Kungani Sekuthandwa Kangaka Ukusebenzelana Nemimoya?
Ukusebenzelana nemimoya kuye kwachazwa ngokuthi “inkolelo yokuthi ingxenye ewumoya yomuntu iyasinda ekufeni komzimba futhi ingaxhumana nabaphilayo, ngokuvamile ngomuntu osebenza njengomxhumanisi.”
NGO-1998, incwadi echaza indlela yokuxhumana nabafile yaduma kakhulu e-United States kangangokuthi ngokushesha yayisihamba phambili ohlwini lwe-New York Times lwezincwadi ezithengwa kakhulu.
Eminyakeni embalwa edlule eMoscow, ababoni kanye nabasebenzelana nemimoya babethandwa abezombangazwe nosomabhizinisi, ababekhokha itshe lemali uma beya kubo.
EBrazil, imidlalo yethelevishini ewuchungechunge ebonisa ukusebenzelana nemimoya yakhanga inqwaba yezibukeli.
Kubantu abaningi abahlala e-Afrika noma e-Asia, ukusebenzelana nemimoya kuvamé njengokuhwebelana emakethe.
Isizathu Sokuba Abaningi Baphendukele Ekusebenzelaneni Nemimoya
Abaningi baphendukela ekusebenzelaneni nemimoya ukuze bathole induduzo ngemva kokufa kwabathandekayo. Ngosizo lwezangoma bangase bathole ukwaziswa okukhethekile okubonakala sengathi kuvela kwabafile. Ngenxa yalokho, labo abadabukile bavame ukuqiniseka ukuthi abathandekayo babo abafile bayaphila nokuthi ukuxhumana nabafile kuyobasiza ukuba babhekane nokushonelwa.
Abanye bakhangwa ukusebenzelana nemimoya ngoba baye batshelwa ukuthi imimoya izobasiza bathole ukwelashwa kwezifo zabo, ibophule ebumpofwini, baphumelele kwezothando, baxazulule izinkinga zomshado noma bathole umsebenzi. Kanti abanye abaningi baphendukela ekusebenzelaneni nemimoya ngoba nje befuna ukuzwa ukuthi kunjani.
Nokho, esinye isizathu esenza ukuba izigidi zabantu ziphendukele ekusebenzelaneni nemimoya ukuthi ziye zafundiswa ukuthi ukusebenzelana nemimoya “kuyinkolo nakho, engaqhelile ebuKristwini,” njengoba omunye uchwepheshe kulo mkhakha echaza. Isimo senkolo eBrazil sibonisa lokhu.
IBrazil inamaRoma Katolika amaningi kakhulu emhlabeni, kodwa njengoba umlobi uSol Biderman ekubeka, “izigidi zamalungu esonto zikhanyisa amakhandlela ema-altare angaphezu kwelilodwa futhi zinomuzwa wokuthi kuyafana nje.” Eqinisweni, iphephandaba laseBrazil eliphuma masonto onke i-Veja, labika ukuthi abangamaphesenti angu-80 balabo abaya njalo ezikhungweni zokusebenzelana nemimoya eBrazil bangamaKatolika abhapathiziwe aba khona naseMiseni. Okwenezela kulokhu iqiniso lokuthi ngisho nabanye abefundisi bayahlanganyela emihlanganweni yokusebenzelana nemimoya, futhi umuntu angabona ukuthi kungani amakholwa amaningi kangaka ecabanga ukuthi ukuxhumana nemimoya ukuze uthole induduzo nesiqondiso kuvunyelwe uNkulunkulu. Kodwa ingabe kunjalo?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 3]
Izinhlobo Ezihlukahlukene Zokusebenzelana Nemimoya
Ukusebenzelana nemimoya kungase kuhilele ukuya esangomeni, ukubuza kwabafile noma ukuhlola imihlola. Olunye uhlobo oludumile lokusebenzelana nemimoya ukubhula—ukuzama ukuthola ulwazi ngekusasa noma ngokungaziwa ngosizo lwemimoya. Ezinye izinhlobo zokubhula ukufunda izinkanyezi, ukubhula ngengilazi, ukuchazwa kwamaphupho, ukufunda intende yesandla nokubikezela inhlanhla ngosizo lwamakhadi okubhula.