Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 58
  • Qhubeka Uqotho KuJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qhubeka Uqotho KuJehova
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Ukubhekana Nenselele Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izinkolo Zamanga Zimmelela Kabi UNkulunkulu
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • “Wena Wedwa [Uqotho]”
    Sondela KuJehova
  • Gwema Ukukhulekela Kwamanga!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 58
ISifundo 58. Umndeni uhamba ngokuthula udlula izihlubuki ezidelela abantu abeze emhlanganweni woFakazi BakaJehova.

ISIFUNDO 58

Qhubeka Uqotho KuJehova

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

AmaKristu eqiniso azimisele ukungavumeli lutho noma ukungavumeli muntu awayekise ukukhonza uJehova. Siyaqiniseka ukuthi uzizwa kanjalo nawe. UJehova ubheka ubuqotho bakho njengento eyigugu. (Funda eyoku-1 IziKronike 28:9.) Yiziphi izimo ezingavivinya ubuqotho bakho kuye futhi ungabhekana kanjani nazo?

1. Abanye bangabuvivinya kanjani ubuqotho bethu kuJehova?

Abanye abantu bazozama ukusiyekisa ukukhonza uJehova. Obani abangenza into enjalo? Abanye abangasamkhonzi uNkulunkulu baqamba amanga ngenhlangano yakhe ukuze baqede ukholo lwethu. Babizwa ngokuthi izihlubuki. Ngaphezu kwalokho, abanye abaholi benkolo baqamba amanga ngathi ukuze bayekise abantu abangaqaphile ukukhonza uJehova. Kuyingozi ukuphikisana nanoma yiziphi izihlubuki, ukufunda izincwadi zazo noma lokho ezikubhala kuma-blog azo, ukungena kumawebusayithi azo noma ukubukela amavidiyo azo. Ngokuphathelene nalabo abazama ukuqeda abanye amandla okukhonza uJehova, uJesu wathi: “Bayekeni. Bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, zombili ziyowela emgodini.”​—Mathewu 15:14.

2. Yiziphi izinqumo esizenzayo ezingase zivivinye ubuqotho bethu kuJehova?

Ukuthanda uJehova kuzosenza siyeke ukuzihlanganisa nenkolo yamanga. Imisebenzi yethu yokuziphilisa, izinhlangano esikuzo nanoma yini enye esiyenzayo akufanele kusihlanganise nenkolo yamanga. UJehova uyasixwayisa: “Phumani [eBhabhiloni Elikhulu], bantu bami.”​—IsAmbulo 18:2, 4.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ungakugwema kanjani ukuvumela noma ubani aqede ubuqotho bakho kuJehova. Thola nokuthi ungabubonisa kanjani ubuqotho ngokuphuma eBhabhiloni Elikhulu.

3. Qapha abantu abafundisa amanga

Kufanele senzenjani lapho sizwa izinto ezimbi ngenhlangano kaJehova? Fundani izAga 14:15, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kuwukuhlakanipha ukungakukholwa konke esikuzwayo?

Fundani eyesi-2 Johane 9-11, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kufanele siziphathe kanjani izihlubuki?

  • Ngisho noma singazihlanganisi ngokuqondile nezihlubuki, singazithola kanjani izimfundiso zazo?

  • Ucabanga ukuthi uJehova angazizwa kanjani uma singalalela izinto ezimbi abazishoyo ngaye nangenhlangano yakhe?

4. Qhubeka uqotho kuNkulunkulu lapho umzalwane enza isono

Uma sithola ukuthi othile ebandleni wenze isono esibi kakhulu, yini okumelwe siyenze? Cabanga ngesimiso esiseMthethweni kaNkulunkulu asinikeza u-Israyeli wasendulo. Fundani uLevitikusi 5:1.

Njengoba leli vesi lisho, uma sithola ukuthi umuntu othile wenze isono esibi kakhulu, kufanele sitshele abadala lokho esikwaziyo. Kodwa ngaphambi kokuba ubatshele, uyobe ubonisa umusa uma ukhuthaza umenzi wokubi ukuba aye kubadala ayovuma isono sakhe. Uma engayi, ubuqotho bethu kuJehova kufanele busenze sibatshele abadala lokho esikwaziyo. Ukwenza kanjalo kubonisa kanjani ukuthi simthanda ngobuqotho . . .

  • uJehova uNkulunkulu?

  • umuntu owenze isono?

  • nabanye ebandleni?

Izithombe ezihlanganisiwe: Umzalwane usiza omunye owenze into embi. 1. Lo mzalwane uphazanyiswa yinto ayibonayo efonini yakhe. 2. Lo mzalwane utshengisa umzalwane owonile lokho okusefonini yakhe, kodwa umzalwane owonile akafuni ukulalela. 3. Lo mzalwane ube esetshengisa abadala ababili ifoni yakhe bese ekhuluma nabo.

Uma umuntu okholwa naye enze into embi, msize!

5. Phuma eBhabhiloni Elikhulu

Dlalani IVIDIYO.

IVIDIYO: Phumani EBhabhiloni Elikhulu! (5:06)

Isithombe esithathelwe kuyividiyo ethi ‘Phumani EBhabhiloni Elikhulu!’ Umfundi weBhayibheli uyaphuma, ushiya umpristi ngemuva ngemva kokokwesula emsebenzini wakhe esontweni.

Fundani uLuka 4:8 nesAmbulo 18:4, 5, bese uphendula le mibuzo:

  • Ingabe ngisabhalisiwe njengelungu lenkolo ethile yamanga?

  • Ingabe ngisenhlanganweni ethile esebenzelana nenkolo?

  • Ingabe umsebenzi wami uyisekela nganoma iyiphi indlela inkolo yamanga?

  • Zikhona yini ezinye izinto ekuphileni kwami ezingenza kudingeke ngizihlukanise nenkolo yamanga?

  • Uma ngiphendule ngoyebo kule mibuzo, yiluphi ushintsho okufanele ngilwenze?

Kuzo zonke lezi zimo, yenza isinqumo esizokushiya unonembeza ohlanzekile nesibonisa ukuthi uqotho kuJehova.

Udade nendodana yakhe encane baphuma esitolo. Badlula phambi kowesifazane ocela umnikelo wesonto.

Ungenzenjani uma ungase ucelwe ukuba unikelele inhlangano ethile yenkolo?

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngiyafuna ukwazi ukuthi izihlubuki zithini ngoFakazi BakaJehova ukuze ngivikele iqiniso.”

  • Kungaba ukuhlakanipha yini ukwenza kanjalo? Kungani usho kanjalo?

UKUBUYEKEZA

Ukuze siqhubeke siqotho kuJehova, kudingeka sigweme ukuzihlanganisa nabantu abazama ukusidukisa.

Ufundeni?

  • Kungani kungafanele silalele izinto ezishiwo izihlubuki?

  • Uma sizwa ukuthi umuntu esikhonza naye wenze isono esibi kakhulu, yini okufanele siyenze?

  • Singasilalela kanjani isixwayiso esithi masiphume enkolweni yamanga?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ungenzenjani lapho abanye besakaza izindaba ezingamanga ngoFakazi BakaJehova.

“Ingabe Unamaqiniso Aphelele Ngendaba?” (INqabayokulinda, Agasti 2018)

Ungathola kanjani ukuthi yiziphi izinhlangano noma izinto ezenziwayo ezisekela iBhabhiloni Elikhulu?

“Hlala Umatasa Engxenyeni Yokugcina ‘Yezinsuku Zokugcina’” (INqabayokulinda, Okthoba 2019, izigaba 16-18)

Yiziphi ezinye zezinto ezenziwe abaphikisi ukuze bazame ukusiqeda ukholo?

Qaphela Ukukhohliswa (9:32)

Endabeni ethi “Ngangilokhu Ngifuna UNkulunkulu Kusukela Ngiyingane,” funda ngompristi ongumShinto owagqashula enkolweni yamanga.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2011)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela