Umhlaba—Uyindawo Yokuphila Kuze Kube Phakade
IZINTO eziphilayo ezimangalisayo emhlabeni zisikhumbuza amazwi eHubo 104:24, 25: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu”—futhi singanezela nokuthi zitholakala ngisho nasezindaweni eziyingozi kakhulu!
Nokho, ngokudabukisayo, ukunganaki nokuhaha komuntu kuye kwabangela ukuqothulwa kwezinye izinto eziphilayo futhi kwabeka nezinye engcupheni. Ukungcoliswa komhlaba kuyimbangela enkulu. Ngenxa yalokho, abanye ososayensi bacwaninga ngezilwanyana ezibekezelela ubuthi nokushisa—ezinjengalezo ezitholakala emithonjeni yamanzi ashisayo ekujuleni kolwandle nalezo ezitholakala emithonjeni enjengeyaseYellowstone National Park—ngomgomo wokusebenzisa izimfihlakalo zazo ukuze bahlanze ukungcola. Okwamanje, abanye ososayensi bazama ukuqonda ngokugcwele indlela izimiso ezisekela ukuphila emhlabeni ezisebenza ngayo nokuthi abantu bahlobana kanjani nalezo zimiso.
Isimiso Sokwenziwa Sokusekela Ukuphila
Ukuze baziqonde ngokwengeziwe izimiso zomhlaba zokusekela ukuphila, ososayensi bahlola isimiso sokusekela ukuphila e-Arizona, e-U.S.A., ngawo-1990. Benethemba lokuthi sasiyokwazi ukuzisebenzela sodwa, basibiza ngokuthi i-Biosphere 2 (umhlaba kuthiwa i-“Biosphere 1”). Sasiqukethe izinhlobo ezingaphezu kuka-3 000 zezinto eziphilayo, kuhlanganise nabantu abangu-8. Zonke lezi zinhlobo zokuphila zahlukaniswa nezwe elingaphandle iminyaka emibili. Nokho, i-Biosphere 2 yaba nezinkinga ezingathi sína. Umbiko wathi: “Cishe zonke izinyoni nezilwane nezinambuzane okwakufanele zichume lapho ngaphakathi zafa—ngaphandle kwamaphela nezintuthwane,” wanezela ngokuthi “umqondo omuhle we-Biosphere 2 waba yinhlekisa.” Yeka ukuthi lo mkhankaso wocwaningo owabhuntsha wakugcizelela kakhulu kangakanani ukuhlakanipha okubonakala kuyi-“Biosphere 1”!
Ukungenela KoMdali!
Uma siqhubeka sifunda ngomhlaba nezimangaliso zawo eziphilayo, kulapho kufanele sihlakulele inhlonipho ethé xaxa ngale planethi enamandla noMdali wayo onokuhlakanipha okungenamkhawulo. Yiqiniso, abantu abaningi babonisa uthando lwabo ngomhlaba, mhlawumbe ngokungena shí emishikashikeni ephathelene nemvelo. Nokho, kuyadabukisa ukuthi laba bantu babhekana nezingqinamba ezingaphezu kwamandla abo, kuhlanganise ukuhaha nokunganaki kwabantu, okungenakuqedwa yizisusa eziqotho.
Noma kunjalo, abantu abakhathazeke ngobuqotho bangathola induduzo esithembisweni seBhayibheli sokuthi maduzane uNkulunkulu uzothatha isinyathelo sokuqothula bonke abantu abahahayo nabangamhloniphi “abachitha umhlaba.” (IsAmbulo 11:18; 2 Thimothewu 3:1-5) Ngemva kwalokho, uMdali, ogama lakhe linguJehova, uyomisa uhlelo lokuvuselela oluyohlanzisisa umhlaba luwuphendule umthombo wokuphila oyipharadesi.—IHubo 83:18; Isaya 35:1, 2.
Lokhu kuvuselela kuyokwenziwa ngoMbuso kaNkulunkulu—uhulumeni wasezulwini ophethwe nguKristu Jesu. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Ngaphansi kwalo hulumeni, uMhlaba uyochuma, ngoba uyonakekelwa abantu abesaba uNkulunkulu abajabulela ubukhosi bukaJehova nabayihlonipha ngokujulile yonke imisebenzi yakhe. (IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:3, 4) Kungani singaqiniseka ukuthi lezi zithembiso ziyogcwaliseka? Ngoba “izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali,” ezembulwe endalweni naseBhayibhelini, zibonisa ukuthi “kuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba into engenakwenzeka.”—Roma 1:20; Luka 1:37.
[Isithombe ekhasini 12]
Maduzane umhlaba wethu uzoba yipharadesi