“Incwadi Yesiqondiso Enamaqiniso Okuphila Newusizo”
NGEHLOBO langonyaka odlule i-Arkansas Democrat Gazette yahlola izincwadi eziningana ezinyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society. Yaphawula ngenye yazo, yathi: “Intsha Iyabuza iyincwadi yesiqondiso enamaqiniso okuphila newusizo emikhayeni, kungakhathaliseki ukuthi leyo mikhaya ikuyiphi inkolo. . . .
“Le ncwadi inikeza abafundi bayo izeluleko eziningi ezinengqondo ngokuziphatha nangemizwelo. Ngokwesibonelo, abalobi bayaqonda ukuthi yonke intsha ifuna ukukhululeka emigoqweni ebekwe abazali, kodwa inikeza lesi seluleko entsheni:
“‘Ingabe ufuna inkululeko eyengeziwe kanye nomthwalo wemfanelo? Khona-ke zibonakalise ukwazi ukuthwala umthwalo wemfanelo. Wuthathe ngokungathi sína noma yimuphi umsebenzi abazali bakho abakwabela wona.’
“Abekho abazali abangeke bayazise incwadi egcizelela ngokungaguquguquki ukuthi umuntu unomthwalo wemfanelo ngalokho akwenzayo futhi ixwayise intsha njalo ukuba izihloniphe futhi ihloniphe nabanye. Nakuba le ncwadi ihlale isisekela eBhayibhelini iseluleko sayo, isekelwe ekuhlakanipheni nokuqonda okuwusizo. . . . Ingxenye ekhuluma ngokuzethemba ithakazelisa kakhulu, njengoba intsha eningi iye yadukiselwa ekucabangeni ukuthi ukuzazisa ngokweqile kuyinto enhle.”
Ngemva kokucaphuna le ncwadi, lesi sihloko saqhubeka: “Lezi zikhumbuzo ezinhle zokuthi ukuziphakamisa kuwuhlobo lokuqhosha nokuthi ukuthobeka kuyisisekelo sokuphila kobuKristu zingaba yikhambi elihle lokugwema enye isayensi yokusebenza kwengqondo esidumile engasho lutho egxishwa entsheni ngabangane noma abeluleki abanezisusa ezinhle.”
Uma ungathanda ukuzuza ekwazisweni okusencwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, ungathola ikhophi ngokugcwalisa bese uthumela lesi sigqebhezana esingezansi ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngithumeleleni ikhophi yencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.