Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo
© 2022 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
MASHI 6-12
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 IZIKRONIKE 23-26
“Ukukhonza Kwasethempelini Kuhleleka Kahle Kakhulu”
it-2-E 241
AmaLevi
Umsebenzi wamaLevi wawuhlelwe uqondiswa uDavide, owabeka abaqondisi, izikhulu, abahluleli, abalindisango nababengamele ingcebo kanye nabaningi ababesiza abapristi ethempelini, emagcekeni nasemagumbini okudlela, okuhlanganisa ukwenziwa kweminikelo, umsebenzi wokuhlanza, umsebenzi wokukala neminye imisebenzi yokuqapha. Abahlabeleli bamaLevi babehlelwe ngokwamaqembu angu-24 ngendlela efanayo nokuhlelwa kwabapristi, babekhonza ngokushintshana. Imisebenzi yayabiwa ngenkatho. Umsebenzi wokuba umlindi esangweni elithile, wawabiwa ngendlela efanayo.—1Kr 23; 25; 26; 2Kr 35:3-5, 10.
it-2-E 686
Umpristi
Inkonzo yabapristi yasethempelini yayihlelwe ngokwezigaba ezihlukahlukene. Kwakusetshenziswa inkatho ukuze kwabiwe imisebenzi ethile. Iqembu ngalinye kwangu-24 lalikhonza isonto elilodwa ngesikhathi futhi labelwa kabili ngonyaka. Ngokusobala, bonke abapristi babekhonza ngezikhathi zemikhosi lapho abantu benza imihlatshelo eminingi njengoba babenza ngenkathi kunikezelwa ithempeli. (1Kr 24:1-18, 31; 2Kr 5:11; qhathanisa no-2Kr 29:31-35; 30:23-25; 35:10-19.) Kwakwenzeka umpristi akhonze nangezinye izikhathi uma nje ayengaphazamisi imisebenzi eyabelwe abanye abapristi. Ngokwesiko lorabi, ngesikhathi uJesu esaphila emhlabeni, babebaningi abapristi, okwakwenza umsebenzi weviki uhlukaniswe ngokwemindeni eyakha lawo maqembu, umndeni ngamunye wawukhonza usuku olulodwa noma eziningi, kuye ngokuthi ungakanani.
it-2-E 451-452
Umculo
Lapho kwenziwa amalungiselelo ethempeli likaJehova, uDavide wakhetha amadoda angu-4000 angamaLevi ayezoba seqenjini lomculo. (1Kr 23:4, 5) Kulaba, abangu-288 “babengabahlabeleli abanekhono elihle abaqeqeshelwe ukuculela uJehova.” (1Kr 25:7) Lonke leli lungiselelo laliqondiswa abaculi abanekhono, u-Asafa uHemani noJeduthuni (ophinde abizwe ngo-Ethani). Njengoba la madoda ayeyinzalo yenye yamadodana amathathu kaLevi, uGereshomu, uKohati noMerari ngokulandelana, lezi zinduna ezintathu zemindeni yamaLevi zazimelela imindeni yazo emculweni wasethempelini. (1Kr 6:16, 31-33, 39-44; 25:1-6) Amadodana alamadoda amathathu ayengu-24 esewonke, ayephakathi kwabahlabeleli abanekhono abangu-288 okukhulunywe ngabo. Indodana ngayinye yayikhethwe kusetshenziswa inkatho ukuze ibe kwelinye lamaqembu omculo. Yayiba nabanye “abahlabeleli abanekhono” abangu 11 abangamadodana ayo kanye namanye amaLevi. Ngaleyo ndlela, abahlabeleli abanekhono bamaLevi abangu-288 ([1 + 11] × 24 = 288) babehlukaniswe ngokwamaqembu angu-24 njengabanye abapristi. Uma lonke iqembu labafundi ababesele abangu-3,712 lalihlukaniswa, kwakungaba namadoda angu-155 ngaphezulu eqenjini ngalinye kulawa angu-24, okusho ukuthi ayengu-13 amaLevi ayesezigatsheni ezihlukahlukene zabafundisa umculo futhi eqeqesha umculi ngamunye. (1Kr 25:1-31) Njengoba ababeshaya amacilongo kwakungabapristi, babeyingxenye yabahlabeleli bamaLevi.—2Kr 5:12; qhathanisa noNum 10:8
it-1-E 898
Abalindisango
EThempelini. Ngaphambi nje kokuba ife, iNkosi uDavide yahlela amaLevi nezisebenzi zasethempelini, okuhlanganisa abalindisango ababengu-4,000. Babeza izikhathi eziyisikhombisa ngokwamaqembu abo. Babeqapha indlu kaJehova, beqinisekisa ukuthi iminyango ivalwa futhi ivulwe ngesikhathi esifanele. (1Kr 9:23-27; 23:1-6) Ngaphandle komsebenzi wokuqapha, abanye babenakekela iminikelo eyayilethwa abantu ukuze isetshenziswe ethempelini. (2Kh 12:9; 22:4) Ngokuhamba kwesikhathi, lapho uJehoyada umpristi ophakeme egcoba uJehowashi njengenkosi, kwabekwa onogada abakhethekile emasangweni ethempeli ukuze baqaphe uJehowashi osemncane kulesi siqhwaga, iNdlovukazi u-Athaliya. (2Kh 11:4-8) Lapho iNkosi uJosiya iqeda ukukhulekelwa kwezithombe, abalindimnyango basiza ngokususa izitsha zasethempelini ezazisetshenziselwa ukukhulekela uBhali. Zabe sezishiselwa ngaphandle kwedolobha.—2Kh 23:4.
Amagugu Angokomoya
Ukukhulekela Kweqiniso Kuzokwenezela Enjabulweni Yakho
10 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sicula nabanye. (IHu. 28:7) Ama-Israyeli ayebheka ukucula njengengxenye ebalulekile yokukhulekela kwawo. INkosi uDavide yamisa amaLevi angu-288 ukuba abe abaculi ethempelini. (1 IziKr. 25:1, 6-8) Namuhla, singabonisa ukuthi siyamthanda uJehova lapho sicula izingoma zokumdumisa. Ukuba nephimbo elimtoti akuyona into ebaluleke kakhulu. Cabanga ngalokhu kuqhathanisa: Lapho sikhuluma, “sonke siyawenza amaphutha,” kodwa lokho akusivimbi ukuba sikhulume ebandleni nasenkonzweni. (Jak. 3:2, mbhw.) Ngendlela efanayo, akufanele sivumele ukukhathazeka ngamaphimbo ethu kusenze singamculeli uJehova izingoma zokumdumisa.
Inkulumo: w11 6/1 14-15—Isihloko: Kungani AmaKristu Ehlelwe Kahle?
Ibandla Lekhulu Lokuqala Lalihlelwe Kahle Kakhulu
Ukushumayela ngentshiseko kwabaphostoli nabafundi kwaholela ekutheni amabandla amaKristu amiswe ezingxenyeni eziningi ze-Asia neYurophu ekhulwini lokuqala. Nakuba lawo mabandla ayethé chithi saka, ayengazenzeli umathanda. Kunalokho, ayehlelwe kahle futhi ayezuza ekwengameleni kothando kwabaphostoli. Ngokwesibonelo, uThithu wathunywa umphostoli uPawulu ‘ukuba ahlele yonke into lapho.’ (Thithu 1:5, The Jerusalem Bible) UPawulu wabhalela amabandla aseKorinte wawatshela ukuthi abanye abazalwane ‘babenamandla okuhlela,’ noma ‘bengabahleli.’ (1 Korinte 12:28, The New Testament in Modern Speech; The Bible in Contemporary Language) Kodwa ubani owayebangela lokho kuhleleka? UPawulu wathi ‘uNkulunkulu wahlanganisa’ noma ‘wahlela’ ibandla.—1 Korinte 12:24; The Riverside New Testament.
Ababonisi abamisiwe ebandleni lobuKristu babengezona izingqongqo phezu kwamanye amakholwa. Kunalokho, ‘babeyizisebenzi ezikanye nawo’ ezilandela isiqondiso somoya kaNkulunkulu, futhi kwakulindeleke ukuba babe “yizibonelo emhlambini.” (2 Korinte 1:24; 1 Petru 5:2, 3) NguJesu Kristu ovusiwe okhonza ‘njengenhloko yebandla,’ hhayi umuntu nje noma iqembu lamadoda angaphelele.—Efesu 5:23.
Ngesikhathi ibandla laseKorinte liqala ukwenza izinto ngendlela ehlukile kwamanye amabandla, uPawulu wabhala: “Ini? Ingabe izwi likaNkulunkulu laphuma kini, noma ingabe lafinyelela kini kuphela?” (1 Korinte 14:36) UPawulu wabuza lo mbuzo ongadinge mpendulo ukuze alungise ukucabanga kwalo futhi alisize libone ukuthi kwakungafanele lenze elikuthandayo. Amabandla ayekhula futhi anda lapho elandela isiqondiso sabaphostoli.—IzEnzo 16:4, 5.
Indlela UNkulunkulu Abonisa Ngayo Uthando
Kuthiwani namuhla? Abanye bangase bangabaze ukuzihlanganisa nenhlangano engokwenkolo. Nokho, ubufakazi beBhayibheli bubonisa ukuthi uNkulunkulu ubelokhu esebenzisa inhlangano yakhe ukuze afeze injongo yakhe. Wahlela abakhulekeli bakhe kwa-Israyeli wasendulo, wahlela nendlela yokukhulekela yamaKristu ekhulu lokuqala.
Khona-ke, akuzwakali kunengqondo yini ukuphetha ngokuthi uJehova uNkulunkulu usabaqondisa ngendlela efanayo abantu bakhe njengoba enza esikhathini esedlule? Yebo, ukuhlela abakhulekeli bakhe nokubenza babe munye kuyindlela abonisa ngayo ukuthi uyabathanda futhi uyabakhathalela. Namuhla, uJehova usebenzisa inhlangano yakhe ukuze afeze injongo yakhe ngabantu. Singayibona kanjani inhlangano yakhe? Cabangela lezi zimpawu ezilandelayo.
▪AmaKristu eqiniso ahlelwe ngendlela yokuba akwazi ukufeza umsebenzi. (Mathewu 24:14; 1 Thimothewu 2:3, 4) UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kuzo zonke izizwe, okuwumsebenzi obungeke wenzeke ukube ibingekho inhlangano yomhlaba wonke. Ngokwesibonelo, ungakwazi ukupha umuntu oyedwa ukudla, kodwa uma kungase kudingeke uphe izinkulungwane, ngisho nezigidi, kungadingeka ube neqembu labantu elihlelekile nelisebenza ngokubambisana. Ukuze afeze umsebenzi wawo, amaKristu eqiniso asebenza ‘elinganisene ihlombe nehlombe,’ noma “ebambisene enkonzweni [kaNkulunkulu].” (Zefaniya 3:9; Byington) Kungenzeka yini ukuba abantu abavela ezizweni ezihlukahlukene, abakhuluma izilimi ezingafani nabayizinhlanga ezinhlobonhlobo bakwazi ukufeza umsebenzi wabo ngaphandle kwenhlangano enobunye? Impendulo isobala.
▪AmaKristu eqiniso ahlelwe ngendlela yokuba akwazi ukusekelana nokukhuthazana. Umqwali wezintaba ohamba yedwa angazikhethela ukuthi ufuna ukuyiqwala ngakuphi futhi akudingeki ukuba alokhu eqalaza izimfunda-makhwela. Nokho, uma engalimala noma angene enkingeni, uyoba sengozini enkulu ngoba uyothi, “We bani, asebelephi.” Ukuzehlukanisa akuhlakaniphile ngempela. (IzAga 18:1) Ukuze amaKristu afeze umyalo kaJesu kumelwe asizane futhi asekelane. (Mathewu 28:19, 20) Ibandla lobuKristu linikeza isiqondiso, ukuqeqesha nesikhuthazo esingokomBhalo esidingeka kakhulu ukuze bonke baqhubekele phambili bangakhathali. Ubeyoshonaphi umuntu uma efuna ukufundiswa izindlela zikaJehova ukube beyingekho imihlangano yobuKristu enikeza imfundo nesisiza ukuba sikhulekele uNkulunkulu?—Hebheru 10:24, 25.
▪AmaKristu eqiniso ahlelwe ngendlela yokuba akhonze uNkulunkulu ngobunye. Njengoba izimvu zikaJesu zilalela izwi lakhe, ziba “mhlambi munye” ngaphansi kokuhola kwakhe. (Johane 10:16) Azidukelanga emasontweni nasemaqenjini enkolo; izimfundiso zazo azingqubuzani. Kunalokho, zonke ‘zikhuluma ngokuvumelana.’ (1 Korinte 1:10) Ukuze sihlale ngobunye sidinga ukuhleleka, futhi ukuhleleka kudinga inhlangano. Isibusiso sikaNkulunkulu singasithola kuphela uma sinobunye.—IHubo 133:1, 3.
Uthando lwangempela ngoNkulunkulu nangeqiniso leBhayibheli luye lwadonsela izigidi zabantu enhlanganweni ebonisa lezi zimfanelo kanye nezinye eziseBhayibhelini. Njengabantu abahlelekile nabamunye, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke balwela ukwenza intando kaNkulunkulu. Baqinisekiswa ngalesi sithembiso sakhe: “Ngiyohlala phakathi kwabo futhi ngihambe phakathi kwabo, ngiyoba uNkulunkulu wabo, bona bayoba ngabantu bami.” (2 Korinte 6:16) Lesi sibusiso esimangalisayo singaba esakho nawe uma ukhulekela uJehova uNkulunkulu ukanye nenhlangano yakhe.
MASHI 13-19
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 IZIKRONIKE 27-29
“UBaba Weluleka Indodana Yakhe Ngothando”
Ukulondoloza Lokho Esiyikho NjengamaKristu
9 Zigculise ngamaqiniso eBhayibheli. Umuzwa walokho esiyikho njengezinceku zikaJehova ungaba buthaka uma ungasekelwe ngokuqinile olwazini lwemiBhalo. (Filipi 1:9, 10) Wonke umKristu—omncane nomdala—kudingeka azigculise yena ngokuthi lokho akukholelwayo kuyilo ngempela iqiniso eliseBhayibhelini. UPawulu wanxusa ayekholwa nabo: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Intsha engamaKristu esemikhayeni eyesaba uNkulunkulu kumelwe yazi ukuthi ayinakuthembela okholweni lwabazali bayo. USolomoni wakhuthazwa uyise uqobo, uDavide, ukuba ‘amazi uNkulunkulu kayise futhi amkhonze ngenhliziyo ephelele.’ (1 IziKronike 28:9) Kwakungeke kwanele ukuba uSolomoni osemncane agcine ngokubuka uyise akha ukholo lwakhe kuJehova. Kwakudingeka ukuba yena uSolomoni amazi mathupha uJehova, futhi wamazi. Wanxusa uNkulunkulu: “Nginike ukuhlakanipha nolwazi ukuze ngihole lesi sizwe.”—2 IziKronike 1:10.
Gcina Inhliziyo Yakho Iphelele KuJehova
13 Isifundo sisobala. Kuyancomeka uma sihlanganyela njalo emisebenzini emihle neyanelisayo enjengokuba khona emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Kodwa ukukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele kuhilela okwengeziwe. (2 IziKr. 25:1, 2, 27) Uma ekujuleni kwenhliziyo yakhe, umKristu eqhubeka ethanda “izinto ezingemuva”—okungukuthi, izici ezithile zendlela yezwe yokuphila—usengozini yokulahlekelwa ukuma okuhle anakho noNkulunkulu. (Luka 17:32) ‘Siyowufanelekela kahle uMbuso kaNkulunkulu’ kuphela uma ‘sikuzonda ngempela okubi futhi sibambelela kokuhle.’ (Roma 12:9; Luka 9:62) Ngakho-ke, sonke kudingeka siqiniseke ukuthi asivumeli lutho ezweni likaSathane, kungakhathaliseki ukuthi lubonakala luwusizo noma lujabulisa kangakanani, lusenze singazikhathaleli ngenhliziyo yonke izithakazelo zoMbuso.—2 Kor. 11:14; funda eyabaseFilipi 3:13, 14.
“Yiba Nesibindi . . . Futhi Uthathe Isinyathelo”
20 INkosi uDavide yakhumbuza uSolomoni ukuthi uJehova wayeyoba naye aze aqede ukwakha ithempeli. (1 IziKr. 28:20) USolomoni wawagxilisa engqondweni nasenhliziyweni yakhe amazwi kayise futhi akavumelanga ukuba ubusha bakhe nokuntula kwakhe ulwazi kumvimbe ekufezeni isabelo sakhe. Wabonisa isibindi, wathatha isinyathelo futhi ngosizo lukaNkulunkulu waqeda ukwakha ithempeli elibabazekayo ngeminyaka engu-7 nesigamu.
21 Njengoba nje uJehova asiza uSolomoni, nathi angasisiza sibe nesibindi futhi sifeze umsebenzi wethu emindenini yethu nasebandleni. (Isaya 41:10, 13) Lapho sibonisa isibindi ekukhulekeleni kwethu uJehova singaqiniseka ngokuthi uzosibusisa, manje nasesikhathini esizayo. Ngakho-ke, “yiba nesibindi . . . usebenze.”
Amagugu Angokomoya
Ukuba Umngane Lapho Ubungane Busengcupheni
UDavide wayenabanye abangane abamsekela ngobuqotho ezikhathini ezinzima. Omunye wabangane bakhe kwakunguHushayi, iBhayibheli elimbiza ngokuthi “umngane kaDavide.” (2 Sam. 16:16; 1 IziKr. 27:33) Kungenzeka ukuthi wayeyisikhulu segceke esasiwumngane wakhe, ngezinye izikhathi esasikhipha iziqondiso eziyimfihlo.
Lapho indodana kaDavide u-Absalomu izama ukuqhwaga isihlalo sobukhosi, ama-Israyeli amaningi alandela u-Absalomu, kodwa uHushayi akazange amlandele. Ngesikhathi uDavide ebaleka, uHushayi waya kuye. UDavide wezwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yokuvukelwa yindodana yakhe kanye nabanye ayebathembile. Nokho, uHushayi wahlala eqotho futhi wayezimisele ukubeka ukuphila kwakhe engozini ukuze afeze umsebenzi wakhe owawuzovimba lelo tulo. UHushayi akenzanga nje lowo msebenzi ngenxa yokuthi wayeyisikhulu segceke. Wabonisa ukuthi ungumngane oqotho.—2 Sam. 15:13-17, 32-37; 16:15–17:16.
MASHI 20-26
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 IZIKRONIKE 1-4
“INkosi USolomoni Yenza Isinqumo Esingahlakaniphile”
it-1-E 174 ¶5
Ibutho
Ngokuvumelana nomthetho kaSolomoni kwabhalwa isahluko esisha ezincwadini zomlando webutho lakwa-Israyeli. Ukubusa kwakhe kwakunokuthula, noma kunjalo wandisa izinqola namahhashi. (Bheka elithi CHARIOT.) Ngokuvamile, la mahhashi ayethengwa futhi elandwa eGibhithe. Kwadingeka kwakhiwe amadolobha kuyo yonke indawo ukuze kuhlale la maqembu ebutho lempi. (1Kh 4:26; 9:19; 10:26, 29; 2Kr 1:14-17) Nokho, uJehova akazange asibusise lesi senzo sikaSolomoni futhi ngenxa yokufa kwakhe nokuhlukaniswa kwemibuso ibutho lakwa-Israyeli lancipha. Njengoba u-Isaya abhala: Maye kulabo abaya eGibhithe beyofuna usizo, labo abathembela emahhashini, abathembela ezinqoleni zempi ngenxa yokuthi ziningi, nasemahhashini empi ngoba enamandla. Kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli, abamfuni uJehova.”—Isay 31:1.
it-1-E 427
Izinqola
Kwa-Israyeli akukaze kube nebutho lesizwe elalinezinqola kwaze kwaba inkathi yokubusa kukaSolomoni. Lokhu kwakungenxa yokuxwayisa kukaNkulunkulu ukuba inkosi ingazandiseli amahhashi njengokungathi ukuvikeleka kwesizwe kwakuncike kuwo. Lo mthetho walinganisela ukusetshenziswa kwezinqola, njengoba amahhashi ayesetshenziselwa ukudonsa lezi zinqola. (Dut 17:16) Lapho uSamuweli exwayisa abantu ngobunzima ababezobhekana nabo lapho bebuswa amakhosi angabantu, wathi kubo: “Iyothatha amadodana enu iwafake ebuthweni elihamba ngezinqola.” (1Sa 8:11) Lapho u-Absalomu no-Adoniya bezama ukuqhwaga ubukhosi, ngamunye wabo wazenzela inqola namadoda angu-50 ayezogijima phambi kwazo. (2Sa 15:1; 1Kh 1:5) Lapho uDavide enqoba inkosi yaseZoba, wazithathela izinqola zamahhashi ezingu-100.—2Sa 8:3, 4; 10:18.
Lapho ihlanganisa ibutho lakwa-Israyeli, iNkosi uSolomoni, yandisa izinqola zaba ngu-1,400. (1Kh 10:26, 29; 2Kr 1:14, 17) Ngaphezu kweJerusalema, amanye amadolobha ayaziwa ngokuthi amadolobha ezinqola ayenezindawo ezikhethekile zokunakekela zonke izinto ezisetshenziswa empini.—1Kh 9:19, 22; 2Kr 8:6, 9; 9:25.
Amagugu Angokomoya
Amaphuzu Avelele Encwadi YeziKronike Zesibili
1:11, 12. Isicelo sikaSolomoni sabonisa uJehova ukuthi le nkosi yayikufisa kakhulu ukuthola ukuhlakanipha nolwazi. Yebo, imithandazo yethu kuNkulunkulu yembula lokho okusezinhliziyweni zethu. Siyobe senza ukuhlakanipha lapho sikuhlolisisa esikusho emithandazweni yethu.
MASHI 27–APRIL 2
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 IZIKRONIKE 5-7
‘Inhliziyo Yami Iyoba Kuyo Ngaso Sonke Isikhathi’
Ningakuyeki Ukuhlangana Ndawonye
Kamuva, lapho uDavide eseyinkosi eJerusalema, wazwakalisa isifiso esinamandla sokwakha indlu ehlala njalo ezoletha inkazimulo kuJehova. Nokho, njengoba uDavide ayeyindoda yempi, uJehova wathi kuye: “Ngeke ulakhele indlu igama lami.” Kunalokho, wakhetha indodana kaDavide uSolomoni ukuba yakhe ithempeli. (1 IziKronike 22:6-10) Ngo-1026 B.C.E., uSolomoni wanikezela ithempeli ngemva kokulakha isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa nesigamu. UJehova wasamukela lesi sakhiwo, ethi: “Ngiyingcwelisile le ndlu oyakhile ngokubeka igama lami kuyo kuze kube phakade, amehlo ami nenhliziyo yami kuyoba kuyo ngaso sonke isikhathi.” (1 AmaKhosi 9:3) Uma nje ama-Israyeli ayehlala ethembekile, umusa kaJehova wawuyoba kuleyo ndlu. Kodwa uma ekushiya ukulunga, uJehova wayeyowususa umusa wakhe kuleyo ndawo, ‘indlu ngokwayo ibe amanxiwa.’—1 AmaKhosi 9:4-9, NW; 2 IziKronike 7:16, 19, 20.
it-2-E 1077-1078
Ithempeli
Umlando. Leli thempeli laba khona kwaze kwaba ngo-607 B.C.E., lapho libhujiswa yibutho laseBhabhiloni ngesikhathi kubusa iNkosi uNebukhadinezari. (2Kh 25:9; 2Kr 36:19; Jer 52:13) Ngenxa yokuthi u-Israyeli wawela ekukhulekeleni kwamanga, uNkulunkulu wavumela izizwe ukuba zihlukumeze uJuda neJerusalema, ngezinye izikhathi zithatha nomcebo wasethempelini. Ngezinye izikhathi ithempeli nalo lalinganakwa. INkosi uShishaki yaseGibhithe yaphanga ithempeli umcebo (ngo-993 B.C.E.) ngenkathi kubusa uRehobowamu indodana kaSolomoni, cishe ngemva nje kweminyaka engu-33 linikezekezelwe. (1Kh 14:25, 26; 2Kr 12:9) INkosi u-Asa (ngo-977-937 B.C.E.) yayiyihlonipha indlu kaJehova, kodwa ukuze ivikele iJerusalema, ngobuwula yafumbathisa iNkosi uBheni-hadadi I yaseSiriya ngesiliva nangegolide eyayilithathe engcebweni yethempeli ukuze inqamule isivumelwano eyasenza nenkosi yakwa-Israyeli uBhahasha.—1Kh 15:18, 19; 2Kr 15:17, 18; 16:2, 3.
Amagugu Angokomoya
Wazi “Inhliziyo Yabantwana Babantu”
Singathola induduzo emthandazweni kaSolomoni. Abanye bangase bangayiqondi ngokugcwele imizwa yethu esekujuleni—‘ukuhlupheka kwethu nobuhlungu bethu.’ (IzAga 14:10) Kodwa uJehova uyayazi inhliziyo yethu, futhi usikhathalela ngokujulile. Ngokuthulula isifuba sethu kuye ngomthandazo, singakwazi ukukhuthazelela izinkathazo zethu. IBhayibheli lithi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.
Inkulumo: w93 2/1 31—Isihloko: Kuthiwani Uma Umuntu Engakwazi Ukuba Khona ESikhumbuzweni Ngenxa Yezimo Ezithile Ezikhethekile?
Kwa-Israyeli wasendulo iPhasika laligujwa minyaka yonke ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala, okwakuthiwa uNisan (noma, uAbibi). Kodwa sithola ilungiselelo elikhethekile kuNumeri 9:10, 11: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova; ngenyanga yesibili [okwakuthiwa ulyyar, noma uZivi], ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.”
Phawula ukuthi lokhu akuzange kumise izinsuku ezimbili ezingafani zePhasika (uNisan 14 noma uZivi 14), umIsrayeli noma umkhaya owawungazikhethela kuzo kuye ngokuthi yiluphi oluvumelana nezimo zawa. Ilungiselela lesidla sePhasika ngenyanga yesibili lalilinganiselwe. KwakungelomIsrayeli owayengcolile ngokwesiko ngoNisan 14 noma ekude kakhulu nendawo umkhosi owawugujelwa kuyo ngokuvamile.
Okuwukuphela kwesibonelo esilotshiwe sokusetshenziswa kwalokhu kabanzi kwakungesikhathi lapho iNkosi ethembekile uHezekiya ivuselela ukugujwa koMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo. Sasingekho isikhathi sokuzilungiselela ngenyanga yokuqala (abapristi bengakalungi nabantu bengakabuthani), ngakho lagujwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yesibili.—2 IziKronike 29:17; 30:1-5.
Ngaphandle kwezimo ezinjalo ezingavamile, amaJuda ayegcina iPhasika ngosuku olwalumiswe uNkulunkulu. (Eksodusi 12:17-20, 41, 42; Levitikusi 23:5) UJesu nabafundi bakhe bagubha lomkhosi njengoba kwakufunwa wuMthetho, bengaluthathi kalula lolusuku. ULuka uyabika: “Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngala iphasika. Wathuma oPetru noJohane, wathi: Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”—Luka 22:7, 8.
Kulesosenzakala uJesu wamisa umkhasi waminyaka yonke amaKristu awazi njengeSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ukubaluleka kokuba khona kwamaKristu kulesosidlo akunakugcizelelwa ngokweqile. Lesi isenzakalo esibaluleke kakhulu onyakeni koFakazi BakaJehova. Amazwi kaJesu abonisa isizathu, wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19) Kanjala, ngamunye woFakazi BakaJehova kufanele ahlele kusasele izinyanga ukuba agcine usuku lwalomkhosi lukhululekile kunoma yimaphi amanye amalungiselelo. ISidlo SeNkosi Sakusihlwa siyogujwa ngaLwesibili, ngoApril 6, 1993, ngemva kokushona kwelanga endaweni yakini.
Ezimweni ezingavamile izima ezithile ezingalindelekile, ezinjengokugula noma ukwephuza kwezinto zokuhamba, zingase zivimbele umKristu ekubeni khona njengoba ebehlelile. Yini okufanele yenziwe esimweni esinjalo?
Phakathi nalomkhosi kudluliswa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu, futhi labo abaye bagcotshwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu futhi bakhethwa ukuba bayaphila ezulwini bayadla. (Mathewu 26:26-29; Luka 22:28-30) Uma umuntu obelokhu edla minyaka yonke kulonyaka evaleleke ekhaya noma esibhedlela ngenxa yokugula, abadala bebandla lakuleyondawo bayohlela ukuba omunye wabo ayise isinkwa newayini kogulayo, axoxe ngemibhalo yeBhayibheli efanelekile eqondene nalendaba, bese emnikeza izifanekiselo. Uma umKristu ogcotshiwe engekho ebandleni lakubo, kufanele ahlele ukuba aye ebandleni elisendaweni ayobe ekuyo ngalolosuku.
Ngenxa yalokhu, kuyoba ngaphansi kwezimo ezingavamile ngempela kuphela lapho umKristu ogcotshiwe kuyomelwe agubhe khona iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngemva kwezinsuku ezingu-30 (inyanga eyodwa egcwele), ngokuvumelana nomyalo okuNumeri 9:10, 11 nesibonelo esikweye-2 IziKronike 30:1-3, 15.
Labo besigaba ‘sezinye izimvu’ zikaJesu, abanethemba lokuphila okuphakade epharadesi emhlabeni, abekho ngaphansi komyala wakuhlanganyela esinkweni nasewayinini. (Johane 10:16) Kubaluleke ngempela ukuba babe khona kulamkhosi waminyaka yonke, kodwa abahlanganyeli ezifanekiselweni. Ngakho uma omunye wabo egula noma esohambweni futhi kanjalo angabibikho kunoma yiliphi ibandla ngalababusuku, angazifundela ngasese imibhala efanelekile (kuhlanganise nendaba kaJesu emisa lamkhosi) futhi athandazele isibusiso sikaJehova kulesenzakalo emhlabeni wonke. Kodwa kulokhu asikho isidingo sanoma yimaphi amalungiselelo engeziwe omhlangano noma ingxoxo ekhethekile engokweBhayibheli ngemva kwenyanga.
EPHRELI 10-16
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 IZIKRONIKE 8-9
“Yakwazisa Ukuhlakanipha”
Lapho Ukuphana Kuvama
Yebo, nenkosikazi yaseSheba yadela isikhathi sayo esiningi yenza nomzamo omkhulu ukuze ivakashele uSolomoni. Ngokusobala iSheba lalisendaweni eyaziwa ngokuthi iRepublic of Yemen namuhla; ngakho inkosikazi nehele layo lamakameli bahamba amakhilomitha angaphezu kuka-1 600 beya eJerusalema. Njengoba uJesu asho, “yeza ivela emaphethelweni omhlaba.” Kungani inkosikazi yaseSheba yenza umzamo omkhulu kangaka? Ngokuyinhloko yayizele ‘ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni.’—Luka 11:31.
Ukuvakasha Okwavuzwa Ngokucebile
Kungakhathaliseki ukuthi yezwa kanjani, le ndlovukazi yafika eJerusalema “nodwendwe olubabazekayo, namakamela athwele amafutha ebhalsamu negolide eliningi kakhulu namatshe ayigugu.” (1 AmaKhosi 10:2a) Abanye bathi “nodwendwe olubabazekayo” lalihlanganisa onogada ababehlomile. Lokhu kungaba okuqondakalayo, uma kucatshangelwa ukuthi le ndlovukazi yayisesikhundleni esihlonishwa kakhulu futhi iphethe izinto eziyigugu ezibiza amashumi ezigidi zamaRandi.
Nokho, phawula ukuthi le ndlovukazi yezwa ngodumo lukaSolomoni ngokuqondene ‘negama likaJehova.’ Ngakho lolu kwakungelona uhambo nje lwezebhizinisi. Kusobala ukuthi ngokuyinhloko le ndlovukazi yayizele ukuzokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni—mhlawumbe ngisho nokuzofunda okuthile ngoNkulunkulu wakhe, uJehova. Njengoba cishe yayiyinzalo kaShemu noma kaHamu, ababengabakhulekeli bakaJehova, kungenzeka ukuthi yayifisa ukwazi ngenkolo yokhokho bayo.
Ukuvakasha Okwavuzwa Ngokucebile
Ukuhlakanipha kukaSolomoni nokuchuma kombuso wakhe kwahlaba indlovukazi yaseSheba umxhwele kangangokuthi “wawungasekho umoya kuyo.” (1 AmaKhosi 10:4, 5, mbhw.) La mazwi abanye bawabheka njengasho ukuthi indlovukazi “yasala ibambe ongezansi.” Esinye isazi size sisikisele ukuthi yaquleka! Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, lokho indlovukazi eyakubona neyakuzwa kwayimangaza. Yathi izinceku zikaSolomoni zazijabula ngokukwazi ukuzwa lokhu kuhlakanipha kwenkosi, futhi yabonga uJehova ngokubeka uSolomoni esihlalweni sobukhosi. Yabe isipha inkosi izipho ezibizayo, igolide lilodwa nje lalingamaRandi angu-247 600 000 ngokwenani lanamuhla. USolomoni naye waletha izipho, wanika le ndlovukazi “konke eyayikufisa neyayikucelile.”—1 AmaKhosi 10:6-13.
it-2-E 990-991
USolomoni
Ngemva kokuba indlovukazi isibone ukukhazimula kwethempeli nendlu kaSolomoni, itafula lakhe, abaletha iziphuzo kanye nendlela oweta bakhe abagqoka ngayo nemihlatshelo eshiswayo eyayinikelwa njalo ethempelini, “yasala ibambe ongezansi,” ngakho yababaza, “Bheka! Kuncane kakhulu ebengikuzwile ngokuhlakanipha kwakho okubabazekayo. Uwudlula kude kakhulu umbiko engiwuzwile.” Ngemva kwalokho, yabe isisho ukuthi ziyajabula izinceku ezikhonza inkosi enjengaye. Ngenxa yakho konke lokhu yadumisa uJehova, yangcwelisa uJehova uNkulunkulu, owabonisa uthando ku-Israyeli ngokubeka uSolomoni waba inkosi eyayizokwenza izinqumo zokwahlulela nokulunga.—1Kh 10:4-9; 2Kr 9:3-8.
Amagugu Angokomoya
it-2-E 1097
Isihlalo sobukhosi
Isihlalo sobukhosi sombusi esichazwa ngokuningiliziwe yilesi esenziwa uSolomoni. (1Kh 10:18-20; 2Kr 9:17-19) Kubonakala sengathi “sasiseMphemeni Wesihlalo,” kwesinye sezakhiwo ezaziseNtabeni iMoriya eJerusalema. (1Kh 7:7) ‘Kwakuyisihlalo sobukhosi esikhulu sezinyo lendlovu esinamekwe ngegolide elicwengekile sinompheme oyindilinga ngaphezulu, kukhona nendawo yokubeka izingalo ngapha nangapha kwesihlalo.’ Nakuba isihlalo sobukhosi sasingenziwanga ngezinyo lendlovu kuphela, indlela esenziwe ngayo eyalandelwa ethempelini ibonisa ukuthi sasenziwe ngokhuni, sanamekwa ngegolide elicwengekile futhi sahlotshiswa ngokunameka izingxenye zezinyo lendlovu. Kobukele, isihlalo sobukhosi esinjalo singabonakala sengathi sonke senziwe ngezinyo lendlovu negolide. Ngemva kokuphawula ngezitebhisi eziyisithupha eziya esihlalweni sobukhosi, ukulandisa kuqhubeka kuthi: “Eceleni kwalezi zindawo zokubeka izingalo kumi amabhubesi amabili. Kwakukhona amabhubesi angu-12 ayemi ezitebhisini eziyisithupha, ngalinye limi ekugcineni kwesitebhisi ngasinye.” (2Kr 9:17-19) Lo mfanekiso webhubesi omelela igunya lokubusa uyafaneleka. (Gen 49:9, 10; IsA 5:5) Amabhubesi angu-12 abonakala ehambelana nezizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli, okungenzeka afanekisela ukuzithoba kwalezi zizwe nokusekela kwazo umbusi okulesi sihlalo sobukhosi. Kwakukhona nento yegolide yokubeka izinyawo ihlanganiswe nesihlalo sobukhosi. Ngendlela esichazwe ngayo, lesi sihlalo sobukhosi esakhiwe ngezinyo lendlovu negolide—ukuphakama kwaso, ukuma kompheme namabhubesi anamandla—sizidlula kude noma iziphi ezazikhona ngaleso sikhathi, noma ngabe zazitholwe abavubukuli, zivezwe njengezikhumbuzo noma zichazwe ezintweni eziqoshiwe. Njengoba olandisa indaba abona ngokucacile: “Awukho omunye umbuso owake wenza into efana naleyo.”—2Kr 9:19.
EPHRELI 17-23
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 IZIKRONIKE 10-12
“Zuza Eselulekweni Esihlakaniphile”
Wayengase Athole Izibusiso ZikaNkulunkulu
Cishe uRehobowamu wazithola esenkingeni. Uma enza lokho okufunwa abantu, yena nomndeni wakhe nalabo abasesigodlweni sakhe kwakungase kudingeke badele ubukhazikhazi ababenabo nezinto ababezithola kubantu. Ngakolunye uhlangothi uma enqaba abantu babengase bavukele. Wayezokwenzenjani? Inkosi yaqale yakhuluma namadoda amadala ayengabeluleki bakaSolomoni. Nokho, uRehobowamu wabe esefuna iseluleko ezinsizweni ezilingana naye. Elandela iseluleko sazo, uRehobowamu wanquma ukuphatha abantu ngokhahlo. Wabaphendula wathi: “Ngizokwenza ijoka lenu libe nzima kakhulu, futhi ngizonezela kulo. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngeziswebhu ezinameva.”—2 IziKr. 10:6-14.
Indlela Yokwenza Izinqumo Ezihlakaniphile
Futhi uJehova usilungiselela abavuthiwe ebandleni esingaxoxa nabo ngezinqumo zethu. (Efesu 4:11, 12) Nokho, lapho sixoxa nabanye, akumelwe silandele inkambo yalabo abaya kubantu abahlukahlukene kuze kube yilapho ekugcineni bethola lowo osho abafuna ukukuzwa. Bese belandela iseluleko sakhe. Futhi kufanele sikhumbule isibonelo esiyisixwayiso sikaRehobowamu. Lapho ebhekene nesinqumo esingathi sína, wathola iseluleko esihle ezimpungeni ezazikhonza noyise. Nokho, kunokulandela iseluleko sazo, waxoxa nezinsizwa akhula nazo. Elandela iseluleko sazo, wenza isinqumo esiwubuwula kakhulu futhi ngenxa yalokho walahlekelwa yingxenye enkulu yombuso wakhe.—1 AmaKhosi 12:1-17.
Lapho ufuna iseluleko, sifune kulabo abanokuhlangenwe nakho ekuphileni, abayazi kahle imiBhalo futhi abazihlonipha ngokujulile izimiso zokulunga. (IzAga 1:5; 11:14; 13:20) Lapho kungenzeka, zinike isikhathi uzindla ngezimiso ezihilelekile nangakho konke ukwaziswa okutholile. Njengoba uqala ukubona izinto ngokukhanyiselwa yiZwi likaJehova, cishe isinqumo esifanele siyocaca kakhudlwana.—Filipi 4:6, 7.
it-2-E 768 ¶1
URehobowamu
Lesi simo sengqondo ayesenaso uRehobowamu sokuzikhukhumeza samhlukanisa ngokuphelele neningi labantu. Isizwe sakwaJuda nesakwaBenjamini kuphela esaqhubeka sisekela indlu kaDavide, kuyilapho abapristi namaLevi avela kuyo yomibili imibuso kuhlanganise nabathile bezizwe eziyishumi nabo bayisekela.—1Kh 12:16, 17; 2Kr 10:16, 17; 11:13, 14, 16.
Amagugu Angokomoya
it-1-E 966-967
Idemoni Elinjengembuzi
Amazwi kaJoshuwa akuJoshuwa 24:14 abonisa ukuthi ama-Israyeli ayesethinteke ngezinga elithile ngenxa yokukhulekela kwamanga kwaseGibhithe ngesikhathi ehleli khona isikhashana, njengoba uHezekeli ebonisa ukuthi le mikhuba yobuqaba yaqhubeka ibahlupha esikhathini eside emva lokho. (Hez 23:8, 21) Ngalesi sizathu ezinye izazi zicabanga ukuthi kwabekwa umthetho ehlane owawuvimbela ama-Israyeli ukuba enzele ‘amademoni anjengezimbuzi imihlatshelo’ (Lev 17:1-7) nokuvimbela uJerobowamu ukuba amisa abapristi bakhe “bezindawo eziphakeme nabamademoni anjengezimbuzi nabamathole ayewenzile” (2Kr 11:15) okubonisa ukuthi phakathi kwama-Israyeli kwakunohlobo oluthile lokukhonzwa kwembuzi njengoba kwakudumile eGibhithe, ikakhulukazi enyakatho yeGibhithe. UHerodotus (II, 46) uthi amaGreki asusela inkolelo yawo ku-Pan naku-satyrs, konkulunkulu bokhuni bokuziphatha kabi abavezwa benezimpondo, umsila wembuzi nazinyawo zembuzi okwakususelwa kulokhu kukhulekelwa kwaseGibhithe. Abanye basikisela ukuthi isilwane esisamuntu salabonkulunkulu bamaqaba siwumsuka wokucabanga ngoSathane njengonomsila, izimpondo nezinyawo ezinezinselo okuwumkhuba ovamile kulabo abathi bangamaKristu bangeNkathi Yobumnyama.
Laba ababebonakala “benoboya” (seʽi·rimʹ) empeleni, babenabo, nakuba kungashiwongo. Nakuba abanye becabanga ngezimbuzi ezingokoqobo noma becabanga ngezithombe ezimise okwezimbuzi, lokho akusho ukuthi kwakunjalo noma eminye imibhalo ayinabo ubufakazi baleso simo. Igama elisetshenziswayo lingase libonise ukuthi ezingqondweni zalabo ababekhulekela labo nkulunkulu bamanga babebacabanga njengabafana nezimbuzi noma babebonakala benoboya. Noma, ukusetshenziswa kwegama elithi izimbuzi kulezi zikhombo ngokuvamile kungase kubonise ukuzidelela lezi zithombe ezikhulekelwayo, ngisho negama ezibizwa ngalo emibhalweni ehlukahlukene lisuselwa egameni elisho “ubulongwe,” nokho okungabonisi ukuthi lezi zithombe zazibunjwe ngobulongwe.—Lev 26:30; Dut 29:17.
Inkulumo: be 69 4-5—Isihloko: Qeqesha Ofunda Nabo IBhayibheli Lapho Becela Iseluleko
Uma umuntu ofundelwa iBhayibheli noma esikholwa naye ebuza ukuthi kufanele enzeni esimweni esithile, kufanele uphendule kanjani? Ungase ukwazi lokho wena ongakwenza. Kodwa umuntu ngamunye kumelwe athwale umthwalo wakhe siqu ngezinqumo azenza ekuphileni. (Gal. 6:5) Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi wakhuthaza abantu ayebashumayeza ukuba ‘balalele ngokholo.’ (Roma 16:26) Leso yisibonelo esihle sokuba sisilandele. Umuntu owenza izinqumo ukuze nje ajabulise lowo omfundela iBhayibheli noma omunye umuntu usuke ekhonza umuntu, akaphili ngokholo. (Gal. 1:10) Khona-ke, impendulo elula neqondile ingase ingamsizi lowo obuzayo.
Ungamphendula kanjani-ke ngendlela evumelana neziqondiso zeBhayibheli? Ungase umenze aqaphele izimiso nezibonelo ezifanelekile eziseBhayibhelini. Kwezinye izimo, ungase umbonise indlela yokucwaninga ukuze azitholele yena ngokwakhe lezo zimiso nezibonelo. Ungase ngisho uxoxe nangalezo zimiso nokubaluleka kwalezo zibonelo ngaphandle kokukusebenzisa esimweni enixoxa ngaso. Mbuze ukuthi kukhona yini akubonayo kuzo okungase kumsize enze isinqumo esihlakaniphile. Mkhuthaze ukuba acabangele ukuthi iyiphi inkambo engase ijabulise uJehova, esebenzisa lezi zimiso nezibonelo. Ngokwenza kanjalo, umsiza ukuba ‘aqeqeshe amandla akhe okuqonda ahlukanise kokubili okulungile nokungalungile.’—Heb. 5:14.
EPHRELI 24-30
INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | 2 IZIKRONIKE 13-16
“Thembela KuJehova—Nini?”
Zinsizwa—Ningabenza Kanjani Abanye Banethembe?
12 Iseyinsizwa, iNkosi u-Asa yayithobekile futhi inesibindi. Ngokwesibonelo, lapho engena esikhundleni sikayise u-Abhiya, waqeda ukukhonzwa kwezithixo. Waphinde “watshela uJuda ukuba afune uJehova uNkulunkulu wokhokho bakhe nokuba agcine uMthetho nomyalo.” (2 IziKr. 14:1-7) Ngesikhathi uZera umTopiya ehlasela amaJuda ngamasosha angu-1 000 000, ngokuhlakanipha u-Asa wacela usizo kuJehova wathi: “O Jehova, akunandaba kuwe ukuthi labo obasizayo baningi noma abanamandla. O Jehova Nkulunkulu wethu, sisize ngoba sithembele kuwe.” La mazwi amahle kangaka abonisa ukuthi u-Asa wayemethemba kangakani uJehova ukuthi uzokwazi ukumsindisa yena kanye nabantu bakhe. U-Asa wathembela kuBaba wakhe osezulwini futhi “uJehova wawahlula amaTopiya.”—2 IziKr. 14:8-12.
Zinsizwa—Ningabenza Kanjani Abanye Banethembe?
13 Cishe uzovuma ukuthi ukubhekana nebutho lamasosha angu-1 000 000 kwaba inselele enkulu, kodwa u-Asa wabhekana nayo ngokuphumelelayo. Nokho, ngokudabukisayo lapho u-Asa ebhekana nenye inselele engenkulu njengeyasekuqaleni, akazange acele usizo kuJehova. Lapho esongelwa inkosi embi yakwa-Israyeli uBhahasha, u-Asa wafuna usizo enkosini yaseSiriya. Leso sinqumo saholela enhlekeleleni! Esebenzisa umprofethi uHanana, uJehova watshela u-Asa: “Ngenxa yokuthi uthembele enkosini yaseSiriya wangathembela kuJehova uNkulunkulu wakho, ibutho lenkosi yaseSiriya liphunyukile esandleni sakho.” Empeleni, kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, u-Asa walwa izimpi ezingapheli. (2 IziKr. 16:7, 9; 1 AmaKh. 15:32) Sifundani?
Zinsizwa—Ningabenza Kanjani Abanye Banethembe?
14 Hlale uthobekile, uqhubeke uthembela kuJehova. Ngesikhathi ubhapathizwa, wabonisa ukuthi unokholo olukhulu kuJehova nokuthi uyamethemba. UJehova wakwamukela ngenjabulo njengelungu lomndeni wakhe. Okufanele ukwenze manje ukuqhubeka uthembela kuJehova. Kungase kubonakale kulula ukuthembela kuJehova lapho kumelwe wenze izinqumo ezibalulekile, kodwa wenzenjani ngezinye izikhathi? Ave kubalulekile ukuba uthembele kuJehova lapho wenza izinqumo, okuhlanganisa ngisho nalezo eziphathelene nezokuzijabulisa, umsebenzi wokuziphilisa nemigomo ozibekela yona ekuphileni! Ungathembeli ekuhlakanipheni kwakho. Kunalokho, funa izimiso zeBhayibheli ezizosebenza ezimweni zakho, bese wenza ngokuvumelana naleso siqondiso. (IzAga 3:5, 6) Uma wenza kanjalo, uyojabulisa uJehova futhi abasebandleni bayokuhlonipha.—Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12.—Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12.
Amagugu Angokomoya
Khonza UJehova Ngenhliziyo Ephelele!
7 Ngamunye kithi angahlola inhliziyo yakhe ukuze abone ukuthi iphelele yini kuNkulunkulu. Zibuze, ‘Ingabe ngizimisele ukujabulisa uJehova, ukumelela ukukhulekela kweqiniso nokuvikela abantu bakhe kunoma yiliphi ithonya elibi?’ Cabanga ngesibindi u-Asa okwadingeka abe naso ukuze amelane noMahakha, ‘owayeyindlovukazi’ yezwe! Kungenzeka ukuthi akekho umuntu omaziyo owenza njengoMahakha, kodwa zikhona izimo ongalingisa kuzo intshiseko ka-Asa. Ngokwesibonelo, ungenzenjani uma ilungu lomndeni wakho noma umngane wakho omkhulu ona, angaphenduki futhi kudingeke ukuba asuswe? Ingabe ubuyothatha isinyathelo esiwujuqu, uyeke ukuzihlanganisa naye? Inhliziyo yakho iyokushukumisela ukuba wenzeni?