-
UJehova Uzokukhumbula Kanjani?INqabayokulinda—2000 | Febhuwari 1
-
-
UJehova Uzokukhumbula Kanjani?
“NGIKHUMBULE, Nkulunkulu wami.” UNehemiya wamnxusa izikhathi eziningi uNkulunkulu ngalawo mazwi. (Nehemiya 5:19; 13:14, 31) Kungokwemvelo ukuthi lapho abantu besekucindezelekeni, banxuse uNkulunkulu ngamazwi anjengalawo.
Nokho, yini abantu abasuke beyicabanga lapho becela uNkulunkulu ukuba abakhumbule? Ngokusobala, banethemba lokuthi uNkulunkulu uyokwenza okungaphezu kokumane akhumbule amagama abo. Akungabazeki ukuthi banethemba elifanayo nelesinye sezelelesi ezabulawelwa eceleni kukaJesu. Leso selelesi, ngokungafani nesinye, sancenga uJesu: “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” Sasingafuni ukuba uJesu akhumbule ukuthi sasingubani nje kuphela kodwa sasifuna nokuba asenzele okuthile—asivuse.—Luka 23:42.
Ngokungaguquguquki, iBhayibheli libonisa ukuthi kuNkulunkulu, ‘ukukhumbula’ kusho ukuthatha isinyathelo esiqinisekile. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba sekuyizinsuku ezingu-150 umhlaba uphuphuma amanzi, “uNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, . . . uNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla.” (Genesise 8:1) Ngemva kwamakhulu athile eminyaka, uSamsoni, owayenziwe waba yimpumputhe futhi waboshwa amaFilisti, wathandaza: “Nkulunkulu, ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela.” UJehova wamkhumbula uSamsoni ngokumnika amandla angaphezu kwavamile ukuze akwazi ukuziphindiselela ezitheni zikaNkulunkulu. (AbAhluleli 16:28-30) UJehova wawubusisa umzamo kaNehemiya, futhi ukukhulekela kweqiniso kwabuyiselwa eJerusalema.
Umphostoli uPawulu wabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Uma sikhumbula uJehova ngokufuna ukwenza intando yakhe, njengoba kwenza izinceku zakhe ezithembekile zasendulo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyosikhumbula ngokusisiza ukuba sithole izidingo zethu zansuku zonke, ngokusisekela ekulingweni kwethu nangokusisindisa lapho ahlulela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.—Mathewu 6:33; 2 Petru 2:9.
-
-
Ungakujabulela Ukuvakashelwa?INqabayokulinda—2000 | Febhuwari 1
-
-
Ungakujabulela Ukuvakashelwa?
Ngisho nakuleli zwe elinezinkathazo, ungathola injabulo ngokuba nolwazi lweBhayibheli olunembile ngoNkulunkulu, uMbuso wakhe, nenjongo yakhe emangalisayo ngesintu. Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 30.
-