AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 4-5
“Ngizoba Nomlomo Wakho”
Esizwa uJehova, uMose wakwazi ukunqoba ukwesaba. Yini esingayifunda kuJehova kulokho akutshela uMose?
Kufanele sigweme ukugxila kulokho esingeke sikwazi ukukwenza
Singaqiniseka ukuthi uJehova uyosinika noma yini esiyidingayo ukuze sifeze izabelo zethu
Ukuba nokholo kuJehova kuyikhambi lokwesaba abantu
UJehova uye wangisiza kanjani ukuba ngibhekane nezinkinga ensimini?