Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwbr23 Septhemba kk. 1-14
  • Izikhombo “Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izikhombo “Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo”
  • Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2023
  • Izihlokwana
  • SEPTHEMBA 4-10
  • SEPTHEMBA 11-17
  • SEPTHEMBA 18-24
  • SEPTHEMBA 25–OKTHOBA 1
  • OKTHOBA 2-8
  • OKTHOBA 9-15
  • OKTHOBA 16-22
  • OKTHOBA 23-29
  • OKTHOBA 30–NOVEMBA 5
Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo—2023
mwbr23 Septhemba kk. 1-14

Izikhombo Ze-Ncwajana YoMhlangano wokuphila Nenkonzo

© 2023 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania

SEPTHEMBA 4-10

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | ESTERI 1-2

“Lwela Ukuba Nesizotha Njengo-Esteri”

w17.01 25 ¶11

Ungahlala Unesizotha Ngaphansi Kovivinyo

11 Ukunconywa noma ukuthophwa abanye ngokweqile nakho kungasivivinya isizotha sethu. Cabanga ngendlela u-Esteri enza ngayo lapho ukuphila kwakhe kushintsha. Wayemuhle ngendlela ebabazekayo futhi wacwalwa, wabhucungwa ngamafutha abizayo unyaka wonke. Wayehlala nezintombi eziningi ezivela kuzo zonke izingxenye zoMbuso wasePheresiya ayeqhudelana nazo. Noma kunjalo waqhubeka enenhlonipho futhi ezolile. Akazange azikhukhumeze noma alahlekelwe isizotha ngisho nangemva kokukhethwa inkosi ukuba abe indlovukazi yayo.—Esteri 2:9, 12, 15, 17.

ia 130 ¶15

Walwela Abantu BakaNkulunkulu

15 Lapho sifika isikhathi sokuba u-Esteri ethulwe phambi kwenkosi, wanikwa inkululeko yokuba akhethe noma yini ayecabanga ukuthi angayidinga, mhlawumbe ukuze azenze abe muhle nakakhulu. Kepha wazithoba wangacela lutho ngaphandle kwalokho uHegayi ayekushilo. (Esteri 2:15) Cishe waqaphela ukuthi ubuhle bubodwa babungeke buyizuze inhliziyo yenkosi; isizotha nokuthobeka okwakuyobonakala kuyivelakancane esigodlweni, cishe yikona okwakungakhanga inkosi. Ingabe wayeqinisile?

w17.01 25 ¶12

Ungahlala Unesizotha Ngaphansi Kovivinyo

12 Isizotha sisiza ukuba sigqoke, sizilungise futhi siziphathe ngendlela ehloniphekile. Siphawula ukuthi sizuza izinhliziyo zabantu ngokubonisa ‘umoya onokuthula nobumnene,’ hhayi ngokuzigabisa noma ngokufuna ukubukwa abantu ngokungenasidingo. (Funda eyoku-1 Petru 3:3, 4; Jer. 9:23, 24) Ukuzigabisa okusezinhlizweni zethu kuyogcina sekubonakala nasezenzweni zethu. Ngokwesibonelo, singase sisho izinto ezibonisa ukuthi sijabulela amalungelo akhethekile noma sazi imininingwane ngezinto eziyimfihlo, noma sinobuhlobo obukhethekile nabazalwane abanamalungelo. Noma singase sichaze izinto ngendlela ezokwenza ukuthi kunconywe thina ngemibono noma ngezinto esizifezile kuyilapho nabanye bebe nesandla. UJesu wasibekela isibonelo esihle nalapha. Izinto eziningana azisho kwakuba izingcaphuno noma abhekisele emiBhalweni yesiHebheru. Ngesizotha wakhuluma ngaleyo ndlela ukuze izilaleli zakhe zazi ukuthi lokho akushoyo kwakuvela kuJehova futhi kwakungekhona ukuhlakanipha kwakhe.—Johane 8:28.

Amagugu Angokomoya

w22.11 31 ¶3-6

Ingabe Bewazi?

Bathola umbhalo wasePheresiya lasendulo okhuluma ngomuntu okuthiwa u-Marduka (ngesiZulu uMoridekayi). Wayenza umsebenzi wokuba umphathi, cishe engumgcini wamabhuku ezimali, eShushani. U-Arthur Ungnad, oyisazi somlando waseMpumalanga, wabika ukuthi lo mbhalo kwakuyiwona “kuphela owawukhuluma ngoMoridekayi ngaphandle kweBhayibheli” ngaleso sikhathi.

Ngemva kombiko ka-Ungnad, ososayensi baye bahumusha eminye imibhalo eminingi yakudala yasePheresiya. Phakathi kwaleyo mibhalo kukhona neqoshwe ematsheni ayizicaba asePersepolis, atholakala emanxiweni ayeneNdawo Yokugcina Ingcebo, eduze kwezindonga zedolobha. La matshe ayizicaba awangesikhathi kubusa uXerxes I. Abhalwe ngolimi lwesi-Elamu futhi anamagama amaningi atholakala encwadini ka-Esteri.

Amatshe ayisicaba amaningana asePersepolis ayakhuluma ngo-Marduka, owayengunobhala wasebukhosini esigodlweni saseShushani ngesikhathi kubusa uXerxes I. Elinye itshe eliyisicaba libiza u-Marduka ngokuthi umhumushi. Lokho kuvumelana nendlela iBhayibheli elimchaza ngayo uMoridekayi. Wayeyisikhulu esasisebenza esigodlweni seNkosi u-Ahashiveroshi (uXerxes I) futhi ekhuluma okungenani izilimi ezimbili. UMoridekayi wayevame ukuhlala esangweni lenkosi esigodlweni saseShushani. (Esteri 2:19, 21; 3:3) Leli sango lalinesakhiwo esikhulu okwakusebenzela kuso izikhulu zasesigodlweni.

Kunezinto ezifanayo phakathi kuka-Marduka okukhulunywa ngaye ematsheni ayizicaba noMoridekayi okukhulunywa ngaye eBhayibhelini. Baphila ngesikhathi esifanayo, endaweni efanayo, basebenza njengezikhulu endaweni efanayo. Zonke lezi zinto sezihlangene zibonisa ukuthi kungenzeka ukuthi u-Marduka noMoridekayi umuntu oyedwa.

Inkulumo

w20.11 12-14 ¶3-7

Usizo Oluvela KuJesu Nasezingelosini

3 UPawulu wayedinga usizo. Ngabo-56 C.E., isixuku samhudulela ngaphandle kwethempeli eJerusalema futhi sazama ukumbulala. Ngosuku olulandelayo, ngesikhathi uPawulu elethwe phambi kweSanhedrini, izitha zakhe zazisho ukumqeda. (IzE. 21:30-32; 22:30; 23:6-10) Ngaleso sikhathi kungenzeka uPawulu wayezibuza, ‘Kuyoze kube nini ngibekezelele lokhu kuhlukunyezwa?’

4 Yiluphi usizo uPawulu aluthola? Ngobusuku bangemva kokuboshwa kukaPawulu, “iNkosi,” uJesu, yama ngakuye yathi: “Yiba nesibindi! Ngoba njengoba nje ubufakaza ngokugcwele ngami eJerusalema, kanjalo kumelwe ufakaze futhi naseRoma.” (IzE. 23:11) Leso sikhuthazo sasifike ngesikhathi ngempela! UJesu wamncoma uPawulu ngesibindi ayesibonise ngesikhathi efakaza ngaye eJerusalema. Wathembisa nokuthi uPawulu wayezofika ngokuphepha eRoma, aqhubeke afakaze nakhona. Ngemva kokuthola leso siqinisekiso, kumelwe ukuba uPawulu wazizwa ephephile njengengane egonwe uyise

5 Yibuphi obunye ubunzima uPawulu abhekana nabo? Cishe ngemva kweminyaka emibili kwenzeke lezo zigigaba eJerusalema, uPawulu wayesemkhunjini oya e-Italiya ngesikhathi kuba nesiphepho esinamandla kangangokuba abagibeli namatilosi babecabanga ukuthi bazofa. Nokho, uPawulu wayengasabi. Kungani? Watshela bonke ababesemkhunjini: “Kulobu busuku, eduze kwami kume ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nenginikela kuye inkonzo engcwele, yathi: ‘Ungesabi Pawulu. Kumelwe ume phambi kukaKhesari, futhi bheka! uNkulunkulu ukunike bonke labo abahamba nawe.’” UJehova wayesebenzise ingelosi ukuze iphinde isho isiqinisekiso uJehova ayesinike uPawulu esebenzisa uJesu. UPawulu wafika ngempela eRoma njengoba nje uJehova ayethembisile.—IzE. 27:20-25; 28:16.

6 Yiluphi usizo thina esilutholayo? UJesu uzosisekela njengoba enza kuPawulu. Ngokwesibonelo, uJesu ubathembisa lokhu bonke abalandeli bakhe: “Nginani zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:20) Amazwi akhe ayasiqinisa. Kungani? Yingoba ezinye izinsuku ziba nzima kakhulu kunezinye. Ngokwesibonelo, lapho sishonelwa umuntu esimthandayo, kumelwe sikhuthazelele lobo buhlungu hhayi nje kuphela izinsuku ezimbalwa, kodwa cishe iminyaka eminingi. Abanye bakhuthazelela izinkinga ezihambisana nokuguga. Abanye bakhuthazelela izinsuku ezinzima ezibangelwa isifo sokucindezeleka. Noma kunjalo, sithola amandla okukhuthazela ngoba siyazi ukuthi uJesu unathi “zonke izinsuku,” unathi ngisho nangezinsuku ezinzima kakhulu ekuphileni kwethu.—Math. 11:28-30.

7 IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi uJehova uyasisiza esebenzisa izingelosi zakhe. (Heb. 1:7, 14) Ngokwesibonelo, izingelosi ziyasisekela futhi zisiqondise lapho sishumayela ‘izindaba ezinhle zoMbuso’ kubantu bazo “zonke izizwe nezinhlanga nezilimi.”—Math. 24:13, 14; funda isAmbulo 14:6.

SEPTHEMBA 11-17

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | ESTERI 3-5

“Siza Abanye Benze Konke Okusemandleni Abo”

it-2-E 431 ¶7

UMoridekayi

Uyenqaba Ukukhothamela UHamani. Kamuva, u-Ahashiveroshi wabeka uHamani, umAgagi ukuba abe undunankulu, wabe eseyala ukuba bonke abasesangweni lenkosi bakhothamele uHamani ngenxa yesikhundla sakhe esiphakeme. UMoridekayi wayelokhu enqaba ukukhothama futhi wanikeza isizathu sokuthi ungumJuda. (Est 3:1-4) Ngenxa yokuthi uMoridekayi wanikeza lesi sizathu, lokhu kuveza ubufakazi bokuthi uma ayengakhothama kwakuzothinta ubuhlobo bakhe noJehova uNkulunkulu wakhe, njengoba engumJuda ozinikezele. Wayazi ukuthi ukukhothamela uHamani kwakusho okungaphezu nje kokuwa phansi emhlabathini ukhothamele umuntu osesikhundleni esiphezulu, kwakuwukuhlonipha lowo umuntu osesikhundleni esiphezulu njengombusi njengoba kwenza ama-Israyeli esikhathini esedlule. (2Sa 14:4; 18:28; 1Kh 1:16) UMoridekayi wayenesizathu esihle sokungamkhothameli uHamani. Kungenzeka uHamani wayengum-Amaleki futhi uJehova wayeshilo ukuthi ulwa nama-Amaleki ‘nazo zonke izizukulwane zawo.’ (Eks 17:16; bheka elithi HAMAN.) KuMoridekayi, kwakungekona nje ukuthi wayevukela umbuso kodwa le ndaba yayimayelana nobuqotho bakhe kuNkulunkulu.

it-2-E 431 ¶9

UMoridekayi

Wasetshenziswa UJehova Ukuze Kukhululwe U-Israyeli. Nakuba umthetho wokuqothula wonke amaJuda embusweni wawusukhishiwe, uMoridekayi wayekholelwa ukuthi u-Esteri walethwa ebukhosini ukuze akhulule amaJuda. UMoridekayi watshela u-Esteri ukuthi wayenomthwalo omkhulu futhi wamqondisa ukuba ayoncenga inkosi, acele umusa nosizo lwayo. U-Esteri wavuma, nakuba lokhu kwakuzofaka ukuphila kwakhe engozini.—Est 4:7–5:2.

ia 133 ¶22-23

Walwela Abantu BakaNkulunkulu

22 Kumelwe ukuba umoya ka-Esteri wavele washona phansi lapho ezwa lo myalezo. Nalu uvivinyo olukhulu lokholo lwakhe. Wayesaba, futhi akakufihlanga lokho ngesikhathi ephendula uMoridekayi. Wamkhumbuza ngomthetho wenkosi. Ukuya phambi kwenkosi ingakubizanga kwakusho ukufa. Umuntu wayengasinda kuphela uma inkosi imelulele intonga yayo yegolide. U-Esteri wayenaso yini isizathu sokulindela ukuthola umusa onjalo, ikakhulukazi uma ecabanga ngokwenzeka kuVashiti lapho engawulaleli umyalo wenkosi wokuba aye kuyo? U-Esteri watshela uMoridekayi ukuthi kwase kuphele izinsuku ezingu-30 inkosi ingambizile! Ukunganakwa okunjalo kwamnikeza izizathu eziningi zokuzibuza ukuthi kazi usenesigcwagcwa yini kule nkosi enolaka.—Esteri 4:7–5:2.

23 UMoridekayi wanika u-Esteri impendulo enamandla ukuze amqinise ukholo. Wamqinisekisa ngokuthi uma ehluleka ukuthatha isinyathelo, ukukhululwa kwamaJuda kuyovela kwenye indawo. Kodwa u-Esteri wayengalindela ukuba yena asinde kanjani lapho ushushiso luqala? UMoridekayi wabonisa ukholo olujulile kuJehova, owayengeke neze avumele abantu bakhe baqothulwe nezithembiso zakhe zingagcwaliseki. (Jos. 23:14) UMoridekayi wabe esebuza u-Esteri: “Kwazi bani? Mhlawumbe uthole isikhundla sasebukhosini ngenxa yesikhathi esinjengalesi?” (Esteri 4:12-14) UMoridekayi akakufanelekeli yini ukuba simlingise? Wamethemba ngokuphelele uNkulunkulu wakhe, uJehova. Ingabe thina siyamethemba?—IzA 3:5, 6.

Amagugu Angokomoya

kr 160 ¶14

Ukulwela Inkululeko Yokukhulekela

14 Njengo-Esteri noMoridekayi bamandulo, abantu bakaJehova namuhla bayayilwela inkululeko yokumkhulekela ngendlela ayale ngayo. (Esteri 4:13-16) Ungakwazi yini ukuba neqhaza kulokhu? Yebo. Ungabathandazela njalo abafowenu nodadewenu kwamanje abahlushwa imithetho engenabulungisa. Imithandazo enjalo ingaba usizo olunamandla kubafowethu nodadewethu abasebunzimeni nabashushiswayo. (Funda uJakobe 5:16.) Ingabe uJehova uyayiphendula imithandazo enjalo? Ukunqoba kwethu amacala ezinkantolo kubonisa ukuthi impela uyayiphendula!—Heb. 13:18, 19.

SEPTHEMBA 18-24

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | ESTERI 6-8

“Lokho Esikufundayo Ngokukhulumisana Okuhle”

ia 140 ¶15-16

Wenza Ngokuhlakanipha, Wabonisa Isibindi Nokuzidela

15 Ngenxa yokuthi u-Esteri waba nesineke, walinda olunye usuku ukuze ethule isicelo sakhe enkosini, uHamani wathola ithuba lokuzimbela igodi. Ngeke yini kwenzeke nokuthi nguJehova uNkulunkulu owabangela ukuqwasha kwenkosi? (IzA 21:1) Akumangalisi-ke ukuthi iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba ‘silinde ngesineke’! (Funda uMika 7:7.) Lapho silinda uNkulunkulu, singathola ukuthi isisombululo sakhe ezinkingeni zethu sikwedlula kude kakhulu lokho ebesingakwenza thina.

Wakhuluma Ngesibindi

16 U-Esteri wayengeke alokothe adlale ngesineke senkosi; edilini lesibili, kwakufanele ayitshele konke. Kodwa kanjani? Inkosi iyona eyamnika ithuba, yaphinde yambuza ukuthi siyini isicelo sakhe. (Esteri 7:2) ‘Isikhathi’ sokuba u-Esteri ‘akhulume’ sase sifikile.

ia 140 ¶17

Wenza Ngokuhlakanipha, Wabonisa Isibindi Nokuzidela

17 Singamcabanga u-Esteri ethandaza ngenhliziyo kuNkulunkulu wakhe ngaphambi kokusho la mazwi: “O nkosi, uma ngithole umusa kuwe, futhi uma kukuhle enkosini, manginikwe ukuphila kwami njengokunxusa kwami nabantu bakithi njengesicelo sami.” (Esteri 7:3) Phawula ukuthi waqinisekisa inkosi ngokuthi uyasihlonipha isinqumo sayo ngalokho okubonakala kukuhle. Yeka indlela u-Esteri ayehluke ngayo kuVashiti, owayekade eyinkosikazi yenkosi futhi emhlambalaze ngamabomu umyeni wakhe! (Esteri 1:10-12) Ngaphezu kwalokho, u-Esteri akazange ayigxeke inkosi ngobuwula bayo bokwethemba uHamani. Kunalokho, wancenga inkosi ukuba imvikele engozini eyayizomehlela.

ia 141 ¶18-19

Wenza Ngokuhlakanipha, Wabonisa Isibindi Nokuzidela

18 Leso sicelo sayithinta ngempela inhliziyo yenkosi futhi sayimangaza. Ubani nje owayengalinge afake indlovukazi yayo engozini? U-Esteri waqhubeka: “Sithengisiwe, mina nabantu bakithi, ukuba siqothulwe, sibulawe futhi sibhujiswe. Ukube besimane sathengiswa ukuba sibe yizigqila zabesilisa nabesifazane, bengizothula. Kodwa lolu sizi alufaneleki ngoba luzodalela inkosi umonakalo.” (Esteri 7:4) Phawula ukuthi u-Esteri wayiveza ngokwethembeka inkinga, kodwa wanezela ukuthi ubezothula ukube bebezoba yizigqila nje kuphela. Lokhu kuqothulwa kwabantu kwakuzoyilahlekisela kwayona inkosi uma ethula.

19 Isibonelo sika-Esteri sisifundisa okukhulu ngekhono lokukholisa. Uma kungase kudingeke uveze inkinga engathí sina kumuntu omthandayo noma osegunyeni, isineke, inhlonipho nokungafihli lutho kungasiza kakhulu.—IzA 16:21, 23.

Amagugu Angokomoya

w06 3/1 11 ¶1

Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Esteri

7:4—Ukuqothulwa kwamaJuda kwakuzoyidalela kanjani “inkosi umonakalo”? Lapho ngobuhlakani esikisela ukuba amaJuda athengiselwe ebugqilini, u-Esteri waveza ukuthi ukubhujiswa kwamaJuda kwakuyodalela inkosi umonakalo. Izinhlamvu zesiliva ezingu-10 000 uHamani ayezithembise inkosi zazingelutho kunengcebo inkosi eyayingayithola ukube uHamani wayenze icebo lokuba amaJuda athengiswe njengezigqila. Ukuphumelela kwaleli cebo kwakuyosho nokubulawa kwendlovukazi.

Inkulumo

w22.01 10-11 ¶8-10

Fundisa Ngendlela Ephumelelayo NjengoJakobe

8 UJakobe wayengesona isifundiswa. Akungabazeki ukuthi abaholi benkolo bosuku lwakhe babembheka ngendlela efana naleyo ababebheka ngayo umphostoli uPetru noJohane—‘njengabantu abangafundile nabavamile.’ (IzE. 4:13) Noma kunjalo, uJakobe wafunda ukuba umfundisi ophumelelayo, njengoba sibona lapho sifunda incwadi ebizwa ngegama lakhe. NjengoJakobe, nathi singase singabi izifundiswa. Noma kunjalo, ngosizo lomoya kaJehova nokuqeqeshwa esikuthola enhlanganweni yakhe, singaba abafundisi abaphumelelayo. Ake sifunde ngesibonelo esabekwa uJakobe njengomfundisi sibone ukuthi yiziphi izifundo esingazifunda

9 UJakobe akazange asebenzise amagama anzima noma achaze izinto ngendlela engaqondakali. Umphumela waba ukuthi ababemlalele babekuqonda okwakudingeka bakwenze nendlela okwakumelwe bakwenze ngayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela elula uJakobe afundisa ngayo amaKristu ukuthi kumelwe akulungele ukubhekana nokungabi nabulungisa kodwa angabi nenzondo. Wabhala: “Sithi bayajabula labo abaye bakhuthazela. Nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nezwa nangesibusiso uJehova amnikeza sona, okubonisa ukuthi uJehova unothando olukhulu nesihe.” (Jak. 5:11) Phawula ukuthi uJakobe wayefundisa esebenzisa imiBhalo. Wayesebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze asize izilaleli zibone ukuthi uJehova uhlale ebavuza labo abaqotho kuye njengoJobe. UJakobe wafundisa lesi sifundo ngamazwi alula futhi wabonisana nabantu ngendlela elula. Ngokwenza kanjalo, udumo waluyisa kuJehova hhayi kuye.

10 Isifundo: Fundisa ngendlela elula, usebenzise iZwi likaNkulunkulu. Umgomo wethu akufanele kube ukuvezela abanye ukuthi sazi kangakanani, kodwa kufanele ube ukubavezela ukuthi uJehova wazi kangakanani nokuthi ubakhathalela kangakanani. (Roma 11:33) Lokho singakwenza ngokuba ngaso sonke isikhathi sikusekele emiBhalweni konke esikushoyo. Ngokwesibonelo, kunokuba sitshele esibafundelayo ukuthi yini thina ebesingayenza ukube besisezicathulweni zabo, kufanele sisize bona bacabange ngezibonelo eziseBhayibhelini futhi baqonde indlela uJehova acabanga ngayo nazizwa ngayo. Uma senza kanjalo, bayokwenza izinqumo eziyojabulisa uJehova hhayi thina.

SEPTHEMBA 25–OKTHOBA 1

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | ESTERI 9-10

“Igunya Lakhe Walisebenzisela Ukusiza Abantu BakaNkulunkulu”

it-2-E 432 ¶2

UMoridekayi

UMoridekayi waba undunankulu esikhundleni sikaHamani wathola indandatho yenkosi enophawu ayeyisebenzisa ukuze agxivize izincwadi ezibuya ebukhosini. U-Esteri wabeka uMoridekayi ukuba engamele indlu kaHamani, inkosi eyayiyinikeze yena. Ngemva kwalokho, uMoridekayi wasebenzisa igunya ayelinikwe inkosi ukuze akhiphe umyalo owawunikeza amaJuda ilungelo elingokomthetho lokuzivikela. KumaJuda kwakuyinkathi yenkululeko. Abantu abaningi eMbusweni wasePheresiya bazihlanganisa namaJuda futhi lapho kufika inyanga ka-Adari ngosuku luka-13, ngosuku lokuba kugcinwe imithetho yenkosi, amaJuda ayesemi ngomumo. Izikhulu zasekela amaJuda ngenxa yokuthi uMoridekayi wayesesikhundleni esiphezulu. Impi eShushani yaqhubeka kwaze kwaba usuku olulandelayo. Abantu abangaphezu kuka-75 000 ababeyizitha zamaJuda eMbusweni wamaPherisiya baqothulwa, kuhlanganise namadodana kaHamani ayishumi. (Est 8:1–9:18) Egunyazwe u-Esteri, uMoridikayi wayala ukuba kugujwe umkhosi kanye ngonyaka ngosuku luka-14 nangosuku luka-15 lwenyanga ka-Adari, ‘izinsuku zePhurimi,’ ukuze kujatshulwe, kubenedili, kuphiwane izipho futhi kuphiwe nabampofu. AmaJuda awamukela lowo myalo futhi awudlulisela nasezinganeni zawo nakulabo ababezihlanganisa nawo ukuba bawugubhe. Njengoba uMoridekayi ayengowesibili ngobukhulu ngemva kweNkosi, wayehlonishwa amaJuda ayekhonza uNkulunkulu futhi waqhubeka enakekela inhlalakahle yawo.—Est 9:19-22, 27-32; 10:2, 3.

it-2-E 716 ¶5

IPhurimi

Inhloso YePhurimi. Abanye abahlaziyi bathi uMkhosi wePhurimi ogunjwa amaJuda anamuhla usufana noMkhosi ovamile ongahlobene nenkolo futhi usuhambisana nemikhuba eyeqisayo, kwakungenjalo lapho usungulwa nalapho ugujwa okokuqala. Bobabili, uMoridekayi no-Esteri babeyezikhonzi zikaJehova futhi lo mkhosi wasungulwa ukuze kukhonzwe uNkulunkulu. Kwakumele kudunyiswe uJehova uNkulunkulu ngokuthi wakhulula amaJuda ngaleso sikhathi, ngoba inkinga yayibangelwe ukuba qotho kukaMoridekayi ekukhonzeni uJehova kuphela. Kungenzeka ukuthi uHamani wayengum-Amaleki, wesizwe uJehova ayesiqalekise ngokoqondile futhi esinikele ekubhujisweni. UMoridekayi wawuhlonipha umyalo kaNkulunkulu futhi wenqaba ukukhothamela uHamani. (Est 3:2, 5; Eks 17:14-16) Kanti futhi amazwi kaMoridekayi awasho ku-Esteri (Est 4:14) abonisa ukuthi wayethembele kumuntu onamandla angaphezu kwavamile ukuze kukhululwe amaJuda. Ukuzila ukudla kuka-Esteri ngaphambi kokuvela phambi kwenkosi ukuze enze isicelo sakhe sokumemela inkosi esidlweni kwakubonisa ukuthi uthembele kuNkulunkulu ukuze abasize.—Est 4:16.

cl 101-102 ¶12-13

‘Lingisani UNkulunkulu’ Ekusebenziseni Kwenu Amandla

12 UJehova umise ababonisi ukuba bahole ebandleni lobuKristu. (Hebheru 13:17) La madoda afanelekayo kufanele asebenzise igunya alinikwe uNkulunkulu ukuze anikeze umhlambi usizo oludingayo futhi abe neqhaza enhlalakahleni yawo. Ingabe isikhundla sabo siyabagunyaza abadala ukuba babe omashiqela phezu kwamanye amakholwa? Lutho! Abadala kudingeka babe nombono onokulinganisela nobonisa ukuthobeka ngendima yabo ebandleni. (1 Petru 5:2, 3) IBhayibheli lithi kubabonisi: “[Yalusani] ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe.” (IzEnzo 20:28) Yileso isizathu esinamandla sokuphatha ilungu ngalinye lomhlambi ngesisa.

13 Singase sikufanekise kanje. Umngane wakho omkhulu ukucela ukuba unakekele impahla ethile eyigugu. Uyazi ukuthi umngane wakho uyikhokhele imali eshisiwe le mpahla. Ubungeke yini uyiphathe ngokucophelela, uqikelele? Ngokufanayo, uNkulunkulu uphathise abadala umthwalo wokunakekela impahla eyigugu ngempela: ibandla, elimalungu alo afaniswa nezimvu. (Johane 21:16, 17) UJehova uyazithanda izimvu zakhe—eqinisweni uzithanda kangangokuba waze wazithenga ngegazi eliyigugu leNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. Alikho inani elidlula leli uJehova ayengalikhokha ngenxa yezimvu zakhe. Abadala abathobekile bayakukhumbula lokho, baphathe izimvu zikaJehova ngendlela efanelana nalelo nani.

Amagugu Angokomoya

w06 3/1 11 ¶4

Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Esteri

9:10, 15, 16—Ngisho noma umyalo wawugunyaza ukuba amaJuda azithathele impahla, kungani engazange akwenze lokho? Ukwenqaba kwawo kwabonisa ngokusobala ukuthi injongo yawo kwakuwukuzivikela, hhayi ukuthola ingcebo.

OKTHOBA 2-8

INGCEBO ESEZNIWI LIKANKULUNKULU | JOBE 1-3

“Qhubeka Ubonisa Ukuthi Umthanda Kakhulu Kangakanani UJehova”

w18.02 6 ¶16-17

Lingisa Ukholo Nokulalela KukaNowa, UDaniyeli NoJobe

16 Izinselele uJobe abhekana nazo. Ukuphila kukaJobe kusifundisa ngezinto ezimbili ezingafani. Ngaphambi kokuba abhekane nobunzima, wayemkhulu “kunabo bonke abantu baseMpumalanga.” (Job 1:3) Wayecebile, edumile futhi ehlonishwa. (Job 29:7-16) Naphezu kwazo zonke lezi zinto uJobe akazange aziphakamise noma acabange ukuthi akamdingi uNkulunkulu. Empeleni, uJehova wambiza ngokuthi ‘inceku yami,’ wathi: Ungumuntu ‘oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi okugwemayo okubi.’—Job 1:8.

17 Kungakabiphi, ukuphila kukaJobe kwashintsha ngokuphelele. Waba mpofu kakhulu wagajwa usizi. Siyazi ukuthi lokho kwabangelwa umnyundeli uSathane owasola uJobe ngokukhonza uNkulunkulu ngenxa yobugovu. (Funda uJobe 1:9, 10.) UJehova akakubhekanga njengento encane lokho kumangalelwa ngamanga. Kunalokho, wanikeza uJobe ithuba lokubonisa ubuqotho bakhe, ukubonisa ukuthi wayekhulekela uJehova ngenhliziyo emsulwa nengenabugovu.

w19.02 5 ¶10

Hlala Uqotho!

10 Nathi uSathane usibekele inselele efanayo. Wena uthinteka kanjani? Uthi wena awumthandi ngempela uJehova uNkulunkulu, uyoyeka ukumkhonza ukuze uzisindise wena futhi ngeke uhlale uqotho kuye. (Job 2:4, 5; IsA 12:10) Lokho kukwenza uzizwe kanjani? Uzwa ubuhlungu. Nokho, cabanga ngalokhu: Ngenxa yokuthi uJehova uyakwethemba, ukunika ithuba elihle kakhulu. UJehova uvumela uSathane avivinye ubuqotho bakho. Uyaqiniseka ukuthi ungahlala uqotho futhi ubonise ukuthi uSathane unamanga futhi uthembisa ukukusiza. (Heb 13:6) Kuyilungelo ngempela ukwethenjwa uMbusi wamazulu nomhlaba! Uyasibona yini isizathu esenza ubuqotho bubaluleke kangaka? Busenza sibonise ukuthi uSathane unamanga, sivikele igama likaBaba wethu elihle futhi sisekele ukubusa kwakhe. Yini esingayenza ukuze sihlale siqotho?

Amagugu Angomoya

w21.04 11 ¶9

Lokho Esikufunda Emazwini Okugcina KaJesu

9 wathini uJesu? Esezofa, uJesu wamemeza wathi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (Mat 27:46) IBhayibheli alisho ukuthi kungani uJesu asho la mazwi. Kodwa cabanga ngokuthi asitshelani la mazwi. Ngokusho la mazwi, uJesu wayegcwalisa isiprofetho esitholakala kumaHubo 22:1. La mazwi enza kucace ukuthi uJehova akazange ‘ayibiyele’ iNdodana yakhe. (Job 1:10) UJesu wayeqonda ukuthi uYise wayemkhululele ezandleni zezitha zakhe ngokuphelele ukuze avivinywe ngokugcwele—ngendlela okungekho muntu owake wavivinywa ngayo. Ngaphezu kwalokho, la mazwi enza siqiniseke ngokuthi wayengenacala elimenza afanelwe ukufa.

Inkulumo

w22.01 11-12 ¶11-14

Fundisa Ngendlela Ephumelelayo NjengoJakobe

11 UJakobe wayebheka isimo njengoba sinjalo. Encwadini ayibhala, kusobala ukuthi uJakobe wayezazi izinkinga ababenazo labo ayekholwa nabo futhi wabanika isiqondiso esicacile sokuthi bangazinqoba kanjani. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu ayengasheshi ukusebenzisa iseluleko. (Jak. 1:22) Amanye ayenzelela uma kuziwa kwabacebile. (Jak. 2:1-3) Kanti amanye ayekuthola kunzima ukulawula ulimi. (Jak. 3:8-10) Lawo maKristu ayenezinkinga ezinkulu, kodwa lokho akuzange kumthene amandla uJakobe. Waweluleka ngendlela enomusa kodwa engagunci, wakhuthaza nalawo ayegula ngokomoya ukuba acele usizo olwengeziwe kubadala.—Funda uJakobe 5:13-15.

12 Isifundo: Bheka isimo njengoba sinjalo, kodwa ube nombono omuhle ngabanye. Abaningi esibafundela iBhayibheli bangase bakuthole kunzima ukusebenzisa iseluleko salo. (Jak. 4:1-4) Kungase kubathathe isikhathi ukuyeka imikhuba emibi, bafunde ukubonisa izimfanelo zobuKristu. NjengoJakobe, kumelwe sibe nesibindi sokutshela abantu esibafundelayo ukuthi kudingeka bathuthukise kuphi. Kudingeka sihlale sinombono omuhle, sinethemba lokuthi uJehova uzobadonsa abantu abathobekile futhi uzobanika amandla okwenza ushintsho oludingekayo ekuphileni kwabo.—Jak. 4:10.

13 UJakobe akazibhekanga njengongcono kunabanye. UJakobe akazange acabange ukuthi ubalulekile ngenxa yokuthi wayengumfowabo kaJesu noma ukuthi izabelo ayenazo zazimenza akhetheke noma abe ngcono kunabafowabo nodadewabo. Wabiza ayekholwa nabo ngokuthi ‘abazalwane abathandekayo.’ (Jak. 1:16, 19; 2:5) Akazange azame ukwenza abanye bacabange ukuthi wayengenawo amaphutha. Kunalokho, wazibala naye lapho ethi: “Sonke siyawenza amaphutha.”—Funda uJakobe 3:2, nombhalo waphansi.

14 Isifundo: Khumbula ukuthi sonke siyona. Akumelwe sicabange ukuthi ngandlela-thile singcono kunalabo esibafundelayo. Kungani? Uma senza esifunda naye acabange ukuthi asinawo amaphutha, angase aphethe ngokuthi akasoze akwazi ukulalela imithetho kaNkulunkulu. Kodwa lapho sivuma ngokwethembeka ukuthi akuzange kube lula ngaso sonke isikhathi nakithi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli, sichaza nendlela uJehova asisize ngayo ukuba sinqobe izinkinga, siyosiza umuntu esimfundelayo abone ukuthi naye angakwazi ukukhonza uJehova.

OKTHOBA 9-15

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 4-5

“Qapha Izindaba Ezingamanga”

it-1-E 713 ¶11

U-Elifazi

2. Ungomunye wabangani abathathu bakaJobe. (Job 2:11) UnguMthemani, cishe ongowozalo lokuqala okukhulunywe ngaye ngenhla, ngaleyo ndlela ungowozalo luka-Abrahama futhi uyisihlobo esikude sikaJobe. Yena nesizukulwane sakhe babeqhosha ngokuhlakanipha kwabo. (Jer 49:7) Kulaba baduduzi abathathu u-Elifazi wayebonakala ebalulekile futhi enethonya, okusikisela nokuthi kungenzeka ukuthi nguye owayemdala kunabo. Kuqala yena ukukhuluma kuzo zontathu izikhathi zempikiswano futhi ukhuluma isikhathi eside.

w05 9/15 26 ¶2

Melana Nokucabanga Okungalungile!

Ekhumbula umbono oyinqaba ayeke waba nawo, u-Elifazi wathi: “Kwadlula umoya ebusweni bami; kwasiphuzela uboya. Wama wanganyakaza, kodwa angizange ngibone ukuthi wawubukeka kanjani. Kwakunesithunzi phambi kwamehlo ami; kwathuleka, ngabe sengizwa izwi.” (Job 4:15, 16) Ukucabanga kuka-Elifazi kwakuthonywe umoya onjani? Indlela agxeka ngayo uJobe ibonisa ukuthi lo moya wawungaveli neze ezingelosini zikaNkulunkulu ezilungile. (Job 4:17, 18) Wawuvela esidalweni somoya esibi. Ukube lo moya wawuvela kuJehova, uJehova wayengamlahlelani u-Elifazi nabangane bakhe ababili athi bakhulume amanga? (Job 42:7) Yebo, u-Elifazi wayethonywe amademoni. Amazwi akhe abonisa ukuthi wayengacabangi ngendlela kaNkulunkulu.

w10 2/15 19 ¶5-6

Melana Nenkulumo-ze KaSathane

USathane wasebenzisa u-Elifazi, omunye wabangane abathathu bakaJobe ababemvakashele, ukuba aveze umqondo wokuthi abantu bangamachoboka. Ebiza abantu ‘njengalabo abahlala ezindlini zobumba,’ wathi kuJobe: “[Isisekelo] sabo sisothulini! Bachobozeka kalula njengenundu. Bachotshozwa babe izicucu kusukela ekuseni kuze kuhlwe; Bashabalala unomphela futhi akekho nobonayo.”—Job 4:19, 20.

Kwenye indawo emiBhalweni, sifaniswa ‘nezitsha zobumba,’ ezisheshe ziphuke. (2Ko 4:7) Sibuthakathaka ngenxa yesono nokungapheleli esikuzuze njengefa. (Rom 5:12) Ngamandla ethu, asinakukwazi ukumelana nokuhlasela kukaSathane. Kodwa njengamaKristu, ukhona umuntu ongasisiza. Naphezu kobuthakathaka bethu, siyigugu emehlweni kaNkulunkulu. (Isay 43:4) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyabanika umoya ongcwele labo abawucelayo. (Luka 11:13) Umoya wakhe ungasinika “amandla angaphezu kwavamile,” usenze sikwazi ukumelana nanoma ibuphi ubunzima uSathane abulethayo kithi. (2Ko 4:7; Flp 4:13) Uma simelana noDeveli, ‘siqine okholweni,’ uNkulunkulu uyosiqinisa futhi asenze sibe namandla. (1Pe 5:8-10) Ngakho-ke, akudingeki simesabe uSathane uDeveli.

mrt 32 ¶13-17

Zivikele Emangeni

● Hlaziya umthombo wendaba nekuqukethe

Okushiwo iBhayibheli: “Qinisekani ngazo zonke izinto.”—1 Thesalonika 5:21.

Ngaphambi kokuyikholelwa indaba noma ukuyidlulisela kwabanye, ngisho noma kuyindaba esematheni, qiniseka ukuthi iyiqiniso. Kanjani?

Thola ukuthi uthembeke kangakanani umthombo. Izinkampani zabezindaba nezinye izinhlangano zingase zibike udaba ngendlela ezuzisa zona noma zithathe uhlangothi kwezepolitiki. Qhathanisa okubonayo neminye imithombo yezindaba. Ngezinye izikhathi, abangani bangase badlulise indaba engelona iqiniso nge-imeyili noma ezinkundleni zokuxhumana bengahlosile. Ngakho, ungayethembi indaba ongaqiniseki ngomthombo wayo.

Qiniseka ukuthi indaba ngokwayo eyamanje futhi inembile. Buka usuku, uthole amaqiniso aphathekayo, nobufakazi obunamandla obuyisekelayo. Nakisisa kakhulu uma indaba eyinkimbinkimbi ichazwa ngendlela elula kakhulu noma uma ihloselwe ukuthinta imizwa.

Amagugu Angokomoya

w03 5/15 22-23 ¶5-6

Hlala Ugxilile, Unqobe Emncintiswaneni Wokuphila

Ukuba yingxenye yenhlangano yomhlaba wonke yabakhulekeli beqiniso kungaba ithonya elinamandla elisenza sizinze. Yeka isibusiso okuyiso ukuhlanganyela nabazalwane bomhlaba wonke abanothando kangaka! (1 Petru 2:17) Futhi singaba yithonya elenza esikholwa nabo bazinze.

Cabanga ngezenzo zosizo zendoda eqotho enguJobe. Ngisho nomduduzi-mbumbulu u-Elifazi waphoqeleka ukuba avume: “Amazwi akho ayevusa noma ubani okhubekayo futhi wawuqinisa namadolo alabo abase bephelelwa amandla.” (Job 4:4) Siqhuba kanjani thina kulesi sici? Ngabanye sinomthwalo wemfanelo wokusiza abafowethu nodadewethu abangokomoya ukuba bakhuthazele enkonzweni kaNkulunkulu. Ekusebenzelaneni kwethu nabo, singenza ngokuvumelana nomoya wala mazwi: “Qinisani izandla ezibuthakathaka, niqinise amadolo axegayo.” (Isaya 35:3) Ngakho kungani ungakwenzi umgomo wakho ukuqinisa nokukhuthaza umKristu oyedwa noma ababili njalo lapho uhlangana nabo? (Hebheru 10:24, 25) Amazwi akhuthazayo okuncoma nokubonga ngemizamo yabo yokuqhubeka bejabulisa uJehova ingabasiza ngempela ukuba bahlale begxilile benombono wokuphumelela emncintiswaneni wokuphila.

OKTHOBA 16-22

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKU| JOBE 6-7

“Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki”

w06 3/15 14 ¶10

Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe

7:1; 14:14—Isho ukuthini inkulumo ethi “umsebenzi ophoqelelwe”? Ukuhlupheka kukaJobe kwakunzima kakhulu kangangokuthi wabheka ukuphila njengomsebenzi oyimpoqo onzima nokhathazayo. (Job 10:17) Njengoba isikhathi esichithwa umuntu eShiyoli—kusukela ngesikhathi efa kuya ovukweni—siyinkathi ephoqelelwe, uJobe ufanisa leso sikhathi nomsebenzi oyimpoqo.

w20.12 16 ¶1

“UJehova . . . Uyabasindisa Abadangele”

NGEZINYE IZIKHATHI, singase sicabange ngeqiniso lokuthi ukuphila kwethu kufushane kangakanani nokuthi “kugcwele izinkathazo.” (Job 14:1) Ngakho kuyaqondakala ukuthi ngezinye izikhathi singase sizizwe sidangele. Izinceku zikaJehova eziningi esikhathini esidlule nazo zazizwa ngaleyo ndlela. Ezinye zaze zafisa ngisho nokufa. (1Kh 19:2-4; Job 3:1-3, 11; 7:15, 16) Kodwa uJehova—uNkulunkulu ezazithembele kuye—wayelokhu eziduduza futhi eziqinisa. Okwenzeka ekuphileni kwazo kwabhalwa ukuze kududuze futhi kufundise thina.—Rom 15:4.

g 1/12 16-17

Lapho Ufikelwa Umuzwa Wokuzibulala

Nakuba isimo sakho singase sibonakale singenathemba, khumbula ukuthi awuwedwa nokuthi ngokudabukisayo cishe bonke abantu babhekene nohlobo oluthile lwenkinga namuhla. IBhayibheli lithi: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.” (Roma 8:22) Yize okwesikhashana kungase kubonakale sengathi inkinga yakho ayisoze yaxazululeka, ngokuvamile izinto ziyadamba ngokuhamba kwesikhathi. Yini engakusiza lapho inkinga isaqhubeka?

Khuluma nomngane ovuthiwe nomethembayo ngemizwa yakho. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) Indoda elungile uJobe, okukhulunywa ngayo eBhayibhelini, yakhuluma nabanye ngemizwa yayo ngesikhathi ibhekene nezinkathazo. Uma izwa lokho eyakubiza ngokuthi ‘ukwenyanya ukuphila kwami,’ yathi: “Ngizosho izikhalazo zami. Ngizokhuluma nginosizi!” (Job 10:1) Ukuvulela abanye isifuba sakho kungayidambisa indlela ozizwa ngayo futhi kukwenze ube nombono ohlukile ngezinkinga obhekene nazo.

Thulula inhliziyo yakho kuNkulunkulu ngomthandazo. Abanye banombono wokuthi umthandazo umane nje uyinto yokukhulula ingqondo, kodwa iBhayibheli lisho okuhlukile. IHubo 65:2 libiza uJehova uNkulunkulu ngokuthi ‘Ungolalela imithandazo,’ futhi u-1 Petru 5:7 uthi: “Uyanikhathalela.” IBhayibheli likugcizelela ngokuphindaphindiwe ukubaluleka kokuncika kuNkulunkulu ngomthandazo. Ngokwesibonelo lithi:

“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IZAGA 3:5, 6.

“[UJehova] wanelisa isifiso salabo abamesabayo; uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo, abakhulule.”—IHUBO 145:19.

“Yilokhu esiqiniseka ngakho ngaye, ukuthi noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa.”—1 JOHANE 5:14.

“Jehova ukude nababi, kodwa uyawuzwa umthandazo wabalungile.”—IZAGA 15:29.

Uma umtshela uNkulunkulu izinkinga obhekene nazo, uyokusiza. Ngesizathu esihle, iBhayibheli likukhuthaza ukuba ‘uthembele kuye ngazo zonke izikhathi. Thulula inhliziyo yakho phambi kwakhe.’—IHubo 62:8.

Amagugu Angokomoya

w20.04 17 ¶10

Balalele, Ubazi Kangcono Futhi Ubabonise Uzwela Abanye

10 Singamlingisa uJehova ngokuzama ukubaqonda kangcono abafowethu nodadewethu. Bazi kangcono abafowenu nodadewenu. Xoxa nabo ngaphambi nangemva kwemihlangano, sebenza nabo ensimini futhi uma kungenzeka, bameme kwakho. Uma wenza kanjalo, ungathola ukuthi udade obonakala engenabo ubungane, empeleni unamahloni; umzalwane ocabanga ukuthi uthanda izinto, empeleni unesandla esivulekile; noma uthole ukuthi umndeni ovame ukufika sekwephuzile emihlanganweni ukhuthazelela ukuphikiswa. (Job 6:29) Yiqiniso ukuthi akufanele sibe “ogaxekile ezindabeni zabanye abantu.” (1Ti 5:13) Nokho, kuhle ukwazi okuthile ngabafowethu nodadewethu, sazi nalokho ababhekene nakho ekuphileni. Lokho kungasisiza sibazi kangcono.

Inkulumo

w22.01 12-13 ¶15-18

Fundisa Ngendlela Ephumelelayo NjengoJakobe

15 UJakobe wasebenzisa imifanekiso ethinta inhliziyo. Akungabazeki ukuthi umoya ongcwele wamsiza, kodwa kungenzeka nokuthi wafunda okuningi ngendlela yokufundisa ngokutadisha imifanekiso eyasetshenziswa umfowabo omdala, uJesu. Imifanekiso uJakobe ayisebenzisa encwadini yakhe ilula nendlela esebenza ngayo icacile.—Funda uJakobe 3:2-6, 10-12.

16 Isifundo: Sebenzisa imifanekiso efundisa kalula. Lapho usebenzisa imifanekiso efanelekayo, wenza abantu bakubone ngeso lengqondo lokho abakuzwayo. Lokho abakubona ngeso lengqondo kubasiza bakhumbule amaqiniso eBhayibheli abalulekile. UJesu wayenekhono lokusebenzisa imifanekiso efundisa kalula futhi umfowabo uJakobe wasilandela isibonelo sakhe. Ake sihlole omunye wemifanekiso kaJakobe, sibone ukuthi kungani unezifundo eziqondakala kalula kangaka.

17 Funda uJakobe 1:22-25. Umfanekiso kaJakobe wesibuko uyafundisa ngenxa yezizathu eziningana. Wayefundisa isifundo esithile, esiwukuthi ukuze sizuze eZwini likaNkulunkulu kumelwe senze okungaphezu kokulifunda; kumelwe sikwenze esikufundayo. UJakobe wasebenzisa umfanekiso izilaleli zakhe ezazingawuqonda kalula—umuntu ozibuka esibukweni. Yisiphi isifundo ayesifundisa? Kungaba ubuwula uma umuntu engazibuka esibukweni, abone okuthile angakulungisa, kodwa angakulungisi. Ngendlela efanayo, kungaba ubuwula uma singafunda iZwi likaNkulunkulu, sibone okuthile okudingeka sikushintshe ebuntwini bethu, kodwa singenzi lutho ngakho.

18 Lapho usebenzisa umfanekiso, ungalingisa isibonelo sikaJakobe ngokwenza lezi zinto ezintathu: (1) Qiniseka ukuthi umfanekiso uyahlobana nephuzu olifundisayo. (2) Sebenzisa umfanekiso izilaleli zakho ezingawuqonda kalula. (3) Yenze icace indlela umfanekiso osebenza ngayo. Uma kunzima ukucabanga umfanekiso ohlobana nephuzu olifundisayo, bheka i-Watch Tower Publications Index. Ngaphansi kwesihloko esithi “Illustrations,” uyothola inqwaba yemifanekiso ongayisebenzisa. Nokho, khumbula ukuthi imifanekiso ifana nombhobho—izokwenza iphuzu lakho lizwakale ngokucacile. Ngakho, qiniseka ukuthi wenza umfanekiso okhanyisa kuphela amaphuzu ayinhloko. Yiqiniso ukuthi isizathu esibaluleke kakhulu esenza sifune ukuthuthukisa ikhono lethu lokufundisa, siwukusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka babe ingxenye yomndeni kaJehova ojabulayo, hhayi ukufuna ukunconywa.

OKTHOBA 23-29

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKU | JOBE 8-10

“Uthando Oluqotho LukaNkulunkulu Luyasivikela Emangeni KaSathane”

w15 7/1 12 ¶3

Ingabe Singakwazi Ngempela Ukumjabulisa UNkulunkulu?

UJobe wabhekana nezinkinga ezilandelanayo ezenza kwabonakala sengathi ubulungisa abukho. Waba nombono oyiphutha, waphetha ngokuthi uNkulunkulu akumkhathazi ukuthi uqhubeka eqotho kuYe noma cha. (Job 9:20-22) UJobe wayeqiniseka ukuthi yena ulungile, kangangokuthi kwabanye kwabonakala sengathi uthi ulunge kakhulu kunoNkulunkulu.—Job 32:1, 2; 35:1, 2.

w21.11 6 ¶14

Uthando LukaJehova Oluqotho Lusho Ukuthini Kuwe?

14 Uthando lukaNkulunkulu oluqotho luyasivikela ngokomoya. Ethandaza kuJehova, uDavide wathi: “Uyindawo yami yokucasha; uyongivikela ngezikhathi ezinzima. Uyongihaqa ngokumemeza kwenjabulo lapho ungikhulula. . . . othembela kuJehova uvikelwe uthando lwaKhe oluqotho.” (Hu 32:7, 10) Njengoba nje izindonga zamadolobha akudala zazivikela izakhamuzi zawo, nezenzo zikaJehova ezibonisa uthando oluqotho zifana nodonga olusivikela ezingozini ezingavivinya ubuqotho bethu. Ngaphezu kwalokho, uthando lukaJehova oluqotho lumenza asidonsele kuye.—Jer 31:3.

Amagugu Angokomoya

w10 10/15 6-7 ¶19-20

“Ngubani Osewazi Umqondo KaJehova?”

19 Yini esiyifundile mayelana ‘nomqondo kaJehova’? Kudingeka sivumele iZwi likaNkulunkulu lilolonge ukuqonda kwethu umqondo kaJehova. Akufanele silokothe sibekele uJehova imingcele futhi simahlulele ngezindinganiso nangokucabanga kwethu. UJobe wathi: “[UNkulunkulu] akayena umuntu ofana nami ukuba ngingamphendula, ukuba singaya naye enkantolo.” (Job 9:32) NjengoJobe, lapho siqala ukuqonda umqondo kaJehova, sishukumiseleka ukuba sibabaze: “Bheka! Lokhu kumane kuyingxenye encane nje yemisebenzi yakhe; yeka ukuthi kuncane kangakanani esikuzwayo ngaye ngezindlebe zethu! Ngakho ubani ongaqonda indlela enza ngayo izulu lidume ngamandla?”—Job 26:14.

20 Njengoba sifunda imiBhalo, kufanele senzeni uma sihlangana nendinyana okunzima ukuyiqonda, ikakhulu ngokuphathelene nokucabanga kukaJehova? Uma singayitholi impendulo ecacile nangemva kokucwaninga ngendaba, singabheka lokhu njengokuvivinya ukuthembela kwethu kuJehova. Khumbula ukuthi ngezinye izikhathi amazwi athile asinikeza ithuba lokubonisa ukholo lwethu ezimfanelweni zikaJehova. Masithobeke, samukele ukuthi asikuqondi konke akwenzayo. (Shu 11:5) Ngaleyo ndlela, siyoshukumiseleka ukuba sivumelane nala mazwi omphostoli uPawulu: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi aziphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi azinakuthungathwa kanjani izindlela zakhe! Ngoba “ubani owaziyo umqondo kaJehova, noma ubani oye waba umeluleki wakhe?” Noma, “ubani oye wapha uNkulunkulu okuthile kuqala kwaze kwadingeka ukuba abuyiselwe kona?” Ngoba zonke izinto zivela kuye, zikhona ngaye futhi zingezakhe. Inkazimulo mayibe kuye kuze kube phakade. Amen.”—Rom 11:33-36.

OKTHOBA 30–NOVEMBA 5

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 11-12

“Izindlela Ezintathu Zokuthola Ukuhlakanipha Futhi Uzuze Kukho”

w09 4/15 6-7 ¶17

UJobe Wadumisa Igama LikaJehova

17 Yini eyasiza uJobe ukuba agcine ubuqotho bakhe? Kusobala ukuthi ngaphambi kokuba kugadle izinhlekelele, wayevele enobuhlobo obuhle noJehova. Nakuba singenabufakazi bokuthi uJobe wayazi ukuthi uSathane wayebekele uJehova inselele, wayezimisele ukuhlala eqotho. Wathi: “Ngiyoze ngife ngingazange ngibulahle ubuqotho bami!” (Job 27:5) Wabuhlakulela kanjani lobu buhlobo? Ngokungangabazeki, wayekwazisa lokho ayekuzwile ngokusebenzelana kukaNkulunkulu no-Abrahama, u-Isaka noJakobe, ababeyizihlobo zakhe ezikude. Ukuqaphelisisa kwakhe indalo kwamenza wakwazi ukubona izimfanelo zikaJehova eziningi.—Funda uJob 12:7-9, 13, 16.

w21.06 10-11 ¶10-12

Awuwedwa Neze, UJehova Unawe

10 Yakha ubungane namaKristu athembekile. Funa abangane ongafunda kubo ebandleni, ngisho noma bebadala kunawe noma isizinda sabo singafani nesakho. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi ukuhlakanipha kutholakala “kulabo asebebadala.” (Job 12:12) Asebekhulile nabo bangafunda lukhulu kubantu abasha abathembekile. UDavide wayemncane kakhulu kunoJonathani, kodwa lokho akubavimbanga ekubeni abangane abakhulu. (1Sa. 18:1) UDavide noJonathani basizana ukuze bakhonze uJehova naphezu kwezinkinga ezinkulu. (1Sa. 23:16-18) U-Irina, udade okunguye yedwa onguFakazi kubo uthi, “Ngempela abafowethu nodadewethu bangaba abazali bethu noma izingane zakithi ezingokomoya. UJehova angabasebenzisa ukuze anakekele izidingo zethu.”

11 Kungase kungabi lula ukwenza abangane abasha, ikakhulukazi uma unamahloni. URatna, odade onamahloni owafunda iqiniso naphezu kokuphikiswa uyavuma, “Kwadingeka ngikwamukele ukuthi ngidinga usizo nokusekelwa umndeni wami ongokomoya.” Kungase kungabi lula ukutshela omunye umuntu indlela ozizwa ngayo, kodwa izingxoxo ezinjalo ziyisisekelo sokuba nomngane omkhulu. Abangane bakho bafuna ukukukhuthaza nokukusiza, nokho badinga ukuthi ubatshele ukuthi bangakwenza kanjani lokho.

12 Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokwenza abangane ukushumayela namanye amaKristu. UCarol, ocashunwe ekuqaleni uthi: “Ngithole abangane abaningi ngokuchitha isikhathi nodade enkonzweni nakweminye imisebenzi kaJehova. UJehova uye wangisekela iminyaka esebenzisa la bangane.” Ngeke sizisole nakancane uma sakha ubungane namaKristu athembekile. UJehova usebenzisa labo bangane ukuze akusize ulwe nemizwa ecindezelayo, njengomzwangedwa.—IzA 17:17.

it-2-E 1190 ¶2

Ukuhlakanipha

Ukuhlakanipha Okuvela KuNkulunkulu. Ukuhlakanipha kwangempela kutholakala kuJehovah uNkulunkulu “okunguye yedwa ohlakaniphe” ngale ndlela. (Rom 16:27; IsA 7:12) Ulwazi luyahlobana neqiniso futhi njengoba uJehova enguMdali ohlala “kuze kube phakade naphakade” (Hu 90:1, 2), wazi konke okusezulwini nasemhlabeni, indlela izulu nomhlaba okwakheke ngayo nalokho okukhona kukho nomlando wako kuze kube manje. Imithetho yemvelo, imijikelezo yemvelo nemithetho abantu abathembele kuyo lapho becwaninga nalapho besungula okuthile, ngaphandle kwaleyo mithetho ayikho into abangakopela kuyo, konke kuyimisebenzi Yakhe. (Job 38:34-38; Hu 104:24; IzA 3:19; Jer 10:12, 13) Yingakho izimiso zakhe zokuziphatha zibaluleke kakhulu ukuze umuntu aphile ukuphila okuzinzile, ahlulele kahle futhi aphile kahle. (Dut 32:4-6; bheka elithi JEHOVAH [A God of moral standards].) Akukho angeke akwazi ukukuqonda. (Isay 40:13, 14) Nakuba evumela izinto ezingahambisani nemithetho yakhe elungile ukuba zenzeke futhi ziqhubeke okwesikhashana, ekugcineni kwakho konke ikusasa lilele kuye futhi uyokwenza ngokuvumelana nentando yakhe, izinto azikhulumile ‘nakanjani ziyophumelela.’—Isay 55:8-11; 46:9-11.

Amagugu Angokomoya

w08 8/1 11 ¶5

Ukukhulumisana Nentsha

▪ ‘Ingabe ngiyakuqonda ngempela lokho okuvezwa amazwi?’ UJobe 12:11 uthi: “Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi ngendlela ulimi olunambitha ngayo ukudla?” Manje kunanini ngaphambili, kudingeka ‘uvivinye’ lokho indodana noma indodakazi yakho ekushoyo. Intsha ivame ukweqisa lapho ikhuluma. Ngokwesibonelo, indodana noma indodakazi yakho ingase ithi, “Njalo ungiphatha njengengane!” noma “Awukaze ungilalele!” Esikhundleni sokugxila emazwini anganembile athi “njalo” nathi “awukaze,” qaphela ukuthi umntanakho kungenzeka akakuqondile ngempela lokho akushoyo. Ngokwesibonelo, amazwi athi “Njalo ungiphatha njengengane” angase asho ukuthi “Nginomuzwa wokuthi awungithembi,” kanti athi “Awukaze ungilalele” angase asho ukuthi “Ngifuna ukukutshela indlela engizizwa ngayo ngempela.” Zama ukuqonda isigijimi esivezwa amazwi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela