Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
MASHI 1-7
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 7-8
“Esikufundayo Ngekamu Lakwa-Israyeli”
it-1-E 497 ¶3
Ibandla
Kwa-Israyeli kwakuba nabantu ababemela abantu bebonke. (Ezra 10:14) Ngakho, ngemva kokumiswa kwetabernakele ‘izikhulu zezizwe’ kwakuyizo ezaziletha iminikelo yabantu. (Num 7:1-11) Ngesikhathi sikaNehemiya, abapristi, amaLevi nezinhloko zabantu yibona ababemela isizwe ‘ngokuzibophezela ngokubhala phansi.’ (Neh 9:38–10:27) Lapho ama-Israyeli esohambweni ehlane, ‘kwakunezikhulu zenhlangano, abakhethiwe babandla, amadoda avelele.’ Abangu-250 kubo bahlanganyela noKhora noDathani no-Abhiramu no-Oni ekuvukeleni uMose no-Aroni. (Num 16:1-3) UMose wenza ngokomyalo kaJehova, wakhetha amadoda angu-70 akwa-Israyeli ukuze amsize ekuthwaleni “umthwalo wabantu” ayengasakwazi ukuwuthwala yedwa. (Num 11:16, 17, 24, 25) Incwadi kaLevitikusi 4:15 ikhuluma ‘ngamadoda amadala,’ futhi kubonakala sengathi laba bantu ababemelela abantu kwakungamadoda amadala esizwe, izinhloko, abahluleli nezikhulu.—Num 1:4, 16; Josh 23:2; 24:1.
it-2-E 796 ¶1
URubeni
Ekamu lama-Israyeli, abakwaRubeni, ababehlangene nenzalo kaSimeyoni nekaGadi, babeseNingizimu yetabarnakele. Lapho kuhanjwa, leli qembu lezizwe ezintathu elaliholwa uRubeni, lalilandela iqembu lesizwe sikaJuda, esika-Isakare nesikaZebhuloni. (Num 2:10-16; 10:14-20) Lena indlela abalandelana ngayo nalapho beletha iminikelo lapho kunikezelwa itabernakele.—Num 7:1, 2, 10-47.
Amaphuzu Avelele Encwadi KaNumeri
8:25, 26. Ukuze kuqinisekwe ukuthi inkonzo yamaLevi ifezwa kahle, futhi kucatshangelwa nobudala bawo, amadoda asemadala ayeyalwa ukuba ayiyeke inkonzo ephoqelelwe. Nokho, ayengawasiza ngokuzithandela amanye amaLevi. Nakuba ungekho umhlala-phansi namuhla kummemezeli woMbuso, isimiso esikulo mthetho sifundisa isifundo esibalulekile. Uma ngenxa yokuguga umKristu engasakwazi ukufeza izibopho ezithile, angangenela inkonzo angakwazi ukuyenza.
Ingcebo Engokomoya
it-1-E 835
Izibulo, Okokuqala
Njengoba amadodana angamazibulo kwakuyilawo ayezoba izinhloko zemindeni kwa-Israyeli, ayemelela isizwe sonke. Empeleni uJehova, sonke isizwe wasibiza ngokuthi “izibulo.” Siyizibulo ngenxa yesivumelwano no-Abrahama. (Eks. 4:22) Ngenxa yokuthi wasindisa ukuphila kwaso, uJehova wayala ukuba “wonke amazibulo esilisa phakathi kwama-Israyeli, umuntu wesilisa nesilwane seduna okuzozalwa kuqala,” kumelwe kungcweliselwe yena. (Eks 13:2) Yingakho wonke amazibulo ayenikelwe kuNkulunkulu.
MASHI 8-14
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 9-10
“Indlela UJehova Abahola Ngayo Abantu Bakhe”
it-1-E 398 ¶3
Ikamu
Ukuthuthwa kwaleli kamu elikhulu liyiswe kwenye indawo (izikhathi ezingaba-40 uMose akhuluma ngazo kuNumeri 33) kwakungenye indlela ebonisa ukuhleleka okumangalisayo. Uma nje ifu limile phezu kwetabernakele, ikamu lalingasuki. Lapho ifu lisuka, nekamu lalisuka. “Ayeqhubeka emise amatende ngomyalo kaJehova, asuke ngomyalo kaJehova.” (Num 9:15-23) Kwakusetshenziswa amacilongo amabili esiliva ukuze kudluliselwe lezi ziqondiso zikaJehova kulo lonke ikamu. (Num 10:2, 5, 6) Umsindo wecilongo oshintshashintshayo wawuwuphawu lokuthi ikamu sekumelwe lithuthwe. Lokhu kwaqala ukwenzeka “ngonyaka wesibili [1512 B.C.E.], ngenyanga yesibili, ngosuku luka-20.” Njengoba umphongolo wesivumelano wawuhamba phambili, iqembu lokuqala lezizwe ezintathu elalisuka kuqala kwakuba uJuda alandelwe u-Isakare bese kuba uZebhuloni. Balandelwe amaGereshoni namaMerari bethwele izinto zetabernakele. Bese kuza iqembu lezizwe ezintathu, abakwaRubeni balandelwe abakwaSimeyoni noGadi. Ngemva kwabo kuze amaKohati nezinto zendlu engcwele, kulandele iqembu lezizwe ezintathu labakwa-Efrayimi, kulandele abakwaManase nabakwaBenjamini. Ekugcineni, kwakuba iqembu elaliholwa uDani, elalihamba nabakwa-Asheri nabakwaNafethali. Ngaleyo ndlela, amaqembu amabili anezizwe ezinkulu nezinamandla ayehamba phambili nasemuva.—Num 10:11-28.
Ingabe Uyabubona Ubufakazi Besiqondiso SikaNkulunkulu?
Singabonisa kanjani ukuthi siyasazisa isiqondiso sikaNkulunkulu? Umphostoli uPawulu wathi: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.” (Heb. 13:17) Ukwenza lokhu kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo: Ake uzibeke esimweni somIsrayeli wangosuku lukaMose. Zibone ngeso lengqondo kade uhamba isikhathi esithile, insika bese ima. Izokuma isikhathi esingakanani? Usuku? Isonto? Izinyanga eziningana? Uyazibuza, ‘Ingabe kufanele ngikhiphe zonke izimpahla zami emigodleni?’ Ekuqaleni, ungase ukhiphe ozidinga kakhulu. Kodwa ngemva kwezinsuku ezimbalwa, usukhathele ukulokhu upequlula emithwalweni yakho, uqala ukukhipha yonke into. Kodwa lapho nje uqeda ukukhipha izimpahla, ubone insika isuka—sekufanele upakishe futhi! Lokho kwakungeke kube lula. Noma kunjalo, ama-Israyeli kwakudingeka ‘asuke ngokushesha ngemva kwalokho.’—Num. 9:17-22.
Ngakho-ke, sisabela kanjani lapho sithola isiqondiso esivela kuNkulunkulu? Ingabe sizama ukusisebenzisa “ngokushesha ngemva kwalokho”? Noma siyaqhubeka senza izinto ngendlela ebesiyijwayele? Siyazazi yini iziqondiso zamuva, njengalezo eziphathelene nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya, ukushumayela kubantu abakhuluma olunye ulimi, ukuhlanganyela njalo ekukhulekeleni komkhaya, ukubambisana namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela nokuziphatha ngendlela efanele emihlanganweni yesigodi? Sibonisa ukuthi siyasazisa isiqondiso sikaNkulunkulu nangokwamukela iseluleko. Lapho kudingeka senze izinqumo ezibaluleke kakhulu, asethembeli ekuhlakanipheni kwethu kodwa sincika kuJehova nasenhlanganweni yakhe ukuze sithole isiqondiso. Njengoba nje ingane ifuna isivikelo sabazali bayo lapho kunesiphepho, nathi sifuna isivikelo enhlanganweni kaJehova lapho izinkinga zaleli zwe ezinjengesivunguvungu zigadla.
Ingcebo Engokomoya
it-1-E 199 ¶3
Ukuhlangana
Ukubaluleka Kokuhlangana. Ukubaluleka kokuhlangana ukuze sizuze kulokho uJehova asilungiselela kona ukuze sisondelane naye, kugcizelelwe ngendlela efanayo nePhasika elaligcinwa minyaka yonke. Noma yimuphi umuntu wesilisa ohlanzekile, ongathathwanga uhambo kodwa engaligcini iPhasika kwakufanele abulawe. (Num 9:9-14) Lapho iNkosi uHezekiya ibiza abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli ukuze baye eJerusalema beyogubha iPhasika, umyalezo wayo wawuthi: “Bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova . . . ningabi nenkani njengokhokho benu. Zithobeni kuJehova, nize endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade nikhonze uJehova uNkulunkulu wenu, intukuthelo yakhe evuthayo isuke kini. . . . UJehova uNkulunkulu wenu unozwela nesihe, futhi ngeke abususe ubuso bakhe kini uma nibuyela kuye.” (2Kro 30:6-9) Empeleni, ukungayi kwakuyosho ukuthi umuntu umlahlile uNkulunkulu. Njengoba imikhosi enjengePhasika amaKristu engayigcini, uPawulu wabanxusa kufanele abantu bakaNkulunkulu ukuba bangayeki ukuhlangana njalo ndawonye, lapho ethi, “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—Heb 10:24, 25; bheka esithi CONGREGATION.
MASHI 15-21
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 11-12
“Kungani Kufanele Ugweme Ukukhononda?”
Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa
Iningi lamaKristu aliweli ekuziphatheni okubi kobulili. Nokho, kudingeka siqaphele ukuba singavumi ukuphishekela inkambo eholela emkhubeni wokububula ongaholela ekulahlekelweni umusa waphezulu. UPawulu uyasiyala: “Futhi masingamfaki ovivinyweni uJehova, njengoba abanye [kuma-Israyeli] bamfaka ovivinyweni, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngezinyoka. Futhi ningabi abantu ababubulayo, njengoba abanye kubo babubula, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo umbhubhisi.” (1 Korinte 10:9, 10) Ama-Israyeli abubula ngoMose no-Aroni—yebo, nangoNkulunkulu uqobo—ekhononda ngemana elalilungiselelwe ngokuyisimangaliso. (Numeri 16:41; 21:5) Ingabe uJehova kwamthukuthelisa kakhulu ukufeba kwawo kunokububula kwawo? Ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi ababubuli abaningi babulawa yizinyoka. (Numeri 21:6) Ngaphambili, kwakubhujiswe ababubuli abangaphezu kuka-14 700 ababevukela. (Numeri 16:49) Ngakho masingakuvivinyi ukubekezela kukaJehova ngokwedelela amalungiselelo akhe.
Gwemani ‘Ukububula’
Yeka indlela isimo sengqondo sama-Israyeli esase sishintshe ngayo! Ukwazisa ayenakho ekuqaleni ngokukhululwa eGibhithe nasoLwandle Olubomvu kwakuwenze ahubela uJehova izindumiso. (Eksodusi 15:1-21) Nokho, uma esehlukumezeka ehlane futhi esesaba abaseKhanani, ukwazisa kwabantu bakaNkulunkulu kwajika kwaba umoya wokunganeliseki. Kunokuba bambonge uNkulunkulu ngenkululeko abase benayo, bamsola ngalokho ababekubheka njengokuswela, kube kungekhona neze. Ngakho, ukububula kwakubonisa ukuntula ukwazisa okufanele ngamalungiselelo kaJehova. Shono uJehova athi: “Kuyoze kube nini le nhlangano embi ilokhu ibubula ngami?”—Numeri 14:27; 21:5.
it-2-E 719 ¶4
Ukuphikisana
Ukububula. Ukububula kuqeda amandla futhi akwakhi. Ngemva nje kokuba ama-Israyeli ephume eGibhithe, abubula ngoJehova, agxeka izinceku zakhe ayezibeke ukuba zihole, uMose no-Aroni. (Eks 16:2, 7) Kamuva ukukhononda kwawo kwamqeda amandla uMose kangangothi waze wacela ukufa. (Num 11:13-15) Ukububula kungaba yingozi engambulala umuntu. UJehova wathi izinto ama-Israyeli abubula ngazo ngoMose kwakufana nokuthi avukela indlela yaKhe yokuhola. (Num 14:26-30) Abaningi bafa ngenxa yalokho kugxeka.
Ingcebo Engokomoya
it-2-E 309
Imana
Incazelo. Imana ‘lalimhlophe njengembewu yekoriyanderi’ “libukeka” njengenomfi yebhedola, linombala okhanya njengowalokho okusetshenziselwa ukwenza ikhandlela, lakheke lwafana nepharele. ‘Lalinambitheka njengamakhekhe ayisicaba anoju’ noma “njengekhekhe elinoshukela namafutha.” Ngemva kokugaywa noma kokugqulwa, lalibiliswa noma libhakwe kwenziwe amakhekhe.—Eks 16:23, 31; Num 11:7, 8.
MASHI 22-28
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 13-14
“Indlela Ukholo Olusenza Sibe Nesindi Ngayo”
Ukuba Nesibindi Ngosizo Lokholo Nokwesaba UNkulunkulu
Nokho, ababili kulezo zinhloli, uJoshuwa noKalebi, babemagange ukungena eZweni Lesithembiso. Bathi, abaseKhanani “bayisinkwa kithi. Isikhoselo sabo sisukile phezu kwabo, futhi uJehova unathi. Ningabesabi.” (Numeri 14:9) Ingabe kwakuwubuwula ngoJoshuwa noKalebi ukuba nethemba? Cha. Bona kanye nesizwe sonke babebonile lapho uJehova ethobisa iGibhithe elinamandla nonkulunkulu balo ngeziNhlupho Eziyishumi. Kamuva babona uJehova eminzisa uFaro nebutho lakhe oLwandle Olubomvu. (IHubo 136:15) Ngokusobala, zazingekho izaba zokwesaba okwaboniswa izinhloli eziyishumi kanye nalabo ezabathonya. Ebonisa indlela ayephatheke kabi ngayo ngalokhu, uJehova wathi: “Kuyoze kube nini bengabi nalukholo kimi naphezu kwazo zonke izibonakaliso engazenza phakathi kwabo?”—Numeri 14:11.
UJehova wembula umnyombo wenkinga yalesi sizwe—ubugwala baso babubonisa ukuntula ukholo. Yebo, ukholo nesibindi kuhlobene eduze kakhulu, kangangokuthi umphostoli uJohane wayengabhala lokhu ngebandla lamaKristu nangengokomoya lalo: “Lokhu kungukunqoba okunqobe izwe, ukholo lwethu.” (1 Johane 5:4) Namuhla, ukholo olunjengolukaJoshuwa noKalebi lwenze ukuba oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha, abasha nabadala, abantekenteke nabayimiqemane bakwazi ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. Asikho isitha esikwazile ukuthulisa leli butho elinamandla nelinesibindi.—Roma 8:31.
Ingcebo Engokomoya
it-1-E 740
Izwe UNkulunkulu Alinika U-Israyeli
IZWE uNkulunkulu alinika ama-Israyeli lalilihle ngempela. Lapho uMose ethumela izinhloli ukuba ziyohlola iZwe Lesithembiso nokuba zithole ezinye zezinto ezimila kulelo zwe ngaphambi kokuba sonke isizwe singene kulo, zabuya namakhiwane, amahalananda nehlukuzo lamagilebhisi elalilikhulu kangangokuba latshathwa amadoda amabili ngogodo! Nakuba la madoda angenwa amanzi emadolweni ngenxa yokungabi nakholo, abuya nombiko othi: Izwe “ngempela ligeleza ubisi noju.”—Num 13:23, 27.
MASHI 29–EPHRELI 4
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 15-16
“Qapha Ukuzikhukhumeza Nokuzethemba Ngokweqile”
Ingabe UJehova Uyakwazi?
Noma kunjalo, ngesikhathi isizwe sakwa-Israyeli silibangise eZweni Lesithembiso, uKhora wabona izinto ezithile acabanga ukuthi ziyizinkinga elungiselelweni likaNkulunkulu. Amanye amadoda angu-250 ayevelele esizweni abe esehlanganyela naye emzamweni wokwenza izinguquko. Kumelwe ukuba uKhora nalawa amanye amadoda babenomuzwa wokuthi ubuhlobo babo noJehova bulondekile. Batshela uMose: “Kwanele ngani, ngoba yonke inhlangano ingcwele futhi uJehova uphakathi kwayo.” (Num. 16:1-3) Yeka isimo sengqondo sokuzethemba ngokweqile nokuqhosha! UMose wabatshela: “UJehova uzokwenza kwaziwe ukuthi ngubani ongowakhe.” (Funda uNumeri 16:5.) Lwathi luphela usuku olulandelayo, uKhora nabo bonke labo ababesohlangothini lwakhe ekuhlubukeni base befile.—Num. 16:31-35.
Ingabe UJehova Uyakwazi?
UMose noKhora babehluke ngokuphelele endabeni yokubonisa inhlonipho ngelungiselelo likaJehova nezinqumo zakhe. Indlela abasabela ngayo yathonya indlela uJehova ababheka ngayo. UKhora wayengumLevi womndeni wamaKohati, futhi wayenamalungelo amaningi cishe ayehlanganisa nokuthi wabona ukukhululwa kwesizwe oLwandle Olubomvu, wasekela isahlulelo uJehova asikhipha kuma-Israyeli ayengalaleli eNtabeni YaseSinayi futhi wayenendima ekuthwaleni umphongolo wesivumelwano. (Eks. 32:26-29; Num. 3:30, 31) Cishe wayeseneminyaka eminingi ethembekile kuJehova futhi ngenxa yalokho abaningi ekamu lakwa-Israyeli babembheka njengesibonelo.
Ingcebo Engokomoya
Qikelela Ukuthi Uzibeka Kuqala Izinto Eziza Kuqala!
UJehova wayibheka njengenohlonze kakhudlwana le ndaba. IBhayibheli lithi: “UJehova wathi kuMose: Lowomuntu wobulawa nokubulawa.” (Numeri 15:35) Kungani uJehova ayenomuzwa onamandla kangaka ngalokho okwakwenziwe yile ndoda?
Abantu babenezinsuku eziyisithupha ababengatheza ngazo futhi basingathe izidingo zabo eziphathelene nokudla, okokwembatha nendawo yokufihla ikhanda. Usuku lwesikhombisa kwakufanele lunikelwe ezidingweni zabo ezingokomoya. Nakuba kwakungekhona okungalungile ukutheza, kwakungalungile ukusebenzisa isikhathi okwakufanele sigcinelwe ukukhulekela uJehova ukuze kwenziwe lokho. Nakuba amaKristu engekho ngaphansi koMthetho KaMose, ingabe lesi senzakalo asisifundisi isifundo sokuhlela kahle izinto eziza kuqala kithi namuhla?—Filipi 1:10.
EPHRELI 5-11
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 17-19
“Yimi Ifa Lakho”
Ingabe Uyamenza UJehova Abe Isabelo Sakho?
Cabanga ngamaLevi, angazange anikwe izwe eliyifa lawo. Njengoba ngokuyinhloko ayekhathalela ukukhulekela okuhlanzekile, kwakudingeka ancike kuJehova ukuze aphile, owawatshela: “Yimi isabelo sakho.” (Num. 18:20) Nakuba singakhonzi ethempelini elingokoqobo njengabapristi namaLevi, singasilingisa isimo sawo sengqondo, siqiniseka ukuthi uJehova uzosinakekela. Ukuthembela kwethu emandleni kaNkulunkulu okusinakekela kuba okubaluleke ngokwengeziwe njengoba siya singena shi ezinsukwini zokugcina.—IsAm. 13:17.
UJehova Uyisabelo Sami
Sasisho ukuthini leso sabelo kumaLevi? UJehova wathi wayezokuba isabelo sawo ngomqondo wokuthi kunokuba anikwe izwe njengefa, aphathiswa ilungelo eliyigugu lenkonzo. Ifa lawo kwaba “ubupristi bukaJehova.” (Josh. 18:7) Umongo kaNumeri 18:20 ubonisa ukuthi lokhu akuwenzanga aba mpofu ngokwezinto ezibonakalayo. (Funda uNumeri 18:19, 21, 24.) AmaLevi kwakumelwe anikwe “konke okweshumi kwa-Israyeli njengefa kube yimbuyiselo yenkonzo yawo.” Ayeyothola okweshumi komkhiqizo wama-Israyeli nokwemfuyo yawo. Wona ayezokhipha okweshumi kwalokho ayekutholile, “kokuhle kunakho konke,” ukuze asekele abapristi. (Num. 18:25-29) Abapristi babenikwa nayo “yonke iminikelo engcwele” abantwana bakwa-Israyeli ababeyiletha kuNkulunkulu endaweni yakhe yokukhulekela. Ngakho, amalungu abapristi ayenazo zonke izizathu zokukholelwa ukuthi uJehova wayeyowanakekela.
Ingcebo Engokomoya
g02-E 6/8 14 ¶2
Usawoti—Into Eyigugu
Usawoti ubuye ube uphawu lokuzinza nokuhlala kwento isikhathi eside. Ngakho, isivumelwano esiyisibopho sasibizwa ngokuthi “isivumelwano sikasawoti,” futhi abakuleso sivumelwano badla ndawonye, kube nosawoti, ozoqinisa lesi sivumelwano. (Numeri 18:19) Ngaphansi koMthetho KaMose, usawoti wawufakwa emihlatshelweni eyenziwa e-altare, futhi akungabazeki ukuthi lokho kwakubonisa ukuthi lowo mhlatshelo wawungonakele.
EPHRELI 12-18
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 20-21
“Hlala Umnene Noma Ubhekene Nesimo Esinzima”
Funani Ubumnene Nijabulise UJehova
Sizokugwema ukwenza amaphutha. Ake uphinde ucabange ngoMose. Kwaphela iminyaka emnene futhi ejabulisa uJehova. Ngasekupheleni kohambo lweminyaka engu-40 olwalunzima ehlane, uMose wahluleka ukubonisa ubumnene. Udadewabo, cishe okunguye owayesindise ukuphila kwakhe eGibhithe, wayesanda kufa futhi wangcwatshwa eKadeshi. Manje, ama-Israyeli aphinde akhononda ngokuthi ayengazitholi izinto ayezidinga. Kulokhu “axabana noMose” efuna amanzi. Abantu bakhononda naphezu kwazo zonke izimangaliso uJehova ayezenzile esebenzisa uMose kanye nendlela engenabugovu uMose ayebahole ngayo isikhathi eside. Abagcinanga nje ngokukhononda ngamanzi kodwa bakhononda nangoMose, kwaba sengathi kwakuyiphutha lakhe ukuthi babengenawo amanzi.—Num. 20:1-5, 9-11.
Funani Ubumnene Nijabulise UJehova
Ethukuthele engqangqa, uMose wehluleka ukuhlala ezolile. Kunokuba abonise ukholo akhulume nedwala, njengoba uJehova ayemyalile, uMose wakhuluma nabantu ethukuthele futhi wazidumisa yena. Wabe eseshaya idwala kabili futhi kwaphuma amanzi amaningi. Ukuqhosha nentukuthelo kwabangela ukuba enze iphutha azisola ngalo. (IHu. 106:32, 33) Ngenxa yokwehluleka ukubonisa ubumnene ngaleso sikhathi, uMose akazange avunyelwe ukungena eZweni Lesithembiso.—Num. 20:12.
Sifunda izifundo ezibalulekile kule ndaba. Esokuqala, kumelwe sizimisele ukuba mnene ngaso sonke isikhathi. Uma sehluleka ukuba mnene ngisho nakanye nje, ukuqhosha kuyosenza sikhulume futhi senze izinto eziwubuwula. Esesibili, ukucindezeleka kungasenza sibe buthaka, ngakho kumelwe sizimisele ukuhlala simnene ngisho nalapho sicindezelekile.
UMahluleli Onamathela Kokulungile
Okokuqala, uNkulunkulu wayengazange atshele uMose ukuba akhulume nabantu, ingasaphathwa-ke eyokubahlulela njengezidlubulundi. Okwesibili, uMose no-Aroni abazange bakhazimulise uNkulunkulu. UNkulunkulu wathi: “Anizange . . . ningingcwelise.” (Ivesi 12) Lapho uMose ethi “sizonikhiphela amanzi,” wakhuluma njengokungathi nguye no-Aroni—hhayi uNkulunkulu—ababenze ukuba lawo manzi aphume ngokuyisimangaliso. Okwesithathu, lesi sahlulelo sasingahlukile kulezo uNkulunkulu ayeke wazikhipha ngaphambili. Wenqabela isizukulwane sangaphambili ukungena eKhanani, ngakho wenza okufanayo nakuMose no-Aroni. (Numeri 14:22, 23) Okwesine, uMose no-Aroni babengabaholi bama-Israyeli. UNkulunkulu ulindele okukhulu kulabo abaphathise okukhulu.—Luka 12:48.
Ingcebo Engokomoya
Ingabe Ubheka Ubuthakathaka Bobuntu Ngendlela UJehova Abubheka Ngayo?
Esimweni ngasinye, uJehova wayengamjezisa ngaso leso sikhathi u-Aroni. Kodwa waqaphela ukuthi wayengeyena umuntu omubi noma ukuthi wayengenzanga iphutha elikhulu. Kubonakala sengathi u-Aroni wavumela izimo noma ithonya labanye ukuba kumphambukise enkambweni efanele. Noma kunjalo, lapho eboniswa amaphutha akhe, wawavuma ngokushesha futhi wasekela izahlulelo zikaJehova. (Eks. 32:26; Num. 12:11; 20:23-27) UJehova wakhetha ukugxila okholweni luka-Aroni nasesimweni sakhe sengqondo sokuphenduka. Ngemva kwamakhulu eminyaka, u-Aroni nenzalo yakhe babesakhunjulwa njengabantu ababemesaba uJehova.—IHu. 115:10-12; 135:19, 20.
EPHRELI 19-25
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 22-24
“UJehova Ushintsha Isiqalekiso Siba Isibusiso”
Ukumemezela “Izindaba Ezinhle NgoJesu”
Namuhla, njengasekhulwini lokuqala, ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu akuzange kubayekise ukushumayela. Njalo nje ukuxoshwa kwamaKristu endaweni ethile ayiswe kwenye—kungaba sejele noma kwenye indawo—kuye kwasiza kwaletha isigijimi soMbuso kubantu endaweni entsha. Ngokwesibonelo, phakathi neMpi Yezwe II oFakazi BakaJehova bakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle kakhulu emakamu okuhlushwa amaNazi. UmJuda owatholana noFakazi lapho, uyalandisa: “Amandla eziboshwa ezazingoFakazi BakaJehova okubhekana nobubi ngesibindi angiqinisekisa ukuthi ukholo lwabo lwalusekelwe emiBhalweni—futhi nami ngaba uFakazi.”
it-2-E 291
Ukuhlanya
Kuwukuhlanya Ukuphikisana NoJehova. Umprofethi uBhalami ngobuwula wafuna ukuqalekisa u-Israyeli ukuze athole imali eNkosini uBhalaki ongumMowabi, kodwa uJehova wasivimba leso siqalekiso. Umphostoli uPetru wathi ngoBhalami, “isilwane esithwalayo esingenazwi, sikhuluma ngezwi lomuntu, sanqanda inkambo yobuhlanya yalowo mprofethi.” Ukuze achaze ukuhlanya kukaBhalami, lo mphostoli wasebenzisa igama lesiGreki elithi pa·ra·phro·niʹa, elinomqondo “wokusangana.”—2Pet 2:15, 16; Num 22:26-31.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaNumeri
22:20-22—Kungani intukuthelo kaJehova yamvuthela uBhalami? UJehova wayetshele umprofethi uBhalami ukuthi akufanele abaqalekise abakwa-Israyeli. (Numeri 22:12) Nokho, lo mprofethi wahamba namadoda kaBhalaki ezimisele ukuqalekisa ama-Israyeli. UBhalami wayefuna ukujabulisa inkosi yakwaMowabi nokuthola umvuzo kuyo. (2 Petru 2:15, 16; Jude 11) Ngisho nalapho uBhalami ephoqwa ukuba abusise kunokuba aqalekise u-Israyeli, wafuna ukuthola umusa enkosini ngokusikisela ukuba kusetshenziswe abesifazane abakhulekela uBhali ukuba bayenge amadoda akwa-Israyeli. (Numeri 31:15, 16) Ngakho, isizathu sokuba uNkulunkulu amthukuthelele uBhalami kwakuwukuhaha kwalo mprofethi okungenamahloni.
EPHRELI 26–MEYI 2
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NUMERI 25-26
“Isenzo Esihle Somuntu Oyedwa Singabasiza Yini Abaningi?”
“Balekelani Ubufebe”
UMDOBI wehlela endaweni yakhe ayikhonzile. Unohlobo oluthile lwezinhlanzi afuna ukuzidoba. Ukhetha into azoyenga ngayo izinhlanzi bese ephonsa udobo emanzini. Dukuduku, udobo luyaqina, isibambo salo sigobe, abese elukhipha selubambe inhlanzi. Uyamomotheka ngoba uyazi ukuthi ukhethe into efanele yokuyenga izinhlanzi.
Ngonyaka ka-1473 B.C.E., indoda okuthiwa uBhalami yacabangisisa kahle ngento eyayizoyenga ngayo abathile. Yona-ke yayihlose ukuyenga abantu bakaNkulunkulu ababekanise emaThafeni akwaMowabi, emngceleni weZwe Lesithembiso. UBhalami wayethi ungumprofethi kaJehova, kodwa empeleni wayemane nje eyigovu elaliqashelwe ukuqalekisa u-Israyeli. Nokho, ngokungenela kukaJehova, uBhalami wamane wazibusisela u-Israyeli nje kuphela. Njengoba ayewufuna ngabomvu umvuzo wakhe, uBhalami wacabanga ukuthi hleze angenza uNkulunkulu aqalekise abantu bakhe uma nje bengalingelwa ekwenzeni isono esibi kakhulu. Enalokhu engqondweni, uBhalami wabeka isilingo—izintombi zakwaMowabi ezikhangayo ngokobulili.—Numeri 22:1-7; 31:15, 16; IsAmbulo 2:14.
“Balekelani Ubufebe”
Yini eyaholela kule nhlekelele? Abantu abaningi base benenhliziyo eyonakaliswe ukuqhela kuJehova, yena kanye uNkulunkulu owayebakhiphe eGibhithe, wabondla ehlane, wabahlenga baze bayongena ezweni lesithembiso. (Hebheru 3:12) Ecabanga ngale ndaba, umphostoli uPawulu waloba: “Futhi masingafebi, njengoba abanye kubo bafeba, kwamane kwaphumela ekuweni kwabo, abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu kubo ngosuku olulodwa.”—1 Korinte 10:8.
Ingcebo Engokomoya
it-1-E 359 ¶1-2
Umngcele
Ngenxa yalokho, kubonakala sengathi ukwabiwa kwezwe kwakuxhomeke ezintweni ezimbili: umphumela wenkatho nokuthi isizwe singakanani. Kungenzeka ukuthi inkatho yayisetshenziselwa ukunquma nje ukuthi indawo ezoba yifa lesizwe ngasinye kuphela, ukuthi sizoba ngakuyiphi ingxenye, njengokuthi eNyakatho noma eNingizimu, eMpumalanga noma Entshonalanga, ngasogwini lolwandle noma ezintabeni. Isinqumo senkatho sasivela kuJehova, okwakwenza izizwe zingabi nomona noma imibango. (IzA 16:33) UNkulunkulu wayesebenzisa le ndlela ukuze aqondise izinto ukuze isizwe ngasinye sibe sendaweni eyabikezelwa inzalamizi uJakobe lapho esefa, ngokwalokho okulotshwe kuGenesise 49:1-33.
Ngemva kokuba sekutholakele ukuthi isizwe ngasinye sizoba ngakuyiphi ingxenye yezwe, kwakube sekunqunywa ukuthi izoba ngakanani indawo yaso kuye ngokuthi isizwe singakanani. “Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho njengefa phakathi kwemindeni yenu. Eqenjini elikhulu kufanele nandise ifa lalo, eqenjini elincane kufanele ninciphise ifa lalo. Ifa lawo wonke umuntu liyoba yindawo ayithole ngenkatho. Niyothola indawo eyifa lenu ngokwezizwe zoyihlo.” (Num 33:54) Kwakunamathelwa kulokho okunqunywe ngenkatho ngokuphathelene nengxenye isizwe esizoba kuyo, bese leyo ndawo isikwe ngokuvumelana nokuthi leso sizwe singakanani. Ngenxa yalokho, lapho kutholakala ukuthi indawo yesizwe sakwaJuda yayinkulu kakhulu, yancishiswa ngokuba kunikezwe isizwe sikaSimeyoni ingxenye yayo.—Josh 19:9.