Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 11/8 kk. 15-18
  • Siyakwamukela ECopper Canyon

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siyakwamukela ECopper Canyon
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimo Sezulu Esihlukile
  • Isiphephelo Sezilwane Zasendle
  • Umgodi Ombiwe Umuntu Omkhulu Kunayo Yonke Emhlabeni
    I-Phaphama!—1993
  • ‘Ezintabeni Uyokumba Ithusi’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
  • Isitimela “Esinamazinyo”
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 11/8 kk. 15-18

Siyakwamukela ECopper Canyon

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO

ICOPPER CANYON iyisimangaliso semvelo esisokhahlamba olusenyakatho yeMexico olwaziwa ngokuthi iSierra Madre Occidental, futhi ihlanganisa indawo engaba amakhilomitha-skwele angu-50 000, indawo ecishe ilingane neCosta Rica.

Nokho, leli gama liyakhohlisa ngandlela-thile. ICopper Canyon ayilona nje udonga olulodwa kodwa iwuxhaxha lwezigodi ezingu-20 ezihlangene. Esinye sazo yiCopper Canyon okuqanjwe ngayo lonke lolu xhaxha. Ngokomhloli wamazwe uRichard Fisher, okungenani ezintathu zalezi zigodi zijule ngaphezu kweGrand Canyon e-United States.a

Ngenxa yobukhulu obungavamile beCopper Canyon, izivakashi eziningi zingafika ezigodini zayo ezijulile ezimbalwa kuphela. Izindawo eziwumbukwane zisezigodini iCopper, iSinforosa ne-Urique. Nokho, abantu abaningi bacabanga ukuthi umbukwane ovelele useDivisadero, lapho ukwazi ukubuka khona ukwelenyoni ubone lapho kuhlangana khona izigodi iCopper, i-Urique neTararecua.

Isimo Sezulu Esihlukile

Ukushintsha okukhulu kokuphakama kwendawo kuthinta isimo sezulu nohlaza lwaseCopper Canyon. UMiguel Gleason wakubona mathupha lokhu lapho yena neqembu elithile behla e-Urique Canyon. Kumagazini i-México Desconocido, uyabhala: “Saqala ukufudumala, futhi saphuma emahlathini kaphayini, kwase kuqala uhlaza olunobhanana, ukwatapheya ngisho namawolintshi. Kwakuyisimanga. Engingakusho nje ukuthi ngangingakaze ekuphileni kwami ngiphume emahlathini abandayo ngingene endaweni efudumele phakathi nebanga nesikhathi esifushane kangaka.”

Amathafa aphakeme alezi zigodi anezinhlobo ezingu-15 zikaphayini nezingu-25 ze-oki. Kukhona nezihlahla ze-poplar nezomjunipha eCopper Canyon. Phakathi nehlobo, lonke lolu khahlamba luba nezinhlobonhlobo zezimbali, ezinye eziwukudla noma amakhambi ezakhamuzi zendawo, ezaziwa ngokuthi amaTarahumara. Njengoba lolu khahlamba lungamamitha angaphezu kuka-1 800 ngaphezu kogu lolwandle, isimo salo sezulu siyashintshashintsha kusuka esimweni esithokomele kuya kwesibandayo ingxenye enkulu yonyaka. Ebusika kuba nezihlambi zemvula futhi lize likhithike ngezinye izikhathi.

Njengoba izivakashi zehla, ziyaqaphela ukuthi kuvela izinhlobo ezihlukahlukene zezihlahla nomdolofiya. Ngezansi kunendawo enesimo sezulu esicwathile, ebusika eba nezinga lokushisa elingaba ngu-17 °C. Ngakolunye uhlangothi, ihlobo lishisa bhé kule ndawo, ngoba izinga lokushisa liyashintshashintsha kusuka ku-35 °C. kuya ku-45 °C., kunezimvula eziningi ezigcwalisa imifula idle izindwani.

Ubuhle bale ndawo bunezelwa yizimpophoma ezimbili ezivelele. IPiedra Volada, enye yezimpophoma eziphakeme kakhulu emhlabeni, yehla ngamamitha angu-453, kanti iBasaseachi yehla ngamamitha angu-246.

Isiphephelo Sezilwane Zasendle

ICopper Canyon inezinhlobonhlobo zezilwane zasendle. Kuthiwa amaphesenti angu-30 ezilwane ezincelisayo ezitholakala eMexico ahlala kule ndawo. Lezi zilwane zihlanganisa amabhere amnyama, ama-pu-ma, imithini, izinyamazane ama-sprocket, izimpisi zaseMexico, izingulube zehlathi, ama-bobcat, ama-raccoon, izinsele namaqaqa amthende kanye namalulwane, izingwejeje nonogwaja.

Kunezinhlobo zezinyoni ezingaba ngu-400 ezihlala eCopper Canyon, ezihlanganisa ukhozi i-golden kanye ne-peregrine falcon. Lezi zigodi zisendaweni esemqoka phakathi kweNyakatho Melika neMelika Ephakathi, ngakho izinyoni ezifudukayo zichitha ubusika lapha. Ezinye zifike zihlabe ikhefu ngaphambi kokuba ziqhubeke nohambo lwazo.

Ngokuqinisekile iCopper Canyon iwudumo kuMdali wazo zonke izimangaliso zemvelo, uJehova uNkulunkulu. Njengoba iNkosi uDavide yake yasho, “ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho.”—1 IziKronike 29:11.

[Umbhalo waphansi]

a I-Urique Canyon ingamamitha angu-1 879 ukujula; iSinforosa Canyon ingamamitha angu-1 830; kanti iBatopilas Canyon ingamamitha angu-1 800. IGrand Canyon ingaba amamitha angu-1 600 ukujula.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

Ukubuka Indawo Usesitimeleni

ULoliwe WaseChihuahua-Pacific uhamba ibanga elingamakhilomitha angu-941 ukusuka e-Ojinaga emngceleni we-United States neMexico kuya ethekwini laseTopolobampo ePacific Ocean—unqamula eCopper Canyon. Ngenxa yokwakheka kwendawo odlula kuyo, lo jantshi ubhekwa njengobuchwepheshe obuvelele. Phakathi nohambo isitimela sidlula emabhulohweni amakhulu angu-37, elide kunawo wonke, elinqamula uMfula iFuerte lingaba amamitha angu-500. Ibhuloho eliphakeme kunawo wonke lingamamitha angu-90 ngaphezu koMfula iChínipas.

Isitimela sidlula emihubheni engu-99. Umhubhe omude kakhulu kuthiwa i-El Descanso futhi ungamamitha angu-1 810. Phakathi nohambo, izivakashi zingajabulela umbukwane ohlaba umxhwele weCopper Canyon.

[Amabalazwe ekhasini 15]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

UNITED STATES OF AMERICA

MEXICO

CHIHUAHUA

Ojinaga

Chihuahua

INDAWO YASE-COPPER CANYON

La Junta

Creel

Divisadero

Topolobampo

[Isithombe ekhasini 15]

Izimpophoma zaseBasaseachic

[Umthombo]

© Tom Till

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Ukubukeka kwendawo eDivisadero

[Umthombo]

© Tom Till

[Isithombe ekhasini 17]

AmaTarahumara ahlala kuso sonke lesi sigodi

[Umthombo]

George Hunter/ H. Armstrong Roberts

[Isithombe ekhasini 17]

IChibi lase-Arareco

[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]

George Hunter/H. Armstrong Roberts

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela