ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 34
Funda Eziprofethweni ZeBhayibheli
“Abahlakaniphile bayoqonda.”—DAN. 12:10.
INGOMA 98 ImiBhalo Iphefumulelwe UNkulunkulu
AMAZWIBELAa
1. Yini engakusiza ukujabulele ukutadisha iziprofetho zeBhayibheli?
“NGIYATHANDA ukutadisha iziprofetho,” kusho umzalwane osemusha okuthiwa uBen. Uyavumelana yini naye? Noma ingabe ukuthola kunzima ukutadisha iziprofetho? Ungase ube nanomuzwa wokuthi ukutadisha iziprofetho kuyisicefe. Kodwa uma uthola izizathu ezengeziwe zokuthi kungani uJehova azifaka eZwini lakhe, ungase uwushintshe umqondo.
2. Sizokhuluma ngani lesi sihloko?
2 Kulesi sihloko ngeke nje sigcine ngokuxoxa ngokuthi kungani kufanele sizifunde iziprofetho zeBhayibheli, kodwa sizoxoxa nangokuthi singazitadisha kanjani. Sizobe sesixoxa ngeziprofetho ezimbili ezisencwadini kaDaniyeli, sibone ukuthi ukuziqonda kusisiza kanjani manje.
KUNGANI KUFANELE SITADISHE IZIPROFETHO ZEBHAYIBHELI?
3. Yini okudingeka siyenze ukuze siziqonde iziprofetho zeBhayibheli?
3 Ukuze siziqonde iziprofetho zeBhayibheli, kudingeka sicele usizo. Cabanga ngalo mfanekiso. Zibone ngeso lengqondo uvakashele indawo ongayijwayele, kodwa umngani wakho ohamba naye yena uyazi kahle le ndawo. Wazi kahle ukuthi nikuphi nokuthi umgwaqo ngamunye uzoniholelaphi. Akungabazeki ukuthi uyajabula ngokuthi lo mngani wakho uvumile ukukuphelezela! Ngendlela efanayo, uJehova uyazi ukuthi siphila kusiphi isikhathi nokuthi yini esilindele phambili. Ngakho, ukuze siqonde iziprofetho zeBhayibheli, kumele sithobeke sicele usizo kuJehova.—Dan. 2:28; 2 Pet. 1:19, 20.
Ukutadisha iziprofetho zeBhayibheli kungasisiza silungele izenzakalo ezizayo (Bheka isigaba 4)
4. Kungani uJehova enza ukuba iziprofetho zibhalwe eZwini lakhe? (Jeremiya 29:11) (Bheka nesithombe.)
4 Njenganoma yimuphi umzali onezimfanelo ezinhle, uJehova ufuna izingane zakhe zibe nekusasa elijabulisayo. (Funda uJeremiya 29:11.) Kodwa ngokungefani nomzali ongumuntu, uJehova uyakwazi ukubikezela ikusasa ngendlela enembile. Wenza ukuba iziprofetho zibhalwe eZwini lakhe ukuze sazi izenzakalo ezibalulekile zingakenzeki. (Isaya 46:10) Iziprofetho zeBhayibheli ziyisipho esivela kuBaba wethu wasezulwini onothando. Kodwa ungaqiniseka kanjani ukuthi lokho iBhayibheli elikubikezelayo kuyokwenzeka ngempela?
5. Yini osemusha angayifunda kokwenzeka kuMax?
5 Isikhathi esiningi esikoleni intsha yethu isuke izungezwe abantu abangalihloniphi iBhayibheli. Ekushoyo leyo ntsha nendlela eziphatha ngayo kungase kwenze uFakazi osemusha angabaze izinkolelo zakhe. Cabanga ngokwenzeka kumzalwane okuthiwa uMax. Uthi, “Ngesikhathi ngisemusha ngaqala ukungabaza ukuthi abazali bami basenkolweni yeqiniso nokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu.” Benzenjani abazali bakhe? Uthi, “Nakuba ngangibona ukuthi bakhathazekile, kodwa bazola.” Abazali bakaMax baphendula imibuzo yakhe besebenzisa iBhayibheli. UMax naye wenza okuthile. Uthi: “Ngazitadishela mina iziprofetho zeBhayibheli, ngakuxoxela nabanye engangikufundile.” Waba yini umphumela? Uthi, “Ngemva kwalokho, ngaqiniseka ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu!”
6. Yini okudingeka uyenze uma uzingabaza izinkolelo zakho, futhi kungani?
6 Uma nawe njengoMax uqala ukungabaza ukuthi iBhayibheli lineqiniso, akudingeki ube nomuzwa wecala. Kodwa kuyadingeka wenze okuthile ngakho. Ukungabaza kufana nokugqwala kwento. Uma kunganakiwe, kungayilimaza kancane kancane into eyigugu. Ukuze ususe noma yiziphi izinto ezifana nokugqwala okholweni lwakho, kudingeka uzibuze, ‘Ngiyakukholelwa yini okushiwo yiBhayibheli ngekusasa?’ Uma ungaqiniseki, kudingeka utadishe iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile. Ungakwenza kanjani lokho?
INDLELA YOKUTADISHA IZIPROFETHO ZEBHAYIBHELI
Ukuze sithembele kuJehova njengoDaniyeli, lapho sitadisha iziprofetho zeBhayibheli, kumele sithobeke, singakhi phezulu futhi sibe nezisusa ezifanele (Bheka isigaba 7)
7. Yisiphi isibonelo uDaniyeli asibeka mayelana nendlela yokutadisha iziprofetho? (Daniyeli 12:10) (Bheka nesithombe.)
7 UDaniyeli wabeka isibonelo esihle sendlela yokutadisha iziprofetho. Wazitadisha ngesisusa esifanele, wayefuna ukwazi iqiniso. UDaniyeli wayethobekile futhi, eqaphela ukuthi uJehova uzobanika ukuqonda abantu abamaziyo nabaphila ngemithetho yakhe ehlanzekile. (Dan. 2:27, 28; funda uDaniyeli 12:10.) Wafakazela ukuthi uthobekile ngokuncika kuJehova ukuze athole usizo. (Dan. 2:18) UDaniyeli wayengakhi phezulu lapho etadisha. Wacwaninga emiBhalweni ephefumulelwe eyayikhona ngesikhathi sakhe. (Jer. 25:11, 12; Dan. 9:2) Ungamlingisa kanjani uDaniyeli?
8. Kungani abanye bengafuni ukukholelwa ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ziyagcwaliseka, kodwa yini thina okufanele siyenze?
8 Hlola izisusa zakho. Ingabe utadisha iziprofetho zeBhayibheli ngoba unesifiso esinamandla sokwazi iqiniso? Uma kunjalo, uJehova uzokusiza. (Joh. 4:23, 24; 14:16, 17) Yisiphi esinye isizathu esingenza umuntu atadishe iziprofetho? Abanye bangase bazitadishe ngoba benethemba lokuthi bazothola ubufakazi bokuthi iBhayibheli aliphefumulelwe uNkulunkulu. Bacabanga ukuthi uma iBhayibheli lingaveli kuNkulunkulu, kusho ukuthi bangazinqumela ukuthi yini elungile nengalungile. Nokho, kudingeka sibe nesisusa esifanele. Ngaphezu kwalokho, kunemfanelo ebalulekile edingekayo ukuze sikwazi ukuqonda iziprofetho zeBhayibheli.
9. Iyiphi imfanelo edingekayo ukuze siqonde iziprofetho zeBhayibheli? Chaza.
9 Thobeka. UJehova uthembisa ukuthi uzobasiza abathobekile. (Jak. 4:6) Ngakho, kudingeka sithandaze sicele usizo lwakhe ukuze siqonde iziprofetho zeBhayibheli. Kumele sivume nokuthi siyaludinga usizo lomzila awusebenzisayo ukuze asinikeze imfundo efika ngesikhathi esifanele esenza sisondele kuye. (Luka 12:42) UJehova unguNkulunkulu ohlelekile, ngakho kuyaqondakala ukuthi usebenzisa umzila owodwa kuphela ukuze asisize siqonde amaqiniso aseZwini lakhe.—1 Kor. 14:33; Efe. 4:4-6.
10. Yini oyifundayo kulokho okwenzeka ku-Esther?
10 Ungakhi phezulu. Khetha isiprofetho osithandayo ucwaninge ngaso kuqala. Yilokho okwenziwa udade okuthiwa u-Esther. Wayethanda iziprofetho ezibikezela ukuza kukaMesiya. Uthi: “Ngesikhathi ngineminyaka engu-15, ngaqala ukufuna ubufakazi bokuthi lezi ziprofetho ngempela zabhalwa ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni.” Lokho akuthola ngokufunda ngeMiqulu Yasolwandle Olufile kwamenza waqiniseka. Uthi: “Eminye yale Miqulu yabhalwa ngaphambi kwesikhathi sikaKristu, ngakho kumele ukuba iziprofetho ezikuyo zivela kuNkulunkulu.” U-Esther uyavuma, “Kwadingeka izinto ezithile ngizifunde kaningana ukuze ngiziqonde.” Kodwa uyajabula ngokuthi wenza umzamo. Ngemva kokutadisha iziprofetho zeBhayibheli eziningana, uthi, “Ngazibonela ngokwami ukuthi okushiwo iBhayibheli kuyiqiniso!”
11. Sizuza kanjani uma sizitholela thina ukuthi iBhayibheli liyiqiniso?
11 Lapho sibona indlela ezigcwaliseke ngayo ezinye zeziprofetho eziseZwini likaNkulunkulu, simethemba nakakhulu uJehova nendlela asihola ngayo. Ngaphezu kwalokho, iziprofetho zeBhayibheli ziyasisiza silondoloze ithemba elihle ngekusasa, kungakhathaliseki ukuthi yiluphi uvivinyo esibhekene nalo manje. Ake sixoxe kafushane ngeziprofetho ezimbili ezabhalwa uDaniyeli ezigcwalisekayo njengamanje. Ukuziqonda kuzosisiza senze izinqumo ezihlakaniphile.
IZINYAWO ZENSIMBI NOBUMBA ZIKUTHINTA KANJANI WENA?
12. Zimelelani izinyawo ‘zensimbi exubene nobumba olumanzi’? (Daniyeli 2:41-43)
12 Funda uDaniyeli 2:41-43. Ephusheni uDaniyeli alichazela iNkosi uNebukhadinezari, izinyawo zesithombe esabonwa inkosi zazenziwe ‘ngensimbi exubene nobumba olumanzi.’ Uma siqhathanisa lesi siprofetho nezinye ezisencwadini kaDaniyeli neyesAmbulo, singaphetha ngokuthi lezi zinyawo zimelela inhlanganisela yamaNgisi NamaMelika, umbuso wezwe ovelele esikhathini sethu. Ngokuqondene nalo mbuso wezwe, uDaniyeli uthi “ingxenye yombuso iyoba namandla futhi enye ingxenye ibe buthaka.” Kungani enye ingxenye ibuthaka? Kungoba abantu abavamile, abafanekiselwa ubumba olumanzi, benza lo mbuso ungakwazi ukusebenzisa amandla awo anjengensimbi.b
13. Yimaphi amaqiniso abalulekile esiwafundayo ngenxa yokuthi siyasiqonda lesi siprofetho?
13 Encazelweni kaDaniyeli yesithombe esasisephusheni, ikakhulukazi izinyawo zaso, sifunda amaqiniso amaningana abalulekile. Okokuqala, uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika ukhombise ngezindlela eziningana ukuthi unamandla. Ngokwesibonelo, lo Mbuso waba phakathi kwezizwe ezanqoba iMpi Yezwe I neyesi-II. Nokho, lo mbuso wezwe uye wenziwa buthaka futhi uzoqhubeka wenziwa buthaka ngenxa yokuthi izakhamuzi zawo zilwa zodwa zibuye zilwe nohulumeni bazo. Okwesibili, lo mbuso wezwe uzoba umbuso wokugcina ozobusa ngaphambi kokuba uMbuso kaNkulunkulu uqede yonke imibuso yabantu. Nakuba ngezinye izikhathi ezinye izizwe zingase ziphikisane noMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, ngeke ziwususe esikhundleni sawo. Lokho sikwazi ngoba “itshe” elimelela uMbuso kaNkulunkulu lizoziphihliza izinyawo, eziyingxenye yesithombe esifanekisela inhlanganisela yamaNgisi NamaMelika.—Dan. 2:34, 35, 44, 45.
14. Ukuqonda isiprofetho sezinyawo zensimbi nobumba kungasisiza kanjani senze izinqumo ezihlakaniphile?
14 Uyaqiniseka yini ukuthi isiprofetho sikaDaniyeli esiphathelene nezinyawo zensimbi nobumba siyiqiniso? Uma uqiniseka, lokho kuzothinta indlela ophila ngayo. Ngeke uzame ukuba nemali eningi nezinto eziningi ezweni eselizobhujiswa maduzane. (Luka 12:16-21; 1 Joh. 2:15-17) Ukuqonda lesi siprofetho kuzokusiza nokuba ubone ukubaluleka komsebenzi wokushumayela nokufundisa. (Math. 6:33; 28:18-20) Ngemva kokutadisha lesi siprofetho, kungani ungazibuzi lo mbuzo, ‘Izinqumo engizenzayo ziyabonisa yini ukuthi ngiyaqiniseka ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzobaqeda maduzane bonke ohulumeni babantu?’
IKUTHINTA KANJANI “INKOSI YASENYAKATHO” ‘NENKOSI YASENINGIZIMU’?
15. Ingubani ‘inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu’ namuhla? (Daniyeli 11:40)
15 Funda uDaniyeli 11:40. UDaniyeli isahluko 11 ukhuluma ngamakhosi amabili, noma ohulumeni ababili, ababanga ukubusa umhlaba. Uma siqhathanisa lesi siprofetho nezinye eziseBhayibhelini, singasho ukuthi “inkosi yasenyakatho” yiRussia namazwe ayisekelayo, kanti “inkosi yaseningizimu” uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika.c
Singaqinisa ukholo lwethu sigweme nokukhathazeka okungadingekile uma siqaphela ukuthi ukuphikiswa ‘inkosi yasenyakatho neyaseningizimu’ kugcwalisa iziprofetho zeBhayibheli (Bheka izigaba 16-18)
16. Yiziphi izinselele ababhekene nazo abantu ababuswa “inkosi yasenyakatho”?
16 Abantu bakaNkulunkulu ababuswa “inkosi yasenyakatho” bakhuthazelela ushushiso oluvela kule nkosi. Abanye oFakazi baye bashaywa bavalelwa nasemajele ngenxa yokholo lwabo. Kunokuba izenzo ‘zenkosi yasenyakatho’ zibethuse abafowethu, zakha ukholo lwabo. Kungani? Kungoba bayazi ukuthi ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu kugcwalisa isiprofetho sikaDaniyeli.d (Dan. 11:41) Ukwazi lokho kungasisiza sigcine ithemba lethu liphila futhi sihlale siqotho kuJehova.
17. Yiziphi izinselele abantu bakaNkulunkulu ababuswa “inkosi yaseningizimu” ababhekene nazo?
17 Esikhathini esidlule “inkosi yaseningizimu” nayo yabahlasela abantu bakaJehova. Ngokwesibonelo, phakathi neMpi Yezwe I neyesi-II abafowethu abaningi baboshwa ngenxa yokungathathi hlangothi, ezinye izingane zoFakazi zaxoshwa esikoleni ngenxa yesizathu esifanayo. Nokho, emashumini eminyaka amuva, izinceku zikaJehova ezibuswa yile nkosi ziye zabhekana nezinto ezicashile ezivivinya ubuqotho bazo eMbusweni kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho kunemikhankaso yokhetho, umKristu angase alingeke ukuba asekele iqembu elithile lezepolitiki noma umuntu othile ongenele ukhetho. Angase angavoti; kodwa engqondweni nasenhliziyweni yakhe asekele uhlangothi oluthile. Akuve kubalulekile ukuba singagcini nje ngokungathathi hlangothi kwezepolitiki ngezenzo zethu, kodwa kufanele singathathi hlangothi nangemicabango nangendlela esizizwa ngayo ngezinto!—Joh. 15:18, 19; 18:36.
18. Ukungezwani ‘kwenkosi yasenyakatho’ nembangi yayo kusithinta kanjani? (Bheka nesithombe.)
18 Abantu abangenalo ukholo eziprofethweni zeBhayibheli bangase bakhathazeke kakhulu lapho bebona ‘inkosi yaseningizimu ingqubuzana nenkosi yasenyakatho.’ (Dan. 11:40) Womabili la makhosi anamabhomu anamandla kakhulu angabulala yonke into ephilayo emhlabeni. Kodwa thina siyazi ukuthi uJehova ngeke akuvumele lokho kwenzeke. (Isaya 45:18) Kunokuba inzondo ephakathi ‘kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu’ isikhathaze, isiqinisa ukholo. Isiqinisekisa ngokuthi ukuphela kwaleli zwe kuseduze.
QHUBEKA UZINAKA IZIPROFETHO
19. Yini okufanele siyivume ngeziprofetho zeBhayibheli?
19 Asazi ukuthi ezinye iziprofetho zeBhayibheli ziyogcwaliseka kanjani. Ngisho nomprofethi uDaniyeli wayengayiqondi incazelo yakho konke akubhala. (Dan. 12:8, 9) Kodwa ukungaqondi ukuthi isiprofetho esithile sizogcwaliseka kanjani, akusho ukuthi ngeke sigcwaliseke. Singamethemba nakanjani uJehova ukuthi uyosambulela okudingeka sikwazi ngesikhathi esifanele, njengoba nje enza esikhathini esidlule.—Amose 3:7.
20. Yiziphi iziprofetho zeBhayibheli esizozibona zigcwaliseka maduzane, futhi yini okufanele siqhubeke siyenza?
20 Kuzokwenziwa isimemezelo ‘sokuthula nokulondeka.’ (1 Thes. 5:3) Ngemva kwalokho, ohulumeni bezwe bazojikela inkolo yamanga bayiqothule. (IsAm. 17:16, 17) Bayobe sebehlasela abantu bakaNkulunkulu. (Hez. 38:18, 19) Lezi zenzakalo ziyoholela empini yokugcina ye-Armagedoni. (IsAm. 16:14, 16) Singaqiniseka ukuthi lezi zenzakalo zizokwenzeka maduze. Singakafiki leso sikhathi, masiqhubeke sibonisa ukuthi siyambonga uBaba wasezulwini onothando ngokuba sinake iziprofetho zeBhayibheli nangokusiza abanye benze okufanayo.
INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu
a Kungakhathaliseki ukuthi siba sibi kangakanani isimo emhlabeni, singaqiniseka ukuthi silindelwe ikusasa elijabulisayo. Lokho kuqiniseka sikuthola ngokutadisha iziprofetho zeBhayibheli. Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi kungani kufanele sikutadishe lokho okubikezelwa iBhayibheli. Sizophinde sihlole kafushane iziprofetho ezimbili eziprofethweni ezabhalwa uDaniyeli, sibone nokuthi sizuza kanjani lapho siziqonda.
b Bheka isihloko esithi “UJehova Wembula Lokho ‘Okumelwe Kwenzeke Maduzane,’” kuyi-Nqabayokulinda kaJuni 15, 2012, izig. 7-9.