Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/11 kk. 15-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
  • Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
  • Abantu Namazwe
  • Izingane Zifuna Izithombe
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
  • Wenza Ngokuhlakanipha, Wabonisa Isibindi Nokuzidela
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wenza Ngokuhlakanipha, Wabonisa Isibindi Nokuzidela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Walwela Abantu BakaNkulunkulu
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wamelela Abantu BakaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 4/11 kk. 15-31

Ukubukeza Komkhaya

Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?

Funda u-Esteri 5:9–6:14. Iziphi izinto ezintathu ezinganembile kulo mdwebo? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese uqedela isithombe ngokusifaka imibala.

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

ENINGAXOXA NGAKHO:

Kungani uHamani ayemzonda uMoridekayi?

Umkhondo: Funda u-Esteri 5:9.

Ukuzidla kwenza uHamani wafinyelela kusiphi isiphetho esiyiphutha?

Umkhondo: Funda u-Esteri 6:6.

Kwenzekani kuHamani?

Umkhondo: Funda u-Esteri 7:9, 10.

Ungakugwema kanjani ukuba njengoHamani?

Umkhondo: Funda IzAga 16:18, 19; noJakobe 4:6.

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

Fundani ukulandisa kweBhayibheli ndawonye. Uma kungenzeka, omunye makafunde ingxenye yolandisayo, owesibili afunde ingxenye kaHamani, owesithathu afunde ekaZereshi nezikhonzi bese kuthi owesine afunde ingxenye yenkosi.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

Wasike, uwasonge bese uwabeka

IKHADI LEBHAYIBHELI 4 ESTERI

IMIBUZO

A. U-Esteri wathatha indawo yayiphi indlovukazi?

B. Qedela la mazwi eBhayibheli: “U-Esteri wayelokhu ethola . . . ”

C. Gcwalisa izikhala. Igama lika-Esteri lesiHebheru kwakungu ․․․․․, futhi umzala wakhe u ․․․․․ waba umnakekeli wakhe.

[Ishadi]

4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.

Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Incwadi yokugcina

ngawo-400 B.C.E. eyalotshwa

[Ibalazwe]

U-Esteri wayehlala eShushani, umuzi woMbuso wamaMede namaPheresiya

IMEDIYA

IShushani

IPHERESIYA

ESTERI

UMLANDO

Intandane eyaba indlovukazi yenkosi yasePheresiya u-Ahashiveroshi. U-Esteri wabeka ukuphila kwakhe engozini ukuze embule itulo elaliklanyelwe ukubhubhisa amaJuda. (Esteri 4:11, 15, 16) Isibindi sakhe, ikhono lokungacasuli nokuzithoba kwakubaluleke kakhulu kunobuhle bakhe bangaphandle.—Esteri 2:7; 1 Petru 3:1-5.

IZIMPENDULO

A. UVashiti.—Esteri 1:12; 2:16, 17.

B. “. . .umusa njalo emehlweni abo bonke ababembona.”—Esteri 2:15.

C. UHadasa (okusho isihlahla esingabuni, Myrtle), uMoridekayi—Esteri 2:7.

Abantu Namazwe

4. Igama lami nginguYou-Jin. Ngineminyaka engu-7, futhi ngihlala eKorea, e-Asia. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eKorea? Ingabe bangu-9 700, 37 900, noma 96 600?

5. Yiliphi ichashazi elibonisa izwe engihlala kulo? Likokolozele, bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona, futhi ubone ukuthi useduze kangakanani neKorea.

A

B

C

D

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

● Izimpendulo zemibuzo esekhasini 30 no-31zitholakala ekhasini 15

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31

1. UMoridekayi kufanele ngabe ugibele ihhashi lenkosi, hhayi inqola.

2. UMoridekayi kufanele ngabe ugqoke isembatho sasebukhosini, hhayi ingubo nje evamile.

3. UMoridekayi wayehamba ngehhashi emagcekeni omuzi, hhayi ngaphandle kwezindonga.

4. 96 600.

5. D.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela