‘Iyafundisa’
Amagama angenhla ashiwo yinsizwa eneminyaka engu-26 ubudala yaseNkangala yasePapua New Guinea lapho ichaza i-Phaphama!
Ibhalela ihhovisi legatsha lendawo, yathi: “Ngiyanincoma ngokunyathelisa izihloko ezinhle, eziyiqiniso nezifundisa ngezindaba eziningi kumagazini wenu othandwayo i-Phaphama!” Le nsizwa yachaza: “Nakuba ngingelona ilungu lenkolo yoFakazi BakaJehova, ngiyakujabulela kakhulu ukufunda amakhophi kamagazini i-Phaphama!, engiwatsheleka kubangane bami. . . . Njalo uma ngifunda ikhophi, ngiye ngifise ukunibhalela ngincome imizamo yenu emihle. Kodwa lapho sengithi ngiyabhala, kufika ikhophi elandelayo bese ngiba matasa nayo.”
Lo mfundi onokwazisa waphetha: “Ngicabanga ukuthi i-Phaphama! iyigugu ngempela kunoma ubani okwaziyo ukufunda. Ngibonga ngiyanconcoza.”
I-Phaphama! inikeza ulwazi ngezihloko eziningi. Okubaluleke nakakhulu, yakha ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula elizothatha indawo yesimiso samanje sezinto.
Incwajana enamakhasi angu-32 ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? igcizelela leyo njongo kaNkulunkulu, inikeza ukwaziswa okuvela eBhayibhelini okubonisa ukuthi yini okufanele siyenze ukuze samukeleke kuye. Ungacela ikhophi yale ncwajana ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningithumelele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.