Umabonakude
NGOKUSHESHA ngemva kokuba abantu benze umsakazo, abasunguli bawo bazibuza ukuthi babengenakukwazi yini nokufaka izithombe ezinyakazayo. Ukuze siqonde ukuthi kwakuyinselele kangakanani, cabanga ngendlela umabonakude osebenza ngayo namuhla.
Okokuqala, ikhamera ye-TV ithatha isithombe salokho ekubonayo bese “isifunda” ngendlela efana nofunda ngayo amagama abhaliwe. Nokho, esikhundleni sokuhlukanisa imigqa phakathi kwamagama asekhasini, ihlukanisa imigqa yamachashaza asesithombeni. Ishintsha lokho ekubonayo ikwenze izithombe ze-video ezingase zidluliselwe kwenye indawo. Ibe isiguqula lawo machashaza iwenze isithombe esinyakazayo.
Indoda yaseScotland egama layo linguJohn Logie Baird kuthiwa iyona eyaqala ukwakha umabonakude. Lapho impilo ebuthaka yenza ukuba iwuyeke umsebenzi wayo wokuba unjiniyela wezinto zikagesi, yaphendukela emkhakheni eyayinesithakazelo kuwo kusukela isencane—ukwenza umshini owawungaveza izithombe ezisakazwa bukhoma.
Ikhamera kaBaird yezithombe zikamabonakude yayisebenzisa i-disk eyayinezimbobo ezingu-30 ezazihlelwe zasonteka. Njengoba le disk ijikeleza, izimbobo zaziveza imigqa yesithombe elandelanayo futhi zenza ukuba ukukhanya kungene ebhetrini elisebenza ngokukhanya. Leli bhetri lalenza lezi zithombe ezithwetshuliwe zibe yi-video. Ngaphakathi ekhamereni, la machashaza ayekhuliswa ukuze kwandiswe ukukhanya okuhlukahlukene ngemuva kwenye i-disk ephenduphendukayo ukuze sakhiwe kabusha isithombe. Inselele yayiba ukwenza la ma-disk ahambisane. Njengoba uBaird ezikhandla kulo msebenzi, wayeziphilisa ngokupholisha izicathulo.
UBaird wadlulisela izithombe zokuqala zikamabonakude ezisusa kolunye uhlangothi lwegumbi eziyisa kolunye ngo-October 2, 1925. Umuntu wokuqala ngqá owavela kumabonakude kwakungumfana othukile owayesebenza ehhovisi elisesitezi esingezansi, owaphoqwa ukuba athwetshulwe isithombe wabe esekhokhelwa amasenti angu-25. Ngo-1928, uBaird wasakaza izithombe zokuqala zikamabonakude zafinyelela ngalé kwe-Atlantic. Lapho uJohn Baird efika ngokoqobo eNew York, le nsizwa yaseScotland enamahloni yethuka lapho yamukelwa yiqembu elalishaya imitshingo. Yaduma. Kodwa ingabe yayingeyokuqala ukudlulisela izithombe ezisakazwa bukhoma?