Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
JANUWARI 3-9
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ABAHLULELI 15-16
“Ukukhaphela—Kuwukukhohlakala!”
Ukukhaphela—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!
4 Okokuqala, cabanga ngeqili elinguDelila, uMahluleli uSamsoni ayethandana nalo. Inhloso kaSamsoni yayiwukuhola ekulweleni abantu bakaNkulunkulu kumaFilisti. Mhlawumbe izikhulu zamaFilisti ezinhlanu zazazi ukuthi uDelila wayengamthandi ngempela uSamsoni, zabe sezimthembisa ukumnika imali eningi ukuze athole ukuthi yayiyini imfihlo yamandla kaSamsoni amakhulu bese zimbulala. UDelila ohahayo wavumela phezulu, kodwa zaze zaba ntathu izikhathi imizamo yakhe yokuthola imfihlo kaSamsoni yehluleka. Wabe eseqhubeka emcindezela “ngamazwi akhe elokhu emnxusa.” Ekugcineni, “umphefumulo [kaSamsoni] waphelelwa isineke kwaze kwaba seqophelweni lokufuna ukufa.” Ngakho wamtshela ukuthi izinwele zakhe zazingakaze zigundwe nokuthi uma zazingagundwa, amandla akhe ayeyophela. Esekwazi lokho, uDelila wabiza umuntu ukuze agunde izinwele zikaSamsoni ngesikhathi esalele ethangeni lakhe, wabe esemnikela ezitheni zakhe ukuze zenze noma yini eziyithandayo ngaye. (AbaHl. 16:4, 5, 15-21) Yeka isenzo esenyanyekayo! UDelila wakhaphela umuntu owayemthanda ngenxa nje yokuhaha.
Amaphuzu Avelele Encwadi YabaHluleli
14:16, 17; 16:16. Ukucindezela umuntu ngokukhala noma ngokufundekela kungalimaza ubuhlobo.—IzAga 19:13; 21:19.
Ukukhaphela—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!
15 Abantu abashadile bangahlala kanjani bethembekile kubangane babo bomshado? IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ujabule ngomfazi [noma ngendoda] wobusha bakho,” libuye lithi, “Jabulela ukuphila nomfazi wakho [noma indoda yakho] omthandayo.” (IzAga 5:18; UmSh. 9:9) Njengoba abangane bomshado bekhula, kumelwe “babe khona ngokugcwele” ebuhlotsheni babo, ngokwenyama nangokomzwelo. Lokho kusho ukuthi kumelwe banakane, bachithe isikhathi ndawonye futhi basondelane ngokwengeziwe. Kudingeka bagxile ekulondolozeni umshado wabo nobuhlobo babo noJehova. Ukuze ifeze lokhu, imibhangqwana kudingeka itadishe iBhayibheli ndawonye, isebenze njalo enkonzweni ndawonye futhi ithandazele isibusiso sikaJehova ndawonye.
HLALE UTHEMBEKILE KUJEHOVA
16 Kunamalungu ebandla enza izono ezingathi sína futhi asolwa ‘kanzima ukuze abe aphilile okholweni.’ (Thithu 1:13) Amanye kuye kwadingeka ukuba asuswe ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha kwawo. Isiyalo siye sabasiza “labo abaqeqeshwe yiso,” ukuba bavuseleleke ngokomoya. (Heb. 12:11) Kuthiwani uma sinesihlobo noma umngane oseduze osusiwe? Lesi simo sisuke sivivinya ukwethembeka kwethu, hhayi kulowo muntu, kodwa kuNkulunkulu. UJehova usibhekile ukuze abone ukuthi siyowulalela yini umyalo wakhe wokungaxhumani nanoma ubani osusiwe ekuhlanganyeleni.—Funda eyoku-1 Korinte 5:11-13
Ingcebo Engokomoya
USamsoni Unqoba Ngamandla KaJehova!
USamsoni wayezimisele ukufeza umgomo wakhe, okungukuthi ukulwa namaFilisti. Wahlala endlini yesifebe eGaza ngenjongo yokulwa nezitha zikaNkulunkulu. USamsoni wayefuna indawo angalala kuyo emzini wesitha, futhi wayithola endlini yesifebe. USamsoni wayengacabangi ngokuziphatha okubi. Wasuka emzini walona wesifazane phakathi kwamabili, wabhoncula amasango omuzi nezigxobo zombili ezisemaceleni, wakuthwala wenyukela nakho esiqongweni sentaba eseduze kweHebroni, eyayiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-60. Lokhu wakwenza evunyelwe uNkulunkulu futhi nguye owamnika amandla.—AbaHluleli 16:1-3.
JANUWARI 10-16
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ABAHLULELI 17-19
“Ukungawulaleli UMthetho KaNkulunkulu Kubangela Izinkinga”
it-2 E 390-391
UMika
1. UMika wayengowesilisa waka-Efrayimi. UMika waphula umthetho ka-8 eMiyalweni Eyishumi (Eks 20:15), ngokweba izinhlamvu zesiliva ezingu-1 100 kunina. Lapho evuma ukuthi uzebile lezi zinto futhi ezibuyisela, unina wathi: “Nakanjani ngizolinikela kuJehova leli siliva elisesandleni sami ngenxa yendodana yami, ukuze lisetshenziselwe ukwenza umfanekiso oqoshiwe nesithombe sensimbi. Manje ngilibuyisela kuwe.” Unina wathatha izinhlamvu zesiliva ezingu-200 waziyisa kumuntu osebenza ngesiliva, owabe esenza “umfanekiso oqoshiwe nesithombe sensimbi” okwagcina sekuhlala endlini kaMika. UMika ‘owayenendlu yonkulunkulu,’ wenza i-efodi namatherafi futhi wabeka enye yamadodana akhe ukuba ikhonze njengompristi wakhe. Nakuba kwakubonakala sengathi leli lungiselelo lalidumisa uJehova, lalenyanyeka futhi liphula umthetho owawenqabela ukukhonzwa kwezithombe (Eks 20:4-6) futhi lenza ukuba linganakwa itabernakele likaJehova nobupristi. (Hlu 17:1-6; Dut 12:1-14) Ngokuhamba kwesikhathi, uMika wathatha uJonathani, umLevi osemncane ovela ozalweni lwendodana kaMose uGereshomu, wamletha kwakhe ukuze akhonze njengompristi wakhe. (Hlu 18:4, 30) Ezizwa enelisekile ngalokhu nakuba kwakuyiphutha, uMika wathi: “Manje sengiyazi ukuthi uJehova uzongenzela okuhle.” (Hlu 17:7-13) Kodwa uJonathani wayengaveli ohlwini lozalo luka-Aroni ngenxa yalokho wayengakufanelekeli nokukhonza njengompristi, okwanezela ekoneni kukaMika.—Num 3:10.
it-2 E 391 ¶2
UMika
Ngokushesha nje ngemva kwalokho, uMika nesixuku samadoda balandela abakwaDani. Lapho bebafica futhi bebuzwa ngalolu daba uMika wathi: “Nithathe onkulunkulu bami engizenzele bona, nathatha nompristi nahamba naye. Yini engisasele nayo?” Kulokho, amadodana akwaDani axwayisa uMika namadoda ayekanye nawo ngokuthi azobashaya uma beqhubeka bewalandela bewathethisa. Lapho ebona ukuthi abakwaDani banamandla kuneqembu lakhe, uMika wabuyela ekhaya. (Hlu 18:22-26) Ngemva kwalokho, abakwaDani balihlasela futhi balishisa iLayishi, bakha idolobha lakwaDani endaweni yalo. UJonathani namadodana akhe baba ngabapristi besizwe sakwaDani, ‘esawumisa lapho umfanekiso oqoshiwe owawenziwe uMika, wahlala lapho zonke izinsuku indlu kaNkulunkulu weqiniso [itabernakele] eyaqhubeka ngazo iseShilo.’—Hlu 18:27-31.
Ingcebo Engokomoya
Inguqulo YeZwi LikaNkulunkulu Efinyelela Inhliziyo
6 Namuhla, kunobufakazi obuningi nakakhulu bokuthi kufanele silisebenzise igama likaJehova. INguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe ka-2013 isebenzisa igama likaNkulunkulu izikhathi ezingu-7 216. Lokhu kusho ukuthi lifakwe izikhathi eziyisithupha ezengeziwe kunasenguqulweni yangaphambili. Ezindaweni ezinhlanu lifakwe ngoba igama likaNkulunkulu latholakala emiQulwini YasoLwandle Olufile esanda kushicilelwa.* Lezi zindawo ezinhlanu eyoku-1 Samuweli 2:25; 6:3; 10:26; 23:14, 16. Endaweni yesithupha, kubaHluleli 19:18, lifakwe ngenxa yocwaningo olwengeziwe olwenziwa emibhalweni yesandla yeBhayibheli emidala enokwethenjelwa.
JANUWARI 17-23
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ABAHLULELI 20-21
“Buza UJehova Njalo”
Ungaba Yini NjengoFinehasi Lapho Ubhekana Nezinselele?
Ngemva kokuba amadoda aseGibheya, esizwe sakwaBhenjamini, edlwengule futhi abulala ngonya isancinza somLevi, ezinye izizwe zahlela ukuyolwa nesizwe sakwaBhenjamini. (AbaHl. 20:1-11) Ngaphambi kokuyolwa, zathandaza kuJehova zicela usizo kodwa zanqotshwa kabili futhi kwaba nabantu abaningi kakhulu abafayo. (AbaHl. 20:14-25) Ingabe zaphetha ngokuthi imithandazo yazo yayingasizi? Ingabe uJehova wayenesithakazelo sangempela sokubona ukuthi zaziyosabela kanjani kulobu bubi obabenziwe?
Amaphuzu Avelele Encwadi YabaHluleli
20:17-48—Kungani uJehova avumela abakwaBhenjamini ukuba banqobe ezinye izizwe kuze kube kabili, yize bona ngokwabo babedinga ukujeziswa? Ngokuqale avumele izizwe ezithembekile ukuba zilimale kakhulu, uJehova wavivinya ukuzimisela kwazo ukuqothula ububi kwa-Israyeli.
Ungaba Yini NjengoFinehasi Lapho Ubhekana Nezinselele?
Isiphi isifundo esingasifunda kulokhu? Ezinye izinkinga ebandleni ziyaqhubeka nakuba abadala benza imizamo eqotho futhi bethandazela usizo kuNkulunkulu. Uma lokhu kwenzeka, abadala benza kahle ngokukhumbula amazwi kaJesu: “Qhubekani nicela [noma nithandaza], niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” (Luka 11:9) Ngisho noma kungabonakala sengathi uJehova uyephuza ukuphendula imithandazo, ababonisi bangaqiniseka ngokuthi uyoyiphendula ngesikhathi sakhe esifanele.
Ingcebo Engokomoya
Ingabe Bewazi?
Zazisetshenziswa kanjani izindwayimane ezimpini zasendulo?
Indwayimane yisikhali esasetshenziswa uDavide ukuze abulale uGoliyati. Cishe uDavide wafunda ukusebenzisa lesi sikhali ngesikhathi esengumfanyana ongumalusi.—1 Samuweli 17:40-50.
Indwayimane iyavela emidwebweni yaseGibhithe neyase-Asiriya yangezikhathi zeBhayibheli. Yayinesikhwanyana sesikhumba noma sendwangu okwakuxhunywa kuso izintambo ezimbili. Osebenzisa indwayimane wayefaka kulesi sikhwanyana itshe elibushelelezi noma eliyindilinga elingaba amasentimitha amahlanu kuya kwangu-7,5 ububanzi anesisindo esingaba amagremu angu-250. Wayebe eseyishwilizisa phezu kwekhanda lakhe abese ededela intambo eyodwa, bese itshe lijikijeleka ngesivinini esikhulu liye ngqo lapho eshaya khona.
Kuye kwatholakala izindwayimane eziningi emivubukulweni yaseMpumalanga Ephakathi ezazisetshenziswa ezimpini zasendulo. Kungenzeka ukuthi amaqhawe anekhono ayejikijela amatshe ngazo ngesivinini esingamakhilomitha angu-160 kuya kwangu-240 ngehora. Izazi azivumelani ngokuthi indwayimane yayifana yini nomnsalo ngamandla, kodwa indwayimane nayo yayiyisikhali esibulalayo.—AbaHluleli 20:16.
JANUWARI 24-30
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | RUTHE 1-2
“Phishekela Uthando Oluqotho”
Lingisa Abangane BakaJehova Abakhulu
5 Umndeni kaRuthe wawuhlala kwaMowabi. Wayengabuyela kuwo futhi cishe wawuzomnakekela. Wayebazi abantu bakwaMowabi, ulimi lwabo nosiko lwabo. UNawomi wayengenakumthembisa uRuthe ukuthi uzozithola lezo zinto eBhetlehema. Kanti uNawomi wayesaba nokuthi ngeke akwazi ukumtholela umyeni noma ikhaya. Ngakho uNawomi wamtshela ukuba abuyele kwaMowabi. Njengoba sibonile, u-Orpa ‘wabuyela kubantu bakubo nakonkulunkulu bakhe.’ (Ruthe 1:9-15) Kodwa uRuthe yena wanquma ukungabuyeli kubantu bakubo nakonkulunkulu babo bamanga.
Lingisa Abangane BakaJehova Abakhulu
6 Kubonakala sengathi uRuthe wafunda ngoJehova kumyeni wakhe noma kuNawomi. Wafunda ukuthi uJehova wayengefani nonkulunkulu bakwaMowabi. Wayemthanda uJehova futhi wayazi ukuthi uyakufanelekela ukuba amthande futhi amkhulekele. Ngakho uRuthe wakhetha ngokuhlakanipha. Wathi kuNawomi: “Abantu bakini bazoba ngabantu bakithi, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.” (Ruthe 1:16) Izinhliziyo zethu ziyathinteka lapho sicabanga ngendlela uRuthe ayemthanda ngayo uNawomi. Kodwa okuhlaba umxhwele nakakhulu uthando uRuthe ayenalo ngoJehova. Lokhu wakuthanda noBhowazi, okwathi kamuva wamncoma uRuthe ‘ngokuzofuna isiphephelo ngaphansi kwamaphiko kaJehova.’ (Funda uRuthe 2:12.) Amazwi asetshenziswa uBhowazi angase asikhumbuze indlela iphuphu lenyoni elifuna ngayo isiphephelo ngaphansi kwamaphiko abazali balo. (IHubo 36:7; 91:1-4) Ngendlela efanayo, uJehova wanika uRuthe isivikelo sothando futhi wamvuza ngenxa yokholo lwakhe. URuthe akazange nanini azisole ngesinqumo sakhe.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaRuthe
1:13, 21—Ingabe uJehova wenza ukuphila kukaNawomi kwaba munyu futhi wambangela inhlekelele? Cha, futhi uNawomi akazange asole uNkulunkulu ngakho konke okubi okwamehlela. Nokho, kukho konke okwamehlela, wayecabanga ukuthi uJehova wayemelene naye. Wazizwa enomunyu futhi edumele. Ngaphezu kwalokho, ngalezo zinsuku ukuthola abantwana kwakubhekwa njengesibusiso sikaNkulunkulu kanti ukuba yinyumba kuyisiqalekiso. Njengoba ayefelwe amadodana akhe amabili futhi engenabo abazukulu, kungenzeka uNawomi wakubona kufaneleka ukucabanga ukuthi nguJehova owayemlulaza.
Umkhaya Wakhiwa Obani?
5 Ngesikhathi uRuthe eqeda ukubhula ibhali nokulibutha, wayesekhothoze okungange-efa lebhali, noma amalitha angu-22. Kungenzeka lo mthwalo wawunesisindo esingamakhilogremu angu-14! Wawuphakamisa, mhlawumbe wawubopha ngendwangu waba isithungo, wayesewuhlaba ekhanda, uye lowaya eqonde eBhetlehema njengoba kuhwalala.—Ruthe 2:17.
6 UNawomi wathokoza lapho ebona umalokazana wakhe amthandayo, futhi mhlawumbe wamangala lapho ebona umthwalo webhali osindayo ayewuthwele. URuthe wayephethe nokudla okwakusale ekudleni uBhowazi ayekuphe izisebenzi, bakudla bobabili. UNawomi wabuza: “Ukhothozé kuphi namuhla, futhi usebenzé kuphi? Kwangathi lowo okuqaphelile angabusiswa.” (Ruthe 2:19) UNawomi wayengumuntu onakisisayo; lapho ebona ukudla okusindayo okwakufike noRuthe, wabona ukuthi ukhona owayemqaphelile lo mfelokazi osemncane, wayesembonisa umusa.
7 Baqala ukuxoxa, uRuthe waxoxela uNawomi ngomusa kaBhowazi. Ejabule, uNawomi wathi: “Makabusiswe nguJehova, ongawushiyanga umusa wakhe wothando kwabaphilayo nakwabafileyo.” (Ruthe 2:20) Wabheka umusa kaBhowazi njengovela kuJehova, yena oshukumisa abantu bakhe ukuba bavule isandla futhi othembisa ukuvuza abantu bakhe ngomusa abawubonisayo.—Funda izAga 19:17.
8 UNawomi wakhuthaza uRuthe ukuba amukele isicelo sikaBhowazi sokuba aqhubeke ekhothoza emasimini akhe futhi ahlale eduze kwamantombazane akhe ukuze abavuni bangamhluphi. URuthe wasilalela leso seluleko. “Waqhubeka ehlala noninazala.” (Ruthe 2:22, 23) Kulawo mazwi siphinde sibone imfanelo yakhe evelele—uthando oluqotho. Isibonelo sikaRuthe singase sisishukumisele ukuba sizibuze ukuthi siyazihlonipha yini izibopho zomkhaya, sisekele ngobuqotho abantu esibathandayo, sibanike nosizo abaludingayo. UJehova akwenzeki angaluboni uthando oluqotho kanjalo.
9 Ingabe uRuthe noNawomi babengewona umkhaya wangempela? Abanye bacabanga ukuthi ukuze umkhaya kuthiwe umkhaya wangempela kumelwe kube nomuntu ozogcwalisa indima ngayinye—kube nendoda, inkosikazi, indodana, indodakazi, ugogo noma umkhulu, njalo njalo. Kepha isibonelo sikaRuthe noNawomi sisikhumbuza ukuthi izinceku zikaJehova zingavula izinhliziyo zazo zenze ngisho nomncane kangakanani umkhaya uqhakaze ngenxa yemfudumalo, umusa nothando. Ingabe wena uyawazisa umkhaya wakho noma wakini? UJesu wakhumbuza abalandeli bakhe ukuthi ibandla lobuKristu lingaba umkhaya ngisho nakulabo abangenabani.—Marku 10:29, 30.
JANUWARI 31–FEBHUWARI 6
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | RUTHE 3-4
“Zakhele Idumela Elihle Futhi Ulilondoloze”
“Owesifazane Ovelele”
Ngokungangabazeki, indlela emnene nepholile uBhowazi akhuluma ngayo yamduduza uRuthe. Wathi: “Kwangathi ungabusiswa nguJehova, ndodakazi yami. Uwubonisé kangcono umusa wakho wothando kulokhu kokugcina kunasekuqaleni, ngokuba ungalandeli izinsizwa kungakhathaliseki ukuthi ziphansi noma zicebile.” (Ruthe 3:10) ‘Okokuqala’ kwakubhekisela othandweni lukaRuthe oluqotho lokuphelezela uNawomi abuye naye kwa-Israyeli nokumnakekela. ‘Okokugcina’ kwakuyilokhu kwamanje. UBhowazi waqaphela ukuthi owesifazane osemusha njengoRuthe kalula nje wayengazifunela umyeni ezinsizweni kungakhathaliseki ukuthi ezicebile noma ezimpofu. Kunalokho, wayefuna ukwenza okuhle, hhayi nje kuNawomi kuphela kodwa nakubabezala wakhe owayesefile, aqhubekisele phambili igama lomufi ezweni lakubo. Kuyacaca ukuthi kwamhlaba umxhwele uBhowazi ukungabi nabugovu kwalona wesifazane osemusha.
“Owesifazane Ovelele”
Yeka ukuthi kumelwe ukuba wayejabule kanjani uRuthe uma ecabanga ngalokho uBhowazi ayekushilo—ukuthi waziwa abantu bonke ‘njengowesifazane ovelele’! Akungatshazwa ukuthi ukulangazelela kwakhe ukwazi uJehova nokumkhonza yikona okwamenza waba nalelo dumela. Wayephinde wabonisa umusa omkhulu nozwela kuNawomi nabantu bakubo ngokuzimisela ukuzivumelanisa nezindlela namasiko abo ayengawazi nhlobo. Uma silingisa ukholo lukaRuthe, siyofuna ukuhlonipha abanye, izindlela zabo namasiko abo. Uma senza kanjalo, nathi siyozakhela idumela elihle kakhulu.
“Owesifazane Ovelele”
UBhowazi washada noRuthe. Ngemva kwalokho, siyafunda: “UJehova wamnika ukuba akhulelwe futhi wazala indodana.” Abesifazane baseBhetlehema bambusisa uNawomi futhi bancoma uRuthe ngokuthi ungcono kuNawomi kunamadodana angu-7. Kamuva, sithola ukuthi indodana kaRuthe yaba ukhokho wenkosi enkulu, uDavide. (Ruthe 4:11-22) UDavide yena, waba ukhokho kaJesu Kristu.—Mathewu 1:1.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaRuthe
4:6—Kungayiphi indlela umhlengi ‘ayengachitha’ ifa lakhe ngokuhlenga othile? Okokuqala, uma umuntu eba mpofu bese edayisa izwe eliyifa lakhe, umhlengi kwakungadingeka akhiphe imali athenge izwe ngenani leminyaka esele ngaphambi kokuba kufike iJubili. (Levitikusi 25:25-27) Ukwenza lokho kwakunciphisa imali yakhe. Ngaphezu kwalokho, uma uRuthe ayengathola indodana, yiyo eyayizodla insimu ehlengiwe, kunokuba ithathwe esinye sezihlobo eziseduze.
FEBHUWARI 7-13
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 SAMUWELI 1-2
“Thululela Isifuba Sakho KuJehova Ngomthandazo”
Wathulula Isifuba Sakhe KuNkulunkulu Ngomthandazo
12 Ngaleyo ndlela, uHana uzibekela isibonelo esihle zonke izikhonzi zikaNkulunkulu endabeni yomthandazo. Ngomusa uJehova umema bonke abantu bakhe ukuba bakhulume naye ngokukhululekile, bangazigodli, bamtshele okubakhathazayo njengoba kungenza ingane ethemba umzali wayo onothando. (Funda amaHubo 62:8; 1 Thesalonika 5:17.) Umphostoli uPetru waphefumulelwa ukuba abhale la mazwi mayelana nokuthandaza kuJehova: “[Phonsani] zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.”—1 Pet. 5:7.
Indlela UHana Akuthola Ngayo Ukuthula
Yini esingayifunda kukho konke lokhu? Lapho sithandaza kuJehova ngezinkathazo zethu, singamtshela indlela esizizwa ngayo futhi sicele ngokusuka ezinhliziyweni. Uma kungasekho okunye esingakwenza ukuze sixazulule inkinga, kufanele siyishiye ezandleni zakhe. Ayikho indlela engcono.—IzAga 3:5, 6.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wokuqala
2:10—Kungani uHana athandaza kuJehova ukuba “anike inkosi yakhe izikhwepha” kuyilapho yayingekho inkosi engumuntu kwa-Israyeli? Kwakubikezelwe eMthethweni KaMose ukuthi ama-Israyeli ayeyoba nenkosi engumuntu. (Duteronomi 17:14-18) Esokhukhweni lwakhe lokufa, uJakobe waprofetha: “Intonga yobukhosi [uphawu lwegunya lokubusa] ngeke isuke kuJuda.” (Genesise 49:10) Ngaphezu kwalokho, ngokuqondene noSara—ukhokhokazi wama-Israyeli—uJehova wathi: “Amakhosi ezizwe ayovela kuye.” (Genesise 17:16) Ngakho uHana wayethandazela inkosi yesikhathi esizayo.
FEBHUWARI 14-20
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 SAMUWELI 3-5
“UJehova Uyacabangela”
Uyasicabangela Yize EnguMninimandla Onke
3 USamuweli waqala ‘ukukhonza uJehova’ etabernakele esemncane kakhulu. (1 Sam 3:1) Ngobunye ubusuku uSamuweli eselele, kwenzeka into engavamile. (Funda eyoku-1 Samuweli 3:2-10.) Wezwa izwi limbiza ngegama. Ecabanga ukuthi ubizwa uMpristi Ophakeme u-Eli owayesemdala, ngokuthobeka uSamuweli wagijima waya kuye wafike wathi: “Ngilapha, ngoba impela ungibizile.” U-Eli wathi akambizanga. Lapho kwenzeka okufanayo izikhathi ezimbili ngemva kwalokho, u-Eli waqaphela ukuthi uNkulunkulu owayebiza uSamuweli. Ngakho watshela umfana lokho okumelwe akwenze, uSamuweli walalela. Kungani uJehova engazange azembule kuSamuweli esebenzisa ingelosi zisuka nje? IBhayibheli alisho, kodwa indlela izinto ezenzeka ngayo ibonisa ukuthi uJehova wayemcabangela uSamuweli osemusha. Kanjani?
Uyasicabangela Yize EnguMninimandla Onke
4 Funda eyoku-1 Samuweli 3:11-18. UMthetho kaJehova wawuyala izingane ukuba zihloniphe abantu asebekhulile, ikakhulukazi izikhulu. (Eks. 22:28; Lev. 19:32) Ngakho kwakungaba nzima ngomfana omncane njengoSamuweli ukuvuka ekuseni aye ku-Eli, ngesibindi afike amtshele isahlulelo esibuhlungu esivela kuJehova. Ukulandisa kusitshela ukuthi uSamuweli “wayesaba ukutshela u-Eli ngalokho okwakubonakele.” Nokho, uNkulunkulu wakwenza kwamcacela u-Eli ukuthi nguYe owayebiza uSamuweli. Ngenxa yalokho, u-Eli watshela uSamuweli ukuba akhulume. Wathi kuye, ‘Ungangifihleli izwi kuwo wonke amazwi awakhulume kuwe.’ USamuweli “wamtshela wonke amazwi.”
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wokuqala
3:3—Ingabe uSamuweli wayelala eNgcwelengcwele? Cha, akazange alale lapho. USamuweli wayengumLevi womndeni wamaKohati angebona abapristi. (1 IziKronike 6:33-38) Ngakho, wayengavunyelwe ukuba ‘angene abone izinto ezingcwele.’ (Numeri 4:17-20) Ukuphela kwendawo engcwele uSamuweli ayengangena kuyo kwakuyigceke letabernakele. Kumelwe ukuba wayelala lapho. Kubonakala sengathi no-Eli wayelala kwenye indawo kodwa khona egcekeni. Inkulumo ethi “lapho kwakukhona khona umphongolo kaNkulunkulu” ngokusobala ibhekisela etabernakele.
FEBHUWARI 21-27
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 SAMUWELI 6-8
“Ngubani INkosi Yakho?”
it-2-E 163 ¶1
UMbuso KaNkulunkulu
Kucelwa INkosi Engumuntu. Cishe kusukela eminyakeni engu-400 kwaba noFuduko naseminyakeni engaphezu kuka-800 uNkulunkulu enza isivumelwano no-Abrahama, ama-Israyeli acela ukuba abe neNkosi engumuntu ezowahola, njengoba nje nezinye izizwe zazinamakhosi angabantu. Isicelo sawo sabonisa ukuthi ama-Israyeli ayenqaba ukubuswa nguJehova. (1Sa 8:4-8) Yiqiniso, abantu babelindele ukuthi umbuso wawuzomiswa nguNkulunkulu ngokuvumelana nesivumelwano asenza no-Abrahama noJakobe. Okunye okwakubenza babanethemba kwakusesiprofethweni esashiwo uJakobe lapho esefa ngokuphathelene noJuda (Gen 49:8-10), amazwi kaJehova awasho ku-Israyeli ngemva koFuduko (Eks 19:3-6), yilokho okushiwo isivumelwano soMthetho (Dut 17:14, 15) nengxenye yomyalezo kaNkulunkulu eyabangela ukuba umprofethi uBhalami akhulume (Num 24:2-7, 17). Umama kaSamuweli othembekile uHana wakhuluma ngaleli themba lapho ethandaza. (1Sa 2:7-10) Noma kunjalo uJehova wayengakayembuli ngokugcwele “imfihlo engcwele” ephathelene noMbuso futhi wayengashongo ukuthi wawuzomiswa nini, wawuzobe uhlelwe kanjani nokuthi wawuzoba iluphi uhlobo lukahulumeni—ovela ezulwini noma emhlabeni. Ngakho abantu babegabadela ngokuthi bafune ngenkani ukubuswa yinkosi engumuntu.
Wakhuthazela Naphezu Kwezimo Eziqeda Amandla
Phawula ukuthi uJehova wathini lapho uSamuweli ethandaza emtshela ngalolu daba: “Lilalele izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe; ngoba akuwena abamalile, kodwa yimi abamalile ukuba ngingabi yinkosi phezu kwabo.” Yeka indlela okumelwe ukuba la mazwi amduduza ngayo uSamuweli, kodwa ama-Israyeli ayemedelele ukumedelela uNkulunkulu uMninimandla onke! UJehova watshela umprofethi wakhe ukuba atshele ama-Israyeli ukuthi ayeyovuna kabuhlungu ngokufuna inkosi engumuntu. Lapho uSamuweli edlulisa leso sixwayiso, aba nenkani, athi: “Cha, kuzoba khona inkosi phezu kwethu.” Njengenjwayelo, uSamuweli walalela uNkulunkulu, wagcoba inkosi uJehova ayikhetha.—1 Samuweli 8:7-19.
Indlela KaJehova Yokubusa Ibonakaliswe Ifanele!
9 Umlando uye wabonisa ukuba yiqiniso kwaleso sixwayiso sikaJehova. Lapho ebuswa amakhosi angabantu, ama-Israyeli abhekana nezinkinga ezinkulu, ikakhulukazi lapho inkosi yayingathembekile. Sicabanga ngalesi sibonelo sika-Israyeli, akusimangazi ukuthi kuwo wonke umlando ukubusa kwabantu abangamazi uJehova kuhlulekile ukuletha imiphumela emihle nehlala njalo. Yiqiniso, abanye abezombusazwe baye bacele uNkulunkulu ukuba abusise imizamo yabo yokuletha ukuthula nokulondeka, kodwa angababusisa kanjani labo abangazithobi endleleni yakhe yokubusa?—IHu. 2:10-12.
Ingcebo Engokomoya
Kungani Kufanele Ubhapathizwe?
13 Kumelwe siguquke ngaphambi kokuba sibhapathizwe njengoFakazi BakaJehova. Ukuguquka kuyisenzo sokuzithandela esenziwa umuntu oye wanquma ngenhliziyo yakhe yonke ukulandela uKristu Jesu. Abantu abanjalo bayayilahla inkambo yabo yangaphambili engalungile, banqume ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu. EmiBhalweni, isenzo sesiHeberu nesesiGreki eziphathelene nokuguquka zinomqondo wokuphindela emuva, wokufulathela. Lesi senzo sibonisa ukuphendukela kuNkulunkulu ufulathele indlela engalungile. (1 AmaKhosi 8:33, 34) Ukuguquka kudinga “imisebenzi efanele ukuphenduka.” (IzEnzo 26:20) Kudinga ukuba sishiye ukukhulekela kwamanga, senze ngokuvumelana nemiyalo kaNkulunkulu, futhi sizinikele kuJehova yedwa. (Duteronomi 30:2, 8-10; 1 Samuweli 7:3) Ukuguquka kuphumela oshintshweni ekucabangeni, emigomweni nasesimweni sethu sengqondo. (Hezekeli 18:31) ‘Siyaguquka’ lapho sigqoka ubuntu obusha esikhundleni sezici ezingqubuzana nobuntu bukaNkulunkulu.—IzEnzo 3:19; Efesu 4:20-24; Kolose 3:5-14.
FEBHUWARI 28–MASHI 6
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 SAMUWELI 9-11
“Ekuqaleni USawulu Wayethobekile Futhi Enesizotha”
Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka Nangesizotha
11 Cabanga ngalokho okwenzeka eNkosini uSawule. Waqala kahle ewumfanyana onesizotha. Wayeqaphela ukuthi akakwazi ukwenza yonke into futhi wayengabaza ngisho nokwamukela imithwalo eyengeziwe. (1 Sam. 9:21; 10:20-22) Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi uSawule waqhosha. Le mfanelo embi yavela ngokushesha ngemva kokuba ebekwe waba inkosi. Ngesinye isikhathi waphelelwa isineke ngesikhathi elinde umprofethi uSamuweli. Kunokuba abe nesizotha, athembe ukuthi uJehova uzobasiza abantu bakhe, uSawule wanikela umhlatshelo wokushiswa nakuba ayengenalo igunya lokwenza kanjalo. Ngenxa yalokho, uJehova akabange esamamukela futhi wamala njengenkosi. (1 Sam. 13:8-14) Siyobe sihlakaniphile uma sifunda kulesi sibonelo esiyisixwayiso, sigweme ukwenza izinto esingenalo igunya lokuzenza.
Indlela Yokulondoloza Umoya Wokuzidela
8 Inkosi yakwa-Israyeli, uSawule, iyisibonelo esiyisixwayiso kithi sendlela ubugovu obungawuqeda ngayo umoya wokuzidela. USawule waqala ukubusa enesizotha futhi ethobekile. (1 Sam. 9:21) Wenqaba ukujezisa ama-Israyeli ayekhulume kabi ngobukhosi bakhe, ngisho noma kwakungafaneleka ukuba alwele isikhundla sakhe ayesinikwe uNkulunkulu. (1 Sam. 10:27) INkosi uSawule yamukela isiqondiso somoya kaNkulunkulu, yahola ama-Israyeli ekulweni nabakwa-Amoni futhi babanqoba. Ngemva kwalokho, yathobeka, yanikeza uJehova udumo ngalokho kunqoba.—1 Sam. 11:6, 11-13.
Abakwa-Amoni—Abantu Ababebuyisela Umusa Ngenzondo
Abakwa-Amoni base bephinde babuyisela umusa kaJehova ngenzondo. UJehova akazange akushaye indiva lokhu kusongela okubi. “UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawomazwi [kaNahashi]; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.” Ngaphansi kokuqondisa komoya kaNkulunkulu, uSawule waqoqa ibutho lamadoda empi angu-330<u2005>000 elabanqoba ngokuphelele abakwa-Amoni kangangokuthi “akusalanga kubo ababili bendawonye.”—1 Samuweli 11:6, 11.
Ingcebo Engokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi KaSamuweli Wokuqala
9:9—Yini ephawulekayo ngamazwi athi “umprofethi wanamuhla wayebizwa ngokuthi umboni ezikhathini zangaphambili”? La mazwi angase abonise ukuthi njengoba indima yabaprofethi yayiya ivelela ngezinsuku zikaSamuweli nangesikhathi samakhosi kwa-Israyeli, igama elithi “umprofethi” langena esikhundleni selithi “umboni.” USamuweli ungowokuqala ohlwini lwabaprofethi.—IzEnzo 3:24.
Amacebiso Okuqeqesha Abanye Ngokuphumelelayo.
16 Yiba nenhliziyo evumayo, ungazindeli. Lapho uSamuweli eqala ukuzwa ukuthi ama-Israyeli afuna inkosi engumuntu, wazizwa edumele futhi aliwe. (1 Samuweli 8:4-8) UJehova kwadingeka ukuba amtshele kathathu ukuba abalalele abantu ngoba uSamuweli wayengafuni ukubanika inkosi. (1 Samuweli 8:7, 9, 22) Nakuba uSamuweli ayenale mizwa, akazange abe nomhawu noma ayithukuthelele le ndoda eyayizothatha isikhundla sakhe njengomholi. Lapho uJehova emtshela ukuba agcobe uSawule, uSamuweli akazange azindele. Walalela ngenhliziyo evumayo, hhayi nje ngoba kwakumelwe, kodwa ngenxa yokuthi wayemthanda uJehova.
17 Kunabadala abaningi abanokuhlangenwe nakho namuhla abaye balingisa uSamuweli futhi baqeqesha abanye ngendlela enothando. (1 Petru 5:2) Laba badala abanomusa bazimisele ukufundisa abanye futhi abesabi ukuwahlanganyela nabafundi amanye amalungelo abanawo ebandleni. Kunalokho, banomuzwa wokuthi laba bazalwane ‘bayizisebenzi ezikanye nabo’ eziyigugu, eziyobasiza ekunakekeleni izidingo zebandla. (2 Korinte 1:24; Hebheru 13:16) Laba badala abangenabugovu bayakujabulela ukubona abafundi besebenzisa amakhono abo ekusizeni abantu bakaJehova.—IzEnzo 20:35.
18 Yiba umngane, hhayi nje umfundisi. Lapho uSamuweli ehlangana noSawule, lo mprofethi wayengamgcoba ngokushesha njengenkosi ngokuthatha amafutha awathele ekhanda lakhe. Le nkosi entsha yayiyobe igcotshiwe, kodwa yayiyobe ingakulungele ukuhola abantu bakaNkulunkulu. Kunokwenza kanjalo, uSamuweli wazinika isikhathi sokulungiselela inhliziyo kaSawule isabelo sakhe esisha. Ngaphambi kokuba amgcobe uSawule, badla ndawonye, bahamba ndawonye, baxoxa isikhathi eside futhi baze baphumula nokuphumula. USamuweli walinda isikhathi esifanele sokugcoba le nkosi entsha.
19 Kungokufanayo nanamuhla. Ngaphambi kokuba umdala aqale ukuqeqesha umzalwane, kufanele azame ukuba umngane womfundi. Lokho umdala akwenzayo ukuze enze umfundi akhululeke kuyohluka kuye ngezimo namasiko abo. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, uma uzinika isikhathi sokuba nomfundi esimisweni sakho esimatasa, umfundi uyobona ukuthi ubalulekile kuwe. (Funda eyabaseRoma 12:10.) Ngokuqinisekile, abafundi bayokwazisa kakhulu ukubakhathalela nokubanaka kwakho ngothando.
20 Kuyiqiniso ukuthi umfundisi ophumelelayo uyakuthanda ukuqeqesha abanye. Kodwa umfundisi ophumelelayo kumelwe athande nomuntu amqeqeshayo. (Qhathanisa noJohane 5:20.) Kungani lokhu kubalulekile? Kungoba uma umfundi enomuzwa wokuthi umkhathalela ngempela, uyozimisela ukufunda kuwe. Ngakho, badala, yenzani umzamo wokuba ningagcini ngokufundisa kuphela kodwa futhi nibe abangane abahle.—IzAga 17:17; Johane 15:15.