“Isakhamuzi Sasehlathini Esihle Ukuzedlula Zonke”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESWEDEN
NGAQALA ukusibona ngokokuqala ngqá ngelinye ilanga ngo-June—“isakhamuzi sasehlathini esihle ukuzedlula zonke,” njengoba abanye besibiza kanjalo lapha. Leso isikhova esikhulu esimpunga, noma, isikhova saseLapland, njengoba saziwa kanjalo ngezinye izikhathi.
Lesi sikhova esikhulu esithandekayo sihlala ezingxenyeni ezithile zaseFinland nasenyakatho yeSweden kanye nangasempumalanga eSiberia, e-Alaska naseCanada. Sihlale sicashile futhi kunzima ukusithola uma ungazi ukuthi sikuphi isidleke saso. Lapho ususitholile isidleke, uyobona nokuthi lesi sikhova sinesibindi.
Ukufunda Ngalo Mzingeli
Ngakwazi ukufunda ngalesi sikhova esihle esiyiduna saseLapland njengoba sasifuna ukudla. Sasindiza kungazelelwe sisuka egatsheni lesihlahla futhi sizame ukubamba igundane. Ingabe sisibambile isisulu saso? Yebo! Ngalibona kahle igundane elincane lilenga ezinzisheni zaso njengoba sinyuka kancane siya phezulu, sindiza ngezimpiko ezinde ezingamasentimitha angu-140 ukusuka kwelinye ichopho lephiko kuya kwelinye.
Isikhova saseLapland asizaleli minyaka yonke njengoba kwenza ezinye izikhova eziningi. Lesi sikhova esikhulu sidla amagundane amancane kuphela, ngakho ngeminye iminyaka, uma engatholakali kalula, asizaleli nhlobo. Ngeminye iminyaka, uma ukudla kuyinala, ungase uthole amaphuphu amane noma ngaphezulu esidlekeni ngasinye.
Ukukhetha Umngane
Intwasahlobo iyisikhathi sezikhova sokuzalela, futhi insikazi imkhetha ngokucophelela umngane wayo, nakuba ukubukeka kahle kwesesheli saso kungeyona into ehamba phambili—njengoba kunjalo kwabesifazane abaningi abangabantu. Ngokocwaningo olwenziwa abantu abathile ababuka izinyoni, iduna kufanele libonise ukuthi lingumzingeli onekhono. Ngaphambi kokuba kwenziwe noma imaphi amalungiselelo omkhaya, kufanele lifunele insikazi ukudla.
Uma kunamagundane amaningi futhi iduna “lingumondli” onekhono, insikazi iyakhuluphala ngenxa yokondliwa kahle. Ukukhuluphala ngale ndlela kuwuphawu emzimbeni waso, olubonisa ukuthi siyozalela amaqanda amangaki.
Manje sekuwumthwalo weduna ukuba lizingele, okudinga amandla amakhulu. Lishukunyiswa ukukhala kwensikazi, njengoba amandla ayo onke egxile ekufukameleni nasekunakekeleni la maqanda ayigugu.
Ukuthola Isidleke
Ngangisibuka ngezibonakude lesi sikhova esihle esiyiduna njengoba sasilokhu sidlula phezulu siphethe isisulu saso. Ekugcineni, ngasithola isidleke saso. Izikhova zaseLapland azizakheli izidleke zona ngokwazo kodwa zithatha izidleke ezakhiwe ngezinti zezinye izinyoni ezidla inyama ezihlala ehlathini. Uma isidleke singekho, isikhova singase sisebenzise isiqu somuthi ofile.
Esidlekeni, ngathola amaphuphu amabili amancane eqalaza yonke into ewazungezile. Etshiyoza kanyekanye ecela, aphendukela kunina owayehlezi eduze ebukela, ambuka ngamehlo alambele ukudla. Ukusondela kula maphuphu ngalesi sikhathi kungase kube ingozi. Uma insikazi inomuzwa wokuthi amaphuphu ayo ayasongelwa, iza indiza ngokunyenya futhi ihlasele umhlaseli ngezinzipho ezicije njengenaliti. Ngakho kubalulekile ukuqapha futhi ufunde ngezikhova umi kude.
Ukondla Nokuqeqesha
Lapho lifika esidlekeni, iduna lasidedela isisulu salo lasibamba ngoqhwaku lase linikeza elinye iphuphu igundane. Lapho leli phuphu londliwa, leli elinye elilinde ukudla litshiyoza libange umsindo omkhulu.
Ngemva kokuba iphuphu selikudlile ukudla ebelikulangazelela, liyashintsha lenze izinto ngendlela ecishe ihlekise. Ubuso balo, obebulokhu bunempilo futhi buqaphile kuze kube yileso sikhathi, buguquka kungazelelwe, futhi leli phuphu liqala ukwenza izinto njengokungathi lidakiwe! Wonke amandla alo agxiliswa ekugayeni ukudla, futhi ngokushesha liwela phezu kwezimpaphe ezithambile ezisesidlekeni. Kodwa elinye iphuphu eliseduze seliphapheme futhi selikwetshisile ukudla kwalo okudlule obekulenza lidakwe.
Izinto ziqhubeka ngale ndlela kuze kube maphakathi no-June. Ngaleso sikhathi amaphuphu ayobe esenamasonto amane ubudala futhi esephuma esidlekeni sawo, enxuswa ukutshiyoza kukanina. Ekuqaleni, agibela ezihlahleni, ngobuciko obukhulu. Lapho, izilwane ezingabahlaseli azilona usongo njengoba bekungaba njalo lapho ephansi.
Ngokuhamba kwesikhathi, la maphuphu asuka kwelinye igatsha aye kwelinye esebenzisa amaphiko awo, ngaleyo ndlela efunda ukundiza. Ngemva kwesikhathi, ikhono lawo lokundiza nokuzingela liyathuthuka. Futhi nokubukeka kwawo kuyashintsha, ukuze nawo abhekwe ‘njengezakhamuzi ezinhle zasehlathini.’
[Imithombo Yesithombe ekhasini 18]
© Joe McDonald
© Michael S. Quinton
[Imithombo Yesithombe ekhasini 19]
© Michael S. Quinton
© Michael S. Quinton