Indlela Yokujabulela Ukuphila Komkhaya Okuthokozisayo
“SEKUYIMINYAKA engu-40 ngifunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!,” kubhala uGraciela wase-Argentina, eNingizimu Melika. “Namuhla, ngemva kweminyaka eminingi, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi baye bafanelana nezidingo zami. Bangisiza ngiseyingane, lapho ngeva eshumini nambili, lapho senginothile engithandana naye nalapho sengishadile nasekukhuliseni izingane zami eziyisithupha.
“Labo magazini bayasisiza nomyeni wami ukuba sikhulise izingane zethu ezine ezisesekhaya. Ngibasebenzisa ngokunenzuzo labo magazini ukuze ngixoxe nezingane zami kanye nothisha bazo esikoleni. Ngiye ngayifunda ngokuqondile i-Phaphama! lapho ngixoxa nodokotela ngezinkinga zempilo. Ngenxa yezihloko zochungechunge oluthi “Usizo Kubantwana Abanokukhubazeka Ekufundeni” (February 22, 1997), saqaphela ukuthi enye yamadodakazi ethu inenkinga yokufunda.”
Izincwadi ze-Watch Tower Society zingasiza imikhaya ukuba ilwisane nezinkinga eziningi ebhekana nazo futhi ijabulele ukuphila okujabulisayo ndawonye. Ngokwesibonelo, incwadi enamakhasi angu-192 ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ingazuzisa abayeni, amakhosikazi, abazali, izingane omkhulu nogogo—yebo, wonke amalungu omkhaya. Phakathi kwezahluko zayo ezakhayo kukhona esithi: “Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana,” “Siza Umntanakho Akhule,” “Vikela Umkhaya Wakho Emathonyeni Onakalisayo,” nesithi “Ungazinqoba Izinkinga Ezilimaza Umkhaya.”
Ukuze uzitholele ikhophi, siza ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Uyothola ukusikisela okuqondile okungakusiza uxazulule izinkinga futhi okungenza ukuphila komkhaya kube injabulo njengoba uMdali ayehlosile.
□ Ngithumeleleni ikhophi yencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Isithombe ekhasini 32]
UGraciela nomkhaya wakhe