Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 7/1 k. 7
  • Lokho UNkulunkulu Azokwenza Ngobubi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho UNkulunkulu Azokwenza Ngobubi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinto Ezimbi Zehlela Abantu Abalungile—Kungani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ukuphela Kokuhlupheka Kuseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 7/1 k. 7
Umhlaba oyipharadesi ongenakho ukuhlupheka, onabantu abajabule kuphela futhi imindeni iyahlangana ngemva kovuko

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI IZINTO EZIMBI ZEHLELA ABANTU ABALUNGILE?

Lokho UNkulunkulu Azokwenza Ngobubi

IBhayibheli lisitshela ngokucacile lokho uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu, abazokwenza ngokuhlupheka okubangelwa uSathane uDeveli. IBhayibheli lithi: “INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngenxa yale njongo, okungukuthi, ukuzobhidliza imisebenzi kaDeveli.” (1 Johane 3:8) Lesi simiso sezinto esisekelwe ekuhaheni, enzondweni nasezenzweni ezimbi sizobhidlizwa. UJesu uthembisa ukuthi “umbusi waleli zwe”—uSathane uDeveli—“uzophonswa ngaphandle.” (Johane 12:31) Lapho ithonya likaSathane lingasekho, kuyomiswa izwe elisha futhi lo mhlaba uyoba indawo enokuthula.—2 Petru 3:13.

Kuthiwani ngalabo abanenkani abangafuni ukushintsha izindlela zabo, abaphikelela ekwenzeni izinto ezimbi? Cabanga ngalesi sithembiso esingagunci: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.” (IzAga 2:21, 22) Ithonya labantu ababi liyobe lingasekho. Lapho sebephila emhlabeni onokuthula, abantu abalalelayo bayokhululwa kancane kancane ekungaphelelini abakuzuze njengefa.—Roma 6:17, 18; 8:21.

UNkulunkulu uyobuqeda kanjani ububi kulelo zwe elisha? Ngeke abuqede ngokuphuca abantu ilungelo labo lokuzikhethela. Kunalokho, uyofundisa abantu abalalelayo izindlela zakhe, ebasiza ukuba bashintshe imicabango nezenzo ezilimazayo.

UNkulunkulu uzoziqeda zonke izimbangela zokuhlupheka

Yini eyokwenziwa uNkulunkulu ngezinhlekelele ezingalindelekile? Uthembise ukuthi ngokushesha uhulumeni woMbuso wakhe uzobusa umhlaba. INkosi emiswe uNkulunkulu yalowo Mbuso nguJesu Kristu, onamandla okwelapha abagulayo. (Mathewu 14:14) UJesu ubuye abe namandla okulawula amandla emvelo. (Marku 4:35-41) Ngakho, kuyobe kungasekho ukuhlupheka okubangelwa “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.” (UmShumayeli 9:11) Lapho sekubusa uKristu, abantu ngeke besehlelwa izinhlekelele.—IzAga 1:33.

Kuthiwani ngezigidi zabantu abangenacala abaye bafa? Ngemva kokuba evuse uLazaru, uJesu wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila.” (Johane 11:25) Yebo, uJesu unamandla okuvusa, noma okubabuyisela ekuphileni labo abaye bafa!

Uma unesifiso sokuphila ezweni lapho izinto ezimbi zingeke zisabehlela abantu abalungile, zibekele umgomo wokufunda iBhayibheli ukuze uthole okwengeziwe ngoNkulunkulu weqiniso nangezinjongo zakhe. OFakazi BakaJehova bangakini bayokujabulela ukukusiza uthole lolo lwazi. Zizwe ukhululekile ukubathinta noma ukubhalela abanyathelisi balo magazini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela