Unya Lomuntu—Ingabe Luyoke Luphele?
UNgqongqoshe Wobumbano Lomphakathi e-Italy, uLivia Turco, wanikezwa umagazini i-Phaphama! ka-March 8, 2000, okhuluma ngenkinga embi yobugqila, ngokudabukisayo esaphikelela ezingxenyeni ezithile zomhlaba. Encwadini ayibhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Italy, wavuma:
“Izinhlobo zobugqila zesimanje, ezithinta ikakhulu abesifazane nezingane, zenza ukuba kube nesimo esiyingozi esibangela izigidi zabantu ukuhlupheka ngenxa yezimo zokuphila ezinonya.” Waphetha ngokuthi: “Yonke into eshiwoyo ebonisa ukunengeka ngalesi simo esingamukeleki ibaluleke kakhulu, futhi uma ifinyelela abantu abaningi njengabafundi [be-Phaphama!], kuhle nakakhulu.”
Ngenxa yokusakazwa kwamakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-20 kamagazini ngamunye we-Phaphama! ngezilimi ezingu-82, izigidi zabafundi azitholi nje kuphela ukwaziswa mayelana nesimo sezinkinga zanamuhla, kodwa zinikezwa namakhambi azo asekelwe eBhayibhelini.
Noma kunjalo, kusaphakama umbuzo, Uma uNkulunkulu ekhona ngempela, kungani evumela ukuba abantu abangenacala bahlupheke kangaka? Abaningi bayazibuza, ‘Ngingamthanda kanjani uMdali onokuhlakanipha okubonakala kahle ezimangalisweni zendalo kodwa okubonakala sengathi akanazwela ngabantu namuhla?’ Imibuzo enjalo iphendulwa ngendlela eyanelisayo encwajaneni ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Ungazicelela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngithumeleleni ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.