Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ikhulu Lama-20 Umagazini ka-December 8, 1999, wawumuhle kakhulu! Ngazuza kakhulu kuwo, ikakhulukazi ezihlokweni eziwuchungechunge ezithi “Ikhulu Lama-20—Iminyaka Yoshintsho Ebucayi.” Wawufundisa kakhulu futhi ushaya emhloleni. Washukumisa isifiso sokuba ngihlale ngiqaphile ngokomoya kulezi zinsuku zokugcina.
M. V., Philippines
Ukuthumba Yeka umyalezo omuhle owawutholakala ezihlokweni eziwuchungechunge ezithi “Okwenza Ukuthumba Kube Usongo Lwembulunga Yonke”! (December 22, 1999) Lesi sihloko sakhishwa lapho umhlaba wonke wawusibheke ngokulangazela isenzakalo sokuthunjwa kwendiza ye-Indian Airlines ngo-December 24. Ngifisa sengathi iziphathimandla zingafunda futhi zisebenzise ukusikisela okunikezwe esihlokweni senu mayelana nokunqanda ukuthumba!
A. S., India
Isisulu Sokuquleka Isikhathi Eside Ngiyabonga ngokuhlangenwe nakho kukaMichiko Ogawa. (“Ukuqiniswa Ithemba Ukuze Ukhuthazelele Izilingo,” December 22, 1999) Umyeni wakhe wehlelwa yingozi lapho ngineminyaka emihlanu ubudala. Ukucabanga ukuthi ubelokhu equlekile cishe sonke isikhathi sokuphila kwami kuyethusa! Ngempela uye wathola usizo lukaJehova ukuze akhulise abafana bakhe ababili futhi akhuthazelele lesi simo esivivinyayo.
L. N., United States
Lesi sihloko sangithinta ekujuleni kwenhliziyo. Ngihlala ngedwa futhi ngisanda kuthola ukuthi nginomdlavuza. Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngangifuna ukumanga uMichiko futhi ngimbonge ngokwethembeka kwakhe kuJehova naphezu kwezilingo. Ekuqaleni, ngangifuna ukuba kwenzeke isimangaliso. Kodwa manje, njengoMichiko, sengifuna ukuba kwenzeke intando kaJehova kuphela.
M. S., United States
Ukwelapha Ngaphandle Kwegazi Izihloko eziwuchungechunge ezithi “Isidingo Esikhulayo Sokwelapha Nokuhlinza Ngaphandle Kwegazi” (January 8, 2000) zaziwumphumela wocwaningo olujulile. Ngisesikoleni sokufundela ubuhlengikazi futhi nganikeza omunye umfundi nothisha wami lo magazini. Esikhathini esidlule laba bantu babebacwasa oFakazi BakaJehova. Kodwa bakujabulela ukuthola lezi zihloko kanye nokunye ukwaziswa ngoFakazi BakaJehova.
R. P., Switzerland
Izingane zami ezimbili zahileleka engozini yemoto ngo-1998. Indodana yami yanqamuka umlenze. Yasho ngokuphindaphindiwe ukuthi yayingafuni ukufakwa igazi! Kodwa isibhedlela sasingenalwazi lokuhlinza ngaphandle kokufaka igazi. Yashintshelwa kwesinye isibhedlela, kodwa izisebenzi zakuleso sibhedlela zazingazimisele ukuhlinza uma umthamo wayo wegazi ungaphansi kuka-35. (Wase wehle waze wafika ku-8,1.) Zayishalazela, njengokungathi zazilindele ukubona ukuthi yayizofa yini. Nokho, lapho zisebenzisa izindlela zokwelapha ezingalifaki igazi—ukuphakamisa umlenze wakhe, ukumjova nge-erythropoietin, nokunye—umthamo wakhe wegazi wenyuka wafika ku-35,8! Ukuhlinza kwaba impumelelo, kodwa ukwephuza ukuthola ukwelashwa kuye kwabangela umonakalo omkhulu ongalungiseki. Ngifisa sengathi ngabe bonke odokotela abelaphayo, abahlinzayo nababulala izinzwa bebengayalwa ukuba bazifunde lezi zihloko.
L. L., United States
Kuyaduduza ukwazi ukuthi odokotela abaningi bazimisele ukubambisana noFakazi BakaJehova. Lo magazini ngizowunika udokotela wami ngokushesha. Ngiyazi ukuthi uzowazisa.
U. M., United States
Lesi sihloko safika ngesikhathi sengizohlinzwa. Lapho umthamo wami wegazi wehla ngenxa yokopha kakhulu, ngasebenzisa lo magazini ukuze ngichazele izisebenzi zasesibhedlela namalungu omkhaya wami ukuthi kungani ngangingeke ngilamukele igazi. Ngosizo lukaJehova, sengiluleme ngokuphelele.
C. B., United States