Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • si kk. 75-79
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-13—1 IziKronike

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi YeBhayibheli Ye-13—1 IziKronike
  • “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUQUKETHWE INCWADI YEZIKRONIKE ZOKUQALA
  • ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO
  • Funda Futhi Uzuze Ezincwadini Ezimbili ZeziKronike
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Amaphuzu Avelele Encwadi YeziKronike Zokuqala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-15—UEzra
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-14—2 IziKronike
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
si kk. 75-79

Incwadi YeBhayibheli Ye-13—1 IziKronike

Umlobi: UEzra

Yalotshelwa: EJerusalema (?)

Ukuloba Kwaphela: Cishe ngo-460 B.C.E.

Isikhathi Esihlanganisiwe: Ngemva kwezoku-⁠1 IziKronike 9:​44: 1077–1037 B.C.E.

1. Kungaziphi izindlela incwadi yeziKronike zokuQala iyingxenye ebalulekile nezuzisayo yomlando waphezulu?

INGABE incwadi yeziKronike zokuQala imane nje iwuhide lwezinhlu zozalo ezingenalutho olunye? Ingabe imane nje iwukuphindwa kwezincwadi zikaSamuweli nezamaKhosi? Lutho neze! Lena ingxenye ekhanyisayo nebalulekile yomlando waphezulu​—⁠eyayibalulekile ngosuku eyabhalwa ngalo ekuhleleni kabusha isizwe nokukhulekela kwaso, ebalulekile neyinzuzo ekuboniseni indlela yokukhulekela kwaphezulu ezinsukwini zakamuva, kuhlanganise nalolusuku lwanamuhla. Incwadi yeziKronike zokuQala iqukethe amanye amazwi amahle kunawo wonke okudumisa uJehova angatholakala kuyo yonke imiBhalo. Inikeza kusengaphambili umbono omuhle woMbuso kaJehova wokulunga, futhi kumelwe itadishwe ngokunenzuzo yibo bonke abathembele kulowoMbuso. Zombili izincwadi zeziKronike sekuyiminyaka zaziswa amaJuda nangamaKristu ngokufanayo. Umhumushi weBhayibheli uJerome wayenombono ophakeme ngencwadi yeziKronike zokuQala nezesiBili kangangokuthi wazibheka ‘njengezimelela iTestamente Elidala’ futhi wagomela ngokuthi “zisezingeni eliphezulu futhi zibaluleke kakhulu, kangangokuthi lowo othi ujwayelene nemibhalo engcwele, kodwa engazazi zona, umane nje uyazikhohlisa.”a

2. Yabhalelwani incwadi yeziKronike?

2 Ngokusobala lezincwadi ezimbili zeziKronike ekuqaleni zaziyincwadi eyodwa, noma umqulu, kamuva eyahlukaniswa ukuze iphatheke kalula. Yabhalelwani incwadi yeziKronike? Cabangela isimo sezinto. Ukuthunjelwa eBabiloni kwakuphele cishe eminyakeni engaba ngu-77 ngaphambili. AmaJuda ayesephinde ahlala ezweni lawo. Nokho, kwakukhona ukuthambekela okuyingozi kokuhlubuka ekukhulekeleni uJehova ethempelini elalakhiwe kabusha eJerusalema. UEzra wayegunyazwe inkosi yasePheresiya ukuba amise abahluleli nabafundisi bomthetho kaNkulunkulu (kanye nowenkosi) nokuba ahlobise indlu kaJehova. Izinhlu eziqondile zozalo zazidingekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu abagunyaziwe kuphela ababekhonza ezikhundleni zobupristi nokuba futhi kuqinisekiswe amafa ezizwe, abapristi ababesekelwa yiwo. Ngenxa yeziprofetho zikaJehova ngokuqondene noMbuso, kwakubalulekile futhi ukuba nombhalo ocacile nongathenjelwa wohlu lukaJuda nolukaDavide.

3. (a) Yini uEzra ayefisa ukuyifaka kumaJuda? (b) Kungani aqokomisa umlando wakwaJuda, futhi wakugcizelela kanjani ukubaluleka kokukhulekela okumsulwa?

3 UEzra wayefisa ngobuqotho ukuba amaJuda abuyiselwe awavuse ekunganakini kwawo futhi awafake ukuqaphela ukuthi ngempela ayeyizindlalifa zomusa wothando uJehova enza isivumelwano sawo. Ngakho, encwadini yeziKronike wawalandisa ngokugcwele ngomlando wesizwe nowendabuko yesintu, ehlehlela emuva aze ayofika kumuntu wokuqala, uAdamu. Njengoba umbuso kaDavide wawuyiyonanto esemqoka, waqokomisa umlando wakwaJuda, ewushiya cishe ngokuphelele umlando omubi ngokuphelele wombuso wezizwe eziyishumi. Waveza amakhosi amakhulu akwaJuda njengamatasa ekwakheni noma ekubuyiseleni ithempeli nahola ngentshiseko ekukhulekelweni kukaNkulunkulu. Waveza izono ezingokwenkolo ezaholela ekuweni kombuso, kuyilapho egcizelela futhi izithembiso zikaNkulunkulu zokubuyisela. Wagcizelela ukubaluleka kokukhulekela okumsulwa ngokugxilisa ukunakekela emininingwaneni eminingi ehlobene nethempeli, abapristi balo, amaLevi, izingcweti zomculo, nokunye. Kumelwe ukuba kwakukhuthaza kakhulu kumaIsrayeli ukuba nomlando ogxile esizathwini sokubuya kwawo ekuthunjweni​—⁠ukubuyiselwa kokukhulekelwa kukaJehova eJerusalema.

4. Ibuphi ubufakazi obuvumelana nokuthi uEzra ungumlobi wencwadi yeziKronike?

4 Buyini ubufakazi bokuthi uEzra wabhala incwadi yeziKronike? Amavesi amabili okuphetha incwadi yeziKronike zesiBili ayafana namavesi amabili esethulo encwadi kaEzra, futhi incwadi yeziKronike zesiBili iphela phakathi nomusho oqedelwa kuEzra 1:⁠3. Ngakho umlobi wencwadi yeziKronike kumelwe ukuba wayengumlobi wencwadi kaEzra. Lokhu kufakazelwa ngokwengeziwe ukuthi indlela yokuloba, ulimi, ukuhlelwa kwamagama, nokubhalwa kwawo encwadini yeziKronike nekaEzra kuyafana. Amanye amazwi akulezincwadi ezimbili awatholakali kwezinye izincwadi zeBhayibheli. UEzra, owaloba incwadi kaEzra, kumelwe ukuthi waloba nencwadi yeziKronike. Isiko lamaJuda liyasisekela lesiphetho.

5. UEzra wayenaziphi izimfanelo ngokwezwe nangokomoya?

5 Akekho owayekufanelekela kangcono kunoEzra ukuhlanganisa lomlando oyiqiniso nonembile. “Ngokuba uEzra wayebhekisé inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwaIsrayeli.” (Ezra 7:​10) UJehova wamsiza ngomoya ongcwele. Umbusi wezwe wasePheresiya wakuqaphela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okwakukuEzra wayesemnika isikhundla esiphakeme esifundeni sakwaJuda. (Ezra 7:​12-26) Esehlome kanjalo ngegunya laphezulu nelombuso, uEzra wayengahlanganisa ukulandisa kwakhe ekuthatha ezincwadini ezingcono kakhulu ezazitholakala.

6. Kungani singaqiniseka ngokunemba kwencwadi yeziKronike?

6 UEzra wayengumcwaningi ongavamile. Wacwaninga imibhalo emidala yomlando wamaJuda kanye naleyo eyayihlanganiswe abaprofethi abathembekile ababephila ngalezozikhathi kanye naleyo eyayihlanganiswe ababhali bemilando basemthethweni nabagcini bemilando yomphakathi. Eminye yemibhalo ayihlola kungenzeka kwakuyizincwadi zombuso wakwaIsrayeli nowakwaJuda, imibhalo yezinhlu zozalo, imilando eyabhalwa abaprofethi, nezincwadi okwakungezezinhloko zezizwe noma zemikhaya. UEzra uphawula okungenani engu-20 imithombo enjalo yokwaziswa.b Ngokuyisho ngokucacile lemithombo, ngokwethembeka uEzra wanikeza abantu ayephila nabo ithuba lokuhlola imithombo acaphune kuyo uma babefisa ukwenza kanjalo, futhi lokhu kweneza isigqi ephuzwini lokukholeleka kwamazwi akhe nobuqiniso bawo. Thina namuhla singaqiniseka ngokunemba kwezincwadi zeziKronike ngesizathu esifanayo amaJuda esikhathi sikaEzra ayeqiniseka ngaso.

7. Yabhalwa nini incwadi yeziKronike, obani abaye bayibheka njengeyiqiniso, futhi ihlanganisa yiphi inkathi yesikhathi?

7 Njengoba uEzra ‘akhuphuka eBabele’ ngonyaka wesikhombisa wenkosi yasePheresiya uAritahishashita Longimanus, okwakungu-468 B.C.E., futhi uEzra engabhali lutho ngokufika kukaNehemiya okuphawulekayo ngo-455 B.C.E., kumelwe ukuba incwadi yeziKronike yaqedwa ukubhalwa phakathi kwaleminyaka, cishe ngonyaka ka-460 B.C.E., eJerusalema. (Ezra 7:​1-⁠7; Neh. 2:​1-18) AmaJuda osuku lukaEzra amukela incwadi yeziKronike njengeyingxenye yangempela yayo ‘yonke imiBhalo ephefumlelwe uNkulunkulu futhi enenzuzo.’ Ayibiza ngokuthi yiDiv·rehʹ Hai·ya·mimʹ, okusho ukuthi “Izindaba Zezinsuku,” okungukuthi, umlando wezinsuku noma wezikhathi. Eminyakeni engaba ngu-200 kamuva, abahumushi beSeptuagint yesiGreki nabo bafaka incwadi yeziKronike njengeyingxenye yohlu lwezincwadi zeBhayibheli. Bayihlukanisa lencwadi yaba izingxenye ezimbili, futhi, beyibheka njengenezela encwadini kaSamuweli neyamaKhosi noma kulo lonke iBhayibheli langalesosikhathi, bayibiza ngokuthi yiPa·ra·lei·po·meʹnon, okusho ukuthi “Izinto Ezeqiwe (Ezingashiwongo; Ezishiyiwe).” Nakuba leligama lingafaneleki ngempela, isenzo sabo sisabonisa ukuthi babebheka incwadi yeziKronike njengewumBhalo oyiqiniso nophefumlelwe. Lapho elungiselela iVulgate yesiLatini, uJerome wasikisela: “Singa[yi]biza ngokucace ngokwengeziwe ngokuthi yiKhro·ni·konʹ yawo wonke umlando waphezulu.” Kubonakala sengathi isihloko esithi “IziKronike” sathathwa lapha. Ichronicle umlando wezenzakalo ngokulandelana kwezikhathi ezenzeka ngazo. Ngemva kokuveza uhlu lwazo lozalo, incwadi yeziKronike zokuQala ikhuluma ngokuyinhloko ngesikhathi seNkosi uDavide, kusukela ku-1077 B.C.E. kuze kuyoba sekufeni kwakhe.

