Ulimi Lwezilwane—Imfihlo Yokukhulumisana Kwezilwane
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EKENYA
AKUNGABAZEKI ukuthi ukukhulumisana kungesinye sezipho eziyigugu kakhulu eziye zanikwa isintu. Sidlulisela ngako ukwaziswa okubalulekile komunye nomunye ngokukhuluma noma ngezinye izindlela, njengezimpawu zomzimba. Empeleni inkululeko yokukhuluma iyindaba okuphikiswana ngayo kabanzi emhlabeni wonke. Ngenxa yalokho abanye baye bathi ukukhulumisana kungokwabantu kuphela.
Kodwa ucwaningo lubonisa ukuthi izilwane zidluliselana ukwaziswa ngezindlela eziyinkimbinkimbi ezivame ukubamangaza abantu. Yebo “ziyakhuluma,” hhayi ngamazwi kodwa ngezimpawu ezibonakalayo njengokutshikizisa imisila, ukunyakazisa amadlebe noma ukubhakuzisa amaphiko. Ezinye izindlela zokukhulumisana zingase zihlanganise ukusebenzisa izwi, njengokukhonkotha, ukubhonga, ukugwavuma noma ukutshiyoza kwenyoni. Ezinye “zezilimi” zisobala kubantu, kuyilapho ezinye zidinga ucwaningo olunzulu lwesayensi ukuze ziqondwe.
Abahlaseli!
Kumaphakathi no-July. ESerengeti National Park eyendlalekile eTanzania, izinkulungwane zezinkulungwane zezinkonkoni zilibangise enyakatho eSiqiwini saseMasai Mara eKenya zifuna amadlelo aluhlaza. Emathafeni kuzwakala umsindo wokugxoba kwamasondo phakathi nalokhu kufuduka kwaminyaka yonke. Kodwa, kunengozi ecashile endleleni. Le ndlela igcwele izilwane ezizingelayo, njengamabhubesi, izingulule, izimpisi nezingwe. Izinkonkoni zizobuye zizifake engozini ngokuwela uMfula iMara ogcwele izingwenya. Izinkonkoni zibaxosha kanjani abahlaseli?
Ukuze idide isitha, inkonkoni igijima ibangana bese iphenduka ibhekane nesitha, ngaleso sikhathi iyisa ikhanda layo ngapha nangapha. Izogxuma ngendlela eyinqaba, yenze umbukwane. Ngisho nomhlaseli onenhliziyo elukhuni uvele ame amangale ebona lo mdanso ongavamile. Uma umhlaseli ephikelela eza, inkonkoni izophinda lo mbukwane. Lokhu kumdida kakhulu umhlaseli kangangokuthi uyayeka ukuzingela ngemva komdanso. Lo mdanso oyinqaba uye wenza ukuba inkonkoni ivelele ngendlela esolisayo ngokuba umenzi wamahlaya wasemathafeni.
Abazala benkonkoni abancane, izimpala, zidume ngokugxuma kakhulu. Kwabaningi, lokhu kugxuma kakhulu kungaba uphawu lokuba lula komzimba nejubane. Kodwa ngezikhathi ezinzima le nyamazane isebenzisa amasu ayo okugxuma kakhulu ukuze ikwenze kube nzima ngomhlaseli ukuba ayibambe izinyawo. Lokhu kugxuma, okungafinyelela kumamitha angu-9, kudlulisela umyalezo ocacile kumhlaseli, “Ngilandele uma ungangifica.” Zimbalwa izilwane ezizingelayo ezizimisele ukwenza kanjalo ukuze zibambe impala engazimisele ukufa!
Isikhathi Sokudla
Endle izilwane eziningi ezizingelayo kufanele zithuthukise amakhono azo okuzingela ukuze zibe abazingeli abaphumelelayo. Ezincane kufanele ziqaphelisise njengoba abazali bezibonisa amakhono. Kwenye indawo yokulondoloza izilwane zasendle e-Afrika, ingulule okuthiwa uSaba yabonakala ifundisa amawundlu ayo izifundo ezibalulekile ukuze aphile. Ngemva kokulandela ngokunyenya indluzele eyayiklabile isikhathi esingaphezu kwehora, ingulule yagxuma kakhulu yaya phambili yabe isibamba futhi iklinya le nyamazane engakwazi ukuzisiza—kodwa ayangayibulala. Ngemva kwesikhashana, uSaba wasibeka phambi kwamawundlu akhe lesi silwane esasithukile, kwaba yisimanga nje uma amawundlu engabaza ukugxuma ahlale izithonto kuso. Lezi zingulule ezincane zaqonda ukuthi kungani unina ezilethele isilwane esiphilayo. Wayefuna zifunde ukubulala indluzele. Njalo lapho lesi silwane sithi sizama ukusukuma sibaleke, amawundlu ayejabule ngokweqile ayesiqumba phansi. Isikhathele, indluzele yayeka ukuzabalazela ukusinda. Ebukela ekude, uSaba wazijabulela izenzo zawo.
Ezinye izilwane zibanga umsindo kakhulu ngangokunokwenzeka uma zifuna ukudla. Iqembu lezimpisi ezinamabala liyabhodla, lithimule futhi ligegetheke lapho lixosha isilwane. Uma selisibulele, ezinye izimpisi zimenyelwa edilini “ngokuhleka” okukhulu okusabisayo. Kodwa, izimpisi azikuzingeli njalo ukudla. Ziphakathi kwabaphangi bokudla abakhulu endle—zisebenzisa zonke izindlela zokuhlukumeza ezinye izilwane ezizingelayo ukuze ziziphuce ukudla kwazo. Phela, zaziwa nangokuthi zesabisa amabhubesi ziwaxoshe ekudleni kwawo! Zikwenza kanjani lokhu? Njengoba ziyizilwane ezihhomuzelayo, ziyaxokozela zizama ukuphazamisa amabhubesi adlayo. Uma amabhubesi ewuziba lo msindo, izimpisi zixokozela nakakhulu. Lapho ukuthula kwawo sekuphazamisekile, amabhubesi ngokuvamile ayasiyeka isidumbu ahambe asuke kuleyo ndawo.
Ezinyosini ukuzingela ukudla kuwumkhuba oyinkimbinkimbi. Ucwaningo lwesayensi olunzulu luye lwembula ukuthi ngokudansa, inyosi yazisa ezinye esidlekeni ukuthi ukudla kukuphi, kuluhlobo luni ngisho nezinga lako. Ngomzimba wayo inyosi ithwala amasampula okudla, njengompe noma impova, ikuyise kwezinye izinyosi ezisesidlekeni. Ngokudansa sengathi ibhala u-8, ayiqondisi nje ezinye izinyosi lapho kukhona khona ukudla kuphela kodwa izibonisa nebanga ezizolihamba. Qaphela! Leyo nyosi endiza eduze kwakho kungenzeka iqoqa ukwaziswa okubalulekile ezokuyisa ekhaya. Amakha akho anuka kamnandi angase aphanjaniswe nokudla kwayo okulandelayo!
Ukulondoloza Ukukhulumisana
Imbalwa imisindo emangalisa njengokubhonga kwebhubesi ebusuku obucwathile. Kuye kwanikezwa izizathu ezimbalwa ngalokhu kukhulumisana. Ukubhonga kweleduna okunamandla kuyisixwayiso kubo bonke ukuthi likhona enkundleni; woza uzozithela. Kodwa, njengoba liyikati elinobungane, ibhubesi liyabhonga ukuze lithintane namanye amalungu omhlambi. Lokhu kubhonga kuvame ukusholo phansi. Ngobunye ubusuku ibhubesi lezwakala libhonga njalo ngemva kwemizuzu engu-15 kwaze kwaphendula isihlobo salo esasikude. Aqhubeka “ekhuluma” eminye imizuzu engu-15 aze ahlangana. Kwaphela ukubhonga.
Ukuxhumana okunjalo akuthuthukisi nje ubuhlobo obuhle kuphela kodwa kuvikela nasesimweni sezulu esibi. Isikhukhukazi siyokhala ngezindlela eziningana ezidlulisela imiyalezo ehlukahlukene emachwaneni aso. Kodwa okuvelele kakhulu, ukukhalela phansi isikhathi eside ebusuku okubonisa ukuthi sesifikile ehhokweni laso. Elalela ukukhala kukanina, amachwane ahlakazekile azoqoqana ngaphansi kwamaphiko akhe futhi aphumule ebusuku.—Mathewu 23:37.
Ukuthola Umngane
Ingabe wake wayeka okwenzayo wama ngenxa yokutshiyoza okumnandi kwezinyoni? Ingabe likuhlaba umxhwele ikhono lazo lokucula amanothi? Kodwa bewazi yini ukuthi zisuke zingahlosile ukujabulisa wena? Izingoma zazo ziyizindlela zokudlulisela ukwaziswa okubalulekile. Nakuba ngezinye izikhathi ukutshiyoza kuyindlela yokuthatha indawo, kusetshenziselwa kakhulu ukweshela. Ngokwe-New Book of Knowledge, “ukucula kuncipha ngamaphesenti angu-90” lapho eyeduna neyensikazi sezitholene.
Kodwa ngezinye izikhathi kudingeka okungaphezu nje kwengoma emnandi ukuze kuzuzwe umngane. Ezinye izinyoni eziyizinsikazi zifuna ukuba ezingamaduna zikhokhe “ilobolo” ngaphambi kokuba zivume. Ngakho ihlokohloko leduna kuyodingeka libonise amakhono alo okwakha isidleke ngaphambi kokuba kuvunyelwane. Ezinye izinhlobo zezinyoni ziyobonisa ikhono lazo lokondla ngokufunza eyensikazi.
Izindlela eziyinkimbinkimbi izilwane ezikhuluma ngazo azifezi nje izidingo zazo ezingokomzimba kuphela kodwa zinciphisa ukulwa futhi zithuthukise ukuthula endle. Njengoba kwenziwa olunye ucwaningo endleleni yokukhulumisana yezilwane, sisazozwa okunye ngalokhu “kukhuluma kwezilwane.” Nakuba singase singakuqondi ngokugcwele, kuletha udumo kulowo owakwenza, uJehova uNkulunkulu.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 26, 27]
“Umsindo Wokuthula” Wendlovu
Ngentambama eshisayo e-Amboseli National Park eyendlalekile eKenya, umhlambi omkhulu wezindlovu ubonakala ungaphazanyiswa yilabo abangena endaweni yawo. Nokho, umoya ugcwele “ingxoxo yezindlovu,” esukela emsindweni ondondayo kuye kophezulu onjengecilongo, ukubhonga, ukubhavumula, nokuthimula. Eminye yale misindo ayizwakali kumuntu kodwa inamandla kangangokuthi ingezwiwa yindlovu eqhele ngamakhilomitha amaningana.
Ochwepheshe bemikhuba yezilwane basamangazwa izindlela eziyinkimbinkimbi izindlovu ezidlulisela ngazo imiyalezo ebalulekile. UJoyce Poole usechithe iminyaka engaphezu kwengu-20 ecwaninga ngezici zokukhulumisana kwezindlovu zase-Afrika. Usephethe ngokuthi lezi zilwane ezinkulu, ezidume ngamazinyo azo athandwayo, zibonisa imizwa etholakala ezilwaneni ezimbalwa kakhulu. UPoole uthi: “Ngeke ubuke imikhuba ephawulekayo yezindlovu phakathi nomkhosi wokubingelelana womkhaya noma weqembu elizwanayo [noma lapho] kuzalwa ilungu elisha lomkhaya . . . bese ungacabangi ukuthi zinemizwa enamandla engachazwa kahle ngamagama anjengokuthi injabulo, uthando, ubungane, umdlandla, ukuzijabulisa, intokozo, uzwela, umuzwa wokukhululeka nenhlonipho.”
Uma zihlangana ngemva kokuhlukana isikhathi eside, zibingelelana ngokuxokozela, njengoba zigijima zizohlangana, zimise amakhanda futhi zishayanisa amadlebe agoqekile. Ngezinye izikhathi, enye indlovu ize ifake umboko wayo emlonyeni wenye. Lokhu kubingelelana kubonakala kunikeza izindlovu umuzwa ojulile wenjabulo sengathi zithi, “Hawu! Kwaze kwakuhle ukuphinde sibonane!” Izibopho ezinjalo zivuselela isimiso sokusekelana esibalulekile ukuze ziphile.
Izindlovu kubonakala sengathi ziyathanda nokwenza amahlaya. UPoole uchaza ukuthi wayebukele izindlovu zidonsa amakhona emilomo yazo zenza lokho akubiza ngokuthi ukumomotheka, zinqekuzisa amakhanda sengathi ziyahleka. Wake waqala umdlalo okwahlanganyela kuwo lezi zilwane futhi imizuzu engu-15 zenza izinto ngendlela ehlekisayo. Eminyakeni emibili kamuva, ezinye ezazihlanganyele emdlalweni kwaba sengathi “ziyamomotheka” uma zimbona, mhlawumbe zikhumbula ukuthi naye wayedlala. Akukona nje ukuthi izindlovu zijabulisana ngokudlala kuphela kodwa futhi zilingisa nemisindo. Lapho enza ucwaningo uPoole wezwa umsindo owawuhlukile kowokukhala kwendlovu okuvamile. Lapho ewuhlaziya, kwasikiselwa ukuthi izindlovu zazilingisa umsindo owenziwa amaloli adlula eduze. Zazenza le misindo nje zizijabulisa! Kusengathi izindlovu zifuna noma yini ezozijabulisa.
Kuningi okuye kwashiwo ngendlela izindlovu ezibonakala zilila ngayo lapho ilungu lomkhaya lehlelwa inhlekelele. UPoole wake wabona eyensikazi imile kwaze kwaphela izinsuku ezintathu igade umntwana wayo owayezalwe esefile, futhi wayichaza ngale ndlela: “Ubuso” bayo babubonakala “bufana nobomuntu ososizini, ocindezelekile: ikhanda layo namadlebe kubheke phansi, futhi umlomo wayo udangele.”
Labo ababulala izindlovu ngenxa yamazinyo azo abacabangi ‘ngokucindezeleka ngokwengqondo’ kwezintandane okungenzeka zizibonele ngawazo ukubulawa konina. Laba bantwana bachitha izinsuku zokuqala ezimbalwa endaweni yezintandane zezilwane bezama ukunqoba “usizi.” Umgcini waleyo ndawo wabika ukuthi wake wezwa izintandane “zikhala” ekuseni. Imiphumela ingase ibonakale eminyakeni eminingi ngemva kokufa. UPoole usikisela ukuthi izindlovu ziyezwa ukuthi umuntu nguye obangela ukuhlupheka kwazo. Sisibheke ngabomvu isikhathi lapho umuntu nesilwane beyohlala ndawonye ngokuthula.—Isaya 11:6-9.
[Isithombe ekhasini 24]
Indlela yama-“Cape gannet” yokubingelelana
[Isithombe ekhasini 25]
Inkonkoni idansa ngokuyinqaba ukuze idide isitha
[Isithombe ekhasini 25]
“Ukuhleka” kwempisi okusabisayo
[Umthombo]
© Joe McDonald
[Isithombe ekhasini 26]
Ukudansa kwezinyosi