Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 21
  • Ukuba Nombono Omuhle Ngemikhuba Ecasulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Nombono Omuhle Ngemikhuba Ecasulayo
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba nombono omuhle ngomkhuba okucasulayo
  • Okungaxoxwa ngakho
  • Indlela Yokubonisa Ukwazisa
    I-Phaphama!—2017
  • Lapho Kuba Nokungezwani Emshadweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • 3 Ukuhloniphana
    I-Phaphama!—2018
  • Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 21
Indoda ecasukile ihlezi yodwa etafuleni njengoba umkayo exoxa kamnandi nenye indoda nomkayo.

USIZO LOMNDENI | UMSHADO

Ukuba Nombono Omuhle Ngemikhuba Ecasulayo

  • Uthanda ukuvele uzenzele nje izinto ungazihlelanga; oshade naye uthanda zonke izinto zihlelwe kahle.

  • Uwumuntu ozithulelayo nonamahloni; oshade naye ukhululeke kakhulu, uthanda ukuba nabantu.

Ingabe oshade naye unomkhuba okucasulayo? Ukugxila kulowo mkhuba kunganilimaza emshadweni wenu. NeBhayibheli liyasho ukuthi “lowo oqhubeka ekhuluma ngendaba uhlukanisa abangane abakhulu.”—IzAga 17:9.

Kunokuba lo mkhuba ocasulayo wenze kungabi mnandi ekhaya, mhlawumbe ungafunda ukuba nombono omuhle ngawo.

Kulesi sihloko

  • Ukuba nombono omuhle ngomkhuba okucasulayo

  • Okushiwo abashadile

  • Okungaxoxwa ngakho

Ukuba nombono omuhle ngomkhuba okucasulayo

Lo mkhuba okucasulayo woshade naye ungase uhlobane nalokho okuthandayo kuye. Cabanga ngalezi zibonelo ezintathu:

“Umyeni wami uvame ukungasheshi lapho enza izinto noma ezilungiselela ukuhamba. Kodwa wona lowo mkhuba umenza abe nesineke—ngisho nakimi. Ngezinye izikhathi ukungasheshi kwakhe kuyangicasula, kodwa futhi ilokho okwenza abe nesineke, okuyinto engiyithandayo ngaye.”—UChelsea.

“Umkami uhlela, aze ahlele nezinto ezincane kakhulu; ngoba ufuna yonke into ihamba kahle, okuyinto ecasulayo ngezinye izikhathi. Ngakolunye uhlangathi, ukuhlela yonke imininingwane kwenza angabi umuntu ongahlelekile.”—UChristopher.

“Ngezinye izikhathi umyeni wami ubonakala engenandaba nezinto, okuyinto ekhathazayo. Ngesikhathi esifanayo, ukungajahi kwakhe kungenye yezinto eyenza ngamthanda. Ngiyayithanda indlela ahlale ezole ngayo ngisho ezikhathini ezinzima.”—UDanielle.

Ngokuvamile umkhuba omubi womuntu esishade naye ungabuye ube nokuthile okuhle ngawo, njengoba uChelsea, uChristopher noDanielle baye babona. Uma lowo mkhuba unokuthile okuhle, asikwazi ukuwulahla singalahlekelwa okuhle okuhambisana nawo, njengoba nje singeke salahla uhlangothi olulodwa lwemali.

Kuyiqiniso ukuthi eminye imikhuba ayinakho okuhle okuhambisana nayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyavuma ukuthi abanye abantu ‘bacasuka kalula.’ (IzAga 29:22) Uma kunjalo, kufanele lowo muntu enze konke okusemandleni akhe ukuyeka “yonke inhlobo yenzondo, intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo.”a—Efesu 4:31.

Uma lowo mkhuba umane uyinto ecasulayo nje, lalela lesi seluleko seBhayibheli: “Qhubekani nibekezelelana . . . ngisho noma umuntu enesizathu sokukhononda.”—Kolose 3:13.

Ngaphezu kwalokho, zama ukuthola okuhle okuhambisana nalo mkhuba—okungase kube yinto eyenza wamthanda umngani wakho womshado kwasekuqaleni. Umyeni okuthiwa uJoseph uthi, “Ukunaka kakhulu umkhuba ocasulayo kunjengokugxila engxenyeni ecijile yedayimane bese ungabe usabona nobuhle bokucwazimula kwalo.”

Okushiwo abashadile

UDerrick noHaley.

“Njalo lapho mina noma umkami sicasulwa umkhuba omunye wethu anawo, sizama ukucabanga ngezimo lapho lo mkhuba ongaba usizo khona.”—UDerrick nomkakhe uHaley.

UMikiah noCurtis.

“Singawushalazela lowo mkhuba uma siqaphela ukuthi uyasiza ekwenzeni esishade naye abe yilowo muntu esamthanda kwasekuqaleni.”—UMikiah nomyeni wakhe uCurtis.

Okungaxoxwa ngakho

Okokuqala, ngamunye wenu angazihlolela le mibuzo elandelayo. Ngemva kwalokho, xoxani ngezimpendulo zenu ndawonye.

  • Ingabe oshade naye unomkhuba ocabanga ukuthi unenza nixabane? Uma kunjalo, uyini lowo mkhuba?

  • Ingabe lo mkhuba uyiphutha elikhulu noma ingabe umane uyakucasula nje?

  • Ingabe kukhona okuhle ngalowo mkhuba? Uma kunjalo, kuyini futhi kungani ukuthanda lokho koshade naye?

a Bheka isihloko esithi “Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho,” “Indlela Yokugwema Inkulumo Elimazayo” nesithi “Indlela Yokunqanda Ukuqagulisana.”

Ukubukeza: Ungabhekana kanjani nomkhuba ocasulayo woshade naye?

Ongakukhumbula:

  • Ukugxila emkhubeni ocasulayo woshade naye kunganilimaza emshadweni wenu.

  • Umkhuba okucasulayo ungase uhlobane nalokho okuthandayo kuye, mhlawumbe nalokho okwenza wamthanda kwasekuqaleni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela