Ukukhulisa Izingane Ezikahle—Kungenziwa Kanjani?
Umbiko we-Gazette, iphephandaba laseMontreal, eCanada uthi: “Izingane zifunda ukuzihlonipha nokuzithiba ngokuthola kokubili uthando nokuyala kwabazali.” Lokhu kuhilelani? UConstance Lalinec oyisazi sokusebenza kwengqondo eMontreal, uthi kubalulekile ukubeka imingcele ecacile yokuziphatha kwezingane.
ULalinec, osebenza nezingane kanye nemikhaya, uphawula nokuthi “uma sivikela izingane emiphumeleni yezenzo zazo, sizivimba ukuba zingafundi okuningi.” Ukuyekelela kungakuthonya kabi ukukhula kwengane.
Iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli sokukhulisa izingane esesinesikhathi eside siphumelela siyafaneleka. Sithi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, uCha.” (Mathewu 5:37) Uma imithetho elinganiselayo isibekiwe futhi izingane zakho ziyiqonda, yisebenzise ngokushesha futhi ungaguquguquki. Sekela okushoyo ngezenzo. Lokhu kudlulisa umyalezo ocacile ezinganeni mayelana nemithetho yabazali nalokho abakulindele—ukuthi abantu ‘bayovuna abakuhlwanyelayo.’ (Galathiya 6:7; Roma 2:6) Inhloso efiselekayo yokuyala okunothando nokuphumelelayo iwukuba izingane zifunde ukuvumelana nemithetho futhi zibekezelele ukukhungatheka nokwaneliseka okulitshazisiwe ukuze zihlakulele izimfanelo ezizidingayo ukuze zikhule zibe abantu abadala abakahle, abanokwethenjelwa.
Izeluleko ezengeziwe zalokho uNkulunkulu akushoyo kubazali mayelana nokuyala izingane zabo ngothando zitholakala encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ungazitholela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-192 ngokugcwalisa bese uthumela isigqebhezana esingezansi ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
◻ Ngithumeleleni ikhophi yencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Bonisa ulimi
◻ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.