OKUQUKETHWE INCWADI YEZIKRONIKE ZOKUQALA

8. Incwadi yeziKronike zokuQala ihlukana ibe iziphi izingxenye ezimbili?

8 Lencwadi yeziKronike zokuQala izihlukanela yona ngokwayo ibe izingxenye ezimbili: izahluko zokuqala ezingu-⁠9, eziphathelene ngokuyinhloko nezinhlu zozalo, nezahluko zokugcina ezingu-20, ezihlanganisa izenzakalo ezenzeka phakathi neminyaka engu-40 esukela ekufeni kukaSawule kuze kube sekupheleni kokubusa kukaDavide.

9. Kungani singekho isizathu sokukhetha usuku lwakamuva njengesikhathi sokubhalwa kwencwadi yeziKronike?

9 Izinhlu zozalo (1:⁠1–9:​44). Lezizahluko zinikeza uhlu lozalo kusukela kuAdamu kwehle kuze kuyofika ohlwini lukaZerubabele. (1:⁠1;  3:​19-24) Ukuhumusha kwezinguqulo eziningi kuqhuba uhlu lukaZerubabele kuyolufikisa esizukulwaneni seshumi. Njengoba abuyela eJerusalema ngo-537 B.C.E., kwakungeke kube nesikhathi esanele sokuba kube sekuzelwe izizukulwane eziningi kangako ngo-460 B.C.E., isikhathi uEzra ngokusobala aqeda ngaso ukuloba. Nokho, umbhalo wesiHeberu awuphelele kulengxenye, futhi akunakutholakala ukuthi amadoda amaningi abhaliwe ayehlobene kanjani noZerubabele. Ngakho, asikho isizathu sokukhetha isikhathi sakamuva njengesikhathi sokubhalwa kwencwadi yeziKronike, njengoba abanye benza.

10. (a) Iziphi izizukulwane ezinikezwa kuqala? (b) Iluphi uhlu lozalo olulandelelwayo ngokunengqondo ekuqaleni kwesahluko sesibili? (c) Iziphi ezinye izinhlu ezibhalwayo, eziphela ngani?

10 Okokuqala kunikezwa izizukulwane eziyishumi kusukela kuAdamu kuya kuNowa, bese kuba izizukulwane eziyishumi ukuyofika kuAbrahama. Kubalwa amadodana ka-Abrahama nenzalo yawo; inzalo kaEsawu nekaSeyiri, ababehlala endaweni enezintaba yaseSeyiri; namakhosi okuqala akwaEdomi. Nokho, kusukela esahlukweni sesibili umlando uphathelene nenzalo kaIsrayeli, noma uJakobe, okulandelelwa uhlu lozalo kusukwa kuye okokuqala ngoJuda bese kuba ngezizukulwane eziyishumi ukuya kuDavide. (2:​1-14) Lubhaliwe nohlu lwezinye izizwe, kubhekiselwa ngokukhethekile esizweni sakwaLevi nakubapristi abakhulu, futhi kuphethwa ngohlu lozalo lwesizwe sakwaBenjamini ngenjongo yokusethula eNkosini uSawule, ongowakwaBenjamini, ukulandisa komlando okube sekuqala ngaye. Ngezinye izikhathi kungabonakala kunokuphikisana phakathi kwezinhlu zozalo zikaEzra nezinye izindima zeBhayibheli. Nokho, kumelwe kukhunjulwe ukuthi abanye abantu babaziwa nangamanye amagama nokuthi ukushintsha kolimi nokudlula kwesikhathi kungayiguqula indlela yokubhalwa kwamanye amagama. Ukutadisha ngokucophelela kuyabuqeda ubunzima obuningi.

11. Nikeza izibonelo zokunye ukwaziswa okuzuzisayo okufakwe lapha nalaphaya emlandweni wezinhlu zozalo.

11 Ezinhlwini zakhe zozalo uEzra uhambe efaka lapha nalaphaya amajwaphu okwaziswa okuphathelene nomlando kanye nesimo sendawo okusiza ekucaciseni nasekunikezeni izikhumbuzo ezibalulekile. Ngokwesibonelo, lapho ebhala uhlu lwenzalo kaRubeni, uEzra unezela ukwaziswa okubalulekile: “Amadodana kaRubeni, izibulo likaIsrayeli​—⁠ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana kaIsrayeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo. Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.” (5:​1, 2) Kuningi okuchazwa kulamazwi ambalwa. Ngaphezu kwalokho, kusencwadini yeziKronike kuphela lapho sifunda khona ukuthi uJowabe, uAmasa, noAbishayi bonke babengabashana bakaDavide, okusisiza siqonde izenzakalo ezihlukahlukene ezihlobene nabo.​—⁠2:​16, 17.

12. Ziyini izimo ezizungeze ukufa kukaSawule?

12 Ukungathembeki kukaSawule kuphumela ekufeni kwakhe (10:​1-14). Ukulandisa kuqala ngokuhlasela kwamaFilisti empini yaseNtabeni yaseGilibowa. Amathathu amadodana kaSawule, kuhlanganise noJonathani, ayabulawa. Khona-ke uSawule uyalimala. Engafisi ukuthunjwa isitha, uncenga udibi lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone.” Lapho udibi lwezikhali zakhe lwenqaba, uSawule uyazibulala. Ufa kanjalo-ke uSawule “ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, engabuzanga kuJehova.” (10:​4, 13, 14) UJehova uwunika uDavide umbuso.

13. UDavide uchuma kanjani embusweni?

13 UDavide uyaqiniswa embusweni (11:⁠1–12:​40). Ngokuhamba kwesikhathi izizwe ezingu-12 zibuthana kuDavide eHebroni futhi zimgcoba njengenkosi phezu kwawo wonke uIsrayeli. Uthumba iSiyoni futhi ‘uyaqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova-Sebawoti unaye.’ (11:⁠9) Kumiswa amadoda anamandla phezu kwamabutho, futhi ngawo, uJehova usindisa “ngokusindisa okukhulu.” (11:​14) UDavide uthola ukusekelwa okubumbene njengoba amadoda empi ebuthana nganhliziyonye ezomenza inkosi. Kuba nedili nokwethaba kwaIsrayeli.

14. UDavide uqhuba kanjani ekulweni namaFilisti, futhi isiphi isenzakalo esinika ukholo esiholela engomeni yenjabulo?

14 UDavide nomphongolo kaJehova (13:⁠1–16:​36). UDavide ubhunga nabaholi besizwe, futhi bayavuma ukuthuthela uMphongolo eJerusalema bewususa eKiriyati-Jeharimi, lapho osuhlale khona iminyaka engaba ngu-70. Endleleni, u-Uza uyafa ngenxa yokungayinaki ngendelelo imiyalo kaNkulunkulu, futhi uMphongolo ushiywa okwesikhashana ekhaya likaObede-Edomi. (Num. 4:​15) AmaFilisti ayaphinda futhi ayahlasela, kodwa uDavide uwanqoba kabili, eBali-Pherasimi naseGibeyoni. Eyalwe uDavide, amaLevi manje alandela inqubo engokwasezulwini lapho eyisa uMphongolo ngokulondeka eJerusalema, lapho ubekwa khona etendeni uDavide alimisele wona, phakathi kokusina nokujabula. Kunikelwa ngomhlatshelo futhi kuyahlatshelelwa, uDavide ngokwakhe enikela ngengoma yokubonga uJehova ngalesehlakalo. Umvuthwandaba waso omkhulu ufinyelelwa ngengoma ethi: “Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi.” (1 IziKr. 16:​31) Yeka isehlakalo esishukumisayo, nesinika ukholo! Kamuva lengoma kaDavide isetshenziswa njengesisekelo sezingoma ezintsha enye yazo eyiHubo 96. Enye ilotshwe emavesini okuqala angu-15 eHubo 105.

15. UJehova usiphendula ngasiphi isithembiso esimangalisayo isicelo sikaDavide sokwakha indlu yokukhulekela okunobunye?

15 UDavide nendlu kaJehova (16:​37–17:​27). Manje kuba khona ilungiselelo elingavamile kwaIsrayeli. Umphongolo wesivumelwano uhlala etendeni eJerusalema lapho uAsafa nabafowabo bengabalindi khona, kuyilapho amamayela ambalwa ukuya enyakatho-ntshonalanga yeJerusalema eGibeyoni, uSadoki umpristi omkhulu nabafowabo benikela etabernakele ngeminikelo eyaleziwe. Ecabanga njalo ngokuphakamisa nangokwakha ubunye ekukhulekelweni kukaJehova, uDavide ubonisa isifiso sakhe sokwakha indlu yomphongolo kaJehova wesivumelwano. Kodwa uJehova uthi akusiye uDavide kodwa yindodana yakhe ezomakhela indlu uthi futhi ‘uyoqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube-phakade,’ ebonisa umusa wothando onjengokababa endodaneni. (17:​11-13) Lesithembiso sikaJehova esimangalisayo​—⁠lesivumelwano sombuso waphakade⁠—​simthinta inhliziyo uDavide. Ukubonga kwakhe kuyachichima lapho ecela ukuba igama likaJehova “liqiniseke, libe-likhulu . . . kuze kube-phakade” nokuba isibusiso saKhe sibe phezu kwendlu kaDavide.​—⁠17:⁠24.

16. Isiphi isithembiso uJehova asigcwalisayo ngoDavide, kodwa uDavide wona kanjani?

16 Ukunqoba kukaDavide (18:⁠1–21:​27). NgoDavide, uJehova manje ugcina isithembiso saKhe sokunikeza imbewu ka-Abrahama lonke iZwe Lesithembiso. (18:⁠3) Ochungechungeni olusheshayo lokunqoba, uJehova ‘uyamnqobisa uDavide’ nomaphi lapho eya khona. (18:⁠6) Ngokunqoba okukhulu ezimpini, uDavide uthobisa amaFilisti, unqoba abakwaMowabi, wehlula abaseSoba, uphoqa abaseSiriya ukuba bakhokhe intela, futhi unqoba uEdomi noAmoni kanye noAmaleki. Nokho, uSathane ubangela uDavide ukuba abale uIsrayeli kanjalo one. UJehova uthumela isifo njengesijeziso kodwa ngomusa uyasiphelisa esibuyeni sikaOrinani, ngemva kokuba kufe abangu-⁠70-​000.

17. Imaphi amalungiselelo uDavide awenzela ukwakhiwa kwendlu kaJehova, futhi umkhuthaza kanjani uSolomoni?

17 Ukulungiselela kukaDavide ithempeli (21:​18–22:​19). UDavide uthola isaziso sengelosi ngoGadi sokuba “amisele uJehova ialtare esibuyeni sikaOrinani umJebusi.” (21:​18) Ngemva kokuba ethenge leyondawo kuOrinani, ngokuthobeka uDavide unikela ngemihlatshelo lapho futhi uthandaza kuJehova, omphendula “ngomlilo ealtare lomnikelo wokushiswa.” (21:​26) UDavide uphetha ngokuthi uJehova ufuna ukuba indlu yakhe yakhiwe lapho, futhi uqala umsebenzi wokulungisa nokuqoqa izinto zokwakha, ethi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba-nkulu, ibatshazwe, ibe-negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” (22:⁠5) Uchazela uSolomoni ukuthi uJehova akamvumelanga ukuba ayakhe indlu, njengoba ebe indoda yempi negazi. Uyala indodana yakhe ukuba ibe nesibindi futhi ibe namandla kulomsebenzi, ethi: “Suka usebenze; uJehova makabe-nawe.”​—⁠22:⁠16.

18. Ukubalwa kwabantu kwenziwa ngayiphi injongo?

18 UDavide uhlelela ukukhulekelwa kukaJehova (23:⁠1–29:​30). Kubalwa abantu, kulokhu ngokwentando kaNkulunkulu, ukuze kuhlelwe kabusha izinkonzo zabapristi nezamaLevi. Lapha izinkonzo zamaLevi zichazwe ngokuningilizwe ngaphezu kwanoma iyiphi enye indawo emiBhalweni. Kube sekuchazwa ukwahlukana kwezinkonzo zenkosi.

19. UDavide umthuma ngamaphi amazwi uSolomoni, imaphi amapulani awanikezayo, futhi ubeka siphi isibonelo esihle?

19 Ngasekupheleni kokubusa kwakhe okunezigameko, uDavide ubutha izikhulu zaso sonke isizwe, “ibandla likaJehova.” (28:⁠8) Inkosi ima ngezinyawo. “Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu.” Khona-ke ikhuluma nazo ngokuqondene nesifiso senhliziyo yayo, ‘indlu kaNkulunkulu.’ Phambi kwazo ithuma uSolomoni: “Wena-Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube-phakade. Bheka manje, ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe-yindlu engcwele, qina, ukwenze.” (28:​2, 9, 10, 12) Inikeza uSolomoni osemncane amapulani okwakha anemininingwane atholakale kuJehova ngokuphefumlelwa futhi inikela ngengcebo yayo siqu eningi emsebenzini wokwakha​—⁠amatalenta angu-⁠3 000 egolide namatalenta angu-⁠7 000 esiliva, ekuqongelelele lenjongo. Zinalesibonelo esihle kanjalo phambi kwazo, izikhulu nabantu zisabela ngokunikela ngegolide elingamatalenta angu-⁠5 000 namadarike angu-10 000 nesiliva elingamatalenta angu-10 000, kanye nensimbi eningi nethusi eliningi.c (29:​3-⁠7) Abantu bayathokoza kakhulu ngalelilungelo.

20. Iliphi iqophelo eliphakeme elifinyelwayo ngomthandazo kaDavide wokugcina?

20 UDavide ube esedumisa uJehova ngomthandazo, evuma ukuthi wonke lomnikelo omningi eqinisweni uvelé esandleni saKhe futhi enxusela abantu noSolomoni isibusiso saKhe esiqhubekayo. Lomthandazo kaDavide wokugcina ufinyelela iqophelo eliphakeme ngokuphakamisa umbuso kaJehova negama laKhe elikhazimulayo: “Mawubongwe wena-Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli ubaba kuze kube-phakade. Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.”​—⁠29:​10-⁠13.

21. Incwadi yeziKronike zokuQala iphela ngaliphi izinga eliphakeme?

21 USolomoni ugcotshwa okwesibili futhi uqala ukuhlala “esihlalweni sobukhosi sikaJehova” esikhundleni sikaDavide osegugile. Ngemva kokubusa iminyaka engu-40, uDavide ufa “esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo.” (29:​23, 28) Khona-​ke uEzra uphetha incwadi yeziKronike zokuQala ngezinga eliphakeme, egcizelela ukuphakama kombuso kaDavide ngaphezu kwayo yonke imibuso yezizwe.

ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO

22. AmaIsrayeli ayekanye noEzra akhuthazwa kanjani incwadi yeziKronike zokuQala?

22 AmaIsrayeli ayekanye noEzra azuza kakhulu encwadini yakhe. Njengoba ayenalomlando ohlangene onombono omusha nonika ithemba, awazisa umusa kaJehova wothando awenza kuwo ngenxa yokuthembeka kwakhe esivumelwaneni soMbuso asenza neNkosi uDavide nangenxa yegama lakhe. Ekhuthazekile, akwazi ukuqhubeka nokukhulekela uJehova ngentshiseko evuselelwe. Izinhlu zozalo zaqinisa ukuthembela kwawo ebapristini ababekhonza ethempelini elalakhiwe kabusha.

23. UMathewu, uLuka, noStefanu bayisebenzisa kahle kanjani incwadi yeziKronike zokuQala?

23 Incwadi yeziKronike zokuQala yayizuzisa kakhulu futhi ebandleni lamaKristu akuqala. OMathewu noLuka bakwazi ukusebenzisa izinhlu zayo zozalo ekuvezeni ngokucacile ukuthi uJesu Kristu ‘wayeyindodana kaDavide’ futhi enguMesiya ngelungelo elingokomthetho. (Math. 1:​1-16; Luka 3:​23-38) Lapho ephetha ubufakazi bakhe bokugcina, uStefanu wakhuluma ngesicelo sikaDavide sokwakhela uJehova indlu nangokuyakha kukaSolomoni. Khona-ke wabonisa ukuthi “oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla,” ebonisa ukuthi ithempeli losuku lukaSolomoni lalifanekisela izinto zasezulwini ezikhazimula kakhulu.​—⁠IzE. 7:​45-⁠50.

24. Yini esingayithatha namuhla esibonelweni sikaDavide esikhazimulayo?

24 Kuthiwani ngamaKristu eqiniso namuhla? Incwadi yeziKronike zokuQala kufanele yakhe futhi ishukumise ukholo lwethu. Kuningi esingakuthatha esibonelweni sikaDavide esikhazimulayo. Yeka ukuthi wayengafani kanjani noSawule ongenalukholo, ngokubuza njalo kuJehova! (1 IziKr. 10:​13, 14; 14:​13, 14; 17:​16; 22:​17-19) Ekukhuphuleleni umphongolo kaJehova eJerusalema, kumahubo akhe okudumisa, ekuhleleleni kwakhe amaLevi inkonzo, nasesicelweni sakhe sokwakhela uJehova indlu ekhazimulayo, uDavide wabonisa ukuthi uJehova nokukhulekelwa kwaKhe kwakuza kuqala engqondweni yakhe. (16:​23-29) Wayengesona isikhonondi. Akazange azifunele amalungelo akhethekile kodwa wafuna ukwenza intando kaJehova kuphela. Kanjalo, lapho uJehova abela indodana yakhe ukwakha indlu, wayiyala ngenhliziyo yonke indodana yakhe futhi wanikela ngesikhathi, amandla, nangengcebo yakhe ekulungiseleleni umsebenzi owawuzoqala ngemva kokufa kwakhe. (29:​3, 9) Isibonelo esihle ngempela sokuzinikela!​—⁠Heb. 11:⁠32.

25. Incwadi yeziKronike zokuQala kufanele isishukumisele ukuba saziseni ngegama likaJehova nangoMbuso wakhe?

25 Khona-ke kunezahluko zokuphetha ezingumvuthwandaba. Ulimi oluhle uDavide adumisa ngalo uJehova nakhazimulisa ngalo ‘igama lakhe elitusekayo’ kufanele lusibangele ukuba silazise ngenjabulo ilungelo lethu lanamuhla lokwenza inkazimulo kaJehova noMbuso wakhe ngoKristu kwaziwe. (1 IziKr. 29:​10-13) Kwangathi ukholo nenjabulo yethu kungafana njalo nokukaDavide njengoba sibonisa ukubonga ngoMbuso kaJehova waphakade ngokuzidela enkonzweni yaKhe. (17:​16-27) Ngempela, incwadi yeziKronike zokuQala yenza isihloko seBhayibheli soMbuso kaJehova ngeMbewu yakhe sikhazimule ngobuhle ukwedlula noma inini ngaphambili, isishiya silindele izambulo ezengeziwe ezivusa amadlingozi zezinjongo zikaJehova.

[Imibhalo yaphansi]

a ICommentary kaClarke, Umq. II, ikhasi 574.

b Insight on the Scriptures, Umq. 1, amakhasi 444-⁠5.

c Insight on the Scriptures, Umq. 2, ikhasi 1076.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela