Umbono WeBhayibheli
Ingabe Sikhona Isono Esingenakuthethelelwa?
INGABE sikhona isijeziso esingaphezu kokufa? Yebo, ukufa okungenathemba lovuko ngoba umuntu enze isono esingenakuthethelelwa. UJesu wathi kukhona uhlobo lwesono ‘olungeke luthethelelwe.’—Mathewu 12:31.
Nokho, iBhayibheli lithi uNkulunkulu uyathethelela. Nakuba abantu bengase bathambekele ekubambeni amagqubu nokungathetheleli, uNkulunkulu yena ‘uthethelela ngendlela enkulu.’ (Isaya 55:7-9) Eqinisweni, uNkulunkulu wangena ezindlekweni ezinkulu ngokuthumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuba ibe umnikelo oyisihlawulelo, noma owembozayo, onenani elikhulu kangangokuthi wawungesula izono zethu.—Johane 3:16, 17; IzEnzo 3:19; 1 Johane 2:1, 2.
Ngesikhathi esifanele uNkulunkulu uyovusa abaningi abaye benza izono ezimbi kodwa abangeke besabalelwa izenzo zabo zesikhathi esidlule. (IzEnzo 24:15; Roma 6:23) Eqinisweni, uJesu wathi ngaphandle kwesono esingenakuthethelelwa, “abantu bayothethelelwa yonke inhlobo yesono nokuhlambalaza.” (Mathewu 12:31) Ngakho ungase uzibuze, ‘Yini lena engaba yimbi kangangokuba uNkulunkulu angayithetheleli?’
Lapho Kungasekho Ukuphenduka
Isixwayiso sikaJesu sasiphathelene ‘nokuhlambalaza umoya’ kwangamabomu nangenhloso. Akukho ukuthethelelwa kwalolu hlobo lwesono. Wanezela wathi, ‘ngeke sithethelelwe, kulesi simiso sezinto nakuleso esizayo.’ (Mathewu 12:31, 32) Abanesono esinjalo ngeke bavuswe.
Kuyini ukuhlambalaza umoya? Kuvela enhliziyweni, kubonisa isimo nezinhloso ezimbi. Ukuhlosa ngamabomu ukumelana nomoya ongcwele kaNkulunkulu kwenza lesi sono sibe sibi nakakhulu. Ngokwesibonelo, kwezinye izingxenye zomhlaba, umthetho uyahlukanisa phakathi kokubulala kwezinga lokuqala nokwezinga lesibili kuye ngokuthi bekuhlosiwe yini noma cha nangendlela okwenziwe ngayo, futhi isigwebo sentambo sinikezwa kuphela labo ababulale ngenhloso noma abakuhlele kusengaphambili.
Umphostoli uPawulu wayekade engumhlambalazi kodwa wathi: “Ngaboniswa isihe, ngoba ngangingenalwazi.” (1 Thimothewu 1:13) Ukona umoya ongcwele kuwukumelana nawo ngamabomu. Kuhilela isimo esibi senhliziyo efinyelela izinga lapho kungasekho ukuphenduka khona.
Kusobala ukuthi uPawulu wayekhuluma ngalolu hlobo lwesono lapho ebhala: “Akunakwenzeka ngokuqondene nalabo asebeye bakhanyiselwa kwaba kanye bengasophinde, futhi asebeye banambitha isipho sesihle sasezulwini, baba abahlanganyeli bomoya ongcwele, banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla esimiso sezinto esizayo, kodwa abaye bawa, ukuba bavuselwe ekuphendukeni futhi.” (Hebheru 6:4-6) Umphostoli wathi futhi: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele.”—Hebheru 10:26.
Ukuziphatha kwabanye babaholi benkolo bosuku lukaJesu yikho okwamenza waxwayisa ngesono esingenakuthethelelwa. Kodwa abasilalelanga isixwayiso sakhe. Eqinisweni, benza ukuba abulawe. Kamuva bezwa ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi umoya ongcwele wawenze into eyisimangaliso. Batshelwa ukuthi uJesu wayevusiwe kwabafile! Kwakusobala ukuthi uJesu wayenguKristu! Noma kunjalo, benza isenzo sokukhohlakala esimelene nomoya ongcwele ngokufumbathisa amasosha amaRoma ukuba aqambe amanga ngokuvuka kukaJesu.—Mathewu 28:11-15.
Isixwayiso KumaKristu Eqiniso
Kungani amaKristu eqiniso esinaka isixwayiso ngesono esingenakuthethelelwa? Kungenxa yokuthi nakuba sinolwazi olunembile ngoNkulunkulu nangokusebenza komoya wakhe, inhliziyo embi ingakheka. (Hebheru 3:12) Kufanele siqaphele singacabangi ukuthi lokhu akunakwenzeka kithi. Cabanga ngoJuda Iskariyothe. Wayeke waba umlandeli kaJesu othembekile. Wakhethwa ukuba abe ngomunye wabaphostoli abangu-12, ngakho kumelwe ukuba wayenezimfanelo ezinhle. Kodwa emva kwesikhathi esithile waqala ukuvumela ukuba kukhule imicabango nezifiso ezimbi, ekugcineni kwamnqoba. Ngesikhathi ezibonela ngawakhe izimangaliso zikaJesu, wayentshontsha imali. Ngemva kwalokho, efuna imali, wakhaphela iNdodana kaNkulunkulu azi.
Abanye abake baba amaKristu athembekile baye bamshiya ngamabomu uNkulunkulu, mhlawumbe ngenxa yokucasuka, ukuqhosha, noma ukuhaha, futhi manje bayizihlubuki ezilwa nomoya kaNkulunkulu. Bamelana ngamabomu nalokho okusobala ukuthi kufezwa umoya. Ingabe laba bantu benze isono esingenakuthethelelwa? NguJehova onguMahluleli wokugcina.—Roma 14:12.
Kunokwahlulela abanye, kuhle siziqaphele singenzi izono zangasese ezingabangela ukuba kancane kancane izinhliziyo zethu zibe lukhuni. (Efesu 4:30) Futhi liyasiduduza iqiniso lokuthi uJehova uyosithethelela kakhulu, ngisho nasezonweni ezimbi esizenzile, uma siphenduka.—Isaya 1:18, 19.
[Isithombe ekhasini 18, 19]
Abanye abaFarisi benza isono esingenakuthethelelwa