Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 8/22 kk. 10-11
  • Ingabe Ubona Okungaphezu Kokubonwa Amehlo Akho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubona Okungaphezu Kokubonwa Amehlo Akho?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufunda Endalweni
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • ‘Senziwe Ngokumangalisayo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Waklanyelwa Ukuphila Phakade
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuhlolisisa Ngesibonakhulu
    I-Phaphama!—1999
  • Indlela Esingazi Ngayo Ukuthi UNkulunkulu Ukhona
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 8/22 kk. 10-11

Ingabe Ubona Okungaphezu Kokubonwa Amehlo Akho?

ABASHAYELI bezimoto ngokuvamile ngeke bakwazi ukubona ngalé kwejika. Kodwa ngosizo lwesibuko esibekwe ejikeni, bayakwazi ukubona izimoto ezizayo futhi bagweme izingozi. Ngokufanayo, abantu ngeke bambone uMdali ongabonakali. Ingabe ikhona indlela yokwazi ukuthi ukhona?

Umbhali wekhulu lokuqala washo indlela esingakuqonda ngayo lokho esingenakukubona. Wabhala: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi abanazaba.”—Roma 1:20.

Cabanga ngalokho. Ingabe uyakubona ukuhlakanipha okubonakaliswa yizinto ezisizungezile ezingaphezu kwekhono lomuntu lokusungula? Ingabe izinto ezinjalo ziyakusiza ukuba ubone “ngamehlo akho okuqonda” ukuthi kunothile omkhulu kunomuntu? Ake sicabangele ezinye izibonelo.—Efesu 1:18, King James Version.

Ukufunda Endalweni

Ingabe wake wamangala ngobukhazikhazi besibhakabhaka esicwazimulayo esigcwele izinkanyezi ngobusuku obucwathile, sakwenza wabona ubufakazi boMenzi Omkhulu? “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe,” kubabaza ingqapheli yasendulo. “Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,” kucabanga le ndoda, “umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?”—IHubo 8:3, 4; 19:1.

Kungokwemvelo ngathi ukumangazwa yindalo enhle emangalisa kakhulu ukuba umuntu angakwazi ukuyenza. Omunye umusho odumile wenkondlo uthi: “UNkulunkulu kuphela ongenza isihlahla.” Nokho, kumangalisa nakakhulu ukudalwa kwengane, okwenzeka ngaphandle kweziqondiso zokudala ezivela kubazali. Lapho isidoda esivela kubaba sihlangana neqanda elivela kumama, kudwebeka amapulani ngokushesha kuyi-DNA yengqamuzana esanda kwakheka ukuze yakhe ingane. Kuthiwa “uma bezingabhalwa phansi,” iziqondiso ezikuyi-DNA “bezingagcwalisa izincwadi eziyinkulungwane ezinamakhasi angu-600 iyinye.”

Lokho kumane nje kuyisiqalo. Ingqamuzana yokuqala iyahlukana ukuze yenze amabili, nawo enze amane, ayisishiyagalombili, njalonjalo. Ngemva kwezinsuku ezingaba ngu-270, kuzalwa ingane eyenziwe ngezinkulungwane zezigidi zamangqamuzana aphilayo ayizinhlobo ezingaphezu kuka-200. Futhi cabanga ukuthi ingqamuzana yokuqala yayiqukethe konke ukwaziswa kokwenza izinhlobo ezihlukene zamangqamuzana nokuwakhiqiza ngesikhathi esifanele! Ingabe uyashukumiseleka ukuba udumise uMdali? Phawula udumo olunikezwa umhubi owabhala: “Uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.”—IHubo 139:13-16.

Labo abaye bahlola lezi “zimangaliso” bafikelwa ukumangala. UDkt. James H. Hutton, owayengumongameli wezinhlangano ze-Chicago and Illinois State Medical, wathi wamangaliswa ukuthi ingqamuzana “inekhono eliyisimanga lokudlulisela kumangqamuzana alandelayo ukwaziswa elifuna kuphinde kukhiqizwe. Kuyamangalisa ngempela ukuthi ososayensi bethu abacwaningayo baye bakwazi ukufunda ngezinto ezinje. Kodwa ngokuqinisekile kumelwe kube noNgqondongqondo Waphezulu owahlela lezi zenzakalo.”

UDkt. Hutton waqhubeka: “Ulwazi lwami lobuchwepheshe bokusebenza kwezindlala ze-endocrine nokuphazamiseka kwazo luqinisekisa inkolelo yokuthi kunaMandla Aphezulu enza ubunkimbinkimbi obumangalisayo nokusebenza kwalezi zici ezibalulekile.” Waphetha: “Ukuzindla ngalezi zimangaliso kimi kubonakala kuyizizathu eziphoqayo zokukholelwa ukuthi umuntu ongumninimandla onke nonokuqonda konke wadala indawo yonke, wayenza yasebenza futhi wayengamela.”

Ngemva kokuphawula lokhu, uDkt. Hutton wabuza: “Ingabe unguNkulunkulu ongokoqobo oqaphela ukufa kondlunkulu?” Waphendula: “Ngandlela-thile ngiyakungabaza lokho. Futhi angikholelwa ukuthi unendaba nezinto zami ezingabalulekile kangako engizenza nsuku zonke.”

Kungani abaningi bevuma ukuthi “izimangaliso” zendalo zibonisa ukuhlakanipha kodwa bekungabaza ukuba khona kukaNkulunkulu ongokoqobo okhathalela isintu?

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

Abanye bathi ukube uNkulunkulu ubekhona, ubengeke avumele abantu bahlupheke kangaka. Umbuzo ovamile abanye abawubuzayo uthi, “Wayekuphi uNkulunkulu lapho simdinga?” Omunye umuntu owasinda ekubulaweni kwezigidi zibulawa amaNazi ngeMpi Yezwe II wayedabuke kakhulu ngenxa yokuhlupheka akubona kangangokuba wathi: “Uma ungakhotha inhliziyo yami ingakufaka ubuthi.”

Ngakho kwabaningi kuyimpicabadala. Njengoba ingqapheli yasendulo okukhulunywe ngayo ekuqaleni yaphawula, ubufakazi bokuthi kunoMdali busobala lapho sihlola ukuhleleka nokuklanywa kwezinto okuyisimangaliso. Nokho, uma enguNkulunkulu osikhathalelayo, angakuvumela kanjani ukuhlupheka okubuhlungu kangaka? Ukuze siqonde uNkulunkulu futhi simkhulekele ngendlela efanele, kumelwe sibe nempendulo eyanelisayo kulowo mbuzo obalulekile. Singayitholaphi?

Sikumema ukuba uthole ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Ekhasini 32 lale Phaphama!, uzothola ukuthi ungayicela kanjani. Sinomuzwa wokuthi ukuhlola ngokucophelela izingxenye ezithi “Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ukuhlupheka” nesithi “Uye Waba Yini Umphumela Wokuhlubuka?” kuzokunika izimpendulo ezanelisayo.

[Izithombe ekhasini 10]

Ingabe uyabubona ubufakazi boMdali kulezi zinto?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela