Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda uMathewu 25:1-12, bese ubheka isithombe. Yiziphi izinto ezinganembile kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
4. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKO:
Kungani izintombi ezinhla-nu zingazange ziphane ngamafutha azo?
UMKHONDO: Funda uMathewu 25:8, 9.
Kunini lapho kufanele sihlanganyele esinakho nabanye? Kunini lapho kungase kungafaneleki khona ukuba siphane ngokuthile esinakho?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 6 Umhlaba nalokho okuwugcwalisile kungokukabani? IHubo 24:․․․
IKHASI 9 Yini engase itholwe yinoma ubani owomile? IsAmbulo 22:․․․
IKHASI 18 Umuntu onokuqonda unjani? IzAga 17:․․․
IKHASI 29 Yini engenziwa ubuwula bomuntu uqobo? IzAga 19:․․․
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Yini Oyaziyo Ngabaprofethi?
5. ․․․․․
Wayengubani umprofethi owabalekela iNkosi uJehoyakimi?
UMKHONDO: Funda uJeremiya 26:17-23.
6. ․․․․․
Lapho uHezekiya eseyinkosi, ngubani owaprofetha ukuthi iJerusalema laliyoba ‘inqwaba yezincithakalo’?
UMKHONDO: Funda uJeremiya 26:18.
ENINGAXOXA NGAKO:
Ngemva kokufunda ngalaba baprofethi ababili, kungani kungafanele wesabe ukukhuluma ngoNkulunkulu?
UMKHONDO: Funda izAga 29:25.
◼ Izimpendulo zisekhasini 21
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Ukulandisa akukhulumi lutho ngomakoti.
2. Zinhlanu izintombi ezangena emkhosini.
3. Izintombi ezinhlanu zazinezibani nezitsha, kanti ezinye ezinhlanu zazinezibani kuphela.
4. Kwakuyofanele kube nomnyango ovalwa umkhwenyana.
5. U-Urija.—Jeremiya 26:20.
6. UMika.