Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/11 k. 14
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kunamagciwane Ambalwa?
  • Ukulahleka Kwemikhuba Emihle Yokusebenza
  • Umbango Wendawo “Uxazululiwe”
  • ICalcutta—Idolobha Eselisimeme Elinezinto Ezinhlobonhlobo
    I-Phaphama!—1998
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuphindisela Kwamagciwane
    I-Phaphama!—1996
  • Liyanda Igebe Phakathi Kwabacebile Nabampofu
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 1/11 k. 14

Ukubuka Okwezwe

Kulinganiselwa ukuthi abantu abangu-64 000 eTanzania banakekelwa udokotela oyedwa.—I-CITIZEN, ETANZANIA.

‘Okungenani kunabantu abampofu abayizigidi eziyinkulungwane abangondlekile neze, futhi umgomo we-Millennium Development Goal ye-United Nations wokunciphisa inani labantu abalambayo emhlabeni ngonyaka ka-2015 ngeke ufinyelelwe.’—I-SCIENCE, E-U.S.A.

“Izinkampani eziyikhulu ezinkulu emhlabeni ezakha izikhali” zenza inzuzo engamaRandi ayizigidi eziyizigidi ezingu-2,826 ngo-2008, okuyinani eliphakeme ngamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-287 uma kuqhathaniswa no-2007.—I-STOCKHOLM INTERNATIONAL PEACE RESEARCH INSTITUTE, ESWEDEN.

Ingabe Kunamagciwane Ambalwa?

“Ucwaningo lwethu lubonisa ukuthi ukukhulela endaweni ehlanzeke kakhulu kungabangela ukuba umuntu abe nenkinga yokuvuvuka lapho esemdala okungabangela ukuba abe sengozini yokungenwa izifo,” kusho uThomas Mcdade, omunye woprofesa baseNorthwestern University, e-Illinois, e-U.S.A. Ocwaningweni okwaqhathaniswa kulo izingane zaseFilipino nezaseMelika, kwatholakala ukuthi ziningi izingane zaseFilipino ezingenwa yizifo ezibangelwa amagciwane. Nokho, ngokungafani nalokho okwakulindelekile, izintombi nezinsizwa zaseFilipino zazinegazi elinezinga eliphansi lamaprotheni ohlobo C, avame ukuba maningi lapho umuntu evuvuka. Singaphetha ngokuthini? Ukuchayeka kakhulu kwengane emagciwaneni avamile empeleni kungase kuyivikele ezifweni eziyingozi lapho isikhulile.

Ukulahleka Kwemikhuba Emihle Yokusebenza

Abaqashi abaningi baseFinland bakhungathekile ngesizukulwane esisha esifuna umsebenzi kodwa okubonakala singazi lutho ngamakhono adingekayo ukuze sibambelele emsebenzini. Ngesikhathi exoxa nenkampani yezokusakaza yaseFinland, u-Anne Mikkola, ongumnikazi wesitolo sokudla, wathi: “Abasanda kuqashwa babheka isikhathi somsebenzi njengesikhathi nje esikhululekile futhi bacabanga ukuthi bangangena bephuma emsebenzini ngokuthanda kwabo.” Isimilo nendlela yokugqoka nakho kuyinkinga. Ezindaweni zomphakathi ikakhulu, abaqashi kudingeka ukuba balokhu bechaza ukuthi iyiphi indlela yokugqoka efanele nengafanele. Iqiniso lokuthi abawazi umehluko phakathi komsebenzi nokuphila kwangasese, libonakala nangokuthi abangane babo bafika noma nini emsebenzini bezovakasha.

Umbango Wendawo “Uxazululiwe”

Umbango osudonse isikhathi eside phakathi kweBangladesh nelaseNdiya ngesiqhingi esincane saseBay of Bengal usuxazululiwe—ngokwenyuka kwamanzi olwandle. Lesi siqhingi esingahlali muntu, amaNdiya asibiza ngeNew Moore Island kuthi abaseBangladesh basibize ngeSouth Talpatti Island, asikaze sivele ngamamitha amabili ngaphezu kwamanzi olwandle. Nokho, izithombe ezithathwe ngesiphuphutheki zibonisa ukuthi ulwandle lusanda kusemboza. UProfesa Sugata Hazra waseCalcutta’s Jadavpur University School of Oceanographic Studies, uthi: “Lokho la mazwe amabili ahlulekile ukukufinyelela ngemva kwezingxoxo ezithathe iminyaka, kuxazululwe ukufudumala kwembulunga yonke.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela