Ukubukeza Komkhaya
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda uDaniyeli 6:1-24. Manje bheka isithombe. Yini engekho? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese udweba izinto ezingekho.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uDaniyeli aphonswa kulo mgodi? Ingabe wena wake wahlushwa ngenxa yokwenza okuhle? Chaza okwenzeka. Kungani kuzuzisa ukwenza okulungile naphezu kwemiphumela engemihle okungase kuyibangele?
UMKHONDO: Funda 1 Petru 2:19-21.
YINI OYAZIYO NGOMPHOSTOLI UMATHEWU?
3. Kwakungubani elinye igama likaMathewu?
UMKHONDO: Funda uMathewu 9:9; Marku 2:14.
․․․․․
4. Yikuphi ukuzidela uMathewu akwenza ukuze abe ngumlandeli kaJesu?
UMKHONDO: Funda uLuka 5:27, 28.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yikuphi ukuzidela okungase kudingeke ukuze ube ngumfundi kaJesu? Yiziphi ezinye zezinzuzo oyozithola?
UMKHONDO: Funda uMarku 10:28-30.
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 6 Ubani owenza zonke izinto? Hebheru 3:․․․
IKHASI 7 Kuyokwenzekani kwababi? IzAga 2:․․․
IKHASI 20 Akekho ongeza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngobani? Johane 14:․․․
IKHASI 21 Obani okufanele sibathandazele? Jakobe 5:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 12
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Amabhubesi.
2. Ingelosi.
3. ULevi.
4. Washiya konke.