Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 9/15 k. 22
  • Imibuzo Evela Kubafundi​—⁠September 2014

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi​—⁠September 2014
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Labo Abafuna UJehova, Ngeke Baswele Lutho Oluhle”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • UJehova Waba ‘Umenzi Wendlela Yokuphunyuka’ Ezikhathini ZeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • “Ngifundise Ukwenza Intando Yakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Thembela Emoyeni KaNkulunkulu Ekubhekaneni Nezinguquko Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 9/15 k. 22

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI

Ingabe amazwi kaDavide akumaHubo 37:25 nakaJesu akuMathewu 6:33 asho ukuthi uJehova akasoze avumela umKristu ukuba aswele ukudla?

UDavide wathi wayengazange ‘ambone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.’ La mazwi wayewasekele kokuhlangenwe nakho kwakhe. Wayekwazi kahle ukunakekela kukaNkulunkulu okungashintshi. (IHu. 37:25) Nokho, amazwi kaDavide awasho ukuthi akekho umkhulekeli kaNkulunkulu owake waswela noma oyoke aswele.

Zaziba khona izikhathi uDavide ngokwakhe ayebhekana ngazo nezimo ezinzima. Esinye sazo yilapho ebalekela uSawulu. UDavide wayengenakho ukudla okwanele, ngakho wacela isinkwa ayezosidla nalabo ayehamba nabo. (1 Sam. 21:1-6) Ngaleso sikhathi uDavide ‘wayephanza isinkwa.’ Nakuba ayekuleso simo esibucayi, wayazi ukuthi uJehova akamshiyile. Iqiniso liwukuthi akukho lapho sifunda khona ukuthi kwake kwadingeka uDavide anxibe ukuze aphile.

KuMathewu 6:33 sithola isiqinisekiso sikaJesu sokuthi uNkulunkulu uzokwanelisa izidingo zezinceku ezithembekile ezibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwazo. UJesu wathi: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto [ezihlanganisa ukudla, okuphuzwayo nokokwembatha] niyozenezelelwa.” Noma kunjalo, uJesu wabonisa nokuthi ngenxa yoshushiso, ‘abafowabo’ kwakungenzeka balambe. (Math. 25:35, 37, 40) Lokho kwenzeka kumphostoli uPawulu. Kwenzeka walamba futhi woma.—2 Kor. 11:27.

Amadoda abulawa indlala ekamu lokuhlushwa

UJehova usitshela ukuthi siyoshushiswa ngezindlela eziningi. Angase avumele ukuba siswele njengoba sisiza ekuphenduleni inselele eyabekwa uDeveli. (Jobe 2:3-5) Ngokwesibonelo, amanye amaKristu esikanye nawo, njengalawo ayevalelwe emakamu okuhlushwa amaNazi, azithola esengozini ngenxa yoshushiso. Ukuncisha oFakazi ukudla kwakungenye yezindlela ezimbi kakhulu ezazisetshenziselwa ukuzama ukuphula ubuqotho babo. OFakazi abathembekile baqhubeka belalela uJehova; akazange abashiye. Wavuma ukuba babhekane nalolo vivinyo, njengoba evumela wonke amaKristu ukuba abhekane novivinyo oluhlukahlukene. Nokho, akungatshazwa ukuthi uJehova ubasekela bonke abahlupheka ngenxa yegama lakhe. (1 Kor. 10:13) Masikhumbule amazwi akweyabaseFilipi 1:29 athi: “Ngoba leli lungelo lanikezwa nina ngenxa kaKristu ukuba ningabi nje kuphela nokholo kuye, kodwa futhi nokuba nihlupheke ngenxa yakhe.”

UJehova uthembisa ukuthi uzoba nezinceku zakhe. Ngokwesibonelo u-Isaya 54:17, uthi: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele.” Lesi sithembiso nezinye ezinjengaso zisiqinisekisa ngokulondeka kwabantu bakaNkulunkulu njengeqembu. Nokho, umKristu ngamunye angase avivinywe kuze kube seqophelweni lokufa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela