‘Incwadi Enhle Kunazo Zonke Echaza Izinkolo Zomhlaba’
◼ Uthisha esikoleni esiphakeme eCanada wayebhekene nenselele yokufundisa abafundi ngezinkolelo zezinkolo ezihlukahlukene ezitholakala endaweni yakubo. Ngemva kokufunda incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, wababaza: “Lena incwadi enhle kunazo zonke engake ngayifunda echaza izinkolo zomhlaba!” Wahlabeka umxhwele kangangokuba wafuna imvume yabaphathi besikole yokuba asebenzise le ncwadi ekilasini, futhi wayinikwa.
Lo thisha wayezimisele ukuhamba amakhilomitha angaphezu kuka-500 eyolanda amakhophi angu-40 ale ncwadi ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseCanada. Kodwa oFakazi bendawo bakujabulela ukumlethela lezi zincwadi. Abafundi abaningi ekilasini lakhe bayijabulela kakhulu le ncwadi kangangokuba bacela amakhophi abo siqu.
Nawe ungase uthole ukuthi le ncwadi iyokusiza ukuba uqonde izinkolelo zabantu bomphakathi wakini. Ichaza umsuka, umlando nezimfundiso zezinkolo eziyinhloko emhlabeni—kuhlanganise ubuHindu, ubuBuddha, ubuTao, ubuConfucius, ubuShinto, ubuJuda, ubuSulumane nobuKristu.
Ungazicelela le ncwadi enezithombe ezinombala ophelele enamakhasi angu-384 ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.