Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwbr20 Januwari kk. 1-11
  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2020
  • Izihlokwana
  • JANUWARI 6-12
  • w15 6/1 5
  • JANUWARI 13-19
  • w12 9/1 4 ¶2
  • JANUWARI 20-26
  • JANUWARI 27–FEBHUWARI 2
  • Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya
Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2020
mwbr20 Januwari kk. 1-11

Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo

JANUWARI 6-12

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 1-2

“UJehova Udala Izinto Eziphilayo Emhlabeni”

(Genesise 1:3, 4) UNkulunkulu wabe esethi: “Makube khona ukukhanya.” Khona-ke kwaba khona ukukhanya. 4 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.

(Genesise 1:6) UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi futhi kube khona ukuhlukana phakathi kwamanzi namanzi.”

(Genesise 1:9) UNkulunkulu wathi: “Amanzi angaphansi kwamazulu mawaqoqane endaweni eyodwa kuvele umhlabathi owomile.” Kwaba njalo.

(Genesise 1:11) UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawenze ukuba kuhlume phezu komhlaba utshani, izimila eziveza imbewu, imithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, embewu yayo ikuyo.” Kwaba njalo.

it-1-E 527-528

Indalo

NgoSuku Lokuqala lapho uNkulunkulu ethi, “Makube khona ukukhanya,” kusobala ukuthi lokho kukhanya kwasakazeka kwadlulela ngale kwamafu ngisho noma emhlabeni kwakungabonakali ukuthi kuvela kuphi. Kubonakala sengathi lokhu kwenzeka kancane kancane, njengoba umhumushi uJ. W. Watts athi: “Futhi ukukhanya kwaba khona kancane kancane.” (Gen 1:3, ngokwenguqulo ethi A Distinctive Translation of Genesis) UNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama, wabiza ukukhanya ngokuthi iMini kodwa ubumnyama wabubiza ngokuthi uBusuku. Lokhu kubonisa ukuthi umhlaba wawuzungeza ilanga, ukuze ingxenye yomhlaba esempumalanga nesentshonalanga zikwazi ukuthola isikhathi semini nesobusuku.—Gen 1:3, 4.

NgoSuku Lwesibili, uNkulunkulu wenza umkhathi ngokuhlukanisa “phakathi kwamanzi namanzi.” Amanye amanzi asala emhlabeni, kodwa amaningi aphakanyiselwa ngaphezu komhlaba, futhi kwaba nomkhathi phakathi kwawo. UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi iZulu, ngoba wawuphakeme kunomhlaba, kodwa la manzi angaphezu komkhathi akushiwo ukuthi asitha izinkanyezi noma ezinye izinto ezisemazulwini.—Gen 1:6-8; bheka esithi EXPANSE.

NgoSuku Lwesithathu, uNkulunkulu wasebenzisa amandla akhe okwenza izimangaliso, waqoqela ndawonye amanzi ayesemhlabeni, kwabe sekuvela umhlabathi owomile futhi uNkulunkulu wawubiza ngokuthi uMhlaba. Ngalo lolo suku uNkulunkulu waphinde wasebenzisa lawo mandla ukuze enze umhlaba uveze utshani, izimila nemithi yezithelo. Lokhu akumananga kwazenzakalela noma kwavela ngendlela yokuziphendukela kwemvelo. Ngakunye kwalokhu okwakuvela emhlabathini kwakukwazi ukuthela “ngezinhlobo” zako.—Gen 1:9-13.

(Genesise 1:14) UNkulunkulu wathi: “Makube khona izinkanyiso emkhathini wamazulu zihlukanise imini nobusuku; kumelwe zibe izibonakaliso futhi zihlukanise izinkathi nezinsuku neminyaka.

(Genesise 1:20) UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawaswebezele uswebezane lwemiphefumulo ephilayo, kundize izidalwa ezindizayo phezu komhlaba ebusweni bomkhathi wamazulu.”

(Genesise 1:24) UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze imiphefumulo ephilayo ngezinhlobo zayo, izilwane ezifuywayo nezilwane ezihambayo nezilo zasendle zomhlaba ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.

(Genesise 1:27) UNkulunkulu wabe esemdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.

it-1-E 528 ¶5-8

Indalo

Kuyaphawuleka nokuthi kuGenesise 1:16 akusetshenziswanga isenzo sesiHebheru esithi ba·raʼʹ, esisho ukuthi “dala.” Kunalokho kusetshenziswe isenzo sesiHebheru esithi ʽa·sahʹ, esisho ukuthi “yenza.” Njengoba ilanga, inyanga nezinkanyezi kuhlanganisiwe kulokho okuthiwa “amazulu” kuGenesise 1:1, kuyacaca ukuthi uSuku Lwesine lwafika sekukudala kwadalwa. Ngosuku lwesine, uNkulunkulu ‘wenza’ ukuba lezi zinkanyiso zikhanyise umhlaba nomkhathi ophezu kwawo. Lapho kuthiwa, “uNkulunkulu wazibeka emkhathini wamazulu ukuba zikhanyise phezu komhlaba,” kusho ukuthi ngaleso sikhathi zase zizobonakala emhlabeni njengokungathi zisemkhathini. Lezi zinkanyiso zazizophinde “zibe izibonakaliso futhi zihlukanise izinkathi nezinsuku neminyaka,” ngaleyo ndlela ziqondise abantu ngezindlela eziningi.—Gen 1:14.

NgoSuku Lwesihlanu uNkulunkulu waqala ukudala izilwane emhlabeni. Akazange adale isilwane esisodwa ayehlele ukuba kuvele kuso zonke izinhlobo zezilwane kodwa wadala izinhlobo zezilwane. Kuthiwa: “UNkulunkulu wabe esedala izilo ezinkulu zasolwandle nayo yonke imiphefumulo ephilayo ehambahambayo, amanzi aswebezela yona ngokwezinhlobo zayo, nazo zonke izidalwa ezindizayo ezinamaphiko ngezinhlobo zazo.” Ejatshuliswe ayekwenzile, uNkulunkulu wazibusisa futhi empeleni wathi ‘azande,’ okwakuyinto eyayingenzeka ngalezi zilwane ezaziyizinhlobo ezihlukene futhi zikwazi ukuzala “ngezinhlobo zazo.”—Gen 1:20-23.

NgoSuku Lwesithupha “uNkulunkulu wabe esenza izilo zasendle zomhlaba ngezinhlobo zazo nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo nazo zonke izilwane ezihamba emhlabathini ngezinhlobo zazo.” Lo kwakuwumsebenzi omuhle njengayo yonke imisebenzi kaNkulunkulu yokudala ayeyenzile.—Gen 1:24, 25.

Ngasekupheleni kosuku lwesithupha lokudala, uNkulunkulu wadala uhlobo olusha lwesidalwa, esasisezingeni elingaphezu kwelezilwane kodwa lingaphansi kwelezingelosi. Lesi sidalwa saba umuntu odalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ofana naye. Ngokuqondene nabantu, uGenesise 1:27 uvele athi uNkulunkulu “wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.” Nokho, uGenesise 2:7-9 okhuluma ngesenzakalo esifanayo ubonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu wabumba umuntu ngothuli lomhlabathi, wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, umuntu waba ngumphefumulo ophilayo, uJehova ayemlungiselele ikhaya eliyipharadesi nokudla. UJehova wasebenzisa umhlabathi ukuze adale indoda, ngemva kwalokho wadala owesifazane esebenzisa ubambo luka-Adamu. (Gen 2:18-25) Lapho kudalwa owesifazane, indoda yabe isiba nalo “uhlobo” eyayiyingxenye yalo.—Gen 5:1, 2.

Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya

(Genesise 1:1) Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.

w15 6/1 5

Indlela Isayensi Ekuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho

Umhlaba nakho konke okukhona kunesikhathi esingakanani?

Ososayensi balinganisela ukuthi sekudlule iminyaka ecishe ibe ngu-4 000 000 000 umhlaba ukhona nokuthi indalo yonke yaqala ukuvela eminyakeni engaba ngu-13 000 000 000 kuya ku-14 000 000 000 edlule. IBhayibheli alisho ukuthi indalo yonke yadalwa nini. Alisho nakanye ukuthi umhlaba uneminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa ukhona. Ivesi lokuqala leBhayibheli lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) La mazwi asiza ososayensi bakwazi ukuthola ukuthi umhlaba usunesikhathi esingakanani ukhona ngokuvumelana nemithetho yesayensi efanele.

(Genesise 1:26) UNkulunkulu wathi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi, athotshelwe yizinhlanzi zolwandle nayizidalwa ezindizayo zamazulu nayizilwane ezifuywayo nayiwo wonke umhlaba nazo zonke izilwane ezihamba phezu komhlaba.”

it-2-E 52

UJesu Kristu

Akayena uMdali. Ukuba nengxenye kweNdodana lapho kudalwa izinto akuyenzi ibe uMdali njengoYise. Amandla okudala izinto ayevela kuNkulunkulu, esebenzisa umoya wakhe ongcwele noma amandla akhe asebenzayo. (Gen 1:2; IHu 33:6) Ngaphezu kwalokho, njengoba uJehova enguMthombo wokuphila, zonke izinto eziphilayo, ezibonakalayo nezingabonakali, zikhona ngenxa yakhe. (IHu 36:9) Kunokuba ibe uMdali, iNdodana yaba isisebenzi noma ithuluzi elasetshenziswa uJehova, okunguye onguMdali. UJesu ngokwakhe wavuma ukuthi nguNkulunkulu ongumdali njengoba nje yonke imiBhalo ibonisa.—Math 19:4-6; bheka esithi CREATION.

Ukufundwa KweBhayibheli

(Genesise 1:1-19) Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba. 2 Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, kukhona ubumnyama ebusweni botwa lwamanzi; futhi amandla kaNkulunkulu asebenzayo ayehla enyuka ebusweni bamanzi. 3 UNkulunkulu wabe esethi: “Makube khona ukukhanya.” Khona-ke kwaba khona ukukhanya. 4 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. 5 UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi iMini, kodwa ubumnyama wabubiza ngokuthi uBusuku. Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lokuqala. 6 UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi futhi kube khona ukuhlukana phakathi kwamanzi namanzi.” 7 Khona-ke uNkulunkulu wenza umkhathi futhi wahlukanisa amanzi okufanele abe ngaphansi komkhathi namanzi okufanele abe ngaphezu komkhathi. Kwaba njalo. 8 UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi iZulu. Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesibili. 9 UNkulunkulu wathi: “Amanzi angaphansi kwamazulu mawaqoqane endaweni eyodwa kuvele umhlabathi owomile.” Kwaba njalo. 10 UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomile ngokuthi uMhlaba, kodwa amanzi aqoqene ndawonye wawabiza ngokuthi iziLwandle. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 11 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawenze ukuba kuhlume phezu komhlaba utshani, izimila eziveza imbewu, imithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, embewu yayo ikuyo.” Kwaba njalo. 12 Umhlaba waqala ukuveza utshani, izimila eziveza imbewu ngezinhlobo zayo nemithi ethela izithelo, embewu yayo ikuyo ngezinhlobo zayo. Khona-ke uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 13 Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesithathu. 14 UNkulunkulu wathi: “Makube khona izinkanyiso emkhathini wamazulu zihlukanise imini nobusuku; kumelwe zibe izibonakaliso futhi zihlukanise izinkathi nezinsuku neminyaka. 15 Futhi kumelwe zisebenze njengezinkanyiso emkhathini wamazulu zikhanyise phezu komhlaba.” Kwaba njalo. 16 UNkulunkulu wabe esezenza lezi zinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. 17 Kanjalo uNkulunkulu wazibeka emkhathini wamazulu ukuba zikhanyise phezu komhlaba, 18 nokuba zibuse emini nasebusuku futhi zihlukanise ukukhanya nobumnyama. Khona-ke uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 19 Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesine.

JANUWARI 13-19

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 3-5

“Umonakalo Obangelwe Amanga Okuqala”

(Genesise 3:1-5) Inyoka yayiqaphe kunazo zonke izilwane zasendle uJehova uNkulunkulu ayezenzile. Ngakho yathi kowesifazane: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumelwe nidle kuyo yonke imithi yensimu?” 2 Owesifazane wathi enyokeni: “Singazidla izithelo zemithi yensimu. 3 Kodwa ngokuqondene nokudla izithelo zomuthi ophakathi nensimu, uNkulunkulu uthé, ‘Ningadli kuwo, cha, ningawuthinti ukuze ningafi.’” 4 Inyoka yathi kowesifazane: “Ngokuqinisekile ngeke nife. 5 Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.”

w17.02 5 ¶9

Injongo KaJehova Izogcwaliseka!

9 Esebenzisa inyoka, uSathane uDeveli wakhohlisa u-Eva ukuba angamlaleli uYise, uJehova. (Funda uGenesise 3:1-5; IsAm. 12:9) USathane wenza ihaba ngokuthi uNkulunkulu wenqabela abantu ukuba ‘badle kuyo yonke imithi yensimu.’ Kwakufana nokuthi uthi: ‘Nisho ukuthi anikwazi ukwenza into eniyithandayo?’ Ngemva kwalokho, waqamba amanga aluhlaza cwé wathi: “Ngokuqinisekile ngeke nife.” Wabe esezama ukuyenga u-Eva ukuba angamlaleli uNkulunkulu, ethi: “UNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka.” USathane wasikisela ukuthi uJehova wayengafuni badle isithelo ngoba sazizobenza bahlakaniphe. Ngaphezu kwalokho, uSathane wenza isithembiso esingamanga, wathi: “Nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.”

(Genesise 3:6) Ngenxa yalokho, owesifazane wabona ukuthi umuthi wawukufanelekele ukudliwa nokuthi wawungokuthile okulangazelelekayo emehlweni, yebo, umuthi wawubukeka ufiseleka. Ngakho wathatha isithelo sawo wadla. Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wadla.

w00 11/15 25-26

Singafunda Embhangqwaneni Wokuqala Ongabantu

Ingabe isono sika-Eva sasingenakugwenywa? Lutho neze! Zibeke esimweni sakhe. Okwakushiwo yinyoka kwakuhlanekezela ngokuphelele lokho uNkulunkulu no-Adamu ababekushilo. Ubungazizwa kanjani uma umuntu ongamazi ethi umuntu omthandayo nomethembayo akathembekile? U-Eva kwakufanele asabele ngokuhlukile, anengeke futhi acasuke, enqabe ngisho nokulalela. Yayingubani yona le nyoka ukuba ingabaze ukulunga kukaNkulunkulu futhi iphikise izwi lomyeni wakhe? U-Eva kwakufanele afune ukucetshiswa ngaphambi kokwenza isinqumo, ahloniphe isimiso sobunhloko. Nathi kufanele senze kanjalo uma singase sinikezwe ukwaziswa okuphambene neziyalezo ezivela kuNkulunkulu. Nokho, u-Eva wathemba amazwi oMlingi, efisa ukuzinqumela yena okulungile nokungalungile. Lapho ecabanga ngokwengeziwe ngalo mqondo, wamkhanga ngokwengeziwe. Yeka iphutha alenza ngokufukamela isifiso esingafanele, kunokuba asisuse engqondweni noma axoxe ngendaba nenhloko yomkhaya wakhe!—1 Korinte 11:3; Jakobe 1:14, 15.

U-Adamu Ulalela Izwi Lomkakhe

Ngokushesha u-Eva wayengela u-Adamu ekubeni azibandakanye naye esonweni. Kwenzeka kanjani ukuba avele avume kalula? (Genesise 3:6, 17) U-Adamu kwadingeka akhethe ukuthi wayezothembeka kubani. Ingabe wayeyolalela uMdali wakhe, owayemnike konke, kuhlanganise nomkakhe ayemthanda, u-Eva? Ingabe u-Adamu wayeyofuna isiqondiso sikaNkulunkulu mayelana nalokho okwakufanele akwenze manje? Noma ingabe le ndoda yayizokhetha ukuzibandakanya nomkayo? U-Adamu wayazi kahle ukuthi umkakhe wayengeke akuthole lokho ayenethemba lokukuthola ngokudla isithelo esenqatshelwe. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “U-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane wakhohliswa ngokuphelele wayeseqa umthetho.” (1 Thimothewu 2:14) Ngakho u-Adamu wakhetha ukudelela uJehova ngamabomu. Ngokusobala ukwesaba ukuhlukana nomkakhe kwakungaphezu kokholo lwakhe ekutheni uNkulunkulu wayengasilungisa leso simo.

(Genesise 3:15-19) Futhi ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” 16 Kowesifazane wathi: “Ngizobandisa kakhulu ubuhlungu bokukhulelwa kwakho; uyozala abantwana ngemihelo, futhi uzonxanela umyeni wakho, yena uzokubusa.” 17 Ku-Adamu wathi: “Ngenxa yokuthi ulalelé izwi lomkakho wadla emthini engakuyala ngawo ngathi, ‘Ungadli kuwo,’ uqalekisiwe umhlabathi ngenxa yakho. Uzodla umkhiqizo wawo ngobuhlungu zonke izinsuku zokuphila kwakho. 18 Uzokuvezela ameva namakhakhasi, futhi uzodla izimila zasendle. 19 Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.”

w12 9/1 4 ¶2

Ingabe UNkulunkulu Uyabakhathalela Ngempela Abesifazane?

Ingabe abesifazane baqalekiswe uNkulunkulu?

Cha. Kunalokho, ‘yinyoka yokuqala, leyo ebizwa ngokuthi uDeveli,’ ‘eyaqalekiswa’ uNkulunkulu. (IsAmbulo 12:9; Genesise 3:14) Lapho uNkulunkulu etshela u-Adamu ukuthi ‘uyobusa’ umkakhe, wayengagunyazi indoda ukuba ibe ingqongqo phezu kowesifazane. (Genesise 3:16) Wayemane ebikezela umphumela odabukisayo wesono kulaba bantu ababili bokuqala.

w04 1/1 29 ¶2

Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—I

3:17—Umhlabathi waqalekiswa kanjani, futhi isikhathi esingakanani? Ukuqalekiswa komhlabathi kwenza kwaba nzima kakhulu ukuwulima. Imiphumela yomhlabathi oqalekisiwe, onameva namakhakhasi, yezwakala kakhulu ozalweni luka-Adamu kangangokuthi uyise kaNowa, uLameka, wakhuluma ‘ngobuhlungu bezandla zethu ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisile.’ (Genesise 5:29) Ngemva kukaZamcolo, uJehova wambusisa uNowa namadodana akhe, wabatshela injongo yakhe yokuba bagcwalise umhlaba. (Genesise 9:1) Ngokusobala isiqalekiso sikaNkulunkulu emhlabathini sasuswa.—Genesise 13:10.

it-2-E 186

Imihelo Yokubeletha

Ubuhlungu bokubeletha. Ngemva kokona kowesifazane wokuqala, u-Eva, uNkulunkulu wamtshela ukuthi kwakuzoba njani lapho ebeletha. Ukube walalela, uNkulunkulu wayeyombusisa futhi ukubeletha kwakuyoba injabulo yodwa, angabi nabo ubuhlungu ngoba “isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.” (IzA 10:22) Kodwa manje, siyazi ukuthi imizimba yethu enesono yiyo eyenza sizwe ubuhlungu. Yingakho uNkulunkulu athi (njengoba ngokuvamile izinto azivumelayo kuthiwa zenziwa nguye): “Ngizobandisa kakhulu ubuhlungu bokukhulelwa kwakho; uyozala abantwana ngemihelo.”—Gen 3:16.

Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya

(Genesise 4:23, 24) Ngenxa yalokho uLameka wabaqambela la mazwi omkakhe u-Ada noZila: “Yizwani izwi lami, nina bafazi bakaLameka; Bekani indlebe emazwini ami: Ngibulele umuntu ngoba engilimazile, Yebo, insizwa ngoba ingigalele. 24 Uma uKhayini kumelwe aphindiselelwe kasikhombisa, Khona-ke uLameka izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa neziyisikhombisa.”

it-2-E 192 ¶5

ULameka

Inkondlo uLameka ayiqambela omkakhe (Gen 4:23, 24) ibonisa ukuthi abantu bangaleso sikhathi babenobudlova. Ithi: “Yizwani izwi lami, nina bafazi bakaLameka; bekani indlebe emazwini ami: Ngibulele umuntu ngoba engilimazile, yebo, insizwa ngoba ingigalele. Uma uKhayini kumelwe aphindiselelwe kasikhombisa, khona-ke uLameka izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa neziyisikhombisa.” Kusobala ukuthi uLameka wayezivikela, ethi akabulalanga ngamabomu njengoKhayini. ULameka wathi wayezivikela lapho ebulala umuntu owayemshaye wamlimaza. Ngakho, kule nkondlo wayenxusa noma ubani owayefuna ukuphindisela ukuthi angambulali njengoba ayebulale umuntu owayemhlasele.

(Genesise 4:26) Futhi uSeti wazalelwa indodana wayiqamba ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi kwaqalwa ukuba kubizwe igama likaJehova.

it-1-E 338 ¶2

Ukuhlambalaza

‘Ukubizwa kwegama likaJehova’ okwaqala ngesikhathi sikaEnoshe ngaphambi kukaZamcolo kumelwe ukuba kwakungekhona okwenziwa ngendlela efanele, ngoba akungabazeki ukuthi kwase kukudala u-Abela ebiza igama likaJehova lapho ethandaza. (Gen 4:26; Heb 11:4) Njengoba nje izazi ezithile zisho, uma lokhu kubizwa kwegama likaNkulunkulu kwakuwukulisebenzisa kabi nokwetha ngalo abantu noma izithombe, lokhu kusho ukuthi babelihlambalaza.—Bheka esithi ENOSH, ENOS.

Ukufundwa KweBhayibheli

(Genesise 4:17–5:8) Kamuva uKhayini walala nomkakhe, wakhulelwa wazala u-Enoke. Khona-ke wakha umuzi wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enoke. 18 Kamuva u-Enoke wazalelwa u-Irade. U-Irade wazala uMehujayeli, uMehujayeli wazala uMethushayeli, uMethushayeli wazala uLameka. 19 ULameka wabe esezithathela abafazi ababili. Igama lowokuqala kwakungu-Ada, igama lowesibili kunguZila. 20 Ngemva kwesikhathi u-Ada wazala uJabale. Waba nguyise walabo abahlala ematendeni futhi abanemfuyo. 21 Igama lomfowabo kwakunguJubali. Yena waba nguyise wabo bonke abaphatha ihabhu negemfe. 22 UZila naye wazala uThubali-Khayini, umkhandi wazo zonke izinhlobo zamathuluzi ethusi nawensimbi. Udadewabo kaThubali-Khayini kwakunguNahama. 23 Ngenxa yalokho uLameka wabaqambela la mazwi omkakhe u-Ada noZila: “Yizwani izwi lami, nina bafazi bakaLameka; Bekani indlebe emazwini ami: Ngibulele umuntu ngoba engilimazile, Yebo, insizwa ngoba ingigalele. 24 Uma uKhayini kumelwe aphindiselelwe kasikhombisa, Khona-ke uLameka izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa neziyisikhombisa.” 25 U-Adamu waphinda walala nomkakhe wazala indodana wayiqamba ngokuthi uSeti, ngoba, njengoba umkakhe asho: “UNkulunkulu ungimisele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, ngoba uKhayini umbulele.” 26 Futhi uSeti wazalelwa indodana wayiqamba ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi kwaqalwa ukuba kubizwe igama likaJehova.

5 Lena yincwadi yomlando ka-Adamu. Mhla uNkulunkulu edala u-Adamu wamenza wafana noNkulunkulu. 2 Wabadala kwaba owesilisa nowesifazane. Ngemva kwalokho wababusisa futhi wabaqamba ngokuthi aBantu ngosuku lokudalwa kwabo. 3 U-Adamu waphila iminyaka eyikhulu namashumi amathathu. Wabe esezala indodana efana naye, ewumfanekiso wakhe, wayiqamba ngokuthi uSeti. 4 Izinsuku zika-Adamu ngemva kokuzala uSeti zaba amakhulu ayisishiyagalombili. Phakathi naleso sikhathi wazala amadodana namadodakazi. 5 Ngakho zizonke izinsuku zika-Adamu aziphila zaba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu, wayesefa. 6 USeti waphila iminyaka eyikhulu nanhlanu. Wabe esezala u-Enoshe. 7 Ngemva kokuzala u-Enoshe, uSeti waphila iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa. Phakathi naleso sikhathi wazala amadodana namadodakazi. 8 Ngakho zizonke izinsuku zikaSeti zaba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili, wayesefa.

JANUWARI 20-26

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 6-8

“Wenza Kanjalo Nje”

(Genesise 6:9) Lona ngumlando kaNowa. UNowa wayeyindoda elungile. Akabanga naphutha phakathi kwabantu besikhathi sakhe. UNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso.

(Genesise 6:13) Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama sekufikile phambi kwami, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo; futhi bheka ngiyayichitha kanye nomhlaba.

w18.02 4 ¶4

Lingisa Ukholo Nokulalela KukaNowa, UDaniyeli NoJobe

4 Izinselele uNowa abhekana nazo. Ngesikhathi kuphila ukhokho kaNowa u-Enoke, abantu babengamhloniphi uNkulunkulu. Empeleni babesho ‘izinto ezishaqisayo’ ngoJehova. (Jude 14, 15) Udlame lwaluqhubeka lwanda. Ngosuku lukaNowa, “umhlaba wagcwala ubudlova.” Izingelosi ezihlubukile zazenza abantu, zazithathela amakhosikazi futhi zaba nezingane eziyimidondoshiya enodlame. (Gen. 6:2-4, 11, 12) UNowa wayehlukile. “Wathola umusa emehlweni kaJehova. .  . . Akabanga naphutha phakathi kwabantu besikhathi sakhe. UNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso.”—Gen. 6:8, 9.

(Genesise 6:14-16) Zenzele umkhumbi ngokhuni lomuthi okhipha inhlaka. Uzokwenza amagumbi emkhunjini, futhi kumelwe uwuhuqe ngetiyela ngaphakathi nangaphandle. 15 Nansi indlela ozowenza ngayo: izingalo ezingamakhulu amathathu ubude bomkhumbi, izingalo ezingamashumi amahlanu ububanzi bawo, nezingalo ezingamashumi amathathu ukuphakama kwawo. 16 Uzokwenza i-tsohari [uphahla; noma, ifasitela] yomkhumbi, futhi uzowuqeda kusale ingalo phezulu, umnyango womkhumbi uwubeke ohlangothini lwawo; uzowenza ube nesitezi sangaphansi, isitezi sesibili, nesitezi sesithathu.

w13 4/1 14 ¶1

“Wahamba NoNkulunkulu Weqiniso”

Lo msebenzi wathatha amashumi eminyaka, mhlawumbe iminyaka engu-40 kuya kwengu-50. Kwakudingeka bagawule izingodo, bazidonse baziyise esakhiweni, bazigwede futhi bazihlanganise. Lo mkhumbi kwakufanele ube nezitezi ezintathu, ube namakamelo amaningana nomnyango ohlangothini. Kusobala ukuthi wawunamafasitela phezulu, futhi uphahla lwawo luphakeme maphakathi ukuze amanzi angami.—Genesise 6:14-16.

(Genesise 6:22) UNowa wenza njengakho konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje.

w11 9/15 18 ¶13

Wugijime Ngokukhuthazela Umncintiswano

13 Yini eyenza lezo zinceku zikaJehova ukuba zikhuthazele futhi ziphumelele emncintiswaneni? Phawula lokho uPawulu akuloba ngoNowa. (Funda amaHebheru 11:7.) “Uzamcolo wamanzi phezu komhlaba [owawuzochitha] yonke inyama” wawuyinto uNowa ayengakaze ‘ayibone.’ (Gen. 6:17) Wawungakaze ube khona ngaphambili, uyinto eyayizobe iqatshukwa. Noma kunjalo, uNowa akazange awubheke njengento engenakwenzeka noma ngisho engacabangeki. Ngani? Ngoba wayenokholo lokuthi noma yini uJehova ayishilo, wayeyoyenza. UNowa akazange abe nomuzwa wokuthi wayecelwa ukuba enze into engaphezu kwamandla akhe. Kunalokho, “wenza kanjalo nje.” (Gen. 6:22) Uma sicabanga ngakho konke lokho uNowa okwakudingeka akwenze—ukwakha umkhumbi, ukubutha izilwane, ukufaka ukudla kwabantu nokwezilwane emkhunjini, ukushumayela isigijimi sesixwayiso nokugcina umkhaya wakhe uqinile ngokomoya—siyobona ukuthi kwakungeyona neze into elula ‘ukwenza kanjalo nje.’ Nokho, ukholo lukaNowa nokukhuthazela kwakhe kwaholela ekuphileni nasezibusisweni abazithola yena nomkhaya wakhe.

Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya

(Genesise 7:2) Kuzo zonke izilwane ezihlanzekile kumelwe uthathe ngasikhombisa uzilethe kuwe, iduna nomngane walo; futhi kuzo zonke izilwane ezingahlanzekile uthathe ngazimbili kuphela, iduna nomngane walo;

w04 1/1 29 ¶7

Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—I

7:2—Yini eyasetshenziswa njengesisekelo sokuhlukanisa phakathi kwezilwane ezihlanzekile nezingahlanzekile? Ngokusobala izilwane zahlukaniswa ngokuthi iziphi ezifanelekela ukusetshenziswa emihlatshelweni yokukhulekela, hhayi ukuthi isiphi esifanelekela ukudliwa nesingakufanelekeli. Ngaphambi kukaZamcolo abantu babengayidli inyama. Amagama athi ‘okuhlanzekile’ ‘nokungcolile’ ekudleni aba khona lapho kuba khona uMthetho KaMose, futhi aphela lapho uyekwa. (IzEnzo 10:9-16; Efesu 2:15) Ngokusobala, uNowa wayazi ukuthi yini ekufanelekelayo ukwenziwa umhlatshelo wokukhulekela uJehova. Ngemva nje kokuba ephumile emkhunjini, “wakhela uJehova i-altare futhi wathatha kuzo zonke izilwane ezihlanzekile nakuzo zonke izidalwa ezindizayo ezihlanzekile wanikela umnikelo wokushiswa phezu kwe-altare.”—Genesise 8:20.

(Genesise 7:11) Ngonyaka wamakhulu ayisithupha wokuphila kukaNowa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalolu suku zonke iziphethu zotwa olukhulu lwamanzi zabhoboka namasango ezikhukhula amazulu avuleka.

w04 1/1 30 ¶1

Amaphuzu Avelele Encwadi KaGenesise—I

7:11—Amanzi abangela uZamcolo wembulunga yonke avelaphi? Phakathi nenkathi yesibili, noma “usuku” lwesibili lokudala, okwakhiwa ngalo “umkhathi” womhlaba, kwakunamanzi “ngaphansi komkhathi” namanzi “ngaphezu komkhathi.” (Genesise 1:6, 7) Amanzi ‘angaphansi’ kwakuyilawo ayesesemhlabeni kakade. Amanzi ‘ayengaphezulu’ kwakuwumswakama omningi owawusemoyeni ngaphezu komhlaba, wakha ‘utwa olukhulu lwamanzi.’ Lawo manzi ehlela emhlabeni ngosuku lukaNowa.

Ukufundwa KweBhayibheli

(Genesise 6:1-16) Manje kwathi lapho abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba futhi bezalelwa amadodakazi, 2 khona-ke amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka; ayesezithathela abafazi, okungukuthi, wonke lawo ayewakhetha. 3 Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Umoya wami ngeke usebenze njalo kumuntu lokhu futhi eyinyama. Ngakho izinsuku zakhe zizoba iminyaka eyikhulu namashumi amabili.” 4 Kwakukhona amaNefili emhlabeni ngalezo zinsuku, nakamuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu weqiniso eqhubeka elala namadodakazi abantu futhi ewazalela amadodana, ayengabantu abanamandla bakudala, amadoda odumo. 5 Ngenxa yalokho uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi. 6 UJehova wadabuka ngokuthi wayebenzile abantu emhlabeni, futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe. 7 Ngakho uJehova wathi: “Ngizobaqeda nyá ebusweni bomhlaba abantu engibadalile, kusukela kumuntu kuya esilwaneni esifuywayo, kuya esilwaneni esihambayo nasesidalweni esindizayo samazulu, ngoba ngiyadabuka ngokuthi ngibenzile.” 8 Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni kaJehova. 9 Lona ngumlando kaNowa. UNowa wayeyindoda elungile. Akabanga naphutha phakathi kwabantu besikhathi sakhe. UNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso. 10 Ngemva kwesikhathi, uNowa wazala amadodana amathathu, uShemi, uHamu noJafete. 11 Umhlaba wonakala emehlweni kaNkulunkulu weqiniso futhi umhlaba wagcwala ubudlova. 12 Ngakho uNkulunkulu wawubona umhlaba, futhi bheka! wawonakele, ngoba yonke inyama yayiyonakalisile indlela yayo phezu komhlaba. 13 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama sekufikile phambi kwami, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo; futhi bheka ngiyayichitha kanye nomhlaba. 14 Zenzele umkhumbi ngokhuni lomuthi okhipha inhlaka. Uzokwenza amagumbi emkhunjini, futhi kumelwe uwuhuqe ngetiyela ngaphakathi nangaphandle. 15 Nansi indlela ozowenza ngayo: izingalo ezingamakhulu amathathu ubude bomkhumbi, izingalo ezingamashumi amahlanu ububanzi bawo, nezingalo ezingamashumi amathathu ukuphakama kwawo. 16 Uzokwenza i-tsohari [uphahla; noma, ifasitela] yomkhumbi, futhi uzowuqeda kusale ingalo phezulu, umnyango womkhumbi uwubeke ohlangothini lwawo; uzowenza ube nesitezi sangaphansi, isitezi sesibili, nesitezi sesithathu.

JANUWARI 27–FEBHUWARI 2

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 9-11

“Umhlaba Wonke Waqhubeka Unolimi Olulodwa”

(Genesise 11:1-4) Manje umhlaba wonke waqhubeka unolimi olulodwa neqoqo elilodwa lamagama. 2 Kwathi ekuhambeni kwabo beya ngasempumalanga bagcina bethole ithafa elisesigodini ezweni laseShinari, bahlala khona. 3 Baqala ukuthi omunye komunye: “Wozani! Masenzeni izitini sizigagade ngokuzishisa.” Ngakho isitini saba itshe labo, kodwa ibitume laba udaka lwabo. 4 Base bethi: “Wozani! Masizakheleni umuzi kanye nombhoshongo onesiqongo esisemazulwini, sizenzele igama lodumo, funa sihlakazeke phezu kwawo wonke umhlaba.”

it-1-E 239

IBhabhiloni Elikhulu

Isimo SeBhabhiloni Lasendulo. Idolobha laseBhabhiloni eliseThafeni laseShinari lakhiwa ngesikhathi okwaqalwa ngaso ukwakhiwa koMbhoshongo waseBhabhele. (Gen 11:2-9) Kuvame ukuthiwa injongo eyinhloko yokwakha umbhoshongo kanye naleli dolobha kwakuwukuba abakhi ‘bazenzele igama lodumo’ hhayi ukudumisa igama likaNkulunkulu. Izakhiwo zenkolo ezatholakala emanxiweni aseBhabhilona lasendulo naseMesaphothamiya kubonakala kufakazela ukuthi le mibhoshongo yayakhiwe ngendlela okwakhiwa ngayo izakhiwo zenkolo. Isinyathelo esiwujuqu esathathwa uJehova uNkulunkulu ukuze amise ukwakhiwa kwaleli thempeli senza kucace ukuthi wayelibheka njengelenkolo yamanga. Nakuba igama lesiHebheru okwethiwa ngalo leli dolobha laseBhabhele lisho “ukuphithana,” igama lesiSumer elithi Ka-dingir-ra nelesi-Akkad elithi Bab-ilu womabili asho “Isango LikaNkulunkulu.” Nakuba abantu abasala kuleli dolobha balishintsha igama lalo ukuze kungaveli ukuthi lalahlwa uNkulunkulu, igama elisha abaletha lona lisabonisa ukuthi leli dolobha lingelenkolo.

it-2-E 202 ¶2

Ulimi

Incwadi kaGenesise ichaza kunabantu bangemva kukaZamcolo abahlangana ukuze benze umsebenzi owawuphikisana nalokho uNkulunkulu ayala uNowa namadodana akhe ukuba bakwenze. (Gen 9:1) Kunokuba basakazeke ‘bagcwalise umhlaba,’ banquma ukuhlala endaweni eyodwa eyagcina yaziwa ngokuthi iThafa laseShinari, eMesophothamiya. Kusobala ukuthi le ndawo yayizoba isikhungo senkolo esinesakhiwo senkolo esiwumbhoshongo.—Gen 11:2-4.

(Genesise 11:6-8) Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Bheka! Bayisizwe esisodwa futhi bonke banolimi olulodwa, futhi yilokhu asebeqala ukukwenza. Phela, manje akukho lutho abangacabanga ukulwenza abangenakulufinyelela. 7 Wozani! Masehle siphithanise ulimi lwabo ukuze bangaluzwa ulimi lomunye nomunye.” 8 Ngakho ukusuka lapho uJehova wabahlakazela phezu kwawo wonke umhlaba, kancane kancane bayeka ukuwakha lowo muzi.

it-2-E 202 ¶3

Ulimi

UNkulunkulu uMninimandla Onke wawuphazamisa lo msebenzi wabo wokugabadela ngokwenza bangabi nobunye ngokusanganisa ulimi ababelukhuluma. Lokhu kwenza bangabe besakwazi ukubambisana kulowo msebenzi, babe sebesakazekela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ukusanganiswa kolimi kwakuzophazamisa noma kubambezele neminye imisebenzi yokuvukela nephikisana noNkulunkulu ababezoyenza ngesikhathi esizayo. Babengeke besakwazi ukuhlanganisa ulwazi namandla abo ukuze bavukele uNkulunkulu, futhi lezo zinhlanga ezihlukahlukene ezazakhekile zazingeke zisakwazi ukucobelelana ulwazi—hhayi ulwazi eziluthole kuNkulunkulu kodwa eziluthole ngokwenza izinto ngokuphindaphindiwe nokucwaninga. (Qhathanisa nomShumayeli 7:29; Dut 32:5.) Khona-ke, nakuba ukusanganiswa kolimi kwenza abantu bahlukana kakhulu, kwasiza ekwenzeni bangayifinyeleli kalula imigomo yabo eyingozi nelimazayo. (Gen 11:5-9; qhathanisa no-Isaya 8:9, 10.) Izakhiwo ezithile zosuku lwethu zibonisa indlela abantu abaqongelela ngayo ulwazi nendlela abalusebenzisa kabi ngayo. Lokhu kwenza sikubone lokho uNkulunkulu akubona kusengaphambili ukuthi kuzokwenzeka uma umsebenzi owawenziwa eBhabhele ubunganqandiwe.

(Genesise 11:9) Yingakho igama lawo kwathiwa yiBhabhele, ngenxa yokuthi uJehova wayeluphithanise khona ulimi lomhlaba wonke, futhi uJehova wabahlakaza basuka lapho baya kuwo wonke umhlaba.

it-2-E 472

Izizwe

Lapho abantu bengasezwani, iqembu lolimi ngalunye lazakhela elalo isiko, inkambiso, indlela yokwenza izinto nenkolo—ngalinye laba nendlela yalo yokwenza izinto. (Lev 18:3) Lawo maqembu ezilimi ezihlukahlukene ayesehlukanisiwe noNkulunkulu aba nonkulunkulu abaningi bamanga.—Dut 12:30; 2Kho 17:29, 33.

Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya

(Genesise 9:20-22) Manje uNowa waqala ngokuba ngumlimi wayesetshala isivini. 21 Futhi waqala ukuphuza iwayini wadakwa, ngakho waba nqunu engaphakathi etendeni lakhe. 22 Kamuva uHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise watshela abafowabo ababili ngaphandle.

(Genesise 9:24, 25) Ekugcineni uNowa waphaphama ewayinini lakhe futhi wazi ngalokho indodana yakhe encane eyayikwenzile kuye. 25 Khona-ke wathi: “Makaqalekiswe uKhanani. Makabe isigqila sabafowabo esiphansi kunazo zonke.”

it-1-E 1023 ¶4

UHamu

Kungenzeka ukuthi uKhanani nguye owabona ubunqunu bukaNowa watshela abanye futhi uyise uHamu akamkhuzanga ngalokho. Noma kungenzeka ukuthi uNowa waprofetha ngalokhu lapho ebona kusengaphambili ukuthi isimo esingesihle sikaHamu esase sibonakala nasendodaneni yakhe uKhanani, sasizodlulela nasenzalweni yakhe. Leso siqalekiso sagcwaliseka ngokwengxenye lapho ama-Israyeli angamaSemite enqoba amaKhanani. Abangabulawanga (ngokwesibonelo, abaseGibheyoni [Josh 9]) benziwa izigqila kwa-Israyeli. Ngemva kwamakhulu eminyaka, leso siqalekiso saqhubeka sigcwaliseka lapho le nzalo yendodana kaHamu, enguKhanani, ibuswa amaMede namaPheresiya, okuyiGrisi neRoma, imibuso yezwe evela kuJafete.

(Genesise 10:9, 10) Waba yiphisi elinamandla ngokumelene noJehova. Yingakho kukhona isisho esithi: “NjengoNimrode iphisi elinamandla ngokumelene noJehova.” 10 Ukuqala kombuso wakhe kwaba seBhabhele nase-Erekhi nase-Akade naseKhaline, ezweni laseShinari.

it-2-E 503

UNimrode

Ekuqaleni, umbuso kaNimrode wawuhlanganisa amadolobha ayesezweni laseShinari okwakuyiBhabhele, i-Erekhi, i-Akade neKhaline. (Gen 10:10) Ngakho-ke, kungenzeka ukuthi nguNimrode owayeqondisa umsebenzi wokwakhiwa kweBhabhele nombhoshongo walo. AmaJuda nawo acabanga kanjalo. UJosephus uthi: “Kancane kancane [uNimrode] washintsha izinto waze wagcina esengumashiqela, ekholelwa ukuthi ukuphela kwendlela angenza ngayo ukuba abantu bangamhloniphi uNkulunkulu ukubenza baqhubeke bethembela kuye. Wayesongela ngokuthi wayezoziphindiselela kuNkulunkulu uma uNkulunkulu ephinde eletha uzamcolo emhlabeni; wayezokwakha umbhoshongo amanzi ayengeke afinyelele kuwo bese eziphindiselela ngokubulawa koyisemkhulu bakhe. Abantu babemagange ukulalela iseluleko [sikaNimrod], bekubheka njengobugqila ukuzithoba kuNkulunkulu; babe sebeqala ukwakha umbhoshongo . . . futhi wakhuphuka ngesivinini esasingalindelekile.”—Jewish Antiquities, I, 114, 115 (iv, 2, 3).

Ukufundwa KweBhayibheli

(Genesise 10:6-32) Amadodana kaHamu kwakunguKushe noMizrayimi noPhuthi noKhanani. 7 Amadodana kaKushe kwakunguSeba noHavila noSabhitha noRahama noSabhitheka. Amadodana kaRahama kwakunguSheba noDedani. 8 UKushe wazala uNimrode. Yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 9 Waba yiphisi elinamandla ngokumelene noJehova. Yingakho kukhona isisho esithi: “NjengoNimrode iphisi elinamandla ngokumelene noJehova.” 10 Ukuqala kombuso wakhe kwaba seBhabhele nase-Erekhi nase-Akade naseKhaline, ezweni laseShinari. 11 Ukusuka kulelo zwe waya e-Asiriya, wazimisela ukwakha iNineve neRehobhoti-Iri neKhala 12 neResene phakathi kweNineve neKhala: lo ngumuzi omkhulu. 13 UMizrayimi wazala uLudimi no-Anamimi noLehabhimi noNafithuhimi 14 noPhathirusimi noKhasiluhimi (okwavela kuye amaFilisti) noKhafitorimi. 15 UKhanani wazala uSidoni izibulo lakhe noHeti 16 nomJebusi nomAmori nomGirigashi 17 nomHivi nomArike nomSini 18 nomArivadi nomZemari nomHamati; kamuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka. 19 Kanjalo umngcele wamaKhanani wawuqala eSidoni uze uyofika eGerari, eduze kwaseGaza, ufika naseSodoma naseGomora nase-Adima naseZebhoyimi, eduze kwaseLasha. 20 Lawa kwakungamadodana kaHamu ngokwemindeni yawo, ngokwezilimi zawo, emazweni awo, ngokwezizwe zawo. 21 UShemi, ukhokho wawo wonke amadodana ka-Ebhere, umfowabo kaJafete omdala, naye wazalelwa inzalo. 22 Amadodana kaShemi kwakungu-Elamu no-Ashuri no-Arpakishade noLude no-Aramu. 23 Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uze noHule noGeteri noMashe. 24 U-Arpakishade wazala uShela, uShela wazala u-Ebhere. 25 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Igama lenye kwakunguPhelege, ngoba ezinsukwini zayo kwahlukaniswa umhlaba; igama lomfowabo kunguJokithani. 26 UJokithani wazala u-Alimodade noShelefi noHazarimaveti noJera 27 noHadoramu no-Uzali noDikila 28 no-Obhali no-Abhimayeli noSheba 29 no-Ofiri noHavila noJobabi; bonke laba babengamadodana kaJokithani. 30 Indawo yabo yokuhlala yayiqala eMesha ize ifike eSefari, isifunda sezintaba saseMpumalanga. 31 Lawa ngamadodana kaShemi ngokwemindeni yawo, ngokwezilimi zawo, emazweni awo, ngokwezizwe zawo. 32 Le kwakuyimindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwemindeni yawo, ngokwezizwe zawo, futhi izizwe zasakazeka emhlabeni zisukela kule mikhaya ngemva kukazamcolo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela