iNkosi yami. Ngakho-ke ngimlethe phambi kwenu, futhi ikakhulukazi phambi kwakho, Nkosi Agripha, ukuze kuthi, ngemva kokuba sekwenziwe ukuphenya kokwahlulela, ngithole okuthile engingakuloba. Ngoba kubonakala kungenangqondo kimi ukuthumela isiboshwa kodwa ngingawabonisi amacala aso.”—IzEnzo 25:24-27.
3. Kungani abaholi benkolo bamangalela uPawulu?
3 Amazwi kaFestu abonisa ukuthi uPawulu wayebekwe icala eliqanjiwe lokuvukela umbuso—icala elalinesijeziso sokufa. (IzEnzo 25:11) Kodwa uPawulu wayemsulwa. Wayemangalelwe ngenxa yomona wabaholi benkolo baseJerusalema. Babephikisana nomsebenzi kaPawulu njengommemezeli woMbuso futhi kubacasula kakhulu ukuthi usiza abanye ukuba babe abalandeli bakaJesu Kristu. Ephelezelwa iviyo labaqaphi, uPawulu wasuswa eJerusalema wayiswa ethekwini laseKhesariya, lapho afika khona wadlulisela icala kuKhesari. Wayezosuswa lapho ayiswe eRoma.
4. Imaphi amazwi amangalisayo ashiwo iNkosi u-Agripha?
4 Ake umbone ngeso lengqondo uPawulu esesigodlweni sombusi phambi kweqembu elinanenkosi ebusa ingxenye ebalulekile yoMbuso WaseRoma. INkosi u-Agripha iphendukela kuPawulu ithi: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.” Njengoba uPawulu ekhuluma, kwenzeka isimanga. Lokho akushoyo kuqala ukuyithonya inkosi. Empeleni, iNkosi u-Agripha ithi: “Ngesikhashana nje uzongithonya ukuba ngibe umKristu.”—IzEnzo 26:1-28.
5. Kungani amazwi kaPawulu ku-Agripha aphumelela kangaka?
5 Cabanga nje! Ngenxa yokuziphendulela kukaPawulu ngobuciko, inkosi yathonywa amandla eZwi likaNkulunkulu elihlaba lijule. (Hebheru 4:12) Yini lena eyayiphumelela kangaka emazwini kaPawulu okuziphendulela? Futhi yini esingayifunda kuPawulu engasisiza emsebenzini wethu wokwenza abafundi? Uma sihlaziya amazwi akhe okuziphendulela, kuba nezici ezimbili ezivelele: (1) UPawulu wayekholisa lapho ekhuluma. (2) Wayelusebenzisa ngobuciko ulwazi lwakhe lweZwi likaNkulunkulu, njengengcweti yomsebenzi wezandla isebenzisa ithuluzi ngokuphumelelayo.
Sebenzisa Ikhono Lokukholisa
6, 7. (a) Ngokwendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini, lisho ukuthini igama elithi “ukukholisa”? (b) Ikhono lokukholisa linayiphi indima ekusizeni abanye bamukele imfundiso yeBhayibheli?
6 Encwadini yezEnzo, amagama esiGreki asho ukukholisa asetshenziswe kaningi mayelana noPawulu. Kusho ukuthini lokhu ngokuqondene nomsebenzi wethu wokwenza abafundi?
7 Olimini lokuqala lwemiBhalo YamaKristu YesiGreki, elithi “kholisa” lisho “ukuzuza [umuntu]” noma ukubangela “ushintsho engqondweni [yomuntu] ngokusebenzisa indlela ethile yokucabanga noma izimiso zobuntu,” kusho i-Expository Dictionary of New Testament Words kaVine. Ukuhlola incazelo eyisisekelo kusikhanyisela nakakhulu. Idlulisela umqondo wokwethemba. Ngakho-ke, uma umuntu umkholisile wamukela imfundiso yeBhayibheli, usuke umzuzile wamenza wakwethemba, okumenza abe nokholo lokuthi leyo mfundiso iyiqiniso. Ngokusobala, ukutshela umuntu lokho iBhayibheli elikushoyo akwanele ukuze akukholelwe noma enze okuthile ngakho. Isilaleli sakho kumelwe sigculiseke ukuthi lokho okushoyo kuyiqiniso, kungakhathaliseki ukuthi siyingane, umakhelwane, umuntu osebenza naye, ofunda naye, noma isihlobo.—2 Thimothewu 3:14, 15.
8. Yini ehilelekile ekukholiseni umuntu ngeqiniso elisemiBhalweni?
8 Ungamkholisa kanjani umuntu ukuthi lokho okushoyo okuseZwini likaNkulunkulu kuyiqiniso? Ngokusebenzisa indlela yokucabanga enengqondo, izizathu ezizwakalayo, nokunxusa ngobuqotho, uPawulu wazama ukwenza abantu ayekhuluma nabo bashintshe umqondo.a Ngakho-ke, kunokuba ugcine ngokusho ukuthi okuthile kuyiqiniso, kudingeka unikeze ubufakazi obugculisayo bokusekela okushoyo. Kungenziwa kanjani lokhu? Qiniseka ukuthi okushoyo kusekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu, hhayi embonweni wakho. Futhi, sebenzisa ubufakazi obuseceleni ukuze usekele izinto ozisho ngokusuka enhliziyweni ezisemiBhalweni. (IzAga 16:23) Ngokwesibonelo, uma ukhuluma ngokuthi isintu esilalelayo siyojabulela ukuphila emhlabeni oyipharadesi, kusekele ngomBhalo, njengoLuka 23:43 noma u-Isaya 65:21-25. Ungalisekela kanjani iphuzu lakho elisemiBhalweni? Ungase usebenzise izibonelo zezinto isilaleli sakho esizaziyo. Ungase usikhumbuze ngenjabulo etholakala kalula nengabizi mali yokubuka ubuhle bokushona kwelanga, ukuhogela iphunga elimnandi lembali, ukunambitha isithelo esiconsisa amathe, noma injabulo yokubuka inyoni ifunza amaphuphu ayo. Sisize sibone ukuthi injabulo enjalo iwubufakazi bokuthi uMdali ufuna sikujabulele ukuphila emhlabeni.—UmShumayeli 3:11, 12.
9. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonisana nabantu emsebenzini wethu wokushumayela?
9 Lapho uzama ukukholisa umuntu amukele imfundiso ethile yeBhayibheli, qaphela ukuba intshiseko yakho ingakwenzi ubonakale ungenakulinganisela, bese isilaleli sakho sivala ingqondo nenhliziyo. Incwadi ISikole Senkonzo iyaxwayisa: “Amazwi ayiqiniso nokho ahlabayo nadalula ukuthi inkolelo umuntu ayithandayo ingamanga, awamukeleki kahle ngaso sonke isikhathi, ngisho noma ungawasekela ngohide lwemiBhalo. Ngokwesibonelo, uma uvele nje uthi imikhosi ethandwayo ayilungile ngoba inomsuka wobuqaba, kungase kungayishintshi indlela abanye abantu abazizwa ngayo ngaleyo mikhosi. Ukubonisana nabo ngayo ngokuvamile kuphumelela kangcono.” Kungani kufanele sikukhuthalele ukubonisana nabantu? Le ncwadi ithi: “Indlela eyenza umuntu acabange iyamkhuthaza ukuba axoxe, inikeza abantu okuthile abangacabanga ngakho kamuva, ishiye kuvuleke ithuba lezingxoxo ezengeziwe. Ingaba yithonya elinamandla.”—Kolose 4:6.
Ukukholisa Okushukumisa Inhliziyo
10. UPawulu wayethula kanjani inkulumo yakhe yokuziphendulela ku-Agripha?
10 Manje ake siwahlolisise amazwi kaPawulu okuziphendulela kuzEnzo isahluko 26. Phawula indlela aqala ngayo. Ukuze ethule indaba yakhe, uPawulu wathola isisekelo esifanelekayo sokuncoma u-Agripha, yize le nkosi yayenza ihlazo lokulala nodadewabo uBernike. UPawulu wathi: “Ngokuphathelene nazo zonke izinto amaJuda angimangalela ngazo, Nkosi Agripha, ngiyajabula ngokuthi namuhla kumelwe ngiziphendulele phambi kwakho, ikakhulukazi njengoba uyisazi sawo wonke amasiko nezimpikiswano phakathi kwamaJuda. Ngakho-ke ngiyakuncenga ukuba ungilalele ngesineke.”—IzEnzo 26:2, 3.
11. Amazwi kaPawulu ku-Agripha ayibonisa kanjani inhlonipho, futhi waba yini umphumela?
11 Uphawulile yini ukuthi uPawulu walivuma igunya lika-Agripha ngokumbiza ngesikhundla sakhe, athi Nkosi? Lokho kwabonisa inhlonipho, futhi ngokukhetha kwakhe amagama ngokuhlakanipha, uPawulu wamnika udumo u-Agripha. (1 Petru 2:17) Lo mphostoli wavuma ukuthi u-Agripha uyisazi samasiko nemithetho eyinkimbinkimbi yabantu bakhe abangamaJuda, wathi futhi uyajabula ngokuthi uzoziphendulela phambi kwenkosi enolwazi kangaka. UPawulu, umKristu, akenzanga sengathi uzibona engcono kuno-Agripha, owayengeyena umKristu. (Filipi 2:3) Kunalokho, uPawulu wancenga inkosi ukuba imlalele ngesineke. Kanjalo, uPawulu wakha isimo esasiyokwenza u-Agripha nabanye ababelalele bathambekele kakhudlwana ekukwamukeleni lokho ayesezokusho. Wayebeka isisekelo, okuthile abavumelana ngakho ayezokwakhela kukho amaphuzu akhe.
12. Emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, singazama kanjani ukushukumisa inhliziyo yezilaleli zethu?
12 NjengoPawulu phambi kuka-Agripha, kusukela esethulweni kuya esiphethweni sentshumayelo yethu yesigijimi soMbuso, masizame ukushukumisa inhliziyo. Lokhu singakwenza ngokumbonisa inhlonipho ngobuqotho umuntu esimshumayezayo nangokubonisa isithakazelo esiqotho esizindeni nasekucabangeni kwakhe.—1 Korinte 9:20-23.
Lisebenzise Ngobuciko IZwi LikaNkulunkulu
13. NjengoPawulu, ungazishukumisa kanjani izilaleli zakho?
13 UPawulu wayefisa ukushukumisa izilaleli zakhe ukuba zenze okuthile ngezindaba ezinhle. (1 Thesalonika 1:5-7) Ukuze afeze lokho, wayezama ukufinyelela inhliziyo yazo engokomfanekiso, isizinda sezisusa. Njengoba siphindela emazwini kaPawulu okuziphendulela ku-Agripha, phawula indlela uPawulu ‘aliphatha ngokufanele ngayo izwi likaNkulunkulu’ ngokubhekisela ezintweni ezashiwo uMose nabaprofethi.—2 Thimothewu 2:15.
14. Chaza indlela uPawulu alisebenzisa ngayo ikhono lokukholisa phambi kuka-Agripha.
14 UPawulu wayazi ukuthi u-Agripha ungumJuda ngegama. Esebenzisa ulwazi luka-Agripha lwenkolo yobuJuda, uPawulu wabonisa ukuthi ngalokho akushumayelayo empeleni ‘akasho lutho ngaphandle kwezinto abaProfethi kanye noMose abathi zaziyokwenzeka’ ngokufa nokuvuka kukaMesiya. (IzEnzo 26:22, 23) UPawulu wabuza u-Agripha uqobo: “Ingabe wena, Nkosi Agripha, uyakholelwa kubaProfethi?” U-Agripha wayesenkingeni. Uma ayebaphika abaprofethi, idumela lakhe njengekholwa elingumJuda laliyokonakala. Kodwa uma ayevumelana nendlela kaPawulu yokucabanga, wayezobe uziveza obala njengovumelana nalo mphostoli, azibeke engozini yokubizwa ngomKristu. Ngokuhlakanipha, uPawulu wawuphendula yena umbuzo wakhe, wathi: “Ngiyazi ukuthi uyakholelwa.” Inhliziyo ka-Agripha yamshukumisela ukuba aphendule kanjani? Wathi: “Ngesikhashana nje uzongithonya ukuba ngibe umKristu.” (IzEnzo 26:27, 28) Nakuba u-Agripha engabanga umKristu, kusobala ukuthi ngezinga elithile uPawulu wayithonya inhliziyo yakhe ngesigijimi sakhe.—Hebheru 4:12.
15. UPawulu wakwazi kanjani ukuqala ibandla eThesalonika?
15 Uphawulile yini ukuthi intshumayelo kaPawulu yezindaba ezinhle yayihilela kokubili ukumemezela nokukholisa? Ngenxa yokuthi uPawulu wasebenzisa leyo ndlela lapho ‘ephatha izwi likaNkulunkulu ngokufanele,’ abanye ababemlalela babeyeka ukuba izilaleli nje babe amakholwa. Kwaba njalo eThesalonika, lapho uPawulu athungatha khona amaJuda nabeZizwe abesaba uNkulunkulu esinagogeni. Ukulandisa kwezEnzo 17:2-4 kuthi: “Ngokwenqubo yakhe, uPawulu, waya kubo ngaphakathi, amasabatha amathathu wabonisana nabo ngemiBhalo, echaza futhi ebonisa ngezingcaphuno ukuthi kwakudingekile ukuba uKristu ahlupheke futhi avuke kwabafileyo . . . Ngenxa yalokho abanye kubo baba ngamakholwa.” UPawulu wayenekhono lokukholisa. Wayebonisana nabantu, achaze futhi afakazele ngemiBhalo ukuthi uJesu unguMesiya okwase kukudala athenjiswa. Waba yini umphumela? Kwavulwa ibandla lamakholwa.
16. Ungayithola kanjani injabulo eyengeziwe ekumemezeleni uMbuso?
16 Ungalithuthukisa yini ikhono lakho lokukholisa lapho uchaza iZwi likaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukulithuthukisa, uyothola ukwaneliseka nenjabulo eyengeziwe emsebenzini wakho wokushumayela nokufundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. Yilokho okuye kwenzeka kubamemezeli bezindaba ezinhle abaye bathatha ukusikisela kokuba silisebenzise kakhudlwana iBhayibheli emsebenzini wokushumayela.
17. Ukuze ubonise indlela okuzuzisa ngayo ukusebenzisa iBhayibheli enkonzweni, xoxa okuhlangenwe nakho kwakho noma ufingqe lokhu okukulesi sigaba.
17 Ngokwesibonelo, umbonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova wabhala: “Abazalwane nodade abaningana sebeliphatha ngesandla iBhayibheli lapho beshumayela endlini ngendlu. Lokhu kuye kwasiza abamemezeli bakwazi ukufundela abantu abaningi abahlangana nabo umBhalo eBhayibhelini. Kuye kwasiza kokubili abaninikhaya nabamemezeli ukuba kube iBhayibheli, hhayi nje omagazini nezincwadi, abakuhlobanisa nenkonzo yethu.” Yebo, ukuthi siliphatha libonakale yini iBhayibheli lapho sisemsebenzini wokushumayela kuxhomeke ezicini eziningana, ezihlanganisa namasiko endawo. Noma kunjalo, kufanele sifune ukuba nedumela lokulisebenzisa ngobuciko iZwi likaNkulunkulu ekukholiseni abanye bamukele isigijimi soMbuso.
Yiba Nombono KaNkulunkulu Ngenkonzo
18, 19. (a) UNkulunkulu uyibheka kanjani inkonzo yethu, futhi kungani kufanele sihlakulele umbono wakhe? (b) Yini eyosisiza ukuba siphumelele ekwenzeni izimpindelo? (Bheka ibhokisi elithi “Indlela Yokuphumelela Ekwenzeni Izimpindelo,” ekhasini 16.)
18 Enye indlela yokufinyelela inhliziyo yezilaleli zethu ihilela ukubona inkonzo ngombono kaNkulunkulu nokuba nesineke. Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu “zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Lokho akusona yini isifiso sethu? UJehova unanesineke, futhi isineke sakhe sinikeza abaningi ithuba lokuphenduka. (2 Petru 3:9) Ngakho, lapho sithola umuntu ozimisele ukulalela isigijimi soMbuso, kungase kudingeke simvakashele ngokuphindaphindiwe ukuze sihlakulele leso sithakazelo. Ukubona imbewu yeqiniso ikhula kudinga isikhathi nesineke. (1 Korinte 3:6) Ibhokisi elithi “Indlela Yokuphumelela Ekwenzeni Izimpindelo” linikeza ukusikisela kokukhulisa leso sithakazelo. Khumbula, ukuphila kwabantu—izinkinga nezimo zabo—kushintsha njalo. Kungase kudingeke imizamo eminingi ukuze sibathole besekhaya, kodwa iyafaneleka leyo mizamo. Sifuna ukubanika ithuba lokuzwa isigijimi sikaNkulunkulu sensindiso. Ngakho-ke, thandaza kuJehova uNkulunkulu ucele ukuhlakanipha kokuthuthukisa amakhono akho okukholisa emsebenzini wakho wokusiza abanye bamukele isigijimi soMbuso.
19 Lapho esetholakele umuntu ofisa ukuzwa okwengeziwe ngesigijimi soMbuso, yini enye esingayenza njengezisebenzi ezingamaKristu? Isihloko esilandelayo sinikeza usizo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nekhono lokukholisa, bheka izifundo 48 no-49 encwadini ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Uyakhumbula?
• Yini eyenza inkulumo kaPawulu yokuziphendulela eNkosini u-Agripha yaphumelela?
• Isigijimi sethu singayishukumisa kanjani inhliziyo?
• Yini engasisiza silisebenzise ngokuphumelelayo iZwi likaNkulunkulu ekufinyeleleni inhliziyo?
• Singayibheka kanjani inkonzo ngombono kaNkulunkulu?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 16]
Indlela Yokuphumelela Ekwenzeni Izimpindelo
• Bonisa isithakazelo esiqotho kubantu.
• Khetha isihloko seBhayibheli esikhangayo nixoxe ngaso.
• Njalo veza okuthile enizoxoxa ngakho ekuhambeleni okulandelayo.
• Qhubeka ucabanga ngalowo muntu ngemva kokuba usuhambile.
• Shesha ukuphindela, mhlawumbe ngemva kosuku noma ezimbili, ukuze ulandelele isithakazelo.
• Khumbula ukuthi umgomo wakho uwukuqala isifundo seBhayibheli sasekhaya.
• Thandazela ukuba uJehova akhulise isithakazelo.
[Isithombe ekhasini 15]
UPawulu wasebenzisa ikhono lokukholisa lapho ephambi koMbusi uFestu neNkosi u-Agripha