Aphokophelephi Amasonto?
KWENZEKANI emasontweni “obuKristu”? Endaweni ohlala kuyo, ingabe ayawohloka noma ayachuma? Ungase uzwe kukhulunywa ngokuvuselelwa kwenkolo nangemibiko yokwanda kwamabandla evela emazweni anjenge-Afrika, iMpumalanga Yurophu ne-United States. Kodwa imibiko yezindaba evela kwezinye izingxenye zomhlaba, ikakhulu eNtshonalanga Yurophu, isitshela ngokuvalwa kwamasonto, nokuncipha kwamabandla kanye nokwanda kokushaywa indiva kwenkolo.
Amasonto amaningi ashintshe isitayela sawo ngenxa yokwehla kwamanani abantu ababa khona esontweni. Amanye athi wona “awahluleli” muntu, okunikeza umqondo wokuthi uNkulunkulu wamukela noma iluphi uhlobo lokuziphatha. Ayanda amasonto anezinhlelo zokuzijabulisa nezinto ezikhanga umphakathi kunokunikeza isiqondiso esivela eZwini LikaNkulunkulu. Nakuba abantu abaningi abasontayo bebheka lokhu njengoshintsho oludingekile lokuzivumelanisa naleli zwe lesimanje, abantu abaningi abaqotho bayazibuza ukuthi amasonto awachezuki yini emsebenzini awunikwa uJesu. Ake sibheke izindlela ezintsha eziye zalandelwa amasonto kula mashumi eminyaka amuva.