‘Nibonisa Uthando Kubo Bonke’
LA MAZWI okuncoma abhalelwa ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eYugoslavia, lapho sekuphele khona amakhulu eminyaka abantu bezinhlanga ezihlukahlukene belwa. Le ncwadi yathi:
“Banumzane Abathandekayo,
Ngase ngizwe okuningi ngani boFakazi BakaJehova edolobheni lakithi, eSarajevo, kodwa ngangingenandaba nokuthi yini eniyikholelwayo kwaze kwaba ngehlobo elidlule lapho ngiba nethuba lokuya emhlanganweni wenu wesigodi eJalimane. Ngahlatshwa umxhwele ngempela ukubona abantu baseCroatia, eYugoslavia naseBosnia behlezi ndawonye ngokuthula bebizana ngisho nangokuthi mfowethu nodadewethu. Ngangiyiqabuka into enjalo! Uthando enilubonisayo lunikeza ubufakazi obunamandla bokuthi ezombangazwe azinalo ithonya kini. Kwangathi uNkulunkulu anganibusisa ngenxa yothando enilubonisa kubo bonke!”
Imibiko enjengalona evela ezindaweni lapho sekuyisikhathi eside khona abantu befukamele inzondo iphakamisa umbuzo, Ingabe liyoke libe khona izwe elingenayo impi? Lesi yisihloko sencwajana enamakhasi angu-32 enikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi izwe elinjalo liyoba khona. Kodwa kanjani? Nini?
Ungazicelela le ncwajana ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngithumeleleni ikhophi yencwajana ethi Will There Ever Be a World Without War? (Ayitholakali ngezilimi zaboMdabu.)
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.