Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 2/1 k. 15
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Isibonelo Sendlela Yokuphatha Ababaleki
    I-Phaphama!—1996
  • “Ziboniseni Ningababongayo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 2/1 k. 15

Ingabe Bewazi?

Kwakuyini ukukhothoza futhi obani ababezuza kukho?

▪ UMthetho KaMose wawenqabela abalimi ukuba bavune sonke isivuno emasimini. Kunalokho, labo ababevuna okusanhlamvu kwakungafanele bavune ngokuphelele emaphethelweni ensimu. Labo ababebutha imivini kwakungafanele bacoshe ewele phansi noma babuye bazovuna eyayingakavuthwa ngesikhathi bevuna okokuqala. Nalabo ababevuthuza amagatsha ezihlahla zomnqumo kwakungafanele bakhe izithelo ezingawanga. (Levitikusi 19:9, 10; Duteronomi 24:19-21) Ngakho, abampofu, izintandane, abafelokazi nabafokazi abagogobele babengase bakwazi ukukhothoza—noma ukucosha—okusale ngesikhathi kuvunwa.

Lo mthetho wokukhothoza wawuzuzisa wonke ama-Israyeli. Wawukhuthaza umnikazi wensimu ukuba abe nesandla esivulekile futhi angabi yigovu kodwa athembele ezibusisweni zikaNkulunkulu. Wawukhuthaza ukukhuthala kulabo ababekhothoza ngoba kwakuwumsebenzi okhandlayo. (Ruthe 2:2-17) Ukukhothoza kwakwenza abampofu bangalali bengadlile noma babe umthwalo emphakathini. Kwakwenza nokuba bangalahlekelwa isithunzi ngenxa yokunxiba noma ukuthembela ekuphiweni abanye abantu.

Kungani uSolomoni alanda izingodo lé eLebhanoni ukuze akhe ithempeli eJerusalema?

▪ Ukulandisa okukweyoku-1 AmaKhosi 5:1-10 kuchaza isivumelwano esenziwa uSolomoni noHiramu, inkosi yaseThire. Ngokwaleso sivumelwano, izihlenge zomsedari nezingodo zomjunipha zaziyoyiswa kwa-Israyeli ngomkhumbi zisuka eLebhanoni bese kwakhiwa ngazo ithempeli.

Endulo iMpumalanga Ephakathi yayihwebelana kakhulu namanye amazwe ngomsedari. EGibhithe naseMesophothamiya, lolu khuni lwaluvame ukusetshenziswa njengezingodo zokusekela uphahla nokuhlobisa amathempeli nezigodlo. Indawo egcina izinto zakudala zasebukhosini, izincwadi nemibhalo eqoshiwe kufakazela ukuthi umsedari wawuthengwa kakhulu amadolobha nezifunda zaseningizimu yeMesophothamiya; ngezinye izikhathi wawuthathwa njengempango noma wawuba yinkokhelo. EGibhithe wawusetshenziselwa ukwakha izikebhe zasebukhosini, amabhokisi omngcwabo nezinye izinto ezihlobene nokungcwaba.

Umsedari waseLebhanoni wawuthandwa kakhulu ngenxa yokuthi uqinile, muhle futhi unephunga elimnandi, ingasaphathwa eyokuthi awudliwa umuhlwa. Ngakho, uSolomoni wakha ithempeli ngezinto zokwakha zezinga eliphezulu. Endulo, amahlathi ayegcwele izihlahla zomsedari ezintabeni zaseLebhanoni, kodwa namuhla kusele izihlahla ezimbalwa nje.

[Isithombe ekhasini 15]

Umfanekiso wasesigodlweni sikaSarigoni eSiriya obonisa ukuhanjiswa komsedari waseLebhanoni

[Umthombo]

Erich Lessing/Art Resource, NY

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela