Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 10/8 k. 32
  • “Bengilokhu Ngicabanga Ukuthi Yimina Ngedwa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bengilokhu Ngicabanga Ukuthi Yimina Ngedwa”
  • I-Phaphama!—2000
I-Phaphama!—2000
g00 10/8 k. 32

“Bengilokhu Ngicabanga Ukuthi Yimina Ngedwa”

AMAGAMA angenhla ashiwo ngu-Ulrike oneminyaka engu-13 ubudala waseCalifornia, e-U.S.A., ngokuphathelene nokufunda kwakhe incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Wabhala:

“Ngibonga kakhulu ngokuthi nafaka isahluko esithi ‘Imikhaya Enomzali Oyedwa Ingaphumelela!’ Sangisiza ukuba ngibe nomusa futhi ngibe usizo kakhudlwana kumama ngoba ungumzali ongayedwa. Futhi sangisiza ukuba ngiyiqonde kangcono indlela azizwa ngayo. Bengilokhu ngicabanga ukuthi yimina ngedwa onobuhlungu obungokomzwelo.” Lona osemusha waphetha ngokuthi: “Leyo ncwadi yangisiza ngempela!”

Le ncwadi enamakhasi angu-192 iye yasiza izigidi emhlabeni wonke. Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ingazuzisa wonke amalungu omkhaya—amadoda, abafazi, abazali, izingane, ogogo nomkhulu—yebo, wonke umuntu. Ezinye zezahluko zayo ezifundisayo zithi “Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana,” “Siza Umntanakho Akhule,” “Vikela Umkhaya Wakho Emathonyeni Onakalisayo” nesithi “Gcina Umkhaya Wakho Unokuthula.”

Ukuze uzitholele ikhophi, siza ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Uyothola ukusikisela okuqondile okungasiza ekuxazululeni izinkinga futhi kwenze ukuphila komkhaya kujabulise njengoba uMdali ayehlosile.

□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela