Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 8/8 k. 32
  • Ukunxanela Kosemusha Ulwazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunxanela Kosemusha Ulwazi
  • I-Phaphama!—2000
I-Phaphama!—2000
g00 8/8 k. 32

Ukunxanela Kosemusha Ulwazi

Umfundi wasesikoleni esiphakeme eCzech Republic oneminyaka engu-16 ubudala, wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePrague le ncwadi elandelayo yokubonga.

“Ngathuka nje sengizithela kumagazini wenu i-Phaphama! Angazi ukuthi usunesikhathi eside kangakanani uthonya lo mhlaba omkhulu, kodwa ngicabanga ukuthi kumelwe ukuba umphakathi uwamukela ngesasasa. Uma uqala ukuwubuka kuyamangaza ukuthi izihloko zawo zinokwaziswa namaqiniso amaningi kangakanani. Izindaba ezingokoqobo neseluleko esiqukethwe yi-Phaphama! kumvula amehlo umuntu ongajwayelene nezinkinga nezingozi zansuku zonke.

“Ngiyawuhlonipha lo magazini hhayi nje kuphela ngenxa yokuthi uyafundisa kodwa ngoba unombono obanzi ngabantu nangezinhlanga. . . . Ngale ncwadi ngifuna ukusho ukuthi ubaluleke kangakanani umzamo wenu wokusibhalela. Ngibongela bonke abafundi abahlonipha umsebenzi wenu njengami. Ngicela ningithumelele abanye omagazini be-Phaphama! . . . Ngicela ningithumelele nencwajana ethi Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?”

Siyaqiniseka ukuthi nawe uzozuza kakhulu ngokufunda incwajana enhle enamakhasi angu-32 ethi Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani? Le ncwajana ibonisa ukuthi uMdali wethu unenjongo enkulu ezofezeka ngokushesha. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa bese uthumela lesi sigqebhezana esingezansi ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngithumeleleni incwajana ethi Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela