Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/07 k. 32
  • “Ithuluzi Lokufundisa Eliyisimanga!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ithuluzi Lokufundisa Eliyisimanga!”
  • I-Phaphama!—2007
I-Phaphama!—2007
g 4/07 k. 32

“Ithuluzi Lokufundisa Eliyisimanga!”

Yilokho isikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi KaJehova ePanama esakubhala mayelana nencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enemifanekiso enemibala, enamakhasi angu-224 esetshenziswa kakhulu njengamanje ezifundweni zeBhayibheli. Sabhala: “Inembile, icacile, futhi izwakala ngendlela eyisimanga. Indlela entsha okusetshenziswe ngayo izikhombo nezithasiselo ikukhuthaza ukuba ucwaninge zisuka nje.”

Uthisha ofundisa ngeBhayibheli eMissouri, e-U.S.A., wabhala: “Ngiyayithanda indlela elula le ncwadi ebhalwe ngayo. Ukulandelana kwezihloko kubekwe ngendlela enengqondo kakhulu engake ngayibona.” Ngokushesha nje lapho isitholakala incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, lo thisha wayihambisa kowesifazane owayeke wazama ukufunda iBhayibheli kodwa wagcina edikibele.

Lo thisha uyalandisa: “Wayengakaqedi ukufunda isahluko sokuqala lapho engishayela ucingo engitshela ukuthi wayeyijabulela kangakanani.” Lona wesifazane ongumfundi wathi unomuzwa wokuthi le ncwadi yayibhalelwe yena, wathi ufuna ukuqala isifundo seBhayibheli futhi. Uthisha waphawula ukuthi ngemva kokuqeda ukufunda izahluko zokuqala eziyishumi ndawonye, kwakujabulisa ngempela ukubona injabulo yalo mfundi ngalokho ayekufunda.

Nakuba incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli isineminyaka engaphansi kwemibili ikhona, kakade sekunyatheliswe amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-50 ngezilimi ezingaphezu kwezingu-150. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha. Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela