Ukuzimisela Ngokuceba Ngokomoya
UKUCEBA ngokwezinto ezibonakalayo kudinga ukuzidela nomzamo wokuzimisela. Kunjalo nangokuceba ngokomoya. UJesu wayesikisela lokhu lapho ethi: “Zibekeleleni ingcebo ezulwini.” (Mathewu 6:20) Ingcebo engokomoya ayiziqongeleli yona ngokwayo. Ukuba nenkolo ethile ngeke kwenze umuntu acebe ngokomoya njengoba nje nokuba ne-akhawunti ebhange kungeke kwenze umuntu acebe ngokwezimali. Ukuhlakulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu, ukuthuthuka njengomuntu ongokomoya nokuceba ezimfanelweni ezingokomoya kudinga ukuzimisela, isikhathi, imizamo yokuzikhandla kanye nokuzidela.—IzAga 2:1-6.
Ingabe Ungaba Nakho Kokubili?
Ngeke yini umuntu abe nakho kokubili, ingcebo engokomoya nentilibathwa yezinto ezibonakalayo? Mhlawumbe, kodwa yinye kuphela kulezi zinto engaphishekelwa ngokuphumelelayo. UJesu wathi: “Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Mathewu 6:24b) Ngani? Ngoba ukuphishekela ingcebo engokomoya neyezinto ezibonakalayo kuyangqubuzana. Okunye kuphazamisa okunye. Khona-ke, ngaphambi kokuba atshele abafundi bakhe ukuba bazibekelele ingcebo engokomoya, uJesu wathi: “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni.”—Mathewu 6:19.
Kuyokwenzekani uma umuntu engawunaki umyalo kaJesu azame ukuphishekela ingcebo engokomoya neyezinto ezibonakalayo? UJesu wathi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye.” (Mathewu 6:24a) Uma umuntu ekuphishekela kokubili, khona-ke izinto ezingokomoya, nakuba engazinakekela ngomuzwa wesibopho, zingase zibe yisicefe esihlala siyisiphazamiso. Kunokuba athembele kuNkulunkulu, umuntu angaqala ukuthembela ngisho nasemalini nakulokho engakuthenga njengendlela eyinhloko yokubhekana nezinkathazo zokuphila. Kunjengoba nje uJesu asho: “Inhliziyo yakho iyohlale ilapho ingcebo yakho ikhona.”—Mathewu 6:21, Today’s English Version.
UmKristu ngamunye wenza kahle ngokucabangela lo myalo weBhayibheli ngokungathí sina ngaphambi kokunquma ukuthi uyosisebenzisa kanjani isikhathi sakhe namandla, nokuthi uyoyigxilisaphi inhliziyo yakhe. Ukuthi uNkulunkulu akamnqumeli ngokuqondile umKristu ngamunye ukuthi kungakanani angakuqongelela akusho ukuthi izixwayiso zaKhe ngobugovu azihambisani nesijeziso. (1 Korinte 6:9, 10) Labo abangawunaki umyalo weBhayibheli kodwa abahlakulela umoya wokuzimisela ngokuceba bayalimala ngokomoya, ngokwengqondo nangokomzwelo, njengoba sesibonile. (Galathiya 6:7) Ngokuphambene, uJesu wathi labo abaqaphela izidingo zabo ezingokomoya bayojabula. (Mathewu 5:3) Ngokuqinisekile uMdali wethu neNdodana yakhe bazi kangcono ukuthi yini engasijabulisa nelungele inhlalakahle yethu!—Isaya 48:17, 18.
Ukukhetha Ongeke Uzisole Ngako
Uyokhethani, uNkulunkulu noma ingcebo? Kusobala ukuthi kufanele sizinakekele ngandlela-thile izidingo zethu ezingokwenyama. Encwadini yakhe yokuqala eya kuThimothewu, umphostoli uPawulu wathi: “Ngokuqinisekile uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” UPawulu wabuye wakhuthaza amaKristu ukuba abeke ithemba lawo kuNkulunkulu hhayi emalini, futhi ‘acebe emisebenzini emihle.’ (1 Thimothewu 5:8; 6:17, 18) Uyogxila kuphi wena? Uyophishekelani? Ukushumayela nokwenza abafundi uJesu ayala abafundi bakhe ukuba bakwenze kuwumsebenzi oyinhloko kuleyo uPawulu ayekhuluma ngayo. (Mathewu 28:19, 20) AmaKristu ayobe ‘ezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo’ ezweni elisha alithenjiswe uNkulunkulu uma ezikhethela ngokwawo ukwenza ukuphila kwawo kube lula ukuze abe nengxenye enkudlwana kulo msebenzi onenjongo, hhayi ukuba anciphise izinga lokusebenza noma ukuze nje ajabulele ukuphila. Ngisho kwamanje athola ukuthi ingcebo engokomoya ‘ingcono kakhulu kunegolide.’—1 Thimothewu 6:19; IzAga 16:16; Filipi 1:10.
Cabangela lokho abhekana nakho u-Eddie, umndeni wakubo owaba oFakazi BakaJehova lapho esemncane. Ngesinye isikhathi, umndeni wakubo walahlekelwa yiyo yonke impahla owawunayo futhi waphoqeleka ukuba uphume endlini. U-Eddie uyachaza: “Ngangihlale ngikhathazeka ngokuthi kuyokwenzekani mhla sizithola singasenalutho. Empeleni, manje sasingasenalutho. Uyazi ukuthi kwenzekani? Akwenzekanga lutho! Saqhubeka sidla, siphuza futhi sigqoka. UJehova wasinakekela, futhi ngokuhamba kwesikhathi sasimama. Okwasehlela kwangifundisa ukuba ngikukholelwe ngempela okwathenjiswa nguJesu kuMathewu 6:33—okungukuthi, uma senza uMbuso kaNkulunkulu uze kuqala ekuphileni kwethu, akufanele neze sikhathazeke ngezidingo zethu ezingokwenyama.” Namuhla u-Eddie uyisikhonzi esijikelezayo sesikhathi esigcwele, kanye nomkakhe. Banazo zonke izinto abazidingayo. Okubaluleke nakakhulu, bacebile ngokomoya.
Izinzuzo Ezingenakulinganiswa
Ngokungafani nengcebo yasemhlabeni, izigebengu ezingayeba, ingcebo engokomoya ingahlala phakade. (IzAga 23:4, 5; Mathewu 6:20) Kuyiqiniso ukuthi kunzima kakhulu ukulinganisa intuthuko yomuntu engokomoya. Akulula ukubona ukuthi selithuthuke kangakanani izinga umuntu abonisa ngalo uthando, injabulo, noma ukholo ngendlela okulula ngayo ukubona intuthuko yomuntu engokwezimali. Kodwa izinzuzo zengcebo engokomoya azinakulinganiswa. Ekhuluma ngabafundi bakhe ababeyoshiya ngisho nezindlu namasimu abo—yebo, indlela yabo yokuphila—ukuze bathole isikhathi sezinto ezingokomoya, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe ngekhulu manje kule nkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, kanye nokushushiswa, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okuphakade.”—Marku 10:29, 30.
Yini oyoyibeka kuqala ekuphileni kwakho? UNkulunkulu noma ingcebo?
[Isithombe ekhasini 8]
Ingabe uphishekela ingcebo yezinto ezibonakalayo . . .
[Isithombe ekhasini 9]
. . . noma ingcebo engokomoya